Ukucoceka Nokushisekela Imisebenzi Emihle
‘UJesu Kristu wazinikela ukuze asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.’—THITHU 2:13, 14.
1. Kungani ofakazi bakaJehova kumelwe bacoceke futhi bashiseke?
UJEHOVA ungcwele, ulungile futhi uqotho. Yena neNdodana yakhe futhi benza umsebenzi omuhle kakhulu ngentshiseko. (Levitikusi 19:2; IHubo 25:8; Johane 5:17) Ngakho-ke, bonke ofakazi bakaJehova kumelwe bacoceke futhi bashisekele imisebenzi emihle.
2. (a) Umphostoli uPawulu wakuhlanganisa kanjani ukucoceka nentshiseko? (b) Imiphi imibuzo esizoyicabangela manje?
2 Umphostoli uPawulu wakhuluma ngakho kokubili ukucoceka nentshiseko uma ebhala ukuthi ngomusa kaNkulunkulu ongafanele uJesu “wazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.” (Thithu 2:11-14) Yini edingekayo ngalabo uJesu aye wabakhetha? Imiphi imisebenzi emihle okumelwe siyishisekele? Futhi yiziphi izibusiso oFakazi BakaJehova abacocekile nabashisekayo abazijabulelayo?
Ukucoceka Ngokomoya Kubalulekile
3. (a) Iliphi izinga lokucoceka izinceku zikaJehova okumelwe ziligcine? (b) Sagcizelelwa kanjani isidingo sokucoceka lapho abathunjwa abangamaJuda bekhululwa eBabiloni?
3 Izinceku zikaJehova kumelwe zibe nezinga eliphakeme lokucoceka ngokwenyama, ngokuziphatha nangokomoya. (Eksodusi 30:17-21; Duteronomi 23:12-14; Efesu 5:25-27; 2 Korinte 7:1) Leliphuzu eliyisisekelo lagcizelelwa ekhulwini lesithupha B.C.E., lapho abathunjwa abangamaJuda bekhululwa eBabiloni. (Ezra 1:1-4) Ngokushesha babezolibangisa ezweni lakubo, ngokujabula bephethe izitsha ezingcwele ezazithathwe iNkosi uNebukadinesari ethempelini likaNkulunkulu eJerusalema. Yeka ukuthi kwakubaluleke kangakanani ukuba lezozinto zendawo engcwele zithwalwe kuphela abakhulekeli abacocekile bakaJehova! Ngokufanelekileyo-ke, batshelwa: “Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.” (Isaya 52:11) Labobaphathi kwadingeka bacoceke kukho konke ukungcola kwaseBabiloni okungokwenkolo nokokuziphatha.
4. Ngokuvumelana neye-2 Korinte 6:14-17, yini edingeka kubo bonke ofakazi bakaJehova?
4 Umphostoli uPawulu wasebenzisa leyomfuneko yokucoceka kumaKristu agcotshiwe ashiya iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Wabhala: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? . . . Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo.” (2 Korinte 6:14-17; IsAmbulo 18:4, 5; Jeremiya 51:45) Ngempela, uJehova ufuna ukucoceka okungokomoya kubalandeli bakaJesu abagcotshiwe nakubangane babo, “isixuku esikhulu.”—IsAmbulo 7:4-9.
‘Asidele Ukungalungi Nezinkanuko Zezwe’
5. Ngokweye-2 Korinte 4:2, yini okumelwe ibonakale enkonzweni yethu?
5 Phakathi kwezinye izinto, labo abakhonza njengoFakazi BakaJehova abacocekile ngokomoya kuye kwadingeka ukuba ‘badele ukungalungi nezinkanuko zezwe.’ (Thithu 2:11, 12) Njengoba uPawulu asho kwenye indawo: “Sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:2) Njengomphostoli, amaKristu anamuhla kumelwe abe angenacala enkonzweni yawo, kungabi nasizathu sokubekwa icala lokonakala noma lobuqili ekusebenzelaneni kwawo nabanye. (2 Korinte 8:20, 21; IHubo 101:1-8) Akumelwe aqondiswe ukuhlakanipha kwezwe nomoya wobugovu onesono.—1 Korinte 1:21; 2:12; 3:19; Efesu 2:1, 2.
