ISAHLUKO 13
“Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu”
NJENGEZINCEKU zikaNkulunkulu ezizinikezele, sinesibopho sokubonakalisa inkazimulo yakhe kukho konke esikushoyo nesikwenzayo. Umphostoli uPawulu wanikeza isimiso esiyisiqondiso lapho ebhala: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.” (1 Kor. 10:31) Lokhu kuhilela ukubambelela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga, eziwukubonakaliswa kobuntu bakhe obuphelele. (Kol. 3:10) Njengoba singabantu abangcwele, kumelwe sibe abalingisi bakaNkulunkulu.—Efe. 5:1, 2.
2 Eqaphelisa amaKristu ngalokhu, umphostoli uPetru wabhala: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’” (1 Pet. 1:14-16) Njengakwa-Israyeli wasendulo, bonke ebandleni lobuKristu kufuneka balondoloze ubungcwele. Lokhu kusho ukuthi kumelwe bahlale bengenabala, bengangcolisiwe isono nezwe. Ngaleyo ndlela baba abahlukaniselwe inkonzo engcwele.—Eks. 20:5.
3 Ubungcwele bulondolozwa ngokunamathela emithethweni nasezimisweni zikaJehova ezibhalwe ngokucacile emiBhalweni Engcwele. (2 Thim. 3:16) Ngokutadisha iBhayibheli, safundiswa ngoJehova nezindlela zakhe futhi sadonsekela kuye. Isifundo sethu sasiqinisekisa ngesidingo sokufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala nokwenza intando yakhe ize kuqala ekuphileni kwethu. (Math. 6:33; Roma 12:2) Lokhu kwadinga ukuba sigqoke ubuntu obusha.—Efe. 4:22-24.
UKUHLANZEKA NGOKOMOYA NANGOKUZIPHATHA
4 Akulula ngaso sonke isikhathi ukubambelela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga. Isitha sethu, uSathane uDeveli, sifuna ukusikhipha eqinisweni. Amathonya amabi aleli zwe nokuthambekela kwethu esonweni kwenza izinto zibe nzima ngezinye izikhathi. Ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kudinga ukuba silwe ngokomoya. ImiBhalo ithi masingamangali lapho sibhekana nokuphikiswa noma uvivinyo. Siyohlupheka ngenxa yokulunga. (2 Thim. 3:12) Singajabula nalapho sivivinywa, sazi ukuthi uvivinyo olunjalo luwubufakazi bokuthi senza intando kaNkulunkulu.—1 Pet. 3:14-16; 4:12, 14-16.
5 Nakuba uJesu ayephelele, wafunda ukulalela ngezinto ahlupheka ngazo. Akazange avumele izilingo zikaSathane zimnqobe noma ahahele izinto zezwe. (Math. 4:1-11; Joh. 6:15) Akazange nakanye acabange ukuhlehla eqinisweni. Nakuba inkambo yakhe yokwethembeka yabangela ukuba izwe limzonde, wabambelela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga. Ngaphambi nje kokuba afe, waxwayisa abafundi bakhe ngokuthi izwe laliyobazonda nabo. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, abalandeli bakaJesu baye babhekana nosizi, kodwa kuye kwabamisa isibindi ukwazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yalinqoba izwe.—Joh. 15:19; 16:33; 17:16.
6 Ukuze singabi ingxenye yezwe, kudingeka sisekele izindinganiso zikaJehova zokulunga njengoba kwenza iNkosi yethu. Ngaphandle kokugwema ukuzibandakanya nezombusazwe nezenhlalo zaleli zwe, kumelwe simelane nanokuziphatha kwalo okonakele. Sikubheka njengokubaluleke kakhulu ukusebenzisa iseluleko esikuJakobe 1:21: “Lahlani konke ukungcola naleyo nto engadingekile, ububi, namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi elikwaziyo ukusindisa imiphefumulo yenu.” Ngokutadisha nangokuba khona ezifundweni, ‘izwi [leqiniso] lingagxiliswa’ ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu, futhi ngeke sizifise nokuzifisa izinto ezisezweni. Umfundi uJakobe wabhala: “Anazi yini ukuthi ubungane nezwe bungubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jak. 4:4) Ngenxa yalokho, iBhayibheli lineseluleko esiqinile sokuba sibambelele ezindinganisweni zikaJehova zokulunga futhi sizigcine sihlukile ezweni.
7 IZwi likaNkulunkulu lisixwayisa ngokuba singahlanganyeli ekuziphatheni okuyihlazo nokonakele. Lithi: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele.” (Efe. 5:3) Ngakho kumelwe singazivumeli izingqondo zethu zicabange ngezinto eziyichilo, eziyihlazo noma ezingamanyala futhi ngeke neze sizivumele lezo zinto zingene ezingxoxweni zethu. Ngokwenza kanjalo sinikeza ubufakazi bokuthi sifuna ukubambelela ezindinganisweni zikaJehova zokuziphatha ezihlanzekile nezilungile.
UKUHLANZEKA NGOKWENYAMA
8 Ngaphezu kokuhlanzeka ngokomoya nangokuziphatha, amaKristu ayakuqaphela ukubaluleka kokuhlanzeka ngokwenyama. Kwa-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu wobungcwele wayefuna ukuba ikamu ligcinwe lihlanzekile. Nathi kumelwe sihlanzeke ukuze uJehova “angaboni lutho oluyihlazo” kithi.—Dut. 23:14.
9 EBhayibhelini ubungcwele nokuhlanzeka ngokwenyama kuhlobene eduze. Ngokwesibonelo, uPawulu wabhala: “Bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Kor. 7:1) Ngakho-ke, abesilisa nabesifazane abangamaKristu kufanele balwele ukugcina imizimba yabo ihlanzekile ngokugeza nangokuhlanza izingubo zabo njalo. Nakuba izimo zihlukahluka kuye ngamazwe, cishe singakwazi ukuthola insipho namanzi anele ukuba sigcine imizimba yethu ihlanzekile, siqiniseke nokuthi izingane zethu zihlale zihlanzekile.
10 Ngenxa yomsebenzi wethu wokufakaza, ngokuvamile siyaziwa emiphakathini esihlala kuyo. Ukugcina umuzi ucocekile, uhlanzekile futhi ulungiswe kahle, ngaphandle nangaphakathi, kukodwa nje kuyashumayela komakhelwane. Umkhaya wonke ungahlanganyela ekwenzeni lokhu. Abazalwane kufanele bawunake ngokukhethekile umuzi negceke, bazi ukuthi igceke elicocekile nendlu enakekelwa kahle inikeza abanye umbono omuhle. Lokhu, kanye nokuhola ezintweni ezingokomoya, kuwuphawu lokuthi izinhloko zemikhaya zengamela kahle emikhayeni yazo. (1 Thim. 3:4, 12) Odade nabo banomthwalo wokunakekela izinto, ikakhulukazi endlini. (Thithu 2:4, 5) Izingane eziqeqeshwe kahle zifeza indima yazo ngokuzigcina zihlanzekile zona ngokwazo namakamelo azo eqoqekile futhi ehlanzekile. Ngaleyo ndlela umkhaya uyabambisana ekuhlakuleleni imikhuba emihle yenhlanzeko eyofanelana nezwe elisha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.
11 Abantu bakaJehova abaningi namuhla baya emihlanganweni ngezimoto. Kwezinye izindawo awukwazi ukuya ensimini ngaphandle kwemoto. Kufanele igcinwe ihlanzekile futhi isesimweni esihle. Imizi yethu nezimoto zethu kufanele kufakazele ukuthi siyingxenye yabantu bakaJehova abahlanzekile nabangcwele. Isimiso esifanayo siyasebenza nasezikhwameni nasemaBhayibhelini esiwasebenzisa ensimini.
