Ungakuhlukanisi Lokho UNkulunkulu Akubophele Ndawonye
“Abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—MATHEWU 19:6.
1, 2. Kungani kuvumelana nemiBhalo futhi kuwukuba nengqondo ukulindela ukuthi imibhangqwana eshadile iyoba nazo izinkinga ngezinye izikhathi?
ZICABANGE usuzothatha uhambo olude ngemoto. Ingabe luzoba nezingqinamba ezithile? Kungaba ubuwula ukuzitshela ukuthi konke kuzohamba kahle! Ngokwesibonelo, isimo sezulu singase sibe sibi kakhulu, kudingeke wehlise ijubane futhi uqaphe ngokwengeziwe. Phakathi nohambo imoto ingase ibe nenkinga ongeke ukwazi ukuyilungisa, kudingeke ukuba uyikhiphe emgwaqweni futhi ucele usizo. Ingabe izimo ezinjalo kufanele zikwenze uphethe ngokuthi kube iphutha ukuthatha lolu hambo nokuthi kufanele uhlukane nale moto? Cha. Lapho uhamba ibanga elide, uyazilindela izinkinga futhi ngobuhlakani ufune izindlela zokubhekana nazo.
2 Kungokufanayo nangomshado. Izinkinga azigwemeki, futhi kungaba ubuwula ngombhangqwana ocabangela umshado ukucabanga ukuthi ukuphila kwawo kuyoba okujabulisayo kuphela. Kweyoku-1 Korinte 7:28, iBhayibheli alikufihli ukuthi amadoda nabafazi bayoba “nosizi enyameni yabo.” Kungani kunjalo? Kalula nje, yingoba amadoda nabafazi abaphelele, futhi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1; Roma 3:23) Ngakho, ngisho nombhangqwana ongokomoya ofanelana kahle, uyoba nazo izinkinga ngezinye izikhathi.
3. (a) Abantu abaningi ezweni bawubheka kanjani umshado? (b) Kungani amaKristu elwela ukulondoloza imishado yawo?
3 Ezweni lanamuhla lapho eminye imibhangqwana ihlangabezana nezinkinga, into yokuqala eyicabangayo ukuhlukanisa umshado wayo. Emazweni amaningi amanani abantu abahlukanisa umshado aqhubeka anda ngendlela eshaqisayo. Nokho, amaKristu eqiniso ayazisingatha izinkinga, awazibalekeli. Ngani? Ngoba abheka umshado njengesipho esingcwele esivela kuJehova. UJesu wathi ngemibhangqwana eshadile: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Mathewu 19:6) Kuyavunywa ukuthi ukuphila ngaleyo ndinganiso akulula ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, izihlobo nabanye—kuhlanganise nabeluleki abathile bezemishado—abangaziqapheli izimiso zeBhayibheli ngokuvamile bakhuthaza imibhangqwana ukuba ihlale ngokwehlukana noma ukuba ihlukanise umshado ngezizathu ezingavunyelwa neze yimiBhalo.a Kodwa amaKristu ayazi ukuthi kungcono kakhulu ukulungisa izinkinga nokulondoloza umshado kunokuwuqeda ngokuxhamazela. Ngempela, kubalulekile ukuba sizimisele kwasekuqaleni ukwenza izinto ngendlela kaJehova—singasebenzisi iseluleko sabanye abantu.—IzAga 14:12.
Ukunqoba Ubunzima
4, 5. (a) Iziphi izinselele okumelwe kubhekanwe nazo emshadweni? (b) Kungani izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu zisebenza ngempela ngisho nalapho kuphakama izinkinga emshadweni?
4 Iqiniso liwukuthi yilowo nalowo mshado uyakudinga ukunakekelwa njalo ngezikhathi ezithile. Ezimweni eziningi lokhu kuhlanganisa ukulungisa ukungezwani okuncane. Kweminye imishado nokho kungase kube nezinselele ezinkudlwana ezisongela isisekelo sobuhlobo bomshado. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba nicele usizo kumdala oshadile ongumKristu ongumakad’ ebona. Nokho, lezi zimo azisho ukuthi sekuphelile ngomshado wenu. Zimane ziqokomisa ukubaluleka kokunamathela ezimisweni zeBhayibheli lapho nifuna izixazululo.
5 NjengoMdali wohlanga lwesintu noMsunguli welungiselelo lomshado, uJehova wazi ngaphezu kwanoma ubani ukuthi sidingani ukuze imishado yethu iphumelele. Umbuzo uwukuthi, Siyosilalela yini iseluleko esitholakala eZwini lakhe futhi sisisebenzise? Akungabazeki ukuthi siyozuza uma senza kanjalo. UJehova wathi kubantu bakhe basendulo: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.” (Isaya 48:18) Ukunamathela eziqondisweni ezinikezwe eBhayibhelini kungenza umshado uphumelele. Asiqale ngokucabangela iseluleko iBhayibheli elisinikeza amadoda.
