Obani Ngempela Abayizikhonzi ZikaNkulunkulu?
“KULELIHORA elibucayi siyala wonke amasosha ethu angamaKatolika ukuba enze umsebenzi wawo wokulalela uMbusi [uHitler].”—Ababhishobhi bamaKatolika baseJalimane, njengoba becashunwe kuyiThe New York Times, kaSeptember 25, 1939.
“Uyazi, mpristi, endizeni yethu omunye wamalungu ethu ungumKatolika, futhi uyambusisa ngaphambi kokuba siye emisebenzini yethu yokujikijela amabhomu eJalimane. Manje, yona inkolo efanayo yamaKatolika eJalimane ibusisa ilungu lendiza elingumKatolika elisendizeni yamaJalimane eza ngapha futhi ibhubhise amadolobha ethu. Ngakho umbuzo engiwubuzayo uthi, ‘UNkulunkulu usohlangothini lobani?’” Kwakhuluma kanjalo isiphathimandla sezindiza saseBrithani, uDavid Walker, engxoxweni nompristi ongumKatolika phakathi neMpi Yezwe II.
Ngokuphambene, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova zachitha iminyaka emakamu okuhlushwa obuNazi asabekayo ngenxa yokwenqaba ukusho isiqubulo esithi heil Hitler noma ukulwa emabuthweni akhe ahlomile. EmaZweni Asizanayo, oFakazi abaningi babegqunywe ejele ngenxa yokwenqaba inkonzo yezempi.
Obani abayizikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso, futhi yiziphi izimfuneko okufanele bahlangabezane nazo?
Ukukholelwa EBhayibhelini
Isikhonzi seqiniso sikaNkulunkulu ngokusobala kumelwe sibe nenkolelo eqinile eBhayibhelini. Kumelwe futhi silazi kahle ngokwanele ukuba silifundise abanye. Kodwa abefundisi abaningi beLobukholwa abahlangabezani nalezimfuneko eziyisisekelo. Udokotela wezokwelapha eNingizimu Afrika wathi izikhonzi zeSonto LaseSheshi, ayeyilungu lalo ngaphambili, ‘zilisebenzisa kancane kakhulu’ iBhayibheli, futhi izintshumayelo zazibonakala ziwumbono womuntu siqu womshumayeli. Wakhononda futhi ngamalungu abefundisi, njengoMbhishobhi Omkhulu uTutu waseKapa, ngokuhileleka kwezombangazwe.
Ngokuphambene, izinceku zikaJehova ezithembekile zikholelwa ngokuqinile eBhayibhelini futhi zisebenzisa isikhathi sazo esiningi zilitadisha futhi zilichazela abanye. Isithakazelo sazo eBhayibhelini nothando lwazo ngalo kujule kangangokuba ziye zakhiqiza inguqulo ehlolisiswe ngokuphelele nenembe kakhulu ebizwa ngokuthi iNew World Translation of the Holy Scriptures, esekelwe emibhalweni yokuqala yeBhayibheli ebhalwe ngesandla yesiHeberu, yesiAramu, nesiGreki. LeliBhayibheli kuReference Edition yalo linezinkulungwane zemibhalo yaphansi nezikhombo zokusiza abafundi ukuba baliqonde kangcono iBhayibheli futhi bakwazi ukulichazela abanye. Ngaphezu kwalokho, lenguqulo yeBhayibheli evelele iye yahunyushwa, yonke noma ingxenye, ngezinye izilimi eziyi-10, futhi amashumi ezigidi zamakhophi alo aye asakazwa emhlabeni wonke.
Izikhonzi Zeqiniso Nokuziphatha Okuhle
IBhayibheli lizilahla ngokuqinile zonke izinhlobo zesono esingokobulili—kuhlanganise nokuphinga, ukuhlobonga, ubungqingili, nobulili nezilwane. (Levitikusi 20:10-15; Roma 1:26, 27; Galathiya 5:19) Izikhonzi zeqiniso ezingamaKristu ziphakamisa izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha ngayo yonke inhliziyo. Yebo, oFakazi BakaJehova babheka umthetho kaNkulunkulu ngokungathi sina kakhulu. Bayabasusa ekuhlanganyeleni labo abenza izono ezinjalo ngokungaphenduki, kuyilapho bebonisa umusa kulabo abaphenduka ngempela ezenzweni zokuziphatha okubi futhi bahlanze ukuphila kwabo.—1 Korinte 5:11-13; 2 Korinte 2:5-8.
