ISIFUNDO 36
Thembeka Ezintweni Zonke
Wonke umuntu ufuna abangane abathembekile. UJehova ulindele ukuba abangane bakhe nabo bathembeke. Nokho, lokho akulula ezweni elinabantu abaningi abangathembekile. Kuzuzisa ngani ukwethembeka ezintweni zonke?
1. Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokwethembeka?
Uma sithembekile kwabanye, sisuke sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda futhi siyamhlonipha. Cabanga ngalokhu: UJehova ukwazi konke esikucabangayo nesikwenzayo. (Hebheru 4:13) Uyabona lapho sikhetha ukwethembeka futhi lokho kuyamjabulisa. IZwi lakhe lithi: “UJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, kodwa uba umngane nabaqotho.”—IzAga 3:32.
2. Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi sithembekile ekuphileni kwansuku zonke?
UJehova ufuna ‘sikhulume iqiniso komunye nomunye.’ (Zakariya 8:16, 17) Kusho ukuthini lokhu? Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma nabomndeni, esisebenza nabo, abafowethu nodadewethu abangamaKristu noma izikhulu zikahulumeni, asiwaqambi amanga futhi asikhohlisi. Abantu abathembekile abantshontshi futhi abakhwabanisi. (Funda izAga 24:28 neyabase-Efesu 4:28.) Bakhokha yonke intela abayikweletayo. (Roma 13:5-7) Kulezi zinto nakwezinye, ‘siziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.’—Hebheru 13:18.
3. Yiziphi izinzuzo zokwethembeka?
Uma saziwa ngokuthi sithembekile, abanye bayasethemba. Senza abanye bazizwe belondekile njengasemndenini onothando. Siba nonembeza ohlanzekile. Ukwethembeka kungaphinde ‘kuhlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu,’ futhi kungadonsa abanye abangamkhozi uNkulunkulu bangene ebandleni.—Thithu 2:10.
FUNDA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi ukwethembeka kukuthinta kanjani wena noJehova futhi ufunde ukuthi ungathembeka kanjani ezimweni ezihlukahlukene ekuphileni.
4. Ukwethembeka kuyamjabulisa uJehova
Fundani iHubo 44:21 noMalaki 3:16, bese nixoxa ngale mibuzo:
Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukucabanga ukuthi singalifihla iqiniso?
Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho sikhetha ukukhuluma iqiniso, ngisho noma kungelula ukwenza kanjalo?
5. Ziphathe ngokwethembeka njalo
Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukwethembeka akukona ukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi. Kodwa cabanga ngokuthi kungani kufanele sithembeke ngazo zonke izikhathi. Dlalani IVIDIYO.
Fundani eyamaHebheru 13:18, bese nixoxa ngokuthi singathembeka kanjani . . .
emndenini.
emsebenzini noma esikoleni.
kwezinye izimo.
6. Ukwethembeka kuyasizuzisa
Ukwethembeka kungase kulethe izinkinga. Kodwa ekugcineni kuhlale kuyinto engcono kakhulu ongayenza. Fundani iHubo 34:12-16, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ukwethembeka kungakwenza kanjani ukuphila kwakho kube ngcono?
Abayeni namakhosikazi athembekile baqinisa umshado wabo
Izisebenzi ezithembekile zithenjwa abaqashi
Izakhamuzi ezithembekile ziba nedumela elihle ezikhulwini zikahulumeni
ABANYE ABANTU BATHI: “Amanye amanga mancane, awasho lutho.”
Kungani ukukholelwa ukuthi uJehova uwazonda wonke amanga?
UKUBUYEKEZA
UJehova ufuna bonke abangane bakhe bathembeke kukho konke abakushoyo nabakwenzayo.
Ufundeni?
Yiziphi ezinye izindlela zokubonisa ukuthi uthembekile?
Kungani kungahlakaniphile ukucabanga ukuthi singafihla iqiniso?
Kungani ufuna ukwethembeka zikhathi zonke?
HLOLA OKWENGEZIWE
Abazali bangabafundisa kanjani abantwana babo ukuba bathembeke?
Sizuza kanjani ngokugcina izithembiso zethu?
Funda ukuthi kungani kufanele sikhokhe intela nakuba isetshenziswa kabi.
“Ingabe Kumelwe Ukhokhe Izintela?” (INqabayokulinda, Septhemba 1, 2011)
Yini eyenza indoda engathembekile ukuba ishintshe ukuphila kwayo isebenze ngokwethembeka?
“Ngafunda Ukuthi UJehova Unomusa Futhi Uyathethelela” (INqabayokulinda, Meyi 1, 2015)