“Qhubekani Nithanda Omkenu”
6. Isiphi iseluleko imiBhalo esinikeza amadoda?
6 Incwadi umphostoli uPawulu ayibhalela abase-Efesu iphathele amadoda iziqondiso ezicacile. UPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo. Ngale ndlela, amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla. Noma kunjalo, yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena.”—Efesu 5:25, 28, 29, 33.
7. (a) Yini okufanele ibe isici esivelele sesisekelo somshado wamaKristu? (b) Amadoda angaqhubeka kanjani ethanda omkawo?
7 UPawulu akaxoxi ngazo zonke izinkinga ezingase zibe khona phakathi kwendoda nomkayo. Kunalokho, uveza umnyombo wendaba ngokuveza lokho okufanele kube isici esivelele sesisekelo sayo yonke imishado yamaKristu—uthando. Empeleni kula mavesi angenhla ukhuluma ngothando izikhathi eziyisithupha. Phawula futhi ukuthi uPawulu uthi emadodeni: “Qhubekani nithanda omkenu.” Akungabazeki ukuthi uPawulu waqaphela ukuthi kulula ukufikelwa uthando ngomuntu othile, kodwa akulula ukululondoloza lolo thando. Lokhu kunjalo ikakhulukazi kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ lapho abantu abaningi ‘bengabazithandayo, futhi bengafuni sivumelwano.’ (2 Thimothewu 3:1-3) Izimfanelo ezinjalo ezingathandeki zicekela phansi imishado eminingi namuhla, kodwa indoda enothando ngeke ivumele izimfanelo zobugovu zaleli zwe zithonye ukucabanga nezenzo zayo.—Roma 12:2.
Ungamnakekela Kanjani Umkakho?
8, 9. Indoda engumKristu imnakekela ngaziphi izindlela umkayo?
8 Uma uyindoda engumKristu, ungamelana kanjani nokuthambekela kobugovu futhi ubonise umkakho uthando oluqotho? Emazwini awabhalela abase-Efesu acashunwe ngaphambili, uPawulu ubalula izinto ezimbili okudingeka uzenze—wondle umkakho, futhi umnakekele ngesisa ngendlela nje owunakekela ngayo umzimba wakho. Ungamondla kanjani umkakho? Indlela yokuqala ukunakekela izidingo zakhe ezingokwenyama. UPawulu wabhalela uThimothewu: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thimothewu 5:8.
9 Nokho, kuhileleke okungaphezu nje kokumnika ukudla, izingubo nendawo yokuhlala. Ngani? Ngoba kuyenzeka ukuba indoda yenze kahle kakhulu ekunakekeleni izidingo zomkayo ezingokwenyama kodwa ihluleke ukwanelisa izidingo zomkayo ezingokomzwelo nezingokomoya. Ukumnakekela ngalezi zindlela ezimbili eziqeda kushiwo kubalulekile. Yiqiniso, amadoda amaningi angamaKristu amatasa kakhulu anakekela izindaba zebandla. Kodwa ukuthi indoda inomthwalo omkhulu ebandleni akusho ukuthi kufanele idebeselele izibopho zayo ezinikwe uNkulunkulu njengenhloko yomkhaya. (1 Thimothewu 3:5, 12) Ukhuluma ngale ndaba, lo magazini wake washo la mazwi eminyakeni ethile edlule: “Ngokuvumelana nezimfuneko zeBhayibheli, kungashiwo ukuthi ‘ukwalusa kuqala ekhaya.’ Uma umdala engawunaki umkhaya wakhe, angase afake isabelo sakhe engozini.”b Kusobala ukuthi kuyisibopho ukuba unakekele umkakho—ngokwenyama, ngokomzwelo, futhi okubaluleke kunakho konke ukuba umnakekele ngokomoya.
Kusho ukuthini Ukunakekela Umkakho Ngesisa?
10. Indoda ingamazisa kanjani umkayo?
10 Uma umnakekela ngesisa umkakho, umnakekela kahle ngoba umthanda. Kunezindlela eziningana ongakwenza ngazo lokhu. Okokuqala, chitha isikhathi esanele nomkakho. Uma ungakwenzi lokhu, uthando lwakhe ngawe lungase luphole. Khumbula nokuthi endabeni yokuchitha isikhathi naye nokumnaka, lokho wena ocabanga ukuthi umkakho uyakudinga kungase kungabi yilokho yena anomuzwa wokuthi uyakudinga. Akuyona indaba nje yokuzitