Ingabe Yonakalisa Inhliziyo Yakho?
LABO esibakhetha njenga“bangane” bangaba nethonya enhliziyweni yethu. IzAga isahluko sesikhombisa zichaza insizwa eyajwayelana nowesifazane oziphethe kabi oshadile. Imizwa yayo yavuka lapho ilalela “ukuthopha kwezindebe zakhe.” Yaphinga naye. Kodwa yini eyaholela esenzweni esinjalo? IzA 7 Ivesi lama-25 lixwayisa abanye: “Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe.” Inhliziyo yayo yadukiswa ubungane bayo.
Hlobo luni lwabadlali abaye baboniswa emidlalweni? Umfundisi okhohlisa umkakhe; umdlwenguli; isifebe; umama ongashadile owadubula isithandwa sakhe ngoba sasilele nomama wakhe; njalonjalo. Ukuphinga kujwayelekile, njengokukhipha isisu nokukhulelwa okungemthetho.
Ingabe leli “iqembu labangane” ofuna ukuba lithonye inhliziyo yakho? Uma laba bekungomakhelwane bakho, ubuyobamemela yini ekhaya lakho futhi ubalalele ngokwenama njengoba bechaza imikhuba yabo?
“Yini ukuba ushumayele izimiso zami?” kwabuza uJehova labo abathi bangabantu bakhe. “Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo.” (IHubo 50:16, 18) Ungazikhohlisi. “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33; IzAga 13:20.
“Akubona bonke abadlali ababi ngokusobala,” kwabika omunye unkosikazi ongumKristu. “Ngangisekela kalula omunye owayengumuntu omuhle ngempela. Wayeyilokho engangifuna ukuba yikho. Ngalingisa ubuntu bakhe.” Ukusebenzisa abadlali bethelevishini njenge“zibonelo zokuziphatha” kujwayelekile. Kodwa ingabe umKristu kumelwe enze kanjalo?
Kunokukhuthaza amaKristu ukuba alingise ukuziphatha kwabantu ‘abahlwelwe emqondweni’ futhi abonakele ngokokuziphatha, umphostoli uPawulu watshela ayekholwa nabo: “Animfundanga uKristu kanjalo, uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu.” (Efesu 4:17-21) UmKristu ozinikezele kumelwe azindle, afundiswe isibonelo sikaJesu, noma salabo abalandela ngokuseduze isibonelo esifanayo njengezinceku zikaNkulunkulu ezivunyelwe. Ezinye izibonelo ziye zabonakala zilugibe.—1 Korinte 11:1; Heberu 11:1–12:2; 1 Petru 2:21.
Izinhliziyo Ziyengwa Esithe
Indoda ethembekile uJobe yavuma ukuthi inhliziyo yayo yayingayengeka kalula kanjani ilokho eyayikubona. “Uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo, kwayengwa inhliziyo yami esitha, . . . nalokho kwakungububi bokujeziswa,” kwavuma uJobe.a Ukubuka izinkanyezi ezulwini, nokumanyazela kwenyanga, kuthinta inhliziyo. Kodwa omakhelwane bakaJobe bakhonza inyanga njengebangela ukuthela. Amadili obudakwa ayengayo ngokobulili ngokuvamile ayeyingxenye yokukhulekelwa kwenyanga. Uma uJobe ayecabanga ngokuqhubekayo ngalokhu ‘umlomo wakhe wawuyoqhubeka nokwanga isandla sakhe’ okuyisenzo sokukhuleka. Inhliziyo yakhe yayingaba evuleke kakhulu futhi eyekelelayo, kangangokuba ukukhonza izithombe kungabonakali kukubi kakhulu. Kodwa wazibamba.—Jobe 31:26-28.
Imidlalo yethelevishini inobuqili ngokufanayo. Ukufuna uthando kusetshenziselwa ukuthethelela noma ikuphi ukuziphatha. Ngokwesibonelo, omunye osemusha ongashadile okhulelwe uthi kumngane: “Kodwa ngiyamthanda uVictor. Anginandaba. Ngizoqamba amanga, ngikhohlise futhi ngebe ukuze ngibe naye. Ukufanelekele. UVictor ufanelwe yikho konke. Ukuba nengane yakhe kusho okukhulu kimi!” Umculo olula osholo phansi wenza kube nzima ukucabanga inkambo yakhe njengembi kakhulu. Nawe futhi uyamthanda uVictor. Uyayizwela intombazane. “Uyaqonda.” “Kuyamangalisa ukuthi ungase uvumelane kanjani nakho,” kwasho esinye isibukeli kamuva esaqondisa ukucabanga kwaso. “Siyazi ukuthi ukuziphatha okubi kubi. . . . Kodwa ngaqaphela ukuthi ngengqondo ngangihlanganyela.”