12 Ukugqoka nokuzilungisa kwethu kufanele kuhambisane nezimiso zikaNkulunkulu. Ngeke sicabange ukuya phambi komuntu oyisikhulu sigqoke ngobudlabha noma ngokunganaki. Kufanele sikukhathalele kangakanani-ke ukubukeka kwethu lapho simelela uJehova enkonzweni yasensimini noma esiteji! Izitayela zethu zokuzilungisa nezokugqoka zingathonya indlela abanye ababheka ngayo ukukhulekela uJehova. Ngokuqinisekile ngeke kufaneleke noma kube ukucabangela abanye ukungabi naso isizotha. (Mika 6:8; 1 Kor. 10:31-33; 1 Thim. 2:9, 10) Ngakho, lapho silungela ukuya ensimini noma emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesigodi noma eyesifunda, kufanele sikhumbule lokho imiBhalo ekushoyo ngokuhlanzeka ngokwenyama nokugqoka ngendlela enesizotha. Sifuna ukudumisa nokukhazimulisa uJehova ngaso sonke isikhathi.
Njengezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele, sinesibopho sokubonakalisa inkazimulo yakhe kukho konke esikushoyo nesikwenzayo
13 Kusebenza isimiso esifanayo nalapho sivakashela indlunkulu yomhlaba wonke noma ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Khumbula, igama elithi Bethel lisho ukuthi “iNdlu kaNkulunkulu.” Ngakho-ke kufanele sigqoke futhi siziphathe ngendlela ebesingenza ngayo lapho sisesifundweni eHholo LoMbuso.
14 Ngisho nalapho sizingcebelekele, kufanele sinake indlela esigqoke nesizilungise ngayo. Singase sizibuze, ‘Ingabe indlela engigqoke ngayo ingangenza ngibe namahloni okushumayela ngokwethukela?’
UKUZILIBAZISA NOKUZIJABULISA OKWAKHAYO
15 Ukuphumula nokuzilibazisa kubalulekile ukuze sihlale sinempilo. UJesu wake wamema abafundi bakhe ukuba bahambe naye baye endaweni engenabantu ‘bayophumula kancane.’ (Marku 6:31) Ukuphumula, ukuzilibazisa noma ukuzijabulisa okwakhayo kungakushiya uqabulekile. Kungasiqabula ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili nomsebenzi wethu ovamile.
16 Njengoba kunezindlela eziningi kangaka zokuzilibazisa namuhla, amaKristu kudingeka akhethe, asebenzise ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kulokho akwenzayo. Nakuba ukuzilibazisa kunendawo yako, akuyona into ebalulekile ekuphileni. Sixwayiswa ngokuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu bayoba “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thim. 3:1, 4) Okuningi kwalokho okubizwa ngokuthi ukuzilibazisa nokuzijabulisa akwamukeleki kubantu abafisa ukunamathela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga.
17 AmaKristu ekhulu lokuqala kwakudingeka amelane nomoya ongahlanzekile ezweni ayephila kulo elaliphishekela injabulo. Esekisini lamaRoma, izibukeli zazijatshuliswa ukubukela abanye behlushwa. Kwakubukiswa ngobudlova, ukuchithwa kwegazi nokuziphatha okubi kobulili ukuze kujatshuliswe izihlwele, kodwa amaKristu ayengazenzi lezo zinto. Namuhla izinto eziningi zokuzijabulisa zezwe zinezici ezifanayo futhi zanelisa izifiso ezingcolile zabantu. Kudingeka ‘siqaphelisise’ indlela esihamba ngayo, sifulathele ukuzijabulisa okonakalisayo. (Efe. 5:15, 16; IHu. 11:5) Ngisho noma ukuzijabulisa kungase kwamukeleke, indawo okukuyo ingase ingamukeleki.—1 Pet. 4:1-4.
18 Zikhona izinhlobo zokuzilibazisa nezokuzijabulisa ezakhayo amaKristu angazenza. Abaningi baye bazuza ngokulandela iseluleko esingokomBhalo nokusikisela okulinganiselayo okusezincwadini zethu.
