Isibonelo Esiphefumlelwe Somsebenzi WobuKristu Wobuthunywa Bevangeli
“Yibani-ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.”—1 KORINTE 11:1.
1. Yiziphi ezinye izindlela uJesu abeka ngazo isibonelo esiphawulekayo sokulingiswa abalandeli bakhe? (Filipi 2:5-9)
YEKA isibonelo esivelele uJesu asibekela abafundi bakhe! Wayishiya ngentokozo inkazimulo yakhe yasezulwini ukuze ehlele emhlabeni futhi aphile phakathi kwabantu abanesono. Wayezimisele ukubhekana nokuhlupheka okukhulu ukuze kusindiswe isintu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuze kungcweliswe igama likaYise osezulwini. (Johane 3:16; 17:4) Lapho kuqulwa icala lokuphila kwakhe, uJesu wamemezela ngesibindi: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.”—Johane 18:37.
2. Kungani uJesu ovusiwe ayengayala abafundi bakhe ukuba baqhubeke nomsebenzi ayewuqalile?
2 Ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wanikeza abafundi ukuqeqeshwa okuhle ngokukhethekile ukuze baqhube umsebenzi wokufakazela iqiniso loMbuso. (Mathewu 10:5-23; Luka 10:1-16) Ngakho, ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wakwazi ukunikeza lomyalo: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.”—Mathewu 28:19, 20.
3. Wanda kanjani umsebenzi wokwenza abafundi, kodwa wawugxile kuziphi izifunda ngokuyinhloko?
3 Eminyakeni emithathu nengxenye eyalandela, abafundi bakaJesu balalela lomyalo kodwa benza abafundi kuphela kumaJuda, amaproselithe angamaJuda, namaSamariya asokiwe. Khona-ke, ngo-36 C.E., uNkulunkulu waqondisa ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe kumuntu ongasokiwe, uKorneliyu, nomkhaya wakhe. Phakathi neshumi leminyaka elalandela, abanye abeZizwe balethwa ebandleni. Nokho, kubonakala sengathi umsebenzi omningi wawenziwa kuphela ezifundeni ezisempumalanga yeMediterranean.—IzEnzo 10:24, 44-48; 11:19-21.
4. Yini eyenzeka ephawulekayo cishe ngo-47-48 C.E.?
4 Kwakudingeka okuthile ukuze kukhuthazwe noma kwenziwe amaKristu akwazi ukwenza abafundi abangamaJuda nabeZizwe ezifundeni ezikude ngokwengeziwe. Ngakho, cishe ngo-47-48 C.E., abadala bebandla laseAntiyokiya yaseSiriya bathola lesigijimi esingokwasezulwini: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.” (IzEnzo 13:2) Phawula ukuthi uPawulu ngalesosikhathi wayaziwa ngegama lakhe lokuqala, elithi Sawulu. Phawula futhi, ukuthi uNkulunkulu wabiza uBarnaba ngaphambi kukaPawulu, mhlawumbe ngenxa yokuthi ngalesosikhathi uBarnaba wayebhekwa njengomkhulu phakathi kwabo bobabili.
5. Kungani umbhalo wohambo lobuthunywa bevangeli lukaPawulu noBarnaba uyigugu kakhulu kumaKristu namuhla?
5 Umbhalo oningiliziwe wohambo lukaPawulu noBarnaba lobuthunywa bevangeli uyisikhuthazo esikhulu koFakazi BakaJehova, ikakhulukazi ezithunyweni zevangeli namaphayona abaye bathuthela kude nezindawo zakubo ukuze bakhonze uNkulunkulu emphakathini wakwelinye izwe. Ngaphezu kwalokho, ukubukezwa kwezEnzo izahluko 13 no-14 ngokuqinisekile kuyoshukumisela abaningi ngokwengeziwe ukuba balingise uPawulu noBarnaba futhi bandise ukuhlanganyela kwabo emsebenzini obaluleke kakhulu wokwenza abafundi.
Isiqhingi SaseKhupro
6. Yisiphi isibonelo esabekwa yizithunywa zevangeli eKhupro?
6 Ngaphandle kokulibala lezithunywa zevangeli zahamba ngomkhumbi zisuka ethekwini laseSiriya eSelukiya zaya esiqhingini saseKhupro. Ekufikeni kwazo eSalami, azizange ziphambukiswe kodwa ‘zashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda.’ Zilandela isibonelo sikaKristu, azizange zaneliswe ukuhlala kulowomuzi futhi zilinde ukuba izakhamuzi zesiqhingi zize kuzo. Kunalokho, zasebenza ‘isiqhingi sonke.’ Akungabazeki ukuthi lokhu kwahilela ukuhamba kakhulu ngezinyawo nezinguquko eziningi zezindawo zokuhlala, njengoba iKhupro iyisiqhingi esikhulu, futhi uhambo lwazo lwaluhlanganisa ingxenye enkulu yayo.—IzEnzo 13:5, 6.
7. (a) Yisiphi isenzakalo esiphawulekayo esenzeka ePhafu? (b) Lombhalo usikhuthaza ukuba sibe nasiphi isimo sengqondo?
7 Ekupheleni kokuhlala kwawo, lamadoda amabili avuzwa ngokuhlangenwe nakho okumangalisayo emzini wasePhafu. Umbusi walesiqhingi, uSergiyu Pawulu, walalela isigijimi sabo futhi “wakholwa.” (IzEnzo 13:7, 12) Kamuva uPawulu wabhala: “Bhekani ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu.” (1 Korinte 1:26) Nakuba kunjalo, phakathi kwabanamandla abasabela kwakunguSergiyu Pawulu. Lokhu okuhlangenwe nakho kufanele kusikhuthaze sonke, ikakhulukazi izithunywa zevangeli, ukuba sibe nombono oqondile ngokufakaza ezikhulwini zikahulumeni, ngisho nanjengoba sikhuthazwa ukwenza kanjalo kweyoku-1 Thimothewu 2:1-4. Amadoda anegunya ngezinye izikhathi ayenikeza izinceku zikaNkulunkulu usizo olukhulu.—Nehemiya 2:4-8.
8. (a) Yisiphi isimo esishintshile phakathi kukaBarnaba noPawulu esibonakala kusukela kulesikhathi kuqhubeke? (b) Kungayiphi indlela uBarnaba ayeyisibonelo esihle?
8 Ngaphansi kwethonya lomoya kaJehova, uPawulu waba nengxenye enkulu ekuguqukeni kukaSergiyu Pawulu. (IzEnzo 13:8-12) Futhi, kusukela kulesikhathi kuqhubeke, kubonakala sengathi uPawulu owayehola. (Qhathanisa izEnzo 13:7 nezEnzo 13:15, 16, 43.) Lokhu kwakuvumelana nokuthunywa kwaphezulu uPawulu ayekwamukele ngesikhathi sokuguquka kwakhe. (IzEnzo 9:15) Mhlawumbe ushintsho olunjalo lwavivinya ukuthobeka kukaBarnaba. Nokho, kunokubheka lolushintsho njengolucasulayo, cishe uBarnaba waphila ngokufanelekile ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe, ethi “indodana Yenduduzo,” futhi wamsekela ngokwethembeka uPawulu kulo lonke uhambo lobuthunywa bevangeli nakamuva lapho amanye amaKristu angamaJuda eyibekela inselele inkonzo yabo kwabeZizwe abangasokiwe. (IzEnzo 15:1, 2) Yeka isibonelo esihle lokhu okuyiso kithi sonke, kuhlanganise nalabo abahlala emakhaya ezithunywa zevangeli naseBethel! Kufanele ngaso sonke isikhathi sizimisele ukwamukela ukulungisa okungokwasezulwini futhi sibasekele ngokugcwele labo abamiswe ukuba bahole phakathi kwethu.—Heberu 13:17.
Ithafa LaseAsia Minor
9. Sifundani ngokuzimisela kukaPawulu noBarnaba ukuya eAntiyokiya yasePhisidiya?
9 Besuka eKhupro, uPawulu noBarnaba bahamba ngomkhumbi balibangisa enyakatho ezwekazini laseAsia. Ngenxa yesizathu esithile esingashiwongo, lezithunywa zevangeli azizange zihlale kulesifunda esingasogwini kodwa zathatha uhambo olude noluyingozi lwamakhilomitha acishe abe ngu-180 zaya eAntiyokiya yasePhisidiya, emaphakathi nethafa laseAsia Minor. Lokhu kwakuhilela ukucaca intaba nokwehlela ethafeni elingaba amamitha angu-1 100 ukusuka ogwini lolwandle. Isazi seBhayibheli uJ. S. Howson sithi: “Imikhuba yokungabi namthetho nokuphanga kwabantu bakulezozintaba ezihlukanisa lelithafa . . . kusukela emathafeni asogwini oluseningizimu, yayinedumela elibi kuwo wonke umlando wasendulo.” Ngaphezu kwalokho, lezithunywa zevangeli zabhekana nezingozi ezivela ezicini ezingokwemvelo. “Asikho isifunda eAsia Minor,” kunezela uHowson, “esiphawuleka ngokuyingqayizivele ‘ngezikhukhula zaso zamanzi’ kunendawo ebanzi enezintaba yasePhisidiya, lapho imifula itheleka khona ezisekelweni zezindonga ezinkulu, noma igeleze ngenhlokomo phakathi kwezihosha ezincane.” Lemininingwane isisiza ukuba sibone ngeso lengqondo uhlobo lohambo izithunywa zevangeli ezazizimisele ukuluthatha ukuze zisakaze izindaba ezinhle. (2 Korinte 11:26) Ngokufanayo namuhla, eziningi zezinceku zikaJehova ziqunga isibindi zimelana nazo zonke izinhlobo zezithiyo ukuze zifinyelele abantu futhi zihlanganyele nabo izindaba ezinhle.
10, 11. (a) UPawulu wayilondoloza kanjani into ayengavumelana ngayo nezilaleli zakhe? (b) Kungani amaJuda cishe ashaqeka ngokuzwa ngokuhlupheka kukaMesiya? (c) Luhlobo luni lwensindiso uPawulu ayelubeke phambi kwezilaleli zakhe?
10 Njengoba kwakunesinagoge lamaJuda eAntiyokiya yasePhisidiya, lezithunywa zevangeli zaya lapho kuqala ukuze zinikeze labo abajwayelene kakhulu neZwi likaNkulunkulu ithuba lokwamukela izindaba ezinhle. Lapho bemenyelwa ukuba bakhulume, uPawulu wasukuma futhi wanikeza inkulumo yeningi evuth’ uphondo. Kuyo yonke inkulumo, wagxila ezintweni ayevumelana ngazo namaJuda kanye namaproselite ayemlalele. (IzEnzo 13:13-16, 26) Ngemva kwesethulo sakhe, uPawulu wabukeza umlando odumile wamaJuda, ewakhumbuza ukuthi uJehova wayekhethe okhokho bawo futhi kamuva wabakhulula eGibithe, nendlela abasiza ngayo ukuba banqobe izakhamuzi zeZwe Lesithembiso. UPawulu wabe eseqokomisa ukusebenzelana kukaJehova noDavide. Ukwaziswa okunjalo kwakubalulekile kumaJuda ekhulwini lokuqala leminyaka ngoba ayelindele ukuba uNkulunkulu avuse umzukulu kaDavide njengomsindisi nombusi waphakade. Kuleliqophelo, uPawulu wamemezela ngesibindi: “Enzalweni yakhe [uDavide] uNkulunkulu walethela uIsrayeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe.”—IzEnzo 13:17-23.
11 Nokho, uhlobo lomsindisi amaJuda amaningi ayemlindele kwakuyiqhawe lempi elaliyowakhulula ekubusweni amaRoma futhi aphakamise isizwe samaJuda ngaphezu kwazo zonke ezinye. Ngakho, ngokungangabazeki bashaqeka ukuzwa uPawulu ethi uMesiya wanikelwa ukuba abulawe abaholi bawo siqu benkolo. “Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo,” kumemezela uPawulu ngesibindi. Ngasekupheleni kwenkulumo yakhe, wabonisa izilaleli zakhe ukuthi zazingathola insindiso emangalisayo. “Makwazeke kini,” esho, “ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose, yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.” UPawulu waphetha inkulumo yakhe ngokunxusa izilaleli zakhe ukuba zingabi phakathi kwabaningi uNkulunkulu ayebikezele ukuthi babengeke balinake lelilungiselelo elimangalisayo lensindiso.—IzEnzo 13:30-41.