Nokho abanye banomuzwa wokuthi ‘okuboniswayo akukubi njengalokho okubona nsuku zonke ekuphileni.’ Kodwa ingabe lokhu ilokho umKristu okumelwe akukhethe ukuze ajatshuliswe? Umphostoli uPawulu wabhala: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.” (Efesu 5:3) Ingabe uPawulu wayekhuluma into engenakwenzeka? Cha. Iphuzu liwukuthi amaKristu akumelwe ajatshuliswe ukuxoxa ngezenzo zalawomanyala. Lokhu kungokufanayo na“kwabangcwele” ngempela namuhla.
Izingqondo Nezinhliziyo Ziyonakaliswa
Abanye ebandleni lekhulu lokuqala eKorinte bangcoliswa, hhayi ithelevishini, kodwa abaphostoli bamanga. NgokomKristu wekhulu lesibili uIrenaeus, lezizihlubuki zathi: “Ngisho negolide, uma lifakwa emfucumfucwini, aligqwali ubuhle balo . . . ngakho baqinisa ukuthi nakanjani ngeke balimale, noma balahlekelwe ingokomoya labo, kungakhathaliseki ukuthi izenzo ezinjani zenyama abangase bahileleke kuzo.” Ngakho laba bahlanganyela nabangakholwa, baya emidlalweni enonya nokulwa futhi baze baziphatha kabi ngokobulili.
Umphostoli uPawulu wawasola amaKristu aseKorinte ngokuthi “amukela” abafundisi bamanga, futhi uPawulu wayenovalo ngokuthi, “njengalokho inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo,” izingqondo zabaseKorinte ngobuqili “mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.” Lokhu konakalisa ngobuqili bezimfundiso kwaholela ekonakaleni ngokokuziphatha.—2 Korinte 11:4, 3.
Ibandla laseKorinte lase lizimisele ngisho nokubekezelela ubuhlobo bobulili bezihlobo obabenziwa elinye lamalungu alo! Mhlawumbe lendoda eyayiziphethe kabi yileyo eyanconywa yilabo abasebandleni. Izinhliziyo zabo “zaziqonda.” Yayithole “uthando lweqiniso”! Abanye ebandleni kunokwenzeka ukuthi babeye bathonywa ububi bayo futhi nabo bahileleka ekungcoleni, ebufebeni futhi baze baphelelwa amahloni ngokuziphatha okuxekethile.—1 Korinte 5:1, 2, 6; 2 Korinte 12:21.
Ungathanda ukuba inhliziyo yakho yonakaliswe ngokufanayo? Ingabe uzibekezelela kalula iziphingi, izihlobongi, ababulali nabanjalo ngokuba nsuku zonke ukhangwe ukuphila kwabo? Kungakhathaliseki ukuthi siqine kangakanani endleleni yeqiniso izinhliziyo zethu zingathonyeka ngobuqili ngokondliwa kancane kancane ngezinto ezivumela ukuziphatha okubi.
“Ucabanga ukuthi ayikukhathazi,” kusho omunye wesifazane ongumKristu owayebukela njalo imidlalo yethelevishini iminyaka eminingi. “Kodwa ekujuleni kwenhliziyo yakho wamukela ukwenziwa kobubi. Ubona izinto ozifunayo. Futhi uma indoda yakho ingenalo uthando njengalabo obabona emidlalweni yethelevishini, unomuzwa wokuthi ulahlekelwa okuthile.”
Lowesifazane ongumKristu owayekhulise inkanuko ngalemidlalo yethelevishini wavumela ukungaqaphi kwaze kwaba sezingeni lokuba aziphathe kabi. Ngokushesha wadabuka kakhulu enhliziyweni futhi ekugcineni wathola ukuthethelelwa indoda yakhe nayibandla. Kodwa yeka isibazi esingokomzwelo! “Yonke into yayiyinhle kwaze kwaba yilapho izimo zenza kube nokwenzeka ukuhileleka kulokho engangikuqongelele enhliziyweni yami,” wavuma. “USathane wabeka ugibe futhi ngangena kulo. Ungakhohliswa, imidlalo yeTV ingakuthonya. Ngizwa abanye bethi baqine ngokwanele ukuba bayisingathe. Nokho, kuyokhanya emva kwesikhathi.” Ngisho nangemva kwalesisenzakalo esibuhlungu esenzeka wakuthola kunzima ukuyeka ukuyibuka. “Kwakunzima ngaphezu kokuzama ukuyeka ukubhema,” waphetha.
Yebo, iningi lezibukeli alihileleki ekuziphatheni okubi ngokubuka nje lemidlalo. Nokho, kungenzeka yini uqale uqhathanise umngane wakho womshado nabadlali abakuthelevishini? Ingabe lokhu kuyoqinisa uthando noma kuyokhulisa ukungabaza? Uma ungashadile, ingabe iyokhulisa isifiso sakho somngane womshado, mhlawumbe kukuholele emshadweni ongenangqondo noma ekuziphatheni okubi? Kungenzeka yini uzwe ukushintshashintsha kwemizwa okungadingekile?
