Wonke AmaKristu Eqiniso Kumelwe Abe Abashumayeli Bevangeli
“Yenza umsebenzi womvangeli [noma, isithunywa sevangeli].”—2 THIMOTHEWU 4:5, umbhalo waphansi weNW.
1. Ziyini izindaba ezinhle ezazishunyayelwa abashumayeli bevangeli ekhulwini lokuqala leminyaka?
KUSHO ukuthini namuhla ukuba umvangeli? Ingabe unguye? Igama elithi “umvangeli” livela egameni lesiGreki elithi eu·ag·ge·li·stesʹ, elisho “umshumayeli wezindaba ezinhle.” Kusukela ekumisweni kwebandla lobuKristu ngo-33 C.E., izindaba ezinhle zamaKristu zaqokomisa indlela kaNkulunkulu yensindiso futhi zamemezela ukuthi uJesu Kristu wayeyobuya kamuva ukuze aqalise ukubusa kwakhe koMbuso phezu kwesintu.—Mathewu 25:31, 32; 2 Thimothewu 4:1; Heberu 10:12, 13.
2. (a) Okuqukethwe izindaba ezinhle kuye kwacetshiswa kanjani osukwini lwethu? (b) Isiphi isibopho wonke amaKristu eqiniso anaso namuhla?
2 Kusukela ngo-1914 kuqhubeke, baqala ukwanda ubufakazi bokuthi isibonakaliso esasinikezwe nguJesu ngokuqondene nokubuya kwakhe nokuba khona okungabonakali sasigcwaliseka. (Mathewu 24:3-13, 33) Futhi, izindaba ezinhle zazingahlanganisa inkulumo ethi “umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:7, 31; Marku 1:14, 15) Ngempela, kwase kufike isikhathi sokuba isiprofetho sikaJesu esilotshwe kuMathewu 24:14 sibe nokugcwaliseka okukhulu: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” Ngakho-ke, ukushunyayelwa kwevangeli manje kuhlanganisa ukumemezela ngentshiseko uMbuso kaNkulunkulu omisiwe nezibusiso ozoziletha ngokushesha esintwini esilalelayo. Wonke amaKristu ayalwa ukuba enze lomsebenzi nokuthi “enze . . . abafundi.”—Mathewu 28:19, 20; IsAmbulo 22:17.
3. (a) Iyiphi incazelo eyengeziwe yegama elithi “umvangeli” (evangelizer)? (Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, ikhasi 770, uhlu 2, isigaba 2.) (b) Lokhu kuphakamisa miphi imibuzo?
3 Ngaphezu kokushumayela izindaba ezinhle okuvamile, iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “umvangeli” ngomqondo okhethekile ngokuqondene nalabo abashiya amakhaya abo ukuze bashumayele izindaba ezinhle ezindaweni ezingakasetshenzwa. Ekhulwini lokuqala leminyaka, kwakunabashumayeli bevangeli abaningi abayizithunywa zevangeli, njengoFiliphu, uPawulu, uBarnaba, uSila, noThimothewu. (IzEnzo 21:8; Efesu 4:11) Kodwa kuthiwani ngesikhathi sethu esikhethekile kusukela ngo-1914? Ingabe abantu bakaJehova namuhla baye bazenza batholakala njengabashumayeli bevangeli ensimini yabo nanjengezithunywa zevangeli?
Intuthuko Kusukela Ngo-1919
4, 5. Ayeyini amathemba omsebenzi wokushumayela ivangeli ngokushesha ngemva kuka-1914?
4 Lapho iMpi Yezwe I iya ekupheleni ngo-1918, izinceku zikaNkulunkulu zabhekana nokuphikisa okwandayo okuvela kokubili ezihlubukini nakubefundisi beLobukholwa namashende abo ezombangazwe. Eqinisweni, ukushumayela ivangeli kobuKristu kweqiniso kwacishe kwema ngoJune 1918 lapho izikhulu eziholayo zeWatch Tower Society eUnited States zigwetshwa iminyaka engu-20 ejele ngamacala angamanga. Ingabe izitha zikaNkulunkulu zaziphumelele ukuqeda ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle?
5 Ngokungalindelekile, ngoMarch 1919 izikhulu zeNhlangano zakhululwa futhi kamuva asulwa amacala angamanga ayezifake ejele. Ngenkululeko yawo ayesanda kuyithola, lamaKristu agcotshiwe aqaphela ukuthi kwakusenomsebenzi omkhulu wokwenziwa ngaphambi kokuba abuthelwe emvuzweni wawo wasezulwini njengezindlalifa eMbusweni kaNkulunkulu.—Roma 8:17; 2 Thimothewu 2:12; 4:18.
6. Umsebenzi wokushumayela ivangeli wathuthuka kanjani phakathi kuka-1919 no-1939?
6 Emuva ngo-1919 babengaphansi kuka-4 000 ababika njengabahlanganyela ekusakazeni izindaba ezinhle. Phakathi namashumi amabili eminyaka alandela, inani elithile lamadoda lazinikela njengabashumayeli abayizithunywa zevangeli, futhi abanye bathunyelwa emazweni aseAfrika, eAsia, naseYurophu. Ngo-1939, ngemva kweminyaka engu-20 yokushumayela ngoMbuso, oFakazi BakaJehova base bande baba ngaphezu kuka-73 000. Lokhu kwanda okuphawulekayo, okwafezwa naphezu kokushushiswa okukhulu, kwakufana nalokho okwenzeka eminyakeni yokuqala yebandla lobuKristu.—IzEnzo 6:7; 8:4, 14-17; 11:19-21.
7 .Ngeminyaka ka-47 C.E. no-1939, kwaba nasiphi isimo esifanayo ngokuqondene nomsebenzi wamaKristu wokushumayela ivangeli?
7 Nakuba kunjalo, iningi loFakazi BakaJehova ngalesosikhathi laligxile emazweni amaProthestani akhuluma isiNgisi. Eqinisweni, amaphesenti angaphezu kuka-75 abamemezeli boMbuso abangu-73 000 ayevela eAustralia, eBrithani, eCanada, eNew Zealand, naseUnited States. Njengoba kwakunjalo ngo-47 C.E., kwadingeka okuthile kokukhuthaza abavangeli ukuba banikeze ukunakekela okwengeziwe emazweni omhlaba angasetshenzwa kakhulu.
8. Ngo-1992, yini eyayisifezwe iSikole saseGileyadi?
8 Imingcele yangesikhathi sempi nokushushiswa kwakungenakuwunqanda umoya ongcwele kaJehova onamandla ekushukumiseleni izinceku zakhe ukuba zilungiselele ukwanda okukhulu kakhulu. Ngo-1943, ngesikhathi iMpi Yezwe II isaviva, inhlangano kaNkulunkulu yamisa iWatchtower Bible School of Gilead ngenjongo yokusakaza izindaba ezinhle kabanzi ngokwengeziwe. NgoMarch 1992, lesikole sase sithumele izithunywa zevangeli ezingu-6 517 emazweni ahlukahlukene angu-171. Ngaphezu kwalokho, kwaqeqeshwa amadoda ukuba anakekele amagatsha eWatch Tower Society kwamanye amazwe. Kubaxhumanisi bamaKomiti amaGatsha abangu-97 ngo-1992, abangu-75 baqeqeshwa eGileyadi.
9. Iziphi izimiso zokuqeqesha eziye zaba nendima entuthukweni yomsebenzi wokushumayela ivangeli nokwenza abafundi?
9 Ngaphandle kweSikole saseGileyadi, ezinye izimiso zokuqeqesha ziye zahlomisa abantu bakaJehova ukuba bandise futhi bathuthukise umsebenzi wabo wobuvangeli. Ngokwesibonelo, kuneSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Lelilungiselelo, kanye noMhlangano WeNkonzo wamasonto onke, kuye kwaqeqesha izigidi zabamemezeli boMbuso ukuba babe abaphumelelayo enkonzweni. Futhi kuneSikole SeNkonzo SoMbuso, esilungiselela abadala nezinceku ezikhonzayo ukuqeqeshwa okuwusizo ukuze bakwazi ukuwanakekela kangcono amabandla akhulayo. ISikole SeNkonzo Samaphayona siye sasiza abavangeli abaningi besikhathi esigcwele ukuba babe abaphumelela ngokwengeziwe emsebenzini wabo wokushumayela. Muva nje, kuye kwaqhutshwa iSikole Sokuqeqeshela INkonzo emazweni amaningi ahlukahlukene ukuze kusizwe abadala nezinceku ezikhonzayo abangashadile ukuba babe oThimothewu bosuku lwanamuhla.
10. Yini eye yaba umphumela wakho konke ukuqeqesha okuhle ngokukhethekile okulungiselelwa ngenhlangano kaNkulunkulu? (Hlanganisa ukwaziswa okusebhokisini.)