6. Yini esingayenza uma silwisana nokuthambekela okunjengobuqili nezifiso zenyama ezingalungile?
6 Ukuze bafinyelele izinhloso zabo, abantu abanomoya wezwe ngokuvamile basebenzisa izindlela zobuqili. Kodwa uma othi ungumKristu enza lokhu, ‘akakakudeli ukungalungi’ futhi abukho ubuhlobo abujabulelayo noJehova. (IzAga 3:31, 32) Futhi uma umuntu ebuswa izifiso ezingcolile zenyama, ‘akakazideli izinkanuko zezwe.’ (Galathiya 5:19-21; 1 Johane 2:15-17) Kodwa kuthiwani uma silwa nokuthambekela okunjalo okungekhona okungokomoya njengobuqili nezifiso ezingalungile zenyama? Khona-ke kuyoba okufanelekile ukuthandaza njengoba kwenza uDavide, owathi: “Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangamuki umoya wakho ongcwele.” (IHubo 51:10, 11; Johane 15:19) Uma sithandaza ngalendlela futhi sisebenzisa ngokugcwele usizo olutholakala ngeZwi likaNkulunkulu, ngomoya nenhlangano yakhe, siyokwazi ukuqondisa ukucabanga kwethu futhi singakhonza ngokwethembeka njengabakhulekeli bakaJehova abacocekile.
7. Kungani abenzi bobubi abangaphenduki kumelwe basuswe ekuhlanganyeleni?
7 Uma abanye kithi bephikelela ngokungaphenduki enkambweni yokungacoceki okungathi sína, kumelwe basuswe ekuhlanganyeleni ukuze igama likaJehova lingangcoliswa, inhlangano yakhe igcinwe icocekile futhi kuvikelwe izinceku zakhe ezithembekile futhi kugcizelelwe ubukhulu bobubi obungathi sina. (Levitikusi 22:31-33; Duteronomi 13:6-11) Eminyakeni eminingi edlule, abantu bakaNkulunkulu baqaphela ukuthi umenzi wobubi ongaphenduki wayengakufanelekele ukuhlanganyela nabo. Ngokwesibonelo, ngo-1904 umongameli wokuqala weWatch Tower Society, uCharles Taze Russell, wabhala: “Ibandla kumelwe linqamule ubudlelwane balo naye kanye nanoma iziphi futhi zonke izimpawu noma ukubonakalisa ubuzalwane.” (The New Creation, ikhasi 290) Nanamuhla, abantu bakaJehova balandela iseluleko esingokomBhalo ‘sokuxosha omubi’ phakathi kwabo.—1 Korinte 5:9-13.
8. Ikuphi ukuxhumana uLuka 3:8 nabaseGalathiya 6:1 abanakho ngendlela abadala okumelwe basebenzelane ngayo nabonayo?
8 Ukugcina inhlangano kaJehova icocekile kuyindaba yokukhathalelwa kakhulu ngabadala abamisiwe. Yebo, kumelwe babe nesihawu lapho ‘kunezithelo ezifanele ukuphenduka,’ njengoba noJehova ebonisa isihawu uma kufaneleka. (Luka 3:8; IHubo 86:15; 130:3, 4) Futhi uma esinye isikhonzi sithatha isinyathelo esingafanele ngaphambi kokuba sisiqaphele, labo abanezimfanelo ezingokomoya kumelwe bazame ukusibuyisa “ngomoya wobumnene.”—Galathiya 6:1.
Indlela Abadala Abangasiza Ngayo
9. Iziphi ezimbili zezindlela abadala abangasiza ngazo amanye amaKristu ngokomoya?
9 Ababonisi bangawasiza kanjani amanye amaKristu ukuba ahlale ecocekile ngokomoya? Enye indlela iwukunikeza izinkulumo ezakhayo. Enye ingezingxoxo zomuntu siqu nokuhambela kokwalusa. (1 Petru 5:1-4) Ngezikhathi ezinjalo, abadala basebenzisa iBhayibheli ngokufanelekile ukuze bafundise, bakhumbuze, bayale futhi baze basole izikhonzi abakanye nazo.
10. (a) Imuphi umbono abadala okumelwe babe nawo ngezinkulumo zeningi? (b) Kungani abelusi abangokomoya kumelwe babe abafundi abashisekayo beBhayibheli?