19 Ngezinye izikhathi imikhaya eminingana ingase imenyelwe ubudlelwane bobuKristu emzini wothile. Noma abazalwane nodade bangase bamenyelwe edilini lomshado noma embuthanweni wokuzijabulisa. (Joh. 2:2) Abanikazi bomcimbi kufanele bazizwe benomthwalo wemfanelo ngalokho okwenzekayo. Ngokusobala kunesidingo sokuqapha uma kunabantu abaningi embuthanweni othile. Isimo esikhululekile emibuthanweni enjalo siye saholela abanye ukuba beqe imingcele yokuziphatha okufanelekile kobuKristu, badla futhi baphuza ngokweqile baze benza nezinye izono ezimbi kakhulu. Enalokhu engqondweni, amaKristu anokuqonda akubonile ukuhlakanipha kokungabi nemibuthano emikhulu nedonsa isikhathi eside. Uma kukhona utshwala, kufanele busetshenziswe ngokulinganisela. (Fil. 4:5) Uma kwenziwa yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi imibuthano iba eyakhayo neqabulayo ngokomoya, ukudla neziphuzo ngeke kube yizona zinto eziphambili.
20 Kuhle ukungenisa izihambi. (1 Pet. 4:9) Lapho simemela amaKristu emizini yethu ukuba azodla, athole iziphuzo, aziphumulele futhi kuxoxwe, sifuna ukukhumbula nalabo okungenzeka baswele. (Luka 14:12-14) Uma siyizimenywa kuleyo mibuthano, ukuziphatha kwethu kufanele kuhambisane neseluleko esikuMarku 12:31. Kuwumkhuba omuhle ukubonisa ukwazisa ngomusa abanye abasibonisa wona.
21 AmaKristu ayayithokozela inala yezipho ezivela kuNkulunkulu nokwazi ukuthi ‘angadla futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wawo onzima.’ (UmSh. 3:12, 13) Uma ‘zonke izinto sizenzela inkazimulo kaNkulunkulu,’ kuyothi lapho abamemayo nezimenywa bekhumbula imibuthano ababeyihlelile noma ababekuyo, bathole ukwaneliseka kokuthi baqabuleka ngokomoya.
IMISEBENZI YESIKOLE
22 Izingane zoFakazi BakaJehova ziyazuza ngokuthola imfundo yezwe eyisisekelo. Lapho zisafunda, zisebenzela ukuba zikwazi ukufunda nokubhala kahle. Ezinye izifundo ezifundiswa esikoleni zingaba usizo kakhulu kuzo njengoba ziphishekela imigomo engokomoya. Phakathi neminyaka yazo yesikole, ziyofuna ukuzama ngenkuthalo ‘ukukhumbula uMdali wazo Omkhulu’ ngokubeka izinto ezingokomoya kuqala.—UmSh. 12:1.
23 Uma ungumKristu osemusha osafunda, qaphela ukuba ungazihlanganisi ngokungenasidingo nentsha yaleli zwe. (2 Thim. 3:1, 2) Ngenxa yokuthi uJehova ulungiselele isivikelo esidingekayo, kuningi ongakwenza ukuze ubalekele amathonya ezwe. (IHu. 23:4; 91:1, 2) Ngakho ukuze uphephe, wasebenzise amalungiselelo kaJehova.—IHu. 23:5.
24 Iningi lentsha engoFakazi esafunda ikhetha ukungahlanganyeli ezintweni ezenziwa ngemva kwesikole ukuze izigcine ihlukile ezweni. Izingane ofunda nazo nothisha bangase bangakuqondi lokhu. Noma kunjalo, ukujabulisa uNkulunkulu yikona okubalulekile. Kusho ukuthi uyosebenzisa unembeza wakho oqeqeshwe yiBhayibheli futhi uzimisele ukuba ungangeneli imincintiswano yezwe futhi ungazihileli emikhubeni yokushisekela izwe. (Gal. 5:19, 26) Ngokulalela iseluleko esingokomBhalo sabazali abesaba uNkulunkulu nokuzuza ebudlelwaneni obuhle ebandleni, nina zingane ningakwazi ukubambelela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga.
UMSEBENZI WOKUZIPHILISA NABANGANE
25 Izinhloko zemikhaya zinesibopho esingokomBhalo sokondla imikhaya yazo. (1 Thim. 5:8) Noma kunjalo, ziyaqaphela ukuthi njengezikhonzi, ukuphishekela uMbuso kuza kuqala kunomsebenzi wokuziphilisa. (Math. 6:33; Roma 11:13) Ngokuphila ukuphila kokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu nokwaneliswa ukuba nokudla nezambatho, zigwema izinkathazo nezingibe zokuthanda izinto ezibonakalayo.—1 Thim. 6:6-10.