10 Uye waba yini umphumela wakho konke lokhu kuqeqeshwa? Ngo-1991, oFakazi BakaJehova bafinyelela inani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangaphezulu kakhulu kwezigidi ezine abakhuthele emazweni angu-212. Nokho, ngokungefani nesimo esasikhona ngo-1939, abangaphezu kwamaphesenti angu-70 balaba bavela emazweni obuKatolika, obuOrthodox, angewona awobuKristu, noma kwamanye amazwe, lapho isiNgisi singelona ulimi olubusayo khona.—Bheka ibhokisi elithi “Ukwanda Kusukela Ngo-1939.”
Isizathu Sokuba Baphumelele
11. Umphostoli uPawulu wathi ivela kubani impumelelo yakhe njengesikhonzi?
11 OFakazi BakaJehova abalwamukeli udumo ngalokhu kwanda. Kunalokho, babheka umsebenzi wabo ngendlela umphostoli uPawulu awubheka ngayo, njengoba achaza encwadini yakhe ayilobela abaseKorinte. “Pho, uyini uApholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba-yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.”—1 Korinte 3:5-7, 9.
12. (a) IZwi likaNkulunkulu lifeza yiphi indima ekushumayeleni ivangeli kwamaKristu okuphumelelayo? (b) Ubani oye wamiswa njengeNhloko yebandla lobuKristu, futhi iyiphi indlela ebalulekile yokubonisa ukuthobela kwethu ubunhloko bakhe?
12 Akungabazeki ukuthi ukwanda okuphawulekayo okubonwa oFakazi BakaJehova kubangelwa isibusiso sikaNkulunkulu. Kuwumsebenzi kaNkulunkulu. Beqaphela leliqiniso, bayaqhubeka bezikhandla ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu njalo. Bakusekela eBhayibhelini konke abakufundisayo emsebenzini wabo wobuvangeli. (1 Korinte 4:6; 2 Thimothewu 3:16) Esinye isihluthulelo sokushumayela kwabo ivangeli ngokuphumelelayo ukuqaphela kwabo ngokugcwele Lowo uNkulunkulu ammise njengeNhloko yebandla, iNkosi uJesu Kristu. (Efesu 5:23) AmaKristu ekhulu lokuqala leminyaka abonisa lokhu ngokubambisana nalabo uJesu abamisa njengabaphostoli. Lamadoda, kanye nabanye abadala bebandla laseJerusalema, bakha indikimba ebusayo yamaKristu ekhulu lokuqala leminyaka. Isezulwini, iNkosi uJesu Kristu yasebenzisa leliqembu lamaKristu avuthiwe ukuba lixazulule izimpikiswano futhi linikeze isiqondiso emsebenzini wokushumayela ivangeli. Ukubambisana kukaPawulu kwentshiseko nalelilungiselelo laphezulu kwaphumela ekwandeni kwamabandla ayewahambela. (IzEnzo 16:4, 5; Galathiya 2:9) Ngokufanayo namuhla, ngokubambelela ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu nangokubambisana ngentshiseko nesiqondiso esivela eNdikimbeni Ebusayo, abashumayeli bevangeli abangamaKristu bayaqiniseka ngempumelelo enkonzweni yabo.—Thithu 1:9; Heberu 13:17.
Ukushaya Sengathi Abanye Bakhulu
13, 14. (a) Yisiphi iseluleko esanikezwa ngumphostoli uPawulu njengoba silotshwe kwabaseFilipi 2:1-4? (b) Kungani kubalulekile ukusikhumbula leseluleko lapho sihlanganyela emsebenzini wokushumayela ivangeli?
13 Umphostoli uPawulu wabonisa uthando lwangempela ngabafuni beqiniso futhi akazange abonise isimo sengqondo sobukhulu noma sobandlululo lobuhlanga. Ngaleyondlela, wayengeluleka akholwa nabo ukuba ‘bashaye sengathi abanye bakhulu.’—Filipi 2:1-4.
14 Ngendlela efanayo, abashumayeli bevangeli abangamaKristu eqiniso namuhla abanaso isimo sengqondo sobukhulu lapho besebenzelana nabantu bezinhlanga ezihlukahlukene nezizinda. Omunye woFakazi BakaJehova ovela eUnited States owayabelwe ukusebenza njengesithunywa sevangeli eAfrika, uthi: “Ngiyazi ukuthi asibakhulu. Mhlawumbe sinemali eyengeziwe nalokho okubizwa ngokuthi imfundo yangaphandle, kodwa bona [abantu bendawo] banezimfanelo ezedlula ezethu.”