10 Isidingo sokufundisa sagcizelelwa lapho uPawulu enxusa isisebenzi esikanye naye uThithu ukuba ‘sikhulume lokho okufanele isifundiso esiphilileyo.’ (Thithu 2:1) Abadala abathobekile abangamaKristu abafuni udumo njengezikhulumi zasobala, kodwa bashisekela ukusebenzisa iBhayibheli ngokufanele ukuze bafundise. (IzAga 25:27) Ngokuthakazelisayo, owayengumongameli waseU. S. uJohn Quincy Adams wathi: “Eminyakeni eminingi ngiye ngakwenza umkhuba ukulifunda lonke iBhayibheli kanye ngonyaka.” Inkosi ngayinye yakwaIsrayeli kwakudingeka ikopishe umthetho kaNkulunkulu futhi ‘iwufunde zonke izinsuku zokuhamba kwayo.’ UJoshuwa walandela iziyalezo ezifanayo. (Duteronomi 17:14-20; Joshuwa 1:7, 8) Ngaphandle kolwazi olwalutholakala kanjalo, amadoda anjalo kaIsrayeli wasendulo ayengenza kanjani ngokuhlakanipha noma asize abanye ngokomoya? Ngakho uma ungumdala omisiwe, ingabe uke walifunda lonke iBhayibheli, mhlawumbe izikhathi eziningi? Ngokungangabazeki lokhu kuyokwandisa ikhono lakho lokweluleka abanye, kuhlanganise namaKristu azinikezele okungenzeka nawo aye ayifunda yonke imiBhalo kaningi. Labo abakhonza njengabelusi abangokomoya kumelwe babe abafundi abashisekayo beZwi likaNkulunkulu, isisekelo ‘sesifundiso esiphilileyo.’
11. (a) Iziphi izikhumbuzo ezingokomBhalo ezazidingwa amaKristu ekhulu lokuqala eKrethe? (b) Maqondana nezikhumbuzo ezingokweBhayibheli, yini abadala abamisiwe okumelwe bafanelekele ukuyenza?
11 UPawulu watshela uThithu futhi: “Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, bangahlambalazi-muntu, bangabi-yizilwi, babe-ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.” (Thithu 3:1, 2) Lezozikhumbuzo eziqondile ayezidinga amaKristu ekhulu lokuqala esiqhingini saseKrethe. Ngokufanayo, uma kuphakama inkinga namuhla, abadala kumelwe bakwazi ukubhekisela ezikhumbuzweni ezifanelekile ezingokomBhalo. Futhi sengathi singabonga njalo uma sitshelwa ngezikhumbuzo zikaJehova.—IHubo 119:99, 129.
12. (a) Kusho ukuthini ukuyala? (b) Ukuyala kumelwe kwenziwe ngamuphi umbono?
12 UThithu watshelwa futhi: “Ubayale abesilisa abasha ukuba babe-ngabaqondileyo.” (Thithu 2:6) Ukuyala kusho “ukukhuthaza ngokuqinile; ukweluleka noma ukuxwayisa ngokuqotho.” (The World Book Dictionary) Ngenxa yothando lwakhe oluqotho nokukhathalela, uPawulu akazange asigodle isiyalo esasidingeka. Eqinisweni, wayengasho kubadala base-Efesu ukuthi: “Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka [ukuniyala] nonke ngabanye ngezinyembezi.” (IzEnzo 20:31; qhathanisa neThe Riverside New Testament.) Abadala banamuhla ababonisa isimo esifanayo, futhi abanikeza iseluleko noma isiyalo esifanelekayo, ngempela bayisibusiso ebandleni!
13. (a) Ukwenzani ukusola? (b) Abadala kumelwe basole ngamuphi umbono?
