Ukunakekela Umkhaya—Kufinyelelaphi?
“ISIKO labaNsundu lithi ngingumondli womfowethu,” kusho umbhali waseNigeria uS. A. Jegede. “Isiko labaNsundu lidinga ukuba umuntu ahloniphe futhi anakekele abazali bakhe.” Yebo, eAfrika nakwenzinye izingxenye zomhlaba, ukusiza amalungu omkhaya kuyindlela yokuphila.
Nokho, ngokuvamile kuthiwa “umkhaya” uhlanganisa omalumekazi, omalume, abazala, nabashana—ngisho nabantu nje abasesigodini esifanayo! Kodwa njengoba imikhaya yabaNsundu ishiya izabelo ngenxa yemisebenzi yasemadolobheni, izihlobo ezinjalo ezikude ngokobuhlobo ziye zaba umthombo wezinkinga. Imikhaya ethuthile ngokuvamile izithola izungezwe yizihlobo ezicela imali noma indawo yokuhlala. Nokho, ngenxa yokucindezela okukhulu kwempilo yasemadolobheni, ukusiza izihlobo ezikude noma abantu ovela nabo endaweni eyodwa ngokuvamile kuyinkinga, uma kungekhona okungenakwenzeka.
IBhayibheli liyaphawula: “Uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.” (1 Thimothewu 5:8) Nokho, isimiso sokunakekela umkhaya sifinyelela ibanga elide kangakanani? Ingabe umKristu unesibopho sokondla izihlobo zomkhaya ezikude kuzo zonke izimo? Noma ngabe kunjengoba umbhali waseNigeria ocashunwe ngenhla esho: “Ukusetshenziswa kabi kwesimiso sobuhlobo obukude akunandawo esikweni labaNsundu noma eBhayibhelini”?
Abazali Nabantwana
Isimiso sokukhathalela izihlobo ezikude sasikhona ngezikhathi zeBhayibheli. Nokho, ekuthuleni umKristu umthwalo ‘wokondla abakubo,’ akukho lapho iBhayibheli libonisa khona ukuthi lokhu kuhlanganisa zonke izihlobo nabanye besimiso sobuhlobo obukude.
IBhayibheli ligcizelela kakhulukazi izibopho zabazali kubantwana. Ngokuqondene nokusizwa yibandla, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.” (2 Korinte 12:14) UH. B. Clark, isikhulu somthetho esaziwayo, saphawula: “Isibopho esingokwemvelo nesifanelekile sisemahlombe kababa ukuba ondle umntanakhe.” Njengenhloko yomkhaya emiswe nguNkulunkulu, ubaba unomthwalo oyinhloko wokuba ngumondli. Ngokuvamile umfazi uyasiza ngokunakekela kahle ikhaya, ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha, ukusebenza ngisho nasegcekeni uma izimo zibizela lokho.—Qhathanisa nezAga 31:10-31.
Nokho, phawula ukuthi abazali bakhuthazwa ukuba benze okwengeziwe kunokumane nje bazuze imali. Banxuswa ukuba ‘baqongelele’ abantwana babo imali. Abazali abalandela lesiseluleko sokuhlakanipha ngokuvamile bayakwazi ukusiza abantwana babo ngisho nalapho sebekhulile bashiya ikhaya. Lokhu ikakhulukazi kufanelekile lapho abantwana bephishekela inkonzo yobuKristu yesikhathi esigcwele futhi ngezinye izikhathi bedinga usizo olungokwezimali ukuze bahlale bekuleyo nkonzo. Akuphawulwa ukuthi abazali kumelwe ‘baqongelele’ izihlobo ezikude ezingenakubalwa.
‘Ukubuyisela Okufaneleyo’
Lokhu kunakekela kothando kwabazali akukhona okungenakuvuzwa. Umphostoli uPawulu ku-1 Thimothewu 5:4 uthi: “Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” Ukusekela okunjalo umzali osegugile ngokuqinisekile kuyovumelana nomyalo weBhayibheli wokwazisa abazali.—Efesu 6:2; Eksodusi 20:12.
Futhi, phawula ukuthi uPawulu ngokusobala akazange abeke isibopho phezu kwezihlobo ezingahlobene eduze ukuba zinakekele abafelokazi abanjalo. Emuva ngalesosikhathi, lapho izihlobo eziseduze zazingekho ukuba zinakekele umfelokazi ongumKristu onerekhodi lenkonzo yokwethembeka, ibandla kwakumelwe lithwale umthwalo wokumnakekela.—1 Thimothewu 5:3, 9, 10.
Khona-ke isibopho sobuKristu sokondla ‘labo abangabendlu yakhe’ ngokuqinisekile sihlanganisa umngane womshado nabantwana, abazali nogogo. Umthwalo wemfanelo waloluhlobo ukhona ngisho nalapho labo okufanele bondliwe bengakholwa noma bekhubazekile ngandlela-thile. Uyaqhubeka uma nje labo bantu besaphila. Futhi uma umuntu eseshadile, kungase ngisho kuhlanganise ukusiza umngane wakhe womshado ukuba azise abazali bakhe. Ngezinye izikhathi izinkinga zomshado ezingathi sína ziye zaphakama lapho lesimiso siye sanganakwa noma sangaqashelwa.
Ungasekela Ngani? Nini?
Nokho, abazali akumelwe baphethe ngokuthi bangasaphaza imali yabo bekholelwa ukuthi, noma ngasiphi isikhathi, bangase bafune ukusekelwa okungokwezimali kubantwana babo. Futhi lokhu akusho ukuthi kumelwe bafune ukunakekelwa okweqile kubantwana babo, labo ngokuvamile abanemikhaya yabo okumelwe bayinakekele kuqala. Lombono uvumelana namazwi kaPawulu: “Akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.”—2 Korinte 12:14.
