Ingabe Inkolo Iwumnyombo Wezinkinga Zesintu?
“LAPHO inkolo ingazikhuthazi izingxabano iba njengesidakamizwa esithuntubeza onembeza babantu futhi igcwalise izingqondo zabo ngemiqondo ekhohlisayo yokubalekela amaqiniso. . . . Yenza abantu babe nezingqondo ezimfushane, bakholelwe ezeni, bagcwale inzondo netwetwe.” Owayekade eyisithunywa sevangeli saseWeseli nowabhala lokhu okungenhla, wanezela: “Lezi zimangalo ziyiqiniso. Kukhona inkolo embi nenhle.”—Start Your Own Religion.
Abanye bangase bathi, ‘Kuwukubheca ngecala ngempela lokho.’ Kodwa ubani ongawaphika amaqiniso omlando? Ngokwezinga elikhulu, inkolo—echazwa ngokuthi “inkonzo nokukhulekelwa kukaNkulunkulu noma amandla angaphezu kwawemvelo”—inomlando oshaqisayo. Kufanele ngabe iyasikhanyisela futhi isikhuthaze. Nokho, ekwenzayo ngokuvamile ukubangela izingxabano, ukubandlululana, nenzondo. Kungani kunjalo?
“Ingelosi Yokukhanya” Edukisayo
NgokweBhayibheli, impendulo isobala. Eziveza ‘njengengelosi yokukhanya,’ uSathane uDeveli uye wadukisa izigidi ukuba zilandele izimfundiso zakhe kunezikaNkulunkulu. (2 Korinte 11:14) Umphostoli uJohane wabonisa ukuthi ithonya likaSathane lisabalele kangangokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) UJohane wayazi ukuthi uSathane ‘wayedukisa umhlaba wonke owakhiwe.’—IsAmbulo 12:9.
Ibe yini imiphumela yalokhu? USathane uye wasungula izimiso zenkolo ngaphandle ezibonakala zingcwele. ‘Zinesimo sokuba “inkolo,”’ kodwa isimo sazo sangempela sembulwa izithelo ezimbi ezizithelayo. (2 Thimothewu 3:5, J. B. Phillips; Mathewu 7:15-20) Kunokuba isize ekuxazululeni izinkinga zesintu, empeleni inkolo iba ingxenye yenkinga.
Ungasheshi uwuphebeze lowo mqondo uthi uyihaba noma awunangqondo. Khumbula, ukukhohlisa vele kwenziwa lowo okhohliswayo engaqaphile. Umphostoli uPawulu wanikeza isibonelo salokhu lapho ebhala: “Izinto izizwe ezizenza umhlatshelo zizihlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu.” (1 Korinte 10:20) Cishe kwabashaqisa labo bantu ukucabanga ngokuthi babekhulekela amademoni. Babecabanga ukuthi bakhulekela uhlobo oluthile lukankulunkulu omuhle, noma onkulunkulu. Nokho, eqinisweni babekhohliswe ‘ibandla lomoya ababi elisezindaweni zasezulwini,’ elisekela uSathane emizamweni yakhe yokudukisa isintu.—Efesu 6:12.
Ngokwesibonelo, ake sihlole indlela uSathane akwazi ngayo ukukhohlisa nokudukisa amaKristu amaningi okuzisholo akhetha ukungasinaki isixwayiso sikaJohane ngalelo thonya elibi.—1 Korinte 10:12.
Lokho UJesu Akufundisa Kwakuvela KuNkulunkulu
UJesu Kristu wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Yebo, lokho akufundisa kwakuvela kuNkulunkulu uMninimandla onke. Ngakho izimfundiso zikaJesu zaba nemiphumela enamandla nekhuthazayo kwababemlalele. Azizange ‘zithuntubeze onembeza babantu noma zigcwalise izingqondo zabo ngemiqondo ekhohlisayo yokubalekela amaqiniso.’ Ngokuphambene, izimfundiso zikaJesu zakhulula abantu emaphutheni enkolo nakumafilosofi abantu okwakukhiqizwa izwe ‘elalisebumnyameni ngengqondo’ ngenxa yokukhohlisa kukaDeveli.—Efesu 4:18; Mathewu 15:14; Johane 8:31, 32.
AmaKristu eqiniso ayengabonakali ngokuzisholo nje ukuthi azinikele enkolweni, kodwa ayebonakala ngokholo lwawo olwalubonakalisa izimfanelo ezinhle ezivezwa umoya ongcwele kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23; Jakobe 1:22; 2:26) Evelele kakhulu kuzo—newuphawu olubonisa ubuKristu bangempela—imfanelo ephakeme yothando.—Johane 13:34, 35.