13 UPawulu wakhuluma futhi ngokusola, enxusa uThithu: “[Ubasole, NW], ukuze baphile ekukholweni, benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.” (Thithu 1:13, 14) Ukusola kusho “ukudonsela ukunakekela ekudebeseleni okuthile ngokuvamile ngenhloso yomusa yokuqondisa noma ukusiza,” noma “ukubonisa ukungavumelani” nomuntu ngenxa yamazwi akhe noma izenzo. (Webster’s New Collegiate Dictionary) UPawulu wakhuluma ngokusola, kodwa ngenhloso ephakeme—“ukuze baphile ekukholweni.” Ngokufanayo nanamuhla, abadala bayakugwema ukukhahla okungebona ubuKristu. Ngokungafani nezihlubuki ezikhonondayo, abadala beqiniso abangamaKristu abazami ukuba ‘ababusi’ bokholo nokuphila kwabakholwa kanye nabo, kodwa bakhonza njengezinceku nezisebenzi ezikanye nabo ngenjongo yokubenza bajabule, bebasiza ukuba bame beqinile okholweni lwabo.—2 Korinte 1:24; 1 Korinte 4:1, 2.
14. Yini eyosisiza ukuba sihlale sicocekile ngokomoya?
14 Ukulandela isifundiso seBhayibheli, izikhumbuzo, ukuyala nokusolwa kuyosisiza ukuba sihlale sicocekile ngokomoya. Lokhu kusenza sifanelekele inkonzo engcwele kaNkulunkulu. Kodwa kumelwe siyenze ngamuphi umoya leyonkonzo?
‘Shisekela Imisebenzi Emihle’
15. (a) Intshiseko ingachazwa kanjani? (b) Imuphi umsebenzi omuhle kakhulu umKristu angawenza?
15 Njengendikimba ehlelekile yamaKristu azinikezele, oFakazi BakaJehova ‘bashisekela imisebenzi emihle.’ Intshiseko “iyinkuthalo nesithakazelo esishisayo sokufuna okuthile.” (Webster’s New Collegiate Dictionary) Ngokwencwadi kaPawulu kuThithu, wonke amaKristu kumelwe afune ukwenza “imisebenzi emihle” eminingi. Ngokwesibonelo, abesifazane abasha kumelwe babe abamhlophe, izisebenzi ekhaya futhi bathobele amadoda abo. UThithu kwakufanele abe “isibonelo semisebenzi emihle,” abonakalise ukungonakali ekufundiseni kwakhe, esebenzisa inkulumo ephilileyo nokunye. (Thithu 2:1-14) Yebo, umsebenzi omuhle kakhulu umKristu angawenza ungowokusiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu futhi bamkhonze. Uma ungufakazi kaJehova, ingabe uyashiseka ngempela ekwenzeni ‘lomsebenzi omuhle’? AmaKristu ekhulu lokuqala abonisa intshiseko yokushumayela ivangeli, naphezu kokushushiswa.—IzEnzo 11:19-21.
16. (a) Isiphi isizathu esiyisisekelo sokuba khona kwebandla lobuKristu? (b) Yini eye yashiwo ngomsebenzi wokushumayela ivangeli woFakazi BakaJehova?
16 Naphezu kokushushiswa koFakazi BakaJehova namuhla, umoya kaNkulunkulu ubashukumisela ukuba bafeze ukuthunywa kokushumayela ngoMbuso—okuyisizathu esiyinhloko sokuba khona kwebandla lobuKristu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20; Isaya 61:1, 2) NjengamaKristu okuqala, ngentshiseko benza umsebenzi omuhle wokumemezela “ivangeli” endlini ngendlu nangezinye izindlela. (IzEnzo 5:41, 42; 20:20, 21) Encwadini yakhe iEvangelism, Inc., uG. W. Target uxoxa ngezindlela zokufakaza kuhlanganisa “ukushumayela ivangeli ezindlini” futhi uphawula ukuthi “abanye abantu baze bayibize ngokuthi indlela evamé kakhulu—ikakhulukazi ngemva kokuhambela kwamuva koFakazi BakaJehova. . . . Abanye baye bayemukela ngokushesha, kodwa oFakazi BakaJehova bahamba phambili kuyo.” Maqondana nokusebenzisa izincwadi zeBhayibheli, uTarget uyavuma: “Nakulokhu oFakazi BakaJehova bahamba phambili. . . . Ngokuqhathanisa, . . . zimbalwa kakhulu izinkolo ezisakaza ngokoqobo izinto zokushumayela ivangeli.” Ngempela, izincwadi zobuKristu ezikhiqizwa ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu futhi ezitholakala koFakazi BakaJehova ngomnikelo zisiza abanjengezimvu emhlabeni wonke ukuba bafunde futhi benze intando kaNkulunkulu.