ENingizimu Afrika, kubikwa ukuthi uMphathi Wabefundisi BaseSheshi waseKapa uye wathi: “Obunye ubuhlobo babantu bobulili obufanayo bungcono kunobuhlobo babantu bobulili obuhlukene futhi ngenxa yezinga lothando, ngiyaqiniseka ukuthi benza uNkulunkulu ajabule.” Okuphambene nalokho kuyiqiniso. UNkulunkulu uyabenyanya ubuhlobo obunjalo.—1 Korinte 6:9, 10.
Izikhonzi Zeqiniso Zifundisa Izimfundiso Zeqiniso
Izikhonzi zeqiniso zifundisa izimfundiso ezisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. Izikhonzi zamanga zifundisa izimfundiso ezingasekelwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, cabangela imfundiso kaZiqu-zintathu. Njengoba iThe Encyclopedia Britannica (UHlelo lwe-15) isho: “Igama elithi Ziqu-zintathu noma imfundiso yakhe ecacile akuveli eTestamenteni Elisha, futhi uJesu nabalandeli bakhe abazange bahlose ukuphikisa iShema eTestamenteni Elidala: ‘Yizwa, Israyeli: INkosi uNkulunkulu wethu iyiNkosi eyodwa’ (Dut. 6:4).” UZiqu-zintathu akazange abe yimfundiso yesonto engokomthetho kwaze kwaba sekhulwini lesine leminyaka C.E. Eqinisweni, ngokwengxenye kwakungenxa yesikhundla soMbusi wamaRoma uConstantine nethonya lakhe ukuthi lemfundiso yamanga iqale ukwakhiwa eSigungwini SaseNicaea ngo-325 C.E.
Imfundiso kaZiqu-zintathu iye yabangela amalungu amaningi esonto, abafuni beqiniso abathembekile, ukuba balahlekelwe ukuthembela kubefundisi babo. Kwaba njalo ngowesifazane osemusha eNingizimu Afrika owayengakholelwa ukuthi inkolo yakhe, iSonto laseDashi, lalifundisa inkolelo edidayo njengoZiqu-zintathu kwaze kwaba yilapho omunye woFakazi BakaJehova enikeza ubufakazi obulotshiwe bokuthi lokhu ngempela kunjalo! Ummeli ogugile osethole umhlala-phansi, naye waseNingizimu Afrika, wasula esontweni lakhe ngoba “izimfundiso ezihlukahlukene eziyisimbelambela ezifundiswa emasontweni azilungile ngokuphelele futhi ziyadukisa.”
Enye imfundiso yamanga yeLobukholwa yileyo yesihogo somlilo. Nakuba ingasashunyayelwa noma ikholelwe kabanzi njengoba kwakuvame ukuba njalo, iseyimfundiso engokomthetho yamasonto amaningi. Lamasonto athi lapho ufa umzimba uyafa kodwa umphefumulo, ongenakufa, uyaqhubeka uphila, futhi labo abaye baphila ukuphila okubi bahlushwa emlilweni oshisayo kuze kubephakade. Ingabe uyakukholelwa lokho? Ngokubaluleke kakhulu, ingabe kuyiqiniso? Hhayi ngokweBhayibheli, elithi: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4, 20) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu ophefumlelwe wabhala: “Inkokhelo yesono ingukufa”—hhayi isihogo somlilo!—Roma 6:23.
Manje ake sicabangele ukuthi iziphi izindinganiso izikhonzi ezingokoqobo ezingamaKristu okumelwe zihlangabezane nazo.
Izimfuneko EzingokomBhalo Zezikhonzi Zeqiniso
Igama lesiNgisi elisho “isikhonzi” liwukuhunyushwa kwegama lesiGreki elithi “di·aʹko·nos,” elinomsuka okungaqinisekwa ngawo. Libhekisela kumuntu ofeza imiyalo yomunye, ikakhulukazi inkosi. Ngakho, igama leBhayibheli lisho inceku ngokuqondile. Ukusetshenziswa kwaleligama eBhayibhelini kubonisa umuntu ongayeki ukunikela inkonzo ephelele kwabanye ngokuzithoba. UJesu wasigcizelela isidingo senkonzo enjalo yokuthobeka, njengoba lesibonelo esilandelayo sibonisa.
Ngolunye usuku, ngaphambi nje kokufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa, unina kaJakobe noJohane weza kuye wathi: “Yisho ukuba lawamadodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.” Abanye abafundi bathukuthela ngalokhu. Khona-ke uJesu wabafundisa ngomusa isifundo esibalulekile. Wabaqoqela ndawonye wathi: “Yilowo nalowo ofuna ukuba-mkhulu phakathi kwenu makabe-yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba-ngowokuqala phakathi kwenu makabe-yinceku yenu.”—Mathewu 20:20, 21, 24-27.
Kwenye yezinkulumo zakhe zeningi ezilotshiwe, nezakhayo, uJesu waxwayisa izilaleli ngababhali nabaFarisi. Waphawula futhi amanye amaphutha asobala kakhulu alezikhonzi zamanga, zobuzenzisi. Wabachaza njengabantu abazidlayo kakhulu nabanganeliswa abafuna ukuvelela ngaso sonke isikhathi.—Mathewu 23:1-7.
Namuhla, abefundisi abaningi, ikakhulukazi abapristi beSonto lamaKatolika, futhi kwezinye izimo, nabaseSheshi, bafuna ngenkani ukuba babizwe ngokuthi “Baba.” Ngokwesibonelo, omunye umpristi weSonto LaseSheshi eMozambique, lapho ebuzwa eminyakeni ethile edlule omunye woFakazi BakaJehova ukuthi kungani esebenzisa isiqu esithi “Baba,” waphendula: “Ngiyaziqhenya ngakho!” Futhi, yiqiniso, kwaziwa kahle ukuthi upapa waseRome ujabulela ukubizwa ngokuthi “uBaba oNgcwele”—naphezu kokufundisa kukaJesu abafundi bakhe ukuthi “ningabizi noyedwa emhlabeni ngoyihlo, njengalokho ninoYihlo oyedwa kuphela, futhi usezulwini.” UJesu wanezela lesimiso esiyisisekelo: “Noma ubani oziphakamisayo uzothotshiswa.”—Mathewu 23:9-12, The Jerusalem Bible.
Ingabe Abesifazane Kufanele Bagcotshwe?
Ezikhathini zamuva, kuye kwaba nokwanda kwenani labesifazane abagcotshwa njengamalungu abefundisi. Kodwa uPawulu wayala uThimothewu: “Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda.” (1 Thimothewu 2:12) Nokho, lokhu akusho ukuthi owesifazane ongumKristu akanakubafundisa abantwana bakhe noma afundise emphakathini ovamile, kodwa akafanele afundise ebandleni.
Khona-ke, ingabe abesifazane akufanele bakhulume nakanye emihlanganweni yobuKristu? OFakazi BakaJehova bafunda lomagazini, INqabayokulinda, komunye wemihlangano yabo yamasonto onke, besebenzisa izihloko ezithasiselwe ngemibuzo yezigaba. Isikhonzi esiqhuba isifundo, esiwumzalwane ngaso sonke isikhathi, sicela amalungu ebandla, kuhlanganise nodade, ukuba aphendule lemibuzo. Kodwa labesifazane abafundisi. Bamane nje basho imiqondo esesihlokweni ngamazwi abo siqu. Ngisho nabantwana bakhuthazwa ukuba bahlanganyele ekunikezeni izimpendulo, futhi ngokuvamile izimpendulo zabo, ngokuvamile ezimfushane nezilula, zishaya emhloleni—uma sisebenzisa isisho esivamile.
UPawulu futhi washo lamazwi ngokuphathelene nabesifazane: “Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.” (1 Korinte 14:35) Lokhu kusho ukuthi uma odade bengaqondi noma bephazanyiswa amazwi athile afundiwe noma akhulunywe phakathi nemihlangano, akufanele baphakamise amaphuzu okuphikisa phambi kwebandla. Kunalokho, kufanele babuze abayeni babo ukuba bacacise izindaba lapho besekhaya.
