Umbono WeBhayibheli
Ingabe Abesifazane Kufanele Babufihle Ubuhle Babo?
“ABESIFAZANE bayayithanda imfashini,” kusho uGeorge Simonton, umklami wemfashini ongumakadebona futhi onguprofesa e-Fashion Institute of Technology eNew York. Uyachaza: “Abesifazane bayathanda ukuveza ubuntu babo, ukuzilungisa kahle, ukuze bathuthukise ukubukeka kwabo . . . Ngicabanga ukuthi ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi uyazihlonipha wena futhi uyabahlonipha nalabo ophakathi kwabo.” Yebo, ukuzilungisa bekulokhu kubhekwa njengendlela abesifazane abaveza ngayo ubufazi babo, ukuze bathuthukise ukubukeka kwabo, futhi bafinyelele izinga elithile lokuzethemba.
Nokho, ngenxa yenkolo, abanye banombono ongemuhle mayelana nokuzilungisa kwabesifazane. UTertullian wekhulu lesithathu C.E. wabhala: “Abesifazane abangcwele akufanele bathuthukise ubuhle babo . . . uma . . . bebahle ngokwemvelo, kodwa kufanele bazame ukubunciphisa.” Ngokuphathelene nezimonyo, waqhubeka: “Abesifazane bayona kuNkulunkulu lapho begcoba izimonyo ebusweni nasezihlathini, noma bedweba amashiya abo.” Futhi wachaza igolide nesiliva “njengezinto zokuhlobisa nanjengezinto zokuyenga.”
Namuhla, abaningi basenemibono eyeqisayo ngokuzilungisa kwabesifazane. Ezinye izinkolo ziyawenqabela amalungu azo ukuba afake noma yiluphi uhlobo lobucwebecwebe, izimonyo noma izingubo ezimibalabala. Ingabe owesifazane ongumKristu kufanele abufihle ubuhle bakhe noma kufanele athathe izinyathelo zokubuthuthukisa?
Umbono KaNkulunkulu
IBhayibheli aliningilizi lapho likhuluma ngezinto zokuhloba nokusetshenziswa kwezimonyo. Nokho kunobufakazi obanele obubonisa ukuthi uNkulunkulu akalwenqabeli lolu hlobo lokuzilungisa.
Ngokwesibonelo, lapho echaza indlela abusisa ngayo iJerusalema, uNkulunkulu wakhuluma sengathi lo muzi ungowesifazane, wathi: “Ngaqhubeka ngakuvunulisa ngemihlobiso . . . , waba muhle kakhulu.” (Hezekeli 16:11-13) Le mihlobiso, nakuba yayiwumfuziselo, yayihlanganisa amasongo, imigexo namacici. ImiBhalo ifanisa imihlobiso yomuntu eyigolide ‘nomsoli ohlakaniphile’ omazwi akhe amukelwa isilaleli esizimisele. (IzAga 25:1, 12) Kunengqondo ukuphetha ngokuthi uma imiBhalo yenza lokhu kuqhathanis okuhle, uNkulunkulu ubengeke amelane nabesifazane abasebenzisa izinto ezinhle ukuze bathuthukise ubuhle babo.
Abesifazane AbangamaKristu Bayazihlobisa
Ezinye izindima zeBhayibheli zikhuluma ngokuqondile ngendaba yokuzilungisa kwabesifazane. Encwadini ayibhalela uThimothewu, umphostoli uPawulu wathi: “Ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle.” Uma abesifazane bezihlobisa “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo,” lokhu kungabonisa ukuthi owesifazane wesaba uNkulunkulu. (1 Thimothewu 2:9, 10) Uma abesifazane abangamaKristu bebonisa ubuhle obunesizotha, lokho kungazimelela kahle izimfundiso zikaNkulunkulu nebandla.
Abanye abantu bangase bakuphikise ukuthi wona la mavesi athi ukuhloba akumelwe kube “ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okungukuthi, ngemisebenzi emihle.” Ingabe lokhu kusho ukuthi abesifazane abakhulekela uNkulunkulu akufanele bazilungise izinwele zabo noma bavunule ngemihlobiso?
Cha, akunjalo; iBhayibheli likhuluma kahle ngokuzihlobisa. Ngakho esikhundleni sokwenqabela imihlobiso ethile, uPawulu wayekhuthaza abesifazane ukuba babe nokulinganisela futhi bagxile kakhudlwana ekuzihlobiseni ngezimfanelo zobuKristu nemisebenzi emihle.
Izisusa Zibalulekile
Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kodwa kunalokho yenzani lokhu kube yisinqumo senu, ukuba ningabeki isikhubekiso phambi komfowenu noma into engamkhela.” (Roma 14:13) Lokhu kusebenza kanjani ezintweni esikhetha ukuzihlobisa ngazo?
Okokuqala, uPawulu uthi “masingabe sisahlulelana.” Kumelwe siqaphele ukuba ‘singabeki isikhubekiso phambi komfowethu.’ Izindinganiso zokuthi ikuphi okwamukelekayo zingase zehluke ngokwamazwe nangokwamasiko. Okwamukelekayo endaweni ethile ngesikhathi esithile kungase kungafaneleki kwenye indawo. Akufanele sikhube noma sicasule abanye ngokuzihlobisa ngendlela ngokwesiko lendawo ehlotshaniswa nendlela yokuphila engathandeki. Abesifazane abesaba uNkulunkulu kufanele bazibuze ukuthi: Umphakathi ukubheka kanjani lokho engikugqokayo? Ingabe amalungu ebandla ayophoxeka, adideke noma abe namahloni ngenxa yokuthile engikugqokayo? Ngisho noma owesifazane ongumKristu enelungelo lokugqoka noma lokuzilungisa ngendlela ethile, uyolidela ilungelo lakhe uma likhuba abanye.—1 Korinte 10:23, 24.
Futhi, ukunaka kakhulu indlela obukeka ngayo kungaholela esimweni sengqondo esingalungile. Emazweni amaningi namuhla abesifazane abathile bazihlobisa ngendlela engeyinhle yokudlala ngemizwa yabanye ngenxa nje yokuthi bafuna ukunakwa. Kepha, abesifazane abangamaKristu bakugwema ngokuqondile ukusebenzisa kabi ukuzilungisa, belwela ukuba abahluzekile engqondweni nabamsulwa ezindabeni zabo zomuntu siqu, “ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.”—Thithu 2:4, 5.
Abesifazane abesaba uNkulunkulu bayaqonda ukuthi nakuba bengakhetha ukusebenzisa okokuzihlobisa ngaphandle, ubuhle babo bangempela ‘bukumuntu osithekile wenhliziyo’ futhi bubonakala ngesimo sabo sengqondo nangendlela abaphatha ngayo abanye abantu. (1 Petru 3:3, 4) Owesifazane owenza izinqumo ezinengqondo ngokuphathelene nendlela yakhe yokugqoka, yokusebenzisa izimonyo nemihlobiso, uthola inhlonipho kwabanye futhi udumisa uMdali wakhe.