Lingisa Isihe SikaJehova
“Qhubekani niba nesihe, njengoba nje noYihlo enesihe.”—LUKA 6:36.
1. AbaFarisi bazibonakalisa kanjani bengenasihe?
NAKUBA badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, abantu ngokuvamile bayehluleka ukulingisa isihe sakhe. (Genesise 1:27) Ngokwesibonelo, cabanga ngabaFarisi. Njengeqembu, akuvumanga bajabule lapho uJesu elapha ngesihe isandla sendoda esasishwabene ngeSabatha. Kunalokho, bacebisana ngoJesu “ukuba bambhubhise.” (Mathewu 12:9-14) Kwesinye isenzakalo, uJesu welapha indoda eyayiyimpumputhe kusukela yazalwa. Nalapha futhi, “abanye kubaFarisi” abasibonanga isihe sikaJesu siyisizathu sokujabula. Kunalokho, bakhononda bathi: “Lona akayena umuntu ovela kuNkulunkulu, ngoba akaligcini iSabatha.”—Johane 9:1-7, 16.
2, 3. UJesu wayesho ukuthini lapho ethi, “Niqaphele imvubelo yabaFarisi”?
2 Isimo sengqondo sokungabi naluzwela sabaFarisi sasingenabuntu futhi siyisono kuNkulunkulu. (Johane 9:39-41) Ngesizathu esihle, uJesu waxwayisa abafundi bakhe wathi, “Niqaphele imvubelo” yaleli qembu elisesigabeni esiphakeme nabanye abantu benkolo, njengabaSadusi. (Mathewu 16:6) EBhayibhelini imvubelo isetshenziselwa ukufanekisela isono noma ukonakala. Ngakho uJesu wayethi imfundiso ‘yababhali nabaFarisi’ yayingakonakalisa ukukhulekela okuhlanzekile. Kanjani? Ngokuthi yayifundisa abantu ukuba babheke uMthetho kaNkulunkulu ngombono wemithetho namasiko abo okuzakhela kuphela, bebe bengazinaki ‘izindaba ezinesisindo esikhudlwana,’ ezihlanganisa nesihe. (Mathewu 23:23) Lolu hlobo lwenkolo lokwenza izinto ngendlela eyisiko lwenza ukukhulekela uNkulunkulu kwaba umthwalo ongabekezeleleki.
3 Engxenyeni yesibili yomzekeliso wakhe wendodana esaphazayo, uJesu wadalula ukucabanga okonakele kwabaholi benkolo bamaJuda. Kulo mzekeliso, ubaba, ofanekisela uJehova, wayezimisele ukuthethelela indodana yakhe ephendukile. Kodwa umfowabo omdala walo mfana, owayefanekisela “abaFarisi nababhali,” wayenemizwa ehluke ngokuphelele ngale ndaba.—Luka 15:2.
Ulaka Lweselamani
4, 5. Umfowabo wendodana esaphazayo ‘wayelahleke’ ngamuphi umqondo?
4 “Manje indodana yakhe endala yayisensimini; futhi njengoba iza futhi isondela endlini yezwa umculo nokudansa. Ngakho yabizela kuyo enye yezinceku futhi yabuza ukuthi lezizinto zazisho ukuthini. Yathi kuyo, ‘Umfowenu ufikile, futhi uyihlo umhlabele inkunzi esencane ekhuluphalisiwe, ngoba ephinde wamthola ephile kahle.’ Kodwa yaba nolaka futhi yangathanda ukungena.”—Luka 15:25-28.
5 Ngokusobala, kwakungeyona yodwa indodana esaphazayo eyayinenkinga emzekelisweni kaJesu. “Womabili la madodana avezwe lapha alahlekile,” kusho enye incwadi, “enye ngokungalungi okuyihlazisayo, enye ngokuzibona ilungile, okuyiphuphuthekisayo.” Phawula ukuthi umfowabo wendodana esaphazayo akagcinanga ngokwenqaba ukujabula kodwa futhi ‘waba nolaka.’ Igama lesiGreki eliwumsuka elisho “ulaka” alisikiseli ukuqhuma kwentukuthelo kangako, kodwa isimo sengqondo esiqhubekayo. Ngokusobala, umfowabo wendodana esaphazayo waqumbelana ngentukuthelo enamandla, ngakho waba nomuzwa wokuthi akufaneleki ukuhalalisela ukubuya komuntu okwakungafanele ahambe ekhaya kwasekuqaleni nje.
6. Umfowabo wendodana esaphazayo ufanekisela bani, futhi ngani?
6 Umfowabo wendodana esaphazayo ubafanekisela kahle labo ababethukutheliswa ububele uJesu ayebubonisa izoni nokuzinaka kwakhe. Laba ababezibona belungile asibashukumisanga isihe sikaJesu; futhi abayibonisanga injabulo eba khona ezulwini lapho isoni sithethelelwa. Kunalokho, isihe sikaJesu sabenza baba nolaka, base beqala ‘ukucabanga izinto ezimbi’ ezinhliziyweni zabo. (Mathewu 9:2-4) Kwesinye isenzakalo intukuthelo yabanye babaFarisi yaba nkulu kangangokuthi babiza umuntu owayelashwe uJesu base ‘bemxosha’ esinagogeni—ngokusobala bemnquma ekubeni yilungu! (Johane 9:22, 34) Njengomfowabo wendodana esaphazayo, ‘ongathandanga ukungena,’ abaholi benkolo bamaJuda bala baphetha ‘ukujabula nabantu abajabulayo’ lapho benethuba lokwenza kanjalo. (Roma 12:15) UJesu waqhubeka edalula ukucabanga kwabo okubi lapho eqhubeka nomzekeliso wakhe.
Ukucabanga Okuyiphutha
7, 8. (a) Kungayiphi indlela umfowabo wendodana esaphazayo ayengakuqondanga okushiwo ukuba yindodana? (b) Indodana endala yayingafani ngayiphi indlela noyise?
7 “Khona-ke uyise waphuma futhi waqala ukuyincenga. Iphendula yathi kuyise, ‘Bheka sekuyiminyaka eminingi kangaka ngiyisigqila sakho futhi angikaze nakanye ngeqe umyalo wakho, kodwa nokho awukaze nakanye unginike izinyane ukuba ngizijabulise nabangane bami. Kodwa ngokushesha nje lapho ifika lendodana yakho eyadla nezifebe lokho owawuziphilisa ngakho, uyihlabele inkunzi esencane ekhuluphalisiwe.’”—Luka 15:28-30.
8 Ngala mazwi, umfowabo wendodana esaphazayo wakwenza kwacaca ukuthi wayengakuqondanga ngempela lokho okushiwo ukuba yindodana. Wayekhonza uyise njengoba nje isisebenzi sikhonza umqashi waso. Kwakunjengoba nje asho kuyise: ‘Ngiye ngaba yisigqila sakho.’ Yiqiniso, le ndodana endala yayingakaze ihambe ekhaya noma yeqe umyalo kayise. Kodwa ingabe ukulalela kwayo kwakushukunyiswa uthando? Ingabe yayithola injabulo yangempela ekukhonzeni uyise, noma ingabe esikhundleni salokho kancane kancane yayisibe umuntu owaneliseke ngokweqile ngesimo sakhe, ikholelwa ukuthi iyindodana enhle ngenxa nje yokuthi iyayenza imisebenzi yayo “ensimini”? Uma yayiyindodana ezinikele ngempela, kungani yahluleka ukubonisa umqondo ofana nokayise? Lapho inikwa ithuba lokubonisa umfowabo isihe, kungani kwakungenabubele enhliziyweni yayo?—Qhathanisa neHubo 50:20-22.
9. Chaza indlela abaholi benkolo bamaJuda ababefana ngayo nendodana endala.
9 Abaholi benkolo bamaJuda babefana nale ndodana endala. Babekholelwa ukuthi babethembekile kuNkulunkulu ngoba babenamathela ngokuqinile esimisweni semithetho. Kuyavunywa, ukulalela kubalulekile. (1 Samuweli 15:22) Kodwa ukugcizelela kwabo imisebenzi ngokweqile kwaguqula ukukhulekela uNkulunkulu kwaba inqubo engahileli mizwelo, ukubonakala kwangaphandle nje kokuzinikela kube kungenalo ingokomoya langempela. Izingqondo zabo zazigxile kakhulu emasikweni. Izinhliziyo zabo zazingenaluthando. Ingani babebabukela phansi abantu abavamile, baze bababize ngokwedelela ngokuthi “abantu abaqalekisiwe.” (Johane 7:49) Ngempela, yayingamhlaba kanjani umxhwele uNkulunkulu imisebenzi yabaholi abanjalo njengoba izinhliziyo zabo zazikude naye?—Mathewu 15:7, 8.
10. (a) Kungani amazwi athi, “Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo” ayeyiseluleko esifanelekayo? (b) Ukuntula isihe kuyindaba engathi sína kangakanani?
10 UJesu watshela abaFarisi ukuba ‘bahambe bayofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu, “Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.”’ (Mathewu 9:13; Hoseya 6:6) Babephambanise izinto eziza kuqala, ngoba ngaphandle kwesihe yonke imihlatshelo yabo yayiyoba yize. Lena indaba engathi sína ngempela, ngoba iBhayibheli lithi “abangenasihe” babalwa phakathi kwalabo uNkulunkulu ababheka ‘njengabafanelwe ukufa.’ (Roma 1:31, 32) Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi uJesu wathi, njengesigaba, abaholi benkolo bayobhujiswa phakade. Ngokusobala, ukungabi nasihe kwabo kwaba nengxenye enkulu ekubenzeni bafanelwe yilesi sahlulelo. (Mathewu 23:33) Kodwa mhlawumbe abantu ngabanye abakulesi sigaba babengasizwa. Esiphethweni somzekeliso wakhe, uJesu wazama ukulungisa ukucabanga kwamaJuda anjalo ngamazwi ashiwo uyise endodaneni yakhe endala. Ake sibone ukuthi kanjani.
Isihe Sikababa
11, 12. Ubaba womzekeliso kaJesu uzama kanjani ukubonisana nendodana yakhe endala, futhi cishe kubaluleke ngani ukusebenzisa kukayise igama elithi ‘umfowenu’?
11 “Khona-ke wathi kuyo, ‘Mntwana, ubulokhu unami ngaso sonke isikhathi, futhi zonke izinto ezingezami zingezakho; kodwa bekumelwe nje sizijabulise futhi sijabule, ngoba lomfowenu ubefile futhi waphila, futhi ubelahlekile futhi watholakala.’”—Luka 15:31, 32.
12 Phawula ukuthi lo baba wasebenzisa igama elithi ‘umfowenu.’ Ngani? Khumbula ukuthi ngaphambili, lo mfana omdala wayebize indodana esaphazayo ngokuthi ‘indodana yakho’—hhayi ngokuthi “umfowethu.” Wayebonakala engakuvumi ukuthi yena nomfowabo banesibopho sezelamani. Ngakho manje kunjengokungathi ubaba uthi kumfana wakhe omdala: ‘Lena akuyona nje indodana yami. Umfowenu, inyama yakho negazi lakho. Kumelwe ngabe uyakujabulela ukubuya kwakhe!’ Umyalezo kaJesu kufanele ngabe wabacacela abaholi bamaJuda. Izoni ababezibukela phansi empeleni “zazingabafowabo.” Ngempela, “akukho-muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.” (UmShumayeli 7:20) Khona-ke, amaJuda avelele kwakumelwe ajabule lapho izoni ziphenduka.
13. Ukuphela komzekeliso kaJesu ngokungalindelekile kusishiya namuphi umbuzo osangulukisayo?
13 Ngemva kokunxusa kukababa, lo mzekeliso uphela ngokungazelelwe. Kunjengokungathi uJesu udedela izilaleli zakhe ukuba zizibhalele esazo isiphetho sale ndaba. Kungakhathaliseki ukuthi indodana endala yasabela kanjani, isilaleli ngasinye sabhekana nombuzo othi, ‘Ingabe wena uyohlanganyela enjabulweni eba khona ezulwini lapho isoni siphenduka?’ AmaKristu namuhla nawo anelungelo lokubonisa impendulo yawo yalowo mbuzo. Kanjani?
Ukulingisa Isihe SikaNkulunkulu Namuhla
14. (a) Singasisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu esikweyabase-Efesu 5:1 endabeni yesihe? (b) Yikuphi ukuqonda okungeyikho ngokuphathelene nesihe sikaNkulunkulu okudingeka sikuqaphele?
14 UPawulu wayala abase-Efesu: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Ngakho, njengamaKristu kufanele sisazise isihe sikaNkulunkulu, sisigxilise ngokujulile ezinhliziyweni zethu, bese siyibonisa le mfanelo lapho sisebenzelana nabanye. Nokho, isixwayiso siyafaneleka. Isihe sikaNkulunkulu akufanele sithathwe njengokungathi siwukululazwa kwesono. Ngokwesibonelo, kunabathile abangase bacabange ngokungabi nandaba bathi, ‘Uma ngenza isono, ngingathandaza noma nini kuNkulunkulu ngicele angithethelele, futhi uyoba nesihe.’ Isimo sengqondo esinjalo siyilokho umlobi weBhayibheli uJude akubiza ngokuthi ‘ukuphendula umusa ongafanelwe kaNkulunkulu wethu wenziwe izaba zokuziphatha okuxekethile.’ (Jude 4) Nakuba uJehova enesihe, lapho esebenzelana nabenzi bobubi abangaphenduki ‘ngeke neze abakhulule ekujezisweni.’—Eksodusi 34:7, NW; qhathanisa noJoshuwa 24:19; 1 Johane 5:16.
15. (a) Kungani abadala ngokukhethekile kudingeka balondoloze umbono olinganiselayo wesihe? (b) Yini abadala okufanele bazame ukuyenza, nakuba bengakuvumeli ukona kwangamabomu, futhi ngani?
15 Ngakolunye uhlangothi, kudingeka siqaphele ngokufanayo lapho sigwema okunye ukweqisa—ukuthambekela kokuba lukhuni nokwahlulela labo ababonisa ukuphenduka kwangempela nokudabuka kokuhlonipha uNkulunkulu ngezono zabo. (2 Korinte 7:11) Njengoba abadala bephathiswe ukunakekela izimvu zikaJehova, kubalulekile ukuba balondoloze umbono olinganiselayo kulokhu, ikakhulu lapho besingatha izindaba zokwahlulela. Ibandla lobuKristu kumelwe ligcinwe lihlanzekile, futhi kufanelekile ngokomBhalo ‘ukususa umuntu omubi’ ngokuba asuswe ekuhlanganyeleni. (1 Korinte 5:11-13) Ngesikhathi esifanayo, kuhle ukubonisa isihe lapho kunesisekelo esicacile sokwenza kanjalo. Ngakho nakuba abadala bengakuvumeli ukona ngamabomu, bazama ukulandela inkambo yothando neyesihe, ngaphakathi kwemingcele yobulungisa. Bahlale besiqaphele isimiso seBhayibheli esithi: “Lowo ongakwenzi umkhuba ukubonisa isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe. Isihe sethaba ngokunqobayo phezu kwesahlulelo.”—Jakobe 2:13; IzAga 19:17; Mathewu 5:7.
16. (a) Ngokusebenzisa iBhayibheli, bonisa indlela uJehova afisa ngayo ngempela ukuba abonayo babuyele kuye. (b) Singabonisa kanjani ukuthi nathi siyakujabulela ukubuya kwezoni eziphendukile?
16 Umzekeliso wendodana esaphazayo ukwenza kucace ukuthi uJehova ufisa ukuba abonayo babuyele kuye. Ngempela, uyabamema kuze kube yilapho bezibonakalisa ukuthi akusenathemba ngabo. (Hezekeli 33:11; Malaki 3:7; Roma 2:4, 5; 2 Petru 3:9) Njengoyise wendodana esaphazayo, uJehova ubaphatha ngenhlonipho labo ababuyayo, aphinde abamukele njengamalungu agcwele omkhaya. Ingabe wena uyamlingisa uJehova kulokhu? Usabela kanjani lapho okholwa naye obesenesikhathi esithile esusiwe ekuhlanganyeleni ebuyiselwa? Sesiyazi ukuthi kuba ‘nenjabulo ezulwini.’ (Luka 15:7) Kodwa ingabe iba khona injabulo emhlabeni, ebandleni okulo, ngisho nasenhliziyweni yakho? Noma, njengendodana endala esemzekelisweni, ingabe kuba khona ukucasuka, njengokungathi akakufanelekeli ukwamukelwa umuntu obengafanele ashiye umhlambi kaNkulunkulu kwasekuqaleni?
17. (a) Yisiphi isimo esaba khona eKorinte lekhulu lokuqala, futhi uPawulu wabeluleka ukuba basisingathe kanjani isimo ababesebandleni? (b) Kungani isiyalo sikaPawulu sasisebenziseka, futhi singasisebenzisa kanjani namuhla? (Bheka nebhokisi kwesokudla.)
17 Ukuze sisizakale ekuzihloleni mayelana nalokhu, ake sicabange ngalokho okwenzeka cishe ngonyaka ka-55 C.E. eKorinte. Lapho, indoda eyayikade ixoshiwe ebandleni ilungisa ukuphila kwayo ekugcineni. Kwakufanele benze njani abazalwane? Ingabe kwakufanele babheke ukuphenduka kwayo ngokungabaza futhi baqhubeke beyigwema? Ngokuphambene, uPawulu wanxusa abaseKorinte: “Kufanele nimthethelele ngomusa futhi nimduduze, ukuze umuntu onjalo ngandlela-thile angagwinywa ukudabuka kwakhe ngokweqile. Ngakho-ke nginikhuthaza ukuba niluqinisekise uthando lwenu ngaye.” (2 Korinte 2:7, 8) Ngokuvamile, abenzi bokubi abaphendukile kulula kakhulu ukuba babe nemizwa yokuphoxeka nokuphelelwa yithemba. Ngakho, laba badinga ukuqinisekiswa ukuthi ayabathanda amakholwa akanye nabo kanye noJehova. (Jeremiya 31:3; Roma 1:12) Kubalulekile lokhu. Ngani?
18, 19. (a) Ngaphambili abaseKorinte babezibonakalise kanjani beyekelela ngokweqile? (b) Isimo sengqondo sokungabi nasihe sasingabangela kanjani ukuba abaseKorinte ‘baphanjwe uSathane’?
18 Lapho enxusa abaseKorinte ukuba bakwenze umkhuba ukuthethelela, esinye sezizathu uPawulu asinikeza kwakuwukuba “singaphanjwa uSathane, ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.” (2 Korinte 2:11) Wayesho ukuthini? Ngaphambili uPawulu kwadingeka asole ibandla laseKorinte ngenxa yokuyekelela ngokweqile. Lalivumelé yona le ndoda ukuba iqhubeke nesono sayo ngaphandle kokujeziswa. Ngokwenza kanjalo, ibandla—ngokukhethekile abadala balo—babejabulisa uSathane, ngoba wayengathanda ukwenza ibandla libe sesimweni esihlazisayo.—1 Korinte 5:1-5.
19 Uma manje babethambekela ngakolunye uhlangothi olweqisayo futhi benqaba ukuthethelela ophendukile, uSathane wayeyobe ubaphamba ngenye indlela. Kanjani? Ngokuthi wayengasizakala ngokuba kwabo nokhahlo nokungabi nasihe. Uma isoni esiphendukile ‘sasigwinywa ukudabuka kwaso ngokweqile’—noma njengoba i-Today’s English Version ikuhumusha, ‘sidabuke kangangokuthi siyeke phansi ngokuphelele’—yeka icala elinzima abadala ababeyoba nalo phambi kukaJehova! (Qhathanisa noHezekeli 34:6; Jakobe 3:1.) Ngesizathu esihle, ngemva kokuxwayisa abalandeli bakhe ngokukhuba “omunye kulaba abancane,” uJesu wathi: “Zinakeni. Uma umfowenu enza isono, mkhuze, futhi uma ephenduka, mthethelele.”a—Luka 17:1-4.
20. Kungayiphi indlela kuba khona injabulo kokubili ezulwini nasemhlabeni lapho isoni siphenduka?
20 Izinkulungwane ezibuyela ekukhulekeleni okuhlanzekile unyaka ngamunye ziyabonga ngomusa uJehova aye wazibonisa wona. “Angikhumbuli ekuphileni kwami kunento engiyijabulele kangaka,” kusho omunye udade ongumKristu ekhuluma ngokubuyiselwa kwakhe ekuhlanganyeleni. Yebo, injabulo yakhe yenanelwa yizingelosi. Kwangathi nathi singahlanganyela ‘enjabulweni eba khona ezulwini’ lapho isoni siphenduka. (Luka 15:7) Ngokwenza kanjalo, siyobe silingisa isihe sikaJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba kubonakala sengathi umenzi wobubi waseKorinte wabuyiselwa ekuhlanganyeleni ngemva kwesikhathi esifushane uma kuqhathaniswa, lokhu akufanele kusetshenziswe njengendinganiso kukho konke ukususa ekuhlanganyeleni. Isimo ngasinye sihlukile. Abanye abenzi bobubi baqala ukubonisa ukuphenduka okuqotho ngokushesha ngemva kokuba bexoshiwe. Abanye, kuba yisikhathi esithile impela ngaphambi kokuba isimo sengqondo esinjalo sibonakale. Nokho, kuzo zonke izimo, labo ababuyiselwa ekuhlanganyeleni kumelwe kuqala babonise ubufakazi bokudabuka kokuhlonipha uNkulunkulu, futhi lapho kungenzeka khona, kumelwe babonise imisebenzi efanele ukuphenduka.—IzEnzo 26:20; 2 Korinte 7:11.
Ukubukeza
◻ Umfowabo wendodana esaphazayo wayefana kanjani nabaholi benkolo bamaJuda?
◻ Kungayiphi indlela umfowabo wendodana esaphazayo engakuqondanga ngempela okushiwo ukuba yindodana?
◻ Lapho sicabanga ngesihe sikaNkulunkulu, yikuphi ukweqisa okubili okudingeka sikugweme?
◻ Singasilingisa kanjani isihe sikaNkulunkulu namuhla?
[Ibhokisi ekhasini 17]
“NILUQINISEKISE UTHANDO LWENU NGAYE”
Ngokuphathelene nomenzi wobubi owayexoshiwe owayebonise ukuphenduka, uPawulu watshela ibandla laseKorinte: “Nginikhuthaza ukuba niluqinisekise uthando lwenu ngaye.” (2 Korinte 2:8) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “niluqinisekise” liyigama lomthetho elisho “ukwenza kusebenze.” Yebo, abaphendukile ababuyiselwa ekuhlanganyeleni badinga ukuba nomuzwa wokuthi bayathandwa nokuthi bayamukelwa futhi njengamalungu ebandla.
Nokho, kumelwe sikhumbule ukuthi iningi ebandleni alizazi izimo ezaholela ekuxoshweni kwalowo muntu noma ekubuyiselweni kwakhe ekuhlanganyeleni. Ngaphezu kwalokho, kungase kube nabathile abaye bathintwa ngokuqondile noma balinyazwa—mhlawumbe ngendlela eyohlala isikhathi eside—ukona kwalowo ophendukile. Ngakho-ke, ngokucabangela izinto ezinjalo, lapho kwenziwa isaziso sokubuyiselwa ekuhlanganyeleni kuyaqondakala ukuthi asenzi izenzo noma sisho amazwi okwamukela kuze kube yilapho sesingakwenza njengabantu ngabanye.
Yeka indlela okuqinisa ukholo ngayo kulabo asebebuyiselwe ekuhlanganyeleni ukwazi ukuthi bamukelekile futhi njengamalungu ebandla lobuKristu! Abanjalo abaphendukile singabakhuthaza ngokuxoxa nabo nokujabulela ubudlelwane nabo eHholo LoMbuso, enkonzweni nakwezinye izimo ezifanelekayo. Ngokuqinisekisa, noma ngokulwenza lusebenze ngaleyo ndlela uthando lwethu ngalaba abathandekayo, asibululazi nhlobo ububi bezono abazenza. Kunalokho, sijabula kanye nezixuku zasezulwini ngokuthi baye bayilahla inkambo yokona futhi babuyela kuJehova.—Luka 15:7.
[Isithombe ekhasini 15]
Indodana endala yenqaba ukujabulela ukubuya komfowabo