Nokho, zikhona izikhathi lapho abesifazane abangamaKristu bengawashumayeza khona amadoda. OFakazi BakaJehova basebenzisa isikhathi esiningi beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso endlini ngendlu. Lapho umshumayeli wesifazane ehlangana nomuntu wesilisa, ingabe kufanele amane nje acele uxolo bese ehamba? Ngokuqinisekile akunjalo. Kulendaba, akashumayeli ebandleni kodwa kumuntu oyedwa okungenzeka ungongakholwayo. Ngokufanayo, isikhonzi sowesifazane singatadisha nomkhaya ongewona owamaKristu ngisho nalapho ubaba ekhona.
UJesu Kristu—Isibonelo Esikhazimulayo
UJesu wayeyisibonelo esikhazimulayo sonke esenza kahle ngokuzama ukusilingisa! Wayengumfundisi ongcono kakhulu, umshumayeli omuhle kakhulu, isisebenzi esishiseka kakhulu nomeluleki onothando kakhulu owake waphila emhlabeni. Ukulandela ezinyathelweni zakhe kuyilungelo elikhulu kakhulu. Ingabe uzama ukwenza lokho?
Izigidi zoFakazi BakaJehova zenza okusemandleni azo ukuba zimlingise, nakuba zingaphelele. Izindlela zakhe zazihluke kakhulu kulezo zabefundisi abaningi namuhla. Akazange ashaye izinsimbi zamasonto bese elindela ukuba abantu beze kuye, nakuba abaningi bazizela ngokwabo. Kunalokho, waya kubantu futhi wabafundisa emakhaya abo, ezindaweni zomphakathi, ezintabeni, nasogwini loLwandle lwaseGalile. Ngezinye izikhathi wakhuluma namaqembu afinyelela ezinkulungwaneni, njengoba kuboniswe ngezansi.—Mathewu 9:35; 13:36; Luka 8:1.
Ukusiza Abampofu, Abagulayo, Nasebegugile
Bangaki balaba abakhona namuhla? Amakhulu ezigidi. Futhi lelinani landa ngokushesha njengoba izimo zomhlaba ziwohloka ngokushesha nalesimiso samanje sezinto sisondela esiphelweni saso esiphelele empini yeArmagedoni. (IsAmbulo 16:16) Izinhlekelele ezingokwemvelo, indlala, ubhubhane lwezifo kwenezela emonakalweni nasekuhluphekeni. AmaKristu akuqala nawo kwakudingeka abhekane nezinkinga ezinjalo. Cishe ngo-46 C.E., lapho uKlawudiyu engumbusi waseRoma, kwakunendlala eyayisakazeke kabanzi. Ngakho, benzani abafundi? ‘Bazimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.’—IzEnzo 11:27-30.
Ezikhathini zanamuhla, oFakazi BakaJehova ngokuvamile baye banikeza usizo lomusa kulabo abahluphekayo noma abaswelayo. Muva nje, lapho Mozambique yonakaliswe yimpi yangaphakathi—eyaphumela ekuntulekeni okwesabekayo kokudla, izembatho, izinto zezokwelapha, nezinye izidingo eziyisisekelo—oFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika engumakhelwane basiza abazalwane babo abasosizini. Kwaqoqwa amanani amakhulu okudla, izembatho, nezinye izinto futhi kwathunyelwa eMaputo, inhloko-dolobha, ngamaloli amakhulu.
Ukugcwalisa Isiprofetho SeBhayibheli
Yebo, izikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso namuhla zinelungelo elimangalisayo lokuhlanganyela ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli. Kanjani? Esenzakalweni esiqopha umlando lapho abafundi babuza uJesu: “Ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyokuba yini isibonakaliso sokuba-khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” waphendula ngokuthi ngesikhathi sezimpi zezwe, indlala, ukuzamazama komhlaba, nokungabi-namthetho, “lezi zindaba ezilungileyo zombuso [zaziyo]shunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe.” (Mathewu 24:3, 14, NW) UPawulu wabekela zonke izikhonzi zeqiniso isibonelo ngokushumayela “izindlu ngezindlu.”—IzEnzo 20:20.
OFakazi BakaJehova bayaziwa emhlabeni wonke ngentshiseko yabo kulomsebenzi wokushumayela. Mhlawumbe ngezinye izikhathi baye bafika ekhaya lakho. Ingabe uke wabalalelisisa? Uma kungenjalo, kungani ungenzi kanjalo esikhathini esilandelayo lapho befika? Ungase umangale kakhulu!
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
Based on U.S. Army photo