KuThithu
2 Nokho, wena qhubeka ukhuluma izinto ezihambisana nemfundiso ephilayo. *+ 2 Amadoda asekhulile mawabe alinganiselayo, angathathi izinto kalula, ahluzekile engqondweni, aphilile okholweni, othandweni, ekukhuthazeleni. 3 Ngokufanayo, abesifazane asebekhulile mabaziphathe ngenhlonipho, banganyundeli, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle, 4 ukuze beluleke* abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, 5 babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa, abasebenzayo ekhaya,* abahle, nabazithobayo kubayeni babo, + ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
6 Ngokufanayo, qhubeka ukhuthaza izinsizwa ukuba zibe ezihluzekile engqondweni, + 7 uzibonakalise uyisibonelo semisebenzi emihle ngazo zonke izindlela. Fundisa izinto ezihlanzekile* ngokungathathi izinto kalula, + 8 usebenzise inkulumo enempilo* engeke igxekwe, + ukuze labo abaphikisayo bahlazeke, bengenalutho olubi* abangalusho ngathi. + 9 Izigqila mazizithobe kubaninizo ezintweni zonke, + zizame ukubajabulisa, zingaqagulisani nabo, 10 zingabantshontsheli, + kodwa zibonise ukwethembeka okuphelele, ukuze ngazo zonke izindlela zihlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu. +
11 Ngoba umusa omkhulu kaNkulunkulu oletha insindiso kuzo zonke izinhlobo zabantu ubonakalisiwe. + 12 Uyasiqeqesha ukuba silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe + nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kuNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto, *+ 13 kuyilapho silindele ithemba elijabulisayo + nokubonakaliswa okukhazimulayo kukaNkulunkulu omkhulu nokoMsindisi wethu, uJesu Kristu, 14 owazinikela ngenxa yethu + ukuze asikhulule *+ kuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho nokuba azihlanzele isizwe esiyimpahla yakhe ekhethekile, esishisekela imisebenzi emihle. +
15 Qhubeka ukhuluma ngalezi zinto, ukhuthaza* futhi usola ngegunya eligcwele. + Ungavumeli muntu akubukele phansi.