17. Kungafakazelwa kanjani ukuthi uNkulunkulu uye wachumisa umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova?
17 UJehova wawuchumisa umsebenzi wokushumayela wamaKristu okuqala. Kanjalo amabandla akheka ezindaweni ngezindawo—eRoma, eKorinte, e-Efesu, eFilipi, eKolose, eThesalonika nakwezinye izindawo. Ngokufanayo, uJehova uchumisa umsebenzi wokushumayela wezinceku zakhe zanamuhla, kangangokuba manje kunamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kwezi-46 000 emhlabeni wonke. Udumo luya kuNkulunkulu ngokwanda okumangalisa kanjena.—Isaya 60:22; 1 Korinte 3:6, 7.
Izibusiso Zethu Eziningi
18-20. Iziphi ezinye zezibusiso esizijabulelayo njengezinceku zikaNkulunkulu?
18 Ziningi ngempela izibusiso nezinzuzo zenkonzo ecocekile neyentshiseko ezijatshulelwa abantu bakaJehova namuhla. (IzAga 10:22) Ngokwesibonelo, njengezinceku zikaNkulunkulu ezicocekile, sinokwaneliseka ngokumthokozisa. (1 Petru 1:13-16) Iqiniso laphezulu liye lasikhulula eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:4, 5) Asizona izisulu zokukholelwa ezeni, ukwesaba abafileyo nokufanayo. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 8:32) ‘Ukuthula kukaNkulunkulu kulondoloza izinhliziyo zethu nemicabango yethu.’ (Filipi 4:6, 7, 13) Ukuhlangana njalo nabakhulekeli abacocekile kusinikeza umuzwa wokulondeka, njengalowo “womhlambi phakathi kwedlelo lawo.” (Mika 2:12) Ukuba nomoya ongcwele kaNkulunkulu kusenza sikwazi ukubonisa izithelo zawo eziwuthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, umusa, ukulunga, ukholo, ubumnene nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Yeka ukuthi konke lokhu kumelwe kusenze sijabule kanjani!
19 Njengabamemezeli boMbuso abashisekayo, sikhonza uMbusi weNdawo yonke—ilungelo elihle kakhulu noma imuphi umuntu angaba nalo. Owethu “umsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle.” Phela, awukho omunye umzamo emhlabeni oletha injabulo enkulu kunokumemezela isigijimi “sikaNkulunkulu ojabulayo” nokusiza abanye ukuba bafunde ngaye!—Roma 15:16; 1 Thimothewu 1:11, NW.
20 Ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu bungesinye sezibusiso zethu eziningi. Singathandaza kuye ngokuqiniseka ukuthi uyasizwa. (1 Johane 5:14, 15) Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba seduze kangako noJehova! Njengoba umhubi asho: “Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe-yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.”—IHubo 73:28.
21. Njengabantu bakaJehova abacocekile nabashisekayo, kumelwe sizimisele ukwenzani?
21 Ngenxa yezibusiso zethu eziningi njengabantu bakaNkulunkulu abacocekile nabashisekayo, khona-ke, masizimisele ukuhlala sicocekile ngokomoya futhi sivutha ngentshiseko yokwesaba uNkulunkulu. Uma sihlala sinjalo, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosiqinisa futhi asiqondise njengofakazi bakhe. Ngokungaphezulu, ukucoceka nentshiseko enkonzweni kaNkulunkulu engcwele kulezizinsuku zokugcina, ngomusa wakhe ongafanele, kuyosivulela indlela yokuba kuze kube phakade senza imisebenzi ecocekile neyentshiseko kube udumo kuJehova.
Ungaphendula Kanjani?
□ Yini edingekayo ngomuntu ukuba abe yingxenye yabantu bakaJehova abacocekile?
□ Abadala abamisiwe bangabasiza kanjani abanye ukuba bahlale becocekile ngokomoya?
□ Imuphi umsebenzi omuhle abantu bakaNkulunkulu okumelwe bawushisekele ngokukhethekile?
□ Iziphi ezinye zezibusiso ezijatshulelwa ofakazi bakaJehova abacocekile nabashisekayo?
[Isithombe ekhasini 15]
Abadala kumelwe babe abafundi abakhuthele beBhayibheli futhi kumelwe balisebenzise ekufundiseni, ekukhumbuzeni, ekuyaleni nasekusoleni abanye