12. Waba yini umphumela wenkulumo kaPawulu, futhi lokhu kufanele kusikhuthaze kanjani?
12 Yeka ukunikezwa okuhle kwenkulumo esekelwe emiBhalweni! Zasabela kanjani izilaleli? “Abaningi babaJuda namaproselite aqotho balandela oPawulu noBarnaba.” (IzEnzo 13:43) Yeka indlela esikhuthazeka ngayo namuhla! Sengathi nathi ngokufanayo singenza konke okusemandleni ethu ekunikezeni iqiniso ngokuphumelelayo, kungaba senkonzweni yethu yasobala noma ezimpendulweni nasezinkulumweni emihlanganweni yethu yebandla.—1 Thimothewu 4:13-16.
13. Kungani lezithunywa zevangeli kwadingeka zihambe eAntiyokiya yasePhisidiya, futhi yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuqondene nabafundi abasha?
13 Abasanda kuthakazela eAntiyokiya yasePhisidiya abakwazanga ukuzigcina kubo lezindaba ezinhle. Ngenxa yalokho, “ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu.” Futhi ngokushesha isigijimi sasakazekela ngalé komuzi. Eqinisweni, “izwi leNkosi lahanjiswa kulo izwe lonke.” (IzEnzo 13:44, 49) Esikhundleni sokwamukela leliqiniso, amaJuda anomona aphumelela ekwenzeni ukuba lezithunywa zevangeli ziphonswe ngaphandle komuzi. (IzEnzo 13:45, 50) Lokhu kwabathinta kanjani abafundi abasha? Ingabe badumala futhi bayeka ukuba abafundi?
14. Kungani abaphikisi babengenakuwuvimbela umsebenzi owawuqaliswe yilezithunywa zevangeli, futhi sifundani kulokhu?
14 Cha, ngoba lona kwakungumsebenzi kaNkulunkulu. Futhi, lezithunywa zevangeli zazibeke isisekelo esiqinile sokholo eNkosini evusiwe uJesu Kristu. Khona-ke, ngokusobala abafundi abasha babheka uKristu, futhi hhayi izithunywa zevangeli, njengoMholi wabo. Ngakho, sifunda ukuthi “bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.” (IzEnzo 13:52) Yeka indlela lokhu okukhuthaza ngayo ezithunyweni zevangeli nabanye abenzi babafundi namuhla! Uma ngokuthobeka nentshiseko senza ingxenye yethu, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bayoyibusisa inkonzo yethu.—1 Korinte 3:9.
EIkoniyu, EListra, NaseDerbe
15. Iyiphi inqubo eyalandelwa yilezithunywa zevangeli eIkoniyu, kwaba namiphi imiphumela?
15 Manje uPawulu noBarnaba bahamba amakhilomitha acishe abe ngu-140 ukuya eningizimu-mpumalanga beya emzini olandelayo, i-Ikoniyu. Ukwesaba ukushushiswa akuzange kubavimbele ekulandeleni inqubo efanayo njengaseAntiyokiya. Ngenxa yalokho, iBhayibheli lithi: “Kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.” (IzEnzo 14:1) Futhi, amaJuda angazange azamukele izindaba ezinhle avusa ukuphikisa. Kodwa lezithunywa zevangeli zakhuthazela futhi zachitha isikhathi esiningi eIkoniyu zisiza abafundi abasha. Khona-ke, sebezwile ukuthi abaphikisi babo abangamaJuda babezobakhanda ngamatshe, ngokuhlakanipha uPawulu noBarnaba babalekela ensimini elandelayo, “iListra neDerbe, nasezweni langakhona.”—IzEnzo 14:2-6.
16, 17. (a) Kwenzekani kuPawulu eListra? (b) Ukusebenzelana kukaNkulunkulu nalomphostoli kwayithinta kanjani insizwa yaseListra?