Umphostoli uPawulu wabhala: “Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa-lutho [anginakugqilazwa lutho].” (1 Korinte 6:12) Isimo esiluthayo semidlalo sifakazelwa ngokukhanyayo. Amanye amaKristu aye adebesela imihlangano yebandla nenkonzo yawo, asheshisa imisebenzi yasekhaya, eqa esikoleni, ayeka isifundo seBhayibheli somuntu siqu nesomkhaya—ukuze nje abone umdlalo. Ingabe labantu akumelwe babheke ngobuqotho isikhathi abasinikela ekubukeni okunjalo?
Yebo, lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi umuntu ubukani, kodwa ingozi enkulu yemidlalo iwukuthi ibamba inhliziyo yakho ukuze ufune ukubona isigigaba esilandelayo sansuku zonke. UDr. Hendrie Weisinger, isazi sengqondo esacashunwa kumagazini wabathandi bemidlalo yeTV, wavuma: “Ukuhlola kufakazela ukuthi ithelevishini inethonya ekuziphatheni kwethu futhi ithonya ukucabanga. . . . Umuntu ohlala ekhaya futhi abukele ithelevishini njalo angase abe nesimo esiqinile esifana nesabadlali. Bavumela imidlalo yethelevishini ibe yingxenye yokuphila kwabo, futhi bangase bakhathazeke ngokungalahlekelwa ingxenye yomdlalo.”
Okungcono Kunayo
Omunye wesifazane ongumKristu owangena emkhubeni omubi wokubuka njalo imidlalo yethelevishini wacindezeleka kakhulu. Wakhuluma nomunye uFakazi owamkhuthaza ukuba achithe isikhathi esengeziwe enkonzweni yobuKristu esiza abanye. “Ukusebenza nabanye enkonzweni yasensimini kwaba yinjabulo,” kwabika lowesifazane. “Ngangingacindezelekile ngoba kwakungadingeki ngizikhathaze ngezinkinga zabanye abantu. Ngase ngiqale ukugcwalisa ukuphila kwami ngokuthile okwanelisayo. Imidlalo yayingasabalulekile. Ngaba umshumayeli isikhathi esigcwele.” Abaningi baye bathola inkonzo engcwele ephakanyisiwe iyikhambi.—Qhathanisa nesAmbulo 7:15.
Abanye baye bayixazulula inkinga ngokuba bahileleke kakhulu ekunakekeleni imisebenzi yasekhaya, benikela ukunakekela okwengeziwe enhlalakahleni yabantwana babo engokomoya nengokwenyama. Njengoba iningi lethu lithanda ukuthinteka ngabanye abantu, abanye baye bahlanganyela izipho ezingokomoya nezingokwenyama. Akudingeki ukuba ube ngocebile. Ngokuvamile ukuphekela nje umngane okuthile okumnandi ngokukhethekile kungaba okuvuzayo kakhulu.—IzAga 31:10-31.
“Manje ngiyakwazi okwakungilahlekela,” kwavuma owayekade ebuka njalo imidlalo yethelevishini. “Isifundo somuntu siqu nomthandazo. AbaseFilipi 4:6-9 ngokuqondene nomthandazo nemicabango ehlanzekile bangisiza ngempela. Manje ngiqala usuku ngetekisi losuku nangezinye izincwadi ezithile zeBhayibheli. UJehova uye walungiselela amadrama amaningi okuphila okungokoqobo eBhayibhelini, njengendaba kaJesu, uJobe, uDavide nabanye. Noma ngicabanga ngokuhlangenwe nakho koFakazi banamuhla. Nakuba kusenengxenye encane kimi efisa ukwazi ukuthi ‘kwenzekani’ emidlalweni yethelevishini, isifiso sami sokulalela uJehova siyangenqabela.”
Yebo, kuqhamuka phansi esifisweni sethu ukuthokozisa uJehova ngokusuka enhliziyweni yethu. Lokhu akusho ukuthi zonke izinhlelo zeTV ziyonakalisa. Nokho, umKristu kumelwe akhethe, ngoba okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi izinhlelo ezivumela ukweqiwa kwezimiso zeBhayibheli zingonakalisa inhliziyo yomKristu.
“Nina enithanda uJehova zondani okubi.” (IHubo 97:10) Ukulalela lomyalo akulula ngaso sonke isikhathi. Inhliziyo yethu kumelwe ivikelwe ngokunakekela. Kwangathi sonke singazizwa njengeNkosi uDavide: “Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala. Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi [njengomkhuba wansuku zonke]. Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba.’’—IHubo 101:2, 3, 6.
“Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.”—Filipi 4:6-8.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “kwayengwa” ngokwesisekelo lisho “ukuvuleka, ukunwebeka.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Ukuzondla kancane kancane ngezinto ezivumela ukuziphatha okubi kungonakalisa izimiso zomuntu eziqotho
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
‘Ngiyakwazi engangilahlekelwa yikho—isifundo somuntu siqu nomthandazo.’—Owayebuka njalo imidlalo yeTV