“UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”
UJEHOVA ungukwenziwa samuntu kokupha. Ngempela, iBhayibheli lithi unguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17) Ngokwesibonelo, cabangela izinto uNkulunkulu azidala. Wenza ukudla okumnandi, hhayi okuduma; izimbali ezimibalabala, hhayi ezimthuqu; ukushona kwelanga okubukekayo, hhayi okungakhangi. Yebo, zonke izici zendalo kaJehova zinikeza ubufakazi bothando nokuphana kwakhe. (IHubo 19:1, 2; 139:14) Ngaphezu kwalokho, uJehova unguMuphi onamileyo. Uyakujabulela ukwenzela izinceku zakhe izinto ezinhle.—IHubo 84:11; 149:4.
Ama-Israyeli ayalwa ukuba alingise ukupha kukaNkulunkulu ekusebenzelaneni kwawo. UMose wawatshela: “Awuyikuyenza-lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho. Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki.” (Duteronomi 15:7, 10) Njengoba ukupha kwakufanele kusuke enhliziyweni, ama-Israyeli kwakufanele kuwajabulise ukupha.
AmaKristu anikwa umyalo ofanayo. Yebo, uJesu wathi “kukhona injabulo . . . ekupheni.” (IzEnzo 20:35) Abafundi bakaJesu babeyisibonelo ekupheni ngokwenama. Ngokwesibonelo, iBhayibheli libika ukuthi labo ababa amakholwa eJerusalema “baqala ukuthengisa izimpahla zabo nezindawo babela bonke imali etholakele, kuye ngesidingo somuntu.”—IzEnzo 2:44, 45.
Kodwa laba bantu baseJudiya abaphanayo kamuva baba mpofu. IBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi yini eyabangela ukuba babe kuleso simo. Ezinye izazi zithi kungenzeka ukuthi kwabangelwa indlala okubhekiselwa kuyo kuyizEnzo 11:28, 29. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, amaKristu aseJudiya ayesesimweni esibucayi, futhi uPawulu wayefuna ukuqiniseka ukuthi izidingo zawo ziyanakekelwa. Wayezokwenza kanjani?
Ukuqoqwa Kweminikelo Yokusiza Abaswele
UPawulu wathola usizo emabandleni, kuze kuyofinyelela eMakedoniya, futhi wahlela ukuba leyo minikelo ithunyelelwe amaKristu aseJudiya ayekhungethwe ubumpofu. KwabaseKorinte, uPawulu wabhala: “Njengoba nje ngayala amabandla aseGalathiya, nani yenzani ngaleyondlela. Njalo ngosuku lokuqala lwesonto yilowo nalowo kini endlini yakhe siqu makabeke eceleni okuthile kugciniwe kuye ngokuchuma kwakhe.”a—1 Korinte 16:1, 2.
UPawulu wayehlose ukuba lezi zimali zithunyelwe ngokushesha kubazalwane eJerusalema, kodwa abaseKorinte bathatha isikhathi ukusabela eziqondisweni zikaPawulu. Ngani? Ingabe babengenaluzwela ngesimo esibucayi sabazalwane babo baseJudiya? Cha, ngoba uPawulu wayazi ukuthi abaseKorinte ‘babevama kuzo zonke izinto, okholweni nasezwini nasolwazini nakuyo yonke inkuthalo.’ (2 Korinte 8:7) Cishe babematasa kakhulu benakekela ezinye izindaba ezibalulekile uPawulu akhuluma ngazo encwadini yakhe yokuqala ayebabhalele yona. Kodwa manje isimo saseJerusalema sasiphuthuma. Ngakho uPawulu wakhuluma ngale ndaba encwadini yakhe yesibili kwabaseKorinte.
Ukunxusa Ukuba Kuphanwe
Okokuqala, uPawulu watshela abaseKorinte ngabaseMakedoniya, abasabela ngendlela eyisibonelo emsebenzini wokusiza. UPawulu wabhala: ‘Phakathi nokuvivinywa okukhulu ngaphansi kokuhlupheka ukuchichima kwenjabulo yabo nobumpofu babo obukhulu kwenza ingcebo yokuphana kwabo yavama.’ AbaseMakedoniya akuzange kudingeke babaselwe. Ngokuphambene, uPawulu wathi ‘ngokuzithandela babelokhu besincenga ngokuncenga okukhulu becela ilungelo lokupha ngomusa.’ Ukupha ngokwenama kwabaseMakedoniya kuphawuleka nakakhulu lapho sicabangela ukuthi bona ngokwabo ‘babenobumpofu obukhulu.’—2 Korinte 8:2-4.
Ngokuncoma abaseMakedoniya, ingabe uPawulu wayezama ukuvusa umoya wokuncintisana phakathi kwabaseKorinte? Akunjalo neze, ngoba wayazi ukuthi leyo kwakungeyona indlela efanele yokukhuthaza. (Galathiya 6:4) Ngaphezu kwalokho, wayazi ukuthi kwakungadingeki enze abaseKorinte bazizwe benamahloni ukuze benze okufanele. Kunalokho, wayeqiniseka ukuthi abaseKorinte babebathanda ngempela abazalwane babo baseJudiya futhi babefisa ukunikela emsebenzini wokusiza. Wabatshela: “Kakade esikhathini esingangonyaka esidlule aniqalisanga nje kuphela ukwenza kodwa nokufuna ukwenza.” (2 Korinte 8:10) Ngokuqinisekile, bona ngokwabo abaseKorinte babeyisibonelo ezicini ezithile zalo msebenzi wokusiza. UPawulu wathi kubo: “Ngiyakwazi ukulungela kwengqondo yenu engiziqhayisa ngakho kwabaseMakedoniya ngani.” Wanezela: “Intshiseko yenu iye yashukumisa iningi labo.” (2 Korinte 9:2) Nokho, manje abaseKorinte babedinga ukuguqula intshiseko yabo nokulungela kwabo kwengqondo kube yizenzo.
Ngakho, uPawulu wabatshela: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Khona-ke, injongo kaPawulu yayingekhona ukucindezela abaseKorinte, ngoba umuntu akanakuba umuphi onamileyo uma ephoqelelwa. Ngokusobala, uPawulu wayecabanga ukuthi isikhuthazo esifanele sase sikhona kakade, ngamunye wayesenqumile kakade ukupha. Ngaphezu kwalokho, uPawulu wabatshela: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” (2 Korinte 8:12) Yebo, lapho kunokulungela—lapho umuntu eshukunyiswa uthando—akunikelayo kuyokwamukeleka kuNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi kubonakala kukuncane kangakanani.—Qhathanisa noLuka 21:1-4.
Abaphi Abenamileyo Namuhla
Umsebenzi wokusiza amaKristu aseJudiya unikeza isibonelo esivelele osukwini lwanamuhla. OFakazi BakaJehova baye benza umkhankaso wokushumayela emhlabeni wonke, bondla izigidi ezibulawa indlala engokomoya. (Isaya 65:13, 14) Benza lokhu ngenxa yokulalela umyalo kaJesu othi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.”—Mathewu 28:19, 20.
Akuwona umsebenzi olula ukufeza lokhu kuthunywa. Kuhlanganisa ukunakekela amakhaya ezithunywa zevangeli nezakhiwo zamagatsha ezingaphezu kwekhulu emhlabeni wonke. Kuhlanganisa nokwakhiwa kwamaHholo OMbuso namaHholo Omhlangano ukuze abakhulekeli bakaJehova babe nezindawo ezifanelekayo zokuhlangana nokukhuthazana. (Heberu 10:24, 25) Ngezinye izikhathi, oFakazi BakaJehova banikeza nosizo ezindaweni eziye zonakaliswa izinhlekelele ezingokwemvelo.
Futhi cabanga ngezindleko ezinkulu zokunyathelisa. Isonto ngalinye, ngokwesilinganiso, kunyatheliswa amakhophi angaphezu kuka-22 000 000 e-Nqabayokulinda noma amakhophi angaba ngu-20 000 000 e-Phaphama! Ngaphezu kwalokhu kudla okungokomoya okulungiselelwa njalo, kunezigidi zezincwadi, izincwajana, amakhasethi alalelwayo namakhasethi e-video okwenziwa unyaka ngamunye.
Usekelwa kanjani wonke lo msebenzi? Ngeminikelo yokuzithandela. Le minikelo ayenzelwa ukubukisa noma izisusa zobugovu, kodwa yenzelwa ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Ngakho, ukupha okunjalo kulethela umuphi injabulo kanye nesibusiso sikaNkulunkulu. (Malaki 3:10; Mathewu 6:1-4) Ngisho nezingane eziphakathi koFakazi BakaJehova zizibonakalisa zingabaphi abaphanayo nabenamileyo. Ngokwesibonelo, ngemva kokuzwa ngokucekela phansi kwesiphepho kwenye ingxenye ye-United States, u-Allison oneminyaka emine ubudala wanikela ngo-$2 (R12). “Lena iyona yonke imali enginayo ebhange,” ebhala. “Ngiyazi ukuthi izingane zilahlekelwe yiwo wonke amathoyizi, izincwadi nonodoli bazo. Mhlawumbe ningasebenzisa le mali ekuthengeleni intombazane encane elingana nami incwadi.” UMaclean, oneminyaka engu-8 ubudala, wabhala ukuthi wayejabula ngokuthi kwakungekho mzalwane oshonile kuleso siphepho. Wenezela: “Ngithole u-$17 [R107] ngokuthengisa ama-hubcap nobaba. Bengizothenga okuthile ngemali yami, kodwa ngibe sengicabanga ngabafowethu.”—Bheka nebhokisi elingenhla.