16 Ngesibindi “bashumayela . . . ivangeli” kulensimu entsha, okwakungokokuqala beyisebenza. (IzEnzo 14:7) Lapho amaJuda aseAntiyokiya yasePhisidiya naseIkoniyu ezwa ngalokhu, ahamba yonke lendlela eya eListra futhi ashoshozela izixuku ukuba zikhande uPawulu ngamatshe. Lingekho ithuba lokubaleka, uPawulu wakhandwa ngamatshe, kangangokuthi abaphikisi bakhe baqiniseka ukuthi ufile. Bamhudulela ngaphandle komuzi.—IzEnzo 14:19.
17 Ingabe ungacabanga ngokucindezeleka lokhu okwakubangela abafundi abasha? Kodwa ngokushaqisayo, lapho bemzungeza uPawulu, wasukuma! IBhayibheli alisho noma insizwa okuthiwa uThimothewu yayingomunye yini walabafundi abasha. Ngokuqinisekile esikhathini esithile yezwa ngokusebenzelana kukaNkulunkulu noPawulu futhi lokho kwaba nethonya elijulile engqondweni yalensizwa. UPawulu wabhala encwadini yakhe yesibili kuThimothewu: “Wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, . . . nezinhlupheko ezangehlela eAntiyokiya naseIkoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.” (2 Thimothewu 3:10, 11) Cishe sekudlule unyaka owodwa noma emibili ngemuva kokukhandwa kwakhe ngamatshe, uPawulu waphindela eListra futhi wathola ukuthi uThimothewu osemusha wayengumKristu oyisibonelo, “efakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabaseIkoniyu.” (IzEnzo 16:1, 2) Ngakho uPawulu wamkhetha ukuba ahambe naye. Lokhu kwasiza uThimothewu ukuba akhule ngokomoya, futhi ngokuhamba kwesikhathi wafanelekela ukuthunywa uPawulu ukuba avakashele amabandla ahlukahlukene. (Filipi 2:19, 20; 1 Thimothewu 1:3) Ngokufanayo, namuhla, izinceku zikaNkulunkulu ezishisekayo ziyithonya elimangalisayo kwabasebasha, abaningi babo abakhula babe yizinceku zikaNkulunkulu eziyigugu, njengoThimothewu.
18. (a) Kwenzekani ezithunyweni zevangeli eDerbe? (b) Yiliphi ithuba manje elase lizivulekele, kodwa iyiphi inkambo ezayikhetha?
18 Ekuseni ngosuku olulandela ukusinda kwakhe ekufeni eListra, uPawulu wahamba noBarnaba baya eDerbe. Kulokhu, akukho baphikisi abalandela, futhi iBhayibheli lithi ‘bazuza abafundi abaningi.’ (IzEnzo 14:20, 21) Sebemise ibandla eDerbe, uPawulu noBarnaba kwadingeka benze isinqumo. Indlela yamaRoma eyayihanjwa kakhulu yayisuka eDerbe iye eTarsu. Belapho kwakuwuhambo olufushane ukuphindela eAntiyokiya yaseSiriya. Ngokunokwenzeka kwakuyindlela elula yokuphindela emuva, futhi kufanele ukuba lezozithunywa zevangeli zazingaba nomuzwa wokuthi manje kwakufanele ziphumule. Nokho, belingisa iNkosi yabo, oPawulu noBarnaba baba nomuzwa wokuthi kunesidingo esikhulu.—Marku 6:31-34.
Ukwenza Umsebenzi KaNkulunkulu Ngokugcwele
19, 20. (a) UJehova wazibusisa kanjani lezithunywa zevangeli ngokuphindela eListra, eIkoniyu, naseAntiyokiya? (b) Yisiphi isifundo lokhu okusinikeza abantu bakaJehova namuhla?