15. Labo ababelwe ukusebenza kwamanye amazwe bangayibonisa kanjani inhlonipho yangempela ngalabo abangaba abafundi?
15 Ngokuqinisekile, ngokubonisa inhlonipho yangempela ngalabo esihlanganyela nabo izindaba ezinhle, siyokwenza kube lula ngokwengeziwe ukuba bamukele isigijimi seBhayibheli. Kuyasiza futhi lapho umshumayeli oyisithunywa sevangeli ebonisa ukuthi uyajabula ngokuphila phakathi kwabantu abelwe ukubasiza. Isithunywa sevangeli esiphumelelayo esiye sachitha iminyaka engu-38 edlule eAfrika siyachaza: “Phansi ekujuleni kwami ngiyazizwa ukuthi leli ikhaya lami, nokuthi labo abasebandleni engabelwe kulo bangabafowethu nodadewethu. Lapho ngibuyela ekhaya eCanada ngivakashile, angizizwa ngempela ngisekhaya. Cishe ngesonto lokugcina eCanada, ngimane nje ngifune ukuphindela emuva. Ngizizwa ngaleyondlela ngaso sonke isikhathi. Ngitshela izifundo zami zeBhayibheli nabazalwane nodade indlela engijabula ngayo ngokuphinda ngibuye, futhi bayakwazisa ukuthi ngifuna ukuba nabo.”—1 Thesalonika 2:8.
16, 17. (a) Iyiphi inselele eye yamukelwa abashumayeli abayizithunywa zevangeli nabasendaweni ukuze babe abaphumelela ngokwengeziwe enkonzweni yabo? (b) Yikuphi okuhlangenwe nakho esinye isithunywa sevangeli esaba nakho ngenxa yokukhuluma ulimi lwendawo?
16 Lapho bethola kukhulunywa olunye ulimi kakhulu ensimini yabo, abanye baye benza umzamo wokufunda lololimi, bebonisa ngalokhu ukuthi babheka abanye njengabakhulu. “Eningizimu yeAfrika,” kuphawula esinye isithunywa sevangeli, “ngezinye izikhathi kunomuzwa wokungathembani phakathi kwabantu basizinda saseAfrika nesaseYurophu. Kodwa ukukhuluma ulimi lwendawo kuwuqeda ngokushesha lowomuzwa.” Ukukhuluma ulimi lwalabo esihlanganyela nabo izindaba ezinhle kuwusizo olukhulu ekufinyeleleni izinhliziyo zabo. Kudinga umsebenzi wokuzikhandla nokuphikelela ngokuzithoba. Isithunywa sevangeli kwelinye izwe laseAsia siyachaza: “Ukuqhubeka ubhidilisha kuyilapho uhlekwa njalo ngamaphutha akho kungaba uvivinyo. Kungabonakala kungcono ukuyeka.” Nokho, uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lwasiza lesithunywa sevangeli ukuba siphikelele.—Marku 12:30, 31.
17 Ngokuqondakalayo, abantu basabela kahle lapho umfokazi ezama ukuhlanganyela izindaba ezinhle ngolimi lwabo. Ngezinye izikhathi kuphumela ezibusisweni ezingalindelekile. Isithunywa sevangeli esisezweni laseAfrika iLesotho sasikhuluma isiSuthu nomunye wesifazane, owayesebenza esitolo sokweluka izindwangu. Isikhulu esithile sikahulumeni esivela kwelinye izwe laseAfrika sasivakashele leyondawo futhi sezwa leyongxoxo. Sasondela futhi samtusa ngokufudumele, okwathi ngemva kwalokho saqala ukukhuluma nesikhulu sikahulumeni ngolimi lwaso. “Kungani ningafiki [ezweni lakithi] futhi nisebenze phakathi kwabantu bakithi, njengoba nisazi nesiSwahili?” ebuza. Ngesu, isithunywa sevangeli saphendula: “Lokho bekungaba kuhle kakhulu. Kodwa ngingomunye woFakazi BakaJehova, futhi okwamanje umsebenzi wethu uvinjelwe ezweni lenu.” Saphendula: “Siza ungabi nomuzwa wokuthi sonke simelene nomsebenzi wenu. Iningi lethu siyabathanda oFakazi BakaJehova. Mhlawumbe ngolunye usuku niyokwazi ukufundisa ngokukhululekile phakathi kwabantu bakithi.” Ngemva kwesikhathi esithile, lesithunywa sevangeli sajabula kakhulu ukuzwa ukuthi oFakazi BakaJehova baye banikezwa inkululeko yokukhulekela kulelozwe elifanayo.