Nokho, phawula leli phuzu elibalulekile: Akekho phakathi kukaJesu nabaphostoli bakhe owayelindele ukuba ibandla lobuKristu liqhubeke lisesimweni elalikuso mhla limiswa. Babazi ukuthi kwakuzovela ukuhlubuka nokuthi inkolo yeqiniso yayizositheka isikhathi esithile.
Inkolo Yeqiniso Yasitheka Isikhathi Esithile
Emfanekisweni kakolweni nokhula, uJesu wabikezela ukuthi inkolo yeqiniso yayiyocishe isitheke yonke isikhathi esithile. Ungazifundela lokhu kulandisa kuMathewu 13:24-30, 36-43. UJesu wahlwanyela insimu ngokolweni, “imbewu enhle,” owawufanekisela abafundi bakhe abathembekile ababezokwakha ibandla lobuKristu lokuqala. Waxwayisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, “isitha,” uSathane uDeveli, sasizohlwanyela insimu kakolweni ‘ngokhula’—abantu ababethi balandela uJesu Kristu kuyilapho empeleni benqaba izimfundiso zakhe.
Ngokushesha nje ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu, kwavela abathile ababa “ukhula,” besekela izimfundiso zabantu ezisontekile kunokusekela “lona kanye izwi likaJehova.” (Jeremiya 8:8, 9; IzEnzo 20:29, 30) Ngenxa yalokho, ezweni kwavela ubuKristu obuphendukezelwe nobamanga. Babubuswa ilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ongenamthetho”—isigaba sabefundisi esonakele naso uqobo esasicwile kuyo “yonke inkohliso engalungile.” (2 Thesalonika 2:6-10) UJesu wabikezela ukuthi lesi simo sasiyoshintsha “esiphelweni sesimiso sezinto.” AmaKristu anjengokolweni ayezobuthelwa ndawonye ebunyeni kuthi ekugcineni “ukhula” lubhujiswe.
Yibo lubu buKristu-mbumbulu obunecala “lobuqaba obuphelele osebudonse amakhulu eminyaka” nangobumnyama obungokomoya obagubuzela eLobukholwa emakhulwini eminyaka alandela. Ekubona kusengaphambili lokhu kanye nazo zonke ezinye izenzo ezonakele nezinobudlova zenziwa egameni lenkolo kusukela ngaleso sikhathi, umphostoli uPetru wabikezela kufanele ukuthi “ngenxa yalaba [amaKristu okuzisholo] indlela yeqiniso [yayi]yohlanjalazwa.”—2 Petru 2:1, 2.
“Imfundiso Yenkolo Ekhuthaza Intukuthelo Nenzondo”
Ngokuqinisekile, akulona eLobukholwa kuphela eliye lathela inkolo ngesihlamba. Ngokwesibonelo, cabanga ngezinhlobo zobufandamentali (izinkolo ezisadla ngoludala ezishisekela ngokweqile ukunamathela ezimisweni zenkolo njengoba zinjalo) “zokuzinikela enkolweni ngobudlova” lezo uKaren Armstrong, owayeyindela, athi bezilokhu ziphehlwa “yiwo wonke amasiko enkolo avelele.” Ngokuka-Armstrong, uvivinyo olubucayi lwanoma iyiphi inkolo luwukuthi kufanele isihawu ngezindlela ezingokoqobo.” Ubulokhu uyini umlando wezinkolo zobufandamentali kulokhu? U-Armstrong uyabhala: “Inkolo yobufandamentali, kungakhathaliseki ukuthi eyamaJuda, eyamaKristu, noma eyamaSulumane, isuke ingaphumeleli kulolu vivinyo olubucayi uma iba imfundiso ekhuthaza intukuthelo nenzondo.” (The Battle for God—Fundamentalism in Judaism, Christianity and Islam) Kodwa ingabe yizinkolo “zobufandamentali” kuphela ezihlulekile kulolu vivinyo futhi zaba “imfundiso ekhuthaza intukuthelo nenzondo”? Umlando ubonisa ukuthi zikhona nezinye izinkolo ezihlulekile.
Empeleni, uSathane uye wakha umbuso wezwe wenkolo yamanga, obonakala ngentukuthelo, inzondo, nokuchitheka kwegazi okungapheli. IBhayibheli libiza lo mbuso ngokuthi “IBhabhiloni Elikhulu, unina . . . wezinengiso zomhlaba,” futhi ufaniswa nesifebe esigibele isilo esiyisimiso sezombusazwe. Kuyaphawuleka ukuthi sinecala ‘legazi labo bonke abaye babulawa emhlabeni.’—IsAmbulo 17:4-6; 18:24.
