-
Khonzani UJehova NganhliziyonyeINqabayokulinda—1988 | Meyi 15
-
-
Bheka Abanye Njengabakhulu Kunawe
11. Uma kunokukhetha kwanoma yiluphi uhlobo enhliziyweni yomKristu, yini angayenza?
11 Ngakolunye uhlangothi, uma umKristu ubekhetha olunye uhlanga noma isizwe, ngokunokwenzeka ubengakuveza lokhu ngamazwi noma ngezenzo. Futhi, lokhu kwakungadala imizwa elimele, ikakhulukazi ebandleni elakhiwe abantu abanezizinda zobuhlanga ezihlukahlukene. Ngokuqinisekile, akekho umKristu ongafuna ukuba abukhinyabeze kanjalo ubunye babantu bakaNkulunkulu. (IHubo 133:1-3) Ngakho uma kukhona ukukhetha okuthile enhliziyweni yomKristu, kungafaneleka ukuba athandaze: “Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; Ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.
12. Kungani kungafanele ukuba siqhoshe noma siqhoshele abanye ngesizinda sethu sobuhlanga?
12 Kuhle ukuba nombono ongokoqobo wokuthi sonke singabantu abangaphelele ababengeke babe nokuma okuhle noNkulunkulu ukuba kwakungengenxa yomhlatshelo kaJesu Kristu. (1 Johane 1:8–2:2) Yini-ke esenza sihluke kwabanye? Njengoba singenalutho esingaluphiwe, kungani kufanele siqhoshe noma siqhoshele abanye ngezizinda zethu zobuhlanga?—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:6, 7.
13. Singanikela kanjani ebunyeni bebandla, futhi yini engafundwa kweyabaseFilipi 2:1-11?
13 Singanezela ebunyeni bebandla uma siziqaphela izimfanelo ezinhle zabanye futhi sibonisa ukwazisa ngazo. Umphostoli uPawulu ongumJuda wasinika sonke okuthile esingazindla ngakho lapho etshela abeZizwe baseFilipi: “Gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe-mqondo munye, ninothando lunye, nibe-nhliziyonye, niqonde into inye, ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.” Isimo esifanele ngathi okudingeka sisibonise kwabanye abantu banoma yiluphi uhlanga noma isizwe saboniswa kuKristu Jesu. Nakuba wayeyisidalwa somoya esinamandla, ‘wenziwa ngomfanekiso wabantu,’ futhi wazithoba kwaze kwaba sezingeni lokufa esigxotsheni sokuhlushwa ngenxa yabantu abanesono bazo zonke izinhlanga nezizwe. (Filipi 2:1-11) Khona-ke, njengabalandeli bakaJesu, akufanele yini sibe nothando, sithobeke, futhi sibe nozwela, sivuma ukuthi abanye bakhulu kunathi?
Lalela Futhi Uqaphele
14. Singasizwa kanjani ukuba sibheke abanye njengabakhulu kunathi?
14 Singase sisizakale ukuba sicabangele abanye njengabakhulu kunathi uma ngempela sibalalela lapho bekhuluma futhi sikuqaphela ngokunakekela ukuziphatha kwabo. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke ukuba sikuvume ngokwethembeka ukuthi umdala esikanye naye—mhlawumbe wolunye uhlanga—uye wasidlula ekhonweni lokunikeza iseluleko esiphefumlelwe eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Singase siphawule ukuthi ingokomoya lakhe, hhayi ubuciko bakhe bokuphimisela amagama noma indlela yokukhuluma, elimenza ukuba athole imiphumela emihle lapho esiza akholwa nabo, ukuba babe abamemezeli boMbuso abafanelekayo. Futhi kusobala ukuthi uJehova uyayibusisa imizamo yakhe.
15. Yini esingayiphawula uma silalela amazwi abakhulekeli esikanye nabo?
15 Lapho sixoxa nabazalwane bethu nodade noma silalela izimpendulo zabo emihlanganweni, singase sibone ukuthi abanye babo bawaqonda kangcono kunathi amaqiniso athile angokomBhalo. Singase siphawule ukuthi uthando lwabo lobuzalwane lubonakala luqine kakhudlwana, babonakala benokholo olwengeziwe, noma banikeza ubufakazi bokuthembela kakhulu kuJehova. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi bangabesizinda sobuhlanga esifanayo nesethu noma cha, bavuselela uthando nemisebenzi emihle kithi, basiza ekuqiniseni ukholo lwethu, futhi basishukumisela ukuba sithembele ngokugcwele kuBaba wethu osezulwini. (IzAga 3:5, 6; Heberu 10:24, 25, 39) Ngokusobala uJehova uye wasondela eduze nabo, nathi kufanele senze kanjalo.—Qhathanisa noJakobe 4:8.
-
-
Khonzani UJehova NganhliziyonyeINqabayokulinda—1988 | Meyi 15
-
-
20. Inhlonipho yethu ngesikholwa nabo bazo zonke izinhlanga nezizwe ingakhuliswa kanjani?
20 Ngokungangabazeki, uJehova uyababusisa futhi abasekele ofakazi bakhe bazo zonke izizwe nezinhlanga. Akakhethi, futhi njengezinceku zakhe ezizinikezele, asinaso isaba noma isizathu sokuba sibonise ukukhetha. Ngaphezu kwalokho, inhlonipho yethu ngabazalwane bethu nodade bazo zonke izinhlanga nezizwe iyokhula uma sicabangela izindlela ababakhulu ngazo kunathi. Nabo futhi basebenzisa ukuhlakanipha kwaphezulu, okungabeki mingcele yokukhetha kodwa okuthela izithelo ezinhle. (Jakobe 3:13-18) Yebo, nomusa wabo, ukuphana, uthando, nezinye izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu zisibekela izibonelo ezinhle.
-