Bazimisele Ukudela Amalungelo
18, 19. (a) Kungayiphi indlela ebalulekile uPawulu alwela ukulingisa iNkosi yakhe, uJesu Kristu? (b) Landisa okuhlangenwe nakho (lokho okusesigabeni noma okwakho) kokubonisa ukubaluleka kokugwema noma ikuphi okungakhubekisa labo esihlanganyela nabo izindaba ezinhle.
18 Lapho umphostoli uPawulu ebhala: “Yibani-ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu,” wayesanda kuxoxa ngesidingo sokugwema ukukhubekisa abanye, ethi: “Noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu, njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.”—1 Korinte 10:31-33; 11:1.
19 Abashumayeli bevangeli abanjengoPawulu, abazimisele ukuzidela ukuze kuzuze labo abashumayela kubo, bazuza izibusiso. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe laseAfrika, omunye umbhangqwana wezithunywa zevangeli waya ehhotela lendawo uyodla ukudla kwasemini ukuze ugubhe usuku lomshado wawo. Ekuqaleni wawuhlose uku-oda iwayini kanye nokudla, njengoba ukusetshenziswa ngokulinganisela kophuzo oludakayo kungalahlwa eBhayibhelini. (IHubo 104:15) Kodwa lombhangqwana wabe usunquma ukungenzi kanjalo funa ucasule abantu bendawo. “Esikhathini esithile kamuva,” kukhumbula indoda, “sahlangana nendoda eyayiwumpheki kulelohhotela, futhi saqalisa nayo isifundo seBhayibheli. Esikhathini eside kamuva yasitshela: ‘Niyakhumbula lapho nifika ehhotela nizodla ukudla kwasemini? Sonke sasicashe ngemva komnyango sinibuka. Niyabona, izithunywa zevangeli zamasonto zasitshela ukuthi kubi ukuba siphuze. Kodwa, lapho zifika ehhotela, zithenga iwayini ngokukhululeka. Ngakho sanquma ukuthi uma nithenga okuthile kokuphuza, sasingeke sinilalele lapho nifika nizosishumayeza.’” Namuhla, lowompheki nabanye ababesebenza kulelohhotela bangoFakazi ababhapathiziwe.
Okuningi Ngokwengeziwe Kokwenziwa
20. Kungani kubalulekile ukuba sikhuthazele njengabashumayeli bevangeli abashisekayo, futhi abaningi bathatha liphi ilungelo elijabulisayo?
20 Njengoba ukuphela kwalesimiso esibi sezinto kusondela ngokushesha, abaningi basalangazelela ukuzwa izindaba ezinhle, futhi kuphuthuma kunanini ngawo wonke amaKristu ukuba akhuthazele njengabashumayeli abathembekile bevangeli. (Mathewu 24:13) Ingabe ungakwandisa ukuhlanganyela kwakho kulomsebenzi ngokuba umshumayeli wevangeli ngomqondo okhethekile njengoFiliphu, uPawulu, uBarnaba, uSila, noThimothewu? Abaningi benza okuthile okufanayo ngokuhlanganyela ezinhlwini zamaphayona nangokuzenza batholakalele ukukhonza ezindaweni lapho indingeko inkulu khona.
21. Kungayiphi indlela abantu bakaJehova bevulelwe “umnyango omkhulu wethuba lokusebenza”?
21 Muva nje, amasimu amakhulu okushumayela ivangeli aye avuleka emazweni aseAfrika, eAsia, naseMpumalanga Yurophu, lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe khona. Njengoba kwakunjalo ngomphostoli uPawulu, abantu bakaJehova ‘bavulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza.’ (1 Korinte 16:9) Ngowesibonelo, abashumayeli abayizithunywa zevangeli abasanda kufika ezweni laseAfrika iMozambique abakwazi ukubhekana nenani labantu abafuna izifundo zeBhayibheli. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova wavunyelwa ngokomthetho kulelozwe kusukela ngoFebruary 11, 1991!
22. Kungakhathaliseki ukuthi insimu yakithi isetshenzwa kahle noma cha, sonke kumelwe sizimisele ukwenzani?
22 Emazweni ebesilokhu sinenkululeko yokukhulekela kuwo, abafowethu nabo bajabulela ukwanda okuqhubekayo. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, ‘kusenokuningi kokwenziwa emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58, qhathanisa neNW.) Njengoba kunjalo, masiqhubeke sisisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi esisele njengoba ngabanye ‘senza umsebenzi womvangeli, sifeza inkonzo yethu ngokugcwele.’—2 Thimothewu 4:5; Efesu 5:15, 16.
Ingabe Ungachaza?
◻ Uyini umshumayeli wevangeli?
◻ Okuqukethwe izindaba ezinhle kwacetshiswa kanjani ngemva kuka-1914?
◻ Umsebenzi wokushumayela ivangeli uye wathuthuka kanjani kusukela ngo-1919?
◻ Yiziphi izici eziyisihluthulelo eziye zaba nengxenye epmumelelweni yomsebenzi wobuvangeli?
[Ibhokisi ekhasini 19]
Ukwanda Kusukela Ngo-1939
Cabangela izibonelo ezivela emazwekazini amathathu lapho izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi zathunyelwa khona. Emuva ngo-1939 kwakunabamemezeli boMbuso abangu-636 ababika eNtshonalanga Afrika. Ngo-1991 lelinani lase lande lafinyelela kwabangaphezu kuka-200 000 emazweni angu-12 aseNtshonalanga Afrika. Izithunywa zevangeli ziye zaba nengxenye futhi ekwandeni okuphawulekayo emazweni aseNingizimu Melika. Elinye lawo iBrazil, elanda kusukela kubamemezeli boMbuso abangu-114 ngo-1939 lafinyelela kwabangu-335 039 ngoApril 1992. Ukwanda okufanayo kwalandela ukufika kwezithunywa zevangeli emazweni aseAsia. Phakathi neMpi Yezwe II, inani elincane loFakazi BakaJehova eJapane lashushiswa kanzima, futhi umsebenzi wabo wama. Khona-ke, ngo-1949, izithunywa zevangeli ezingu-13 zafika zizosiza ekuhleleni kabusha umsebenzi. Ngalowonyaka wenkonzo, abamemezeli bomdabu abangaphansi kwabayishumi babika inkonzo yasensimini kulo lonke elaseJapane, kuyilapho ngoApril 1992 ingqikithi yabamemezeli yafinyelela ku-167 370.
[Ibhokisi ekhasini 21]
ELobukholwa Nenkinga Yolimi
Ezinye izithunywa zevangeli zeLobukholwa zenza umzamo oqotho wokufunda olunye ulimi, kodwa eziningi zazilindele ukuba abantu bendawo bakhulume ulimi lwazo lwaseYurophu. Njengoba uGeoffrey Moorhouse echaza encwadini yakhe iMissionaries:
“Inkinga yayiwukuthi ukukhuluma ulimi lomdabu kaningi kwakugcina ekuhumusheni umBhalo. Ngokuqhathaniswa mncane umzamo owawenziwa, kungaba abantu ngabanye noma imiphakathi ebaqashayo, ekuqinisekiseni ukuthi izithunywa zevangeli zingakhuluma nowomdabu ngolimi lwakhe ngokushelelayo okungathi kukodwa kuveze ukuqonda okujulile phakathi kwalabantu ababili. Zonke izithunywa zevangeli zazifunda ukukhuluma ulimi lwendawo . . . Ngaphezu kwalokho, ukuxhumana ngokuvamile kwakwenziwa ngokuqephuza okucasulayo nokungelona usizo kwalokho okubizwa ngokuthi isiNgisi esilula, kanye nokuthatha kwaso kalula okusobala kokuthi owomdabu waseAfrika kufanele azithobe esivakashini esiyiNgisi. Okubi ngisho nakakhulu, lokhu kwakungokunye futhi ukubonakaliswa kokuphakama kobuhlanga.”
Ngo-1922 iSchool of Oriental and African Studies eLondon yanyathelisa umbiko ngenkinga yolimi. “Sinombono wokuthi,” kusho lombiko, “izinga elivamile lokufunda ulimi elazuzwa izithunywa zevangeli ngolimi lwabomdabu . . . liphansi ngokudabukisayo.”
Izithunywa zevangeli zeWatch Tower Society ngaso sonke isikhathi ziye zabheka ukufunda ulimi lwendawo njengokuyisibopho, okusiza ekuboneni isizathu sempumelelo yazo ensimini yezithunywa zevangeli.