Ngaphansi kwezimo ezivamile, abazali bangase bakwazi ukuthola umuzi wabo siqu, impahla, nemali (kuhlanganise imali yomhlala-phansi yenkampane noma kahulumeni) engase ibasekele eminyakeni yabo yokuguga. “Imali iyisivikelo,” futhi ‘ngokuziqongelela’ ngokuhlakanipha, abazali ngokuvamile bangagwema ukuthwesa abantwana babo umthwalo omkhulu ongokwezimali noma ongokwemizwelo kamuva ekuphileni.—UmShumayeli 7:12, NW.
Nokho, amazwi kaSolomoni akumShumayeli 9:11, NW, asikhumbuza ukuthi ngisho namacebo aklanywe kahle ahlangabezana ‘nesikhathi kanye nesenzakalo esingenakubikezelwa.’ Khona-ke, kuthiwani, lapho naphezu kokuhlela ngokunakekela, ukusekeleka okungokwezimali kombhangqwana kwehluleka noma kudinga ukwenezelwa? Abantwana babo abesaba uNkulunkulu bayoshukumiseleka ngokwemvelo ukuba basekele ngendlela enokulinganisela. Lokhu kungasho ukubanikeza usizo olungokwezimali, ukumema abazali ukuba bahlale nabo noma eduze kwabo, noma, lapho kudingekile, bahlele ukubayisa ekhaya labagugile. Yebo, abazali asebegugile noma ogogo ngokuqinisekile kumelwe babe nokulinganisela, bangalindeli ukuba abantwana babo babalungiselele ukuphila okunethezeke kakhulu, ngokuba iseluleko seBhayibheli sithi: “Uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.”—1 Thimothewu 6:8.
Ezimweni eziningi, izimiso zikahulumeni zokulondeka ngokwezenhlalo, impesheni, usizo lwasebegugile, umuntu siqu nemali azilondolozele yona ingase inikeze usizo olwanele, futhi olufanelekile ngabazali asebegugile noma ogogo. Kungokuhlakaniphile ukwazi ukuthi yimaphi amalungiselelo angatholakala ngalabo abawafanelekelayo.—Roma 13:6.
Gwema Umbono WobuFarisi
UJesu wagxeka ababhali nabaFarisi ngokuba babethi kubazali ababeswele: “Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho. ” (Mathewu 15:5) Ngosuku lukaJesu, amaJuda ayengamakholwa ayebekela eceleni imali noma impahla ayeyoyinikela ekugcineni ethempelini. AbaFarisi babephoqelela umbono wokuthi lapho izimpahla ezinjalo sebezinikezele, kwakungamelwe neze zisetshenziselwe noma iyiphi enye injongo—kuhlanganise nokunakekela abazali asebegugile.
UKristu wasola lokhu kucabanga kwabaFarisi njengokungavumelani nomoya woMthetho kaNkulunkulu. Ngokubheka kwakhe, ukwazisa komuntu abazali bakhe kwakuza kuqala kunomthetho owenziwe ngumuntu. Ngokufanayo nanamuhla, amanye amaKristu aye anikezela ukuphila kwawo enkonzweni, mhlawumbe akhonza njengezithunywa zevangeli, amaphayona, noma ababonisi abajikelezayo. Lapho beqaphela ukuthi abazali babo babeswele, bazama kanzima ukuthola izindlela zokunakekela abazali babo lapho beqhubeka nohlobo lwenkonzo yabo. Kodwa lapho lawomalungiselelo anjalo engaphumeleli noma ngayiphi indlela, abazange bacabange ukuthi amalungelo abo enkonzweni ayebaluleke kakhulu kunokwazisa abazali babo. Abanjalo kumelwe batuswe ngokufudumele ngokwenza ushintsho ekuphileni kwabo—ngokuvamile ngokuzidela okukhulu komuntu siqu—ukuze bahlangabezane nezibopho zomkhaya.
Ukwenza Okuhle Kubo Bonke
Nakuba iBhayibheli linikeza amaKristu isibopho sokuba anakekele amalungu aseduze omkhaya wawo antulayo, lokhu ngokufanelekile akukhipheli eceleni ukubonisa uthando kumalungu akude omkhaya. Ngezinye izikhathi omalumekazi, abazala, noma abashana babonakala beseduze njengamalungu omkhaya aseduze! IBhayibheli lisikhuthaza ukuba “senze okuhle kubo bonke.” (Galathiya 6:10) Uma umKristu enakho okokusiza abanjalo, ngokuqinisekile akunakudingeka ukuba ‘avale amasango akhe esihawu.’ Yebo, angazizwa ngokufanelekile ebophekile ukusiza.—1 Johane 3:17.
Nokho, isibopho somKristu esiyinhloko siwukunakekela amalungu omkhaya wakhe aseduze—umngane womshado, abantwana, abazali, nogogo bakhe. Khona-ke uyocabangisisa ngaphambi kokuba athathe umthwalo wemfanelo ongabalimaza—ngokwezimali, ngokomzwelo, noma ngokomoya.
Khona-ke umyalo weBhayibheli ngokunakekela umkhaya muhle futhi ufanelekile. Ukuwusebenzisa kungakhulula umKristu ezinkathazweni eziningi, futhi kungamsiza ukuba abeke izinto eziza kuqala. Konke lokhu kuwudumo kuJehova, “uYise, eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni.”—Efesu 3:14, 15.
[Isithombe ekhasini 25]
Abazali abangamaKristu banomthwalo oyinhloko kubantwana babo
[Isithombe ekhasini 26]
Imithwalo yemfanelo yobuKristu ingafinyeiela kubazali asebegugile nakubantwana