26 Wonke amaKristu azinikezele asebenzayo kufanele akhumbule izimiso ezingokomBhalo. Ukunakekela izidingo zethu ngokwethembeka kusho ukuthi siyenqaba ukwenza imikhuba ephula umthetho kaNkulunkulu noma umthetho wezwe. (Roma 13:1, 2; 1 Kor. 6:9, 10) Asizikhohlwa izingozi zokuzihlanganisa nabantu ababi. Njengamasosha kaKristu, asizihlanganisi namabhizinisi aphula izindinganiso zikaNkulunkulu, afaka ukungathathi-hlangothi kwethu kobuKristu engozini noma afaka ingokomoya lethu engozini. (Isaya 2:4; 2 Thim. 2:4) Asizihlanganisi futhi nesitha sikaNkulunkulu esingokwenkolo, “iBhabhiloni Elikhulu.”—IsAm. 18:2, 4; 2 Kor. 6:14-17.
27 Ukunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulunga kuyosenza singabusebenzisi kabi ubudlelwane bethu bobuKristu ukuze sithuthukise ibhizinisi lethu nezinye izidingo zomuntu siqu. Injongo yokuhlangana kwethu namanye amaKristu ezifundweni nasemihlanganweni emincane nemikhulu iwukukhulekela uJehova kuphela. Sisuke sidla etafuleni lakhe elingokomoya futhi ‘sikhuthazana.’ (Roma 1:11, 12; Heb. 10:24, 25) Ukuhlangana okunjalo kufanele kugcinwe kugxile ezintweni ezingokomoya.
UKUHLALA NGOBUNYE BOBUKRISTU
28 Izindinganiso zikaJehova zokulunga zidinga nokuba abantu bakhe ‘bagcine ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ (Efe. 4:1-3) Kunokuba umuntu ngamunye afune ukuzijabulisa yena, ufuna ukwenzela abanye okuhle. (1 Thes. 5:15) Cishe yiwona umoya owuthole ebandleni lakini lona. Kungakhathaliseki ukuthi singolwaluphi uhlanga, singesasiphi isizwe, siphila kanjani, sinjani isimo sethu sezimali noma sifunde kangakanani, sonke sibuswa yizindinganiso zokulunga ezifanayo. Ngisho nabantu bangaphandle baye basiphawula lesi sici esivelele sabantu bakaJehova.—1 Pet. 2:12.
29 Eqhubeka egcizelela isisekelo sobunye, umphostoli uPawulu wabhala: “Kukhona umzimba owodwa, nomoya owodwa, njengoba nje nabizelwa kuleli themba elilodwa enabizelwa kulo; iNkosi eyodwa, ukholo olulodwa, ubhapathizo olulodwa; uNkulunkulu oyedwa futhi onguYise wabo bonke abantu, ophezu kwabo bonke, okubo bonke futhi ophakathi kwabo bonke.” (Efe. 4:4-6) Lokhu kudinga ukuba sibe nobunye endleleni esiqonda ngayo izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo nezijulile, siqaphela ubukhosi bukaJehova. Ngempela, uJehova unikeze abantu bakhe ulimi oluhlanzekile lweqiniso olubenza bakwazi ukukhonza belinganisene ihlombe nehlombe.—Zef. 3:9.
30 Ubunye nokuthula kwebandla lobuKristu kwenza baqabuleke bonke abakhulekela uJehova. Sikubonile ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova: “Ngiyobamisa ngobunye, njengomhlambi esibayeni.” (Mika 2:12) Sifuna ukulondoloza lobo bunye obunokuthula ngokubambelela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga.
31 Bayathokoza labo abaye bamukelwa ebandleni likaJehova elihlanzekile! Ukubizwa ngegama likaJehova kukufanele konke ukuzidela okungase kudingeke sikwenze. Njengoba silondoloza ubuhlobo bethu obuyigugu noJehova, sizozama ngenkuthalo ukubambelela ezindinganisweni zakhe zokulunga nokuzitusa kwabanye.—2 Kor. 3:18.