Akuwona Wonke Umuntu Okhohlisiwe
Nokho, umlando ubonisa ukuthi akuwona wonke umuntu okhohlisiwe. UMelvyn Bragg uthi ngisho nangezikhathi zobumnyama obuzedlula zonke, “abantu abaningi abakahle babenza okuhle kuyilapho inqwaba eyayibazungezile yenza okubi.” AmaKristu angempela aqhubeka ‘ekhulekela uNkulunkulu ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:21-24) Azihlukanisa nesimiso senkolo somhlaba wonke esasifebile “ngokusekela amabutho ezempi.” Akwenqaba ukudonselwa ebuhlotsheni obuphakathi kweSonto noMbuso lobo umlando obuveza “njengesivumelwano esenziwa uSathane, hhayi uJesu waseNazaretha.”—Two Thousand Years—The Second Millennium: From Medieval Christendom to Global Christianity.
Ezikhathini zamuva nje, oFakazi BakaJehova baye baphawuleka ngethonya labo elihle. Ukuze bahlale bengangcolisiwe nakancane inkolo yamanga, izinkolelo nezenzo zabo baye bazisekela kuphela eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) Futhi njengamaKristu ekhulu lokuqala, baye balandela umyalo kaJesu ‘wokungabi ingxenye yezwe.’ (Johane 15:17-19; 17:14-16) Ngokwesibonelo, eJalimane lobuNazi, benqaba ukuhlehla ezimisweni zobuKristu futhi ngenxa yalokho abazange bamukeleke ngokombono wobuNazi. UHitler wayebazondela lokho. Enye incwadi yesikole ithi: “OFakazi BakaJehova . . . babelandela imfundiso yeBhayibheli yokuba bangalwi kunoma imuphi umzabalazo. Ngakho benqaba ukubuthwa noma ukuzihlanganisa nganoma iyiphi indlela namaNazi. Ama-SS aziphindiselela ngokuvalela yonke imikhaya yoFakazi BakaJehova. Cishe ingxenye yesithathu yabo bonke oFakazi BakaJehova [eJalimane] yabulawa emakamu okuhlushwa.”—Germany—1918-45.
Yebo, babekhona nabanye bezinkolo ezihlukahlukene abahlupheka ngenxa yezinkolelo zabo. Kodwa oFakazi BakaJehova bakwenza lokhu njengeqembu lenkolo elinobunye. Ngokuqinisekile iningi labo lama laqina esimisweni somBhalo esiyisisekelo: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29; Marku 12:17.
Umnyombo Wenkinga
Ngakho, akulona iqiniso eliphelele ukuthi inkolo iwumnyombo wazo zonke izinkinga zesintu. Yinkolo yamanga eyiwo. Nokho, uNkulunkulu manje uhlosa ukuyisusa maduze yonke inkolo yamanga. (IsAmbulo 17:16, 17; 18:21) Uyala bonke abathanda ubulungisa nokulunga: “Phumani kulo [iBhabhiloni Elikhulu, umbuso womhlaba wonke wenkolo yamanga], bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo. Ngoba izono zalo ziye zanqwabelana zaze zafika phezulu ezulwini, noNkulunkulu wazikhumbula izenzo zalo zokungalungi.” (IsAmbulo 18:4, 5) Yebo, uNkulunkulu ngokwakhe imcunula kabi inkolo yamanga ‘ekhuthaza izingxabano, ithuntubeze onembeza babantu, igcwalise izingqondo ngemiqondo ekhohlisayo yokubalekela amaqiniso, yenze nokuba abantu babe nezingqondo ezimfushane, bakholelwe ezeni, futhi bagcwale inzondo netwetwe’!
Okwamanje, uNkulunkulu uqoqela labo abathanda iqiniso enkolweni emsulwa. Lena inkolo enamathela ezimisweni nasezimfundisweni zoMdali onothando, onobulungisa, nonesihawu. (Mika 4:1, 2; Zefaniya 3:8, 9; Mathewu 13:30) Ungaba ingxenye yayo. Uma ufuna ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela ongayibona ngayo inkolo emsulwa, ungabhalela abanyathelisi balo magazini, noma ucele omunye woFakazi BakaJehova akusize.
[Isithombe ekhasini 7]
Abantu bazo zonke izizinda baye bathola injabulo enkolweni emsulwa