Ngempela, inhliziyo kaJehova iyajabula ukubona kokubili abancane nabadala bebeka izithakazelo zoMbuso wakhe kuqala ‘ngokumdumisa ngempahla yabo.’ (IzAga 3:9, 10) Yiqiniso, akekho ngempela ongenza uJehova acebe, ngoba zonke izinto zingezakhe. (1 IziKronike 29:14-17) Kodwa ukusekela umsebenzi kuyilungelo elinikeza umkhulekeli ithuba lokubonisa uthando lwakhe ngoJehova. Sibonga wonke umuntu oye washukunyiswa inhliziyo yakhe ngale ndlela.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba uPawulu ‘ayala,’ lokhu akusho ukuthi wakhipha imiyalo ethandwa nguye nephoqelelayo. Kunalokho, uPawulu wayemane eqondisa ukuqoqwa kweminikelo, okwakuhilela amabandla amaningana. Ngaphezu kwalokho, uPawulu wathi kwakufanele ngamunye “endlini yakhe siqu” aphe “kuye ngokuchuma kwakhe.” Ngamanye amazwi, umnikelo ngamunye kwakufanele wenziwe ngasese nangokuzithandela. Akekho owayephoqelelwa.
[Ibhokisi ekhasini 26, 27]
Izindlela Abanye Abakhetha Ukupha Ngazo Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke
Abaningi babekela eceleni imali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo. Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali endlunkulu yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York, noma ehhovisi legatsha eliseduze.
Iminikelo yokuzithandela yemali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Treasurer’s Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201-2483, noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini. Kunganikelwa nangamatshe ayigugu noma ezinye izinto eziyigugu. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi okunjalo kuyisipho esiqondile kufanele ihambisane nale minikelo.
ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA
Imali ingase inikwe i-Watch Tower Society ngendlela yokuyigcina kuze kufe umniniyo, ngelungiselelo lokuthi uma kuphakama isidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uthintane ne-Accounting Office ekhelini elisekhasini elilandelayo.
UKUPHA OKUHLELIWE
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshuwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wokuguga.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa umniniyo.
Izindlu Nezindawo: Izindlu nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa kuyi-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuthi indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe. Umuntu kumelwe athinte iNhlangano ngaphambi kokuba enze noma yimuphi umnikelo wendlu nendawo eNhlanganweni.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingabhaliswa nge-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.
I-Accounting Office kufanele yaziswe futhi ithole ikhophi yanoma iyiphi incwadi efanele ngokuphathelene nanoma iliphi lala malungiselelo. Labo abanesithakazelo kunoma yiliphi lala malungiselelo okupha okuhleliwe kufanele bathinte i-Accounting Office, ngencwadi noma ngocingo, ekhelini elingezansi noma ihhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakubo.
ACCOUNTING OFFICE
Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa
Ucingo: (011) 761-1000
[Ibhokisi ekhasini 28]
IZINGANE NAZO ZINGABAPHI ABENAMILEYO!
Ngifuna ukuninika lokhu ukuze nisenzele izincwadi ezengeziwe. Ngiye ngalondoloza le mali ngokusiza ubaba. Nginibonga kakhulu ngawo wonke umsebenzi wenkuthalo eniwenzayo.—UPamela, oneminyaka engu-7.
Nginithumelela u-R43,30 ukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso engeziwe. Ngiyithole kuleli hlobo njengoba bengithengisa i-“lemonade” emgwaqweni.—USelena, oneminyaka engu-6.
Bengikhulisa isikhukhukazi, ngathola kuso iqhude nesinye isikhukhukazi. Nganikezela lesi sokugcina kuJehova. Ekugcineni sachamusela izikhukhukazi ezintathu ngabe sengizithengisa. Ngifake le mali ukuze kwenziwe umsebenzi kaJehova.—UThierry, oneminyaka engu-8.
Lena ukuphela kwemali enginayo! Ngicela niyisebenzise ngokuhlakanipha. Kube nzima ukuyilondoloza. Nanku u-R133.—USarah, oneminyaka eyishumi.
Ngawina umklomelo wokuqala esabelweni sesikole, ngakho kwadingeka ngingenele umncintiswano wesifundazwe. Ngawina umklomelo wokuqala nalapho, ngabe sengiwina umklomelo wesibili emncintiswaneni wesibili wesifunda. Ngaklonyeliswa ngemali kukho konke lokhu. Ngifuna ukuhlanganyela enye yale mali neNhlangano. Nginomuzwa wokuthi ngithole yonke le miklomelo ngenxa yokuqeqeshwa engiye ngakuthola eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Ngangizizwa ngikhululekile ukunikeza umbiko wami phambi kwamajaji.—U-Amber, owenza ibanga 4.
Ngithanda ukuninika lokhu engikunikela kuJehova. Buzani yena ukuthi ningenzani ngakho. Wazi konke.—UKaren, oneminyaka engu-6.
[Izithombe ekhasini 25]
Imisebenzi yoFakazi BakaJehova isekelwa ngeminikelo yokuzithandela