19 Esikhundleni sokusebenzisa indlela emfushane eya ekhaya, ngesibindi lezithunywa zevangeli zaphindela emuva futhi zahambela yona kanye imizi ukuphila kwazo okwake kwaba sengozini kuyo. Ingabe uJehova wazibusisa ngenxa yalokhu kukhathalela okungenabugovu izimvu ezintsha? Yebo, ngokuqinisekile, ngoba ukulandisa kuthi bakwazi ‘ukuqinisa imiphefumulo yabaningi bebaluleka ukuba beme ekukholweni.’ Ngokufanelekile, batshela labobafundi abasha: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” (IzEnzo 14:21, 22) UPawulu noBarnaba babakhumbuza futhi ngokubizwa kwabo njengezindlalifa eMbusweni kaNkulunkulu ozayo. Namuhla, kufanele sinikeze abafundi abasha isikhuthazo esifanayo. Singabaqinisa ukuba bakhuthazelele uvivinyo ngokulondoloza phambi kwabo ithemba lokuphila okuphakade ngaphansi kokubusa kwalowoMbuso ofanayo uPawulu noBarnaba ababeshumayela ngawo.
20 Ngaphambi kokuba bahambe emzini ngamunye, uPawulu noBarnaba babesiza ibandla lendawo ukuba lihleleke kangcono. Ngokusobala, baqeqesha amadoda afanelekayo futhi bawamisa ukuba ahole. (IzEnzo 14:23) Akungabazeki ukuthi lokhu kwaba nengxenye ekwandeni okuqhubekayo. Ngokufanayo namuhla, izithunywa zevangeli nabanye, ngemva kokusiza abangenakho okuhlangenwe nakho ukuba bathuthuke baze bakwazi ukuthwala umthwalo wemfanelo, ngezinye izikhathi bayahamba futhi baqhubeke nomsebenzi wabo omuhle kwezinye izindawo lapho indingeko inkulu khona.
21, 22. (a) Yini eyenzeka ngemva kokuba uPawulu noBarnaba beluqedile uhambo lwabo lobuthunywa bevangeli? (b) Lokhu kuphakamisa miphi imibuzo?
21 Lapho lezithunywa zevangeli ekugcineni ziphindela eAntiyokiya yaseSiriya, zazizwa zaneliseke ngokujulile. Ngokuqinisekile, umbhalo weBhayibheli ubonisa ukuthi ‘babewufeze ngokugcwele’ umsebenzi uNkulunkulu ayebanike wona. (IzEnzo 14:26) Ngokuqondakalayo, ukulandisa ngokuhlangenwe nakho kwabo kwalethela “bonke abazalwane intokozo enkulu.” (IzEnzo 15:3) Kodwa kuthiwani ngekusasa? Ingabe manje babeyongcebeleka futhi baneliseke ngempumelelo yabo? Lutho neze. Ngemva kokuhambela indikimba ebusayo eJerusalema ngenjongo yokuthola isinqumo ngempikiswano yokusoka, laba ababili bathatha futhi uhambo lobuthunywa bevangeli. Kulokhu bathatha izindlela ezihlukene. UBarnaba wathatha uJohane Marku futhi baya eKhupro, kanti uPawulu wathola umngane omusha, uSila, futhi baya eSiriya naseKhilikhiya. (IzEnzo 15:39-41) Kwakukuloluhambo lapho akhetha khona uThimothewu osemusha futhi wahamba naye.
22 IBhayibheli aliyinikezi imiphumela yohambo lwesibili lukaBarnaba. UPawulu, waqhubekela ensimini entsha futhi wamisa amabandla okungenani emizini eyisihlanu—eFilipi, eBereya, eThesalonika, eKorinte, nase-Efesu. Sasiyini isihluthulelo sempumelelo kaPawulu ephawulekayo? Ingabe izimiso ezifanayo ziyasebenza kubenzi babafundi abangamaKristu namuhla?
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani uJesu eyisibonelo esivelele sokulingiswa?
◻ Kungayiphi indlela uBarnaba ayeyisibonelo?
◻ Yini esiyifunda enkulumweni kaPawulu eAntiyokiya yasePhisidiya?
◻ UPawulu noBarnaba basifeza kanjani ngokugcwele isabelo sabo?
[Isithombe ekhasini 15]
Ukukhuthazelela komphostoli uPawulu ushushiso kwayithonya ngokunamandla insizwa uThimothewu