ISIFUNDO 37
Lithini IBhayibheli Ngomsebenzi Nemali?
Wake wazizwa ukhathazeke kakhulu ngenxa yomsebenzi noma imali? Kungase kube nzima ukuthola izinto esizidingayo nokukhonza uJehova ngendlela ayifunayo. IBhayibheli lisinikeza iseluleko esiwusizo.
1. IBhayibheli lithini ngomsebenzi?
UNkulunkulu ufuna siwujabulele umsebenzi esiwenzayo. IBhayibheli lithi ‘akukho lutho olungcono ngomuntu kunokuba athole injabulo emsebenzini wakhe onzima.’ (UmShumayeli 2:24) UJehova ukhuthele. Lapho simlingisa ngokusebenza ngenkuthalo, siyamjabulisa futhi sizizwa sanelisekile.
Umsebenzi ubalulekile. Noma kunjalo, akufanele siwenze ubaluleke ngaphezu kokukhonza uJehova. (Johane 6:27) Uthembisa ukuthi uma simenza eze kuqala ekuphileni kwethu, uyosinika esikudingayo ukuze siphile.
2. Uyini umbono ofanele ngemali?
Nakuba iBhayibheli livuma ukuthi ‘imali iyisivikelo,’ lisixwayisa nangokuthi imali iyodwa ngeke isenze sijabule. (UmShumayeli 7:12) Ngakho, sikhuthazwa ukuba singayithandi imali, kodwa ‘saneliswe izinto ezikhona.’ (Funda eyamaHebheru 13:5.) Uma saneliswa yizinto esinazo, ngeke sibe nenhliziyo ebuhlungu ebangelwa ukufuna izinto eziningi. Siyazigwema izikweletu ezingadingekile. (IzAga 22:7) Sigwema nezingozi zokugembula nezokufuna ukuceba ngokushesha.
3. Singayisebenzisa kanjani imali ngendlela ebonisa ukuthi asizicabangeli thina kuphela?
UJehova unguNkulunkulu ophayo, futhi sisuke simlingisa lapho ‘sivula isandla, silungela ukwabelana izinto nabanye.’ (1 Thimothewu 6:18) Imali singayisebenzisa ngendlela ebonisa ukuthi asizicabangeli thina kuphela ngokusekela ibandla nangokusiza abaswele, ikakhulukazi labo esikhonza nabo. Okujabulisa uJehova kakhulu yisisusa sethu sokupha, hhayi ukuthi sinikela ngemali engakanani. Lapho sipha ngokusuka enhliziyweni, siyojabula futhi siyojabulisa noJehova.—Funda izEnzo 20:35.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ngezinzuzo zokuba nombono ofanele ngomsebenzi nezokwaneliseka.
4. Dumisa uJehova ngendlela osebenza ngayo
Ubungane bethu noJehova bufanele busenze sibheke umsebenzi ngendlela awubheka ngayo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Kule vidiyo, yini oyithandile ngendlela uJason abheka ngayo umsebenzi nangokuziphatha kwakhe emsebenzini?
Yini ayenzile ukuze abheke umsebenzi ngendlela efanele?
Fundani eyabaseKolose 3:23, 24, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani ibalulekile indlela esibheka ngayo umsebenzi?
Umsebenzi ubalulekile. Noma kunjalo, akufanele siwenze ubaluleke ngaphezu kokukhonza uJehova
5. Ukwaneliseka kuyasizuzisa
Abantu abaningi bazama ukuqongelela imali eningi. Kodwa iBhayibheli lisikhuthaza ukuba senze okuhlukile. Fundani eyoku-1 Thimothewu 6:6-8, bese nixoxa ngalo mbuzo:
IBhayibheli lisikhuthaza ukuba senzeni?
Ngisho noma sinokuncane kakhulu, singajabula. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Nakuba le mindeni inemali encane, yini eyenza ijabule?
Kuthiwani uma sinokuningi kodwa sisafuna okwengeziwe? UJesu wenza umfanekiso obonisa ukuthi kuyingozi lokho. Fundani uLuka 12:15-21, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini oyifundile emfanekisweni kaJesu?—Bheka ivesi 15.
Fundani izAga 10:22 niziqhathanise neyoku-1 Thimothewu 6:10. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:
Yini ocabanga ukuthi ibaluleke kakhulu? Ukuba umngane kaJehova noma ukuba nemali eningi? Kungani usho kanjalo?
Yiziphi izinkinga ezibangelwa ukugijimisa imali?
6. UJehova uzozinakekela izidingo zethu
Izinkinga zomsebenzi nezemali zingabonisa ukuthi sinalo yini ukholo kuJehova. Dlalani IVIDIYO ukuze ubone ukuthi yini esingayenza lapho sibhekene nalezo zinkinga, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Kule vidiyo, yiziphi izinkinga umzalwane abhekane nazo?
Yini ayenzile ukuze azixazulule?
Fundani uMathewu 6:25-34, bese nixoxa ngalo mbuzo:
UJehova uthembisa ukubenzelani labo abamenza eze kuqala ekuphileni kwabo?
ABANYE ABANTU BATHI: “Kufanele ngisebenze kanzima ukuze ngondle umndeni wami. Ngingaya kanjani nje emihlanganweni yebandla masonto onke!”
Yimuphi umBhalo okuqinisekisa ngokuthi kuyohlale kuyisinqumo esihle ukwenza uJehova eze kuqala ekuphileni kwakho?
UKUBUYEKEZA
Siyawudinga umsebenzi wokuziphilisa nemali, kodwa akufanele nanini kusiphazamise ekukhonzeni uJehova.
Ufundeni?
Yini engakusiza ubheke umsebenzi ngendlela efanele?
Ukwaneliseka kukuzuzisa kanjani?
Ungabonisa kanjani ukuthi uyasethemba isithembiso sikaJehova sokuthi uyobanika abantu bakhe lokho abakudingayo?
HLOLA OKWENGEZIWE
Hlola ukuthi iBhayibheli liyasho yini ukuthi imali ayilungile.
“Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Funda ukuthi hlobo luni lokupha olujabulisa uNkulunkulu.
“Lithini IBhayibheli Ngokupha?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Ingabe ukugembula kuyindlela yokuchitha isikhathi engenangozi?
Funda ukuthi yini eyenza umuntu owayegembula futhi eyisigebengu washintsha indlela yakhe yokuphila.
“Ngangiwathanda Amahhashi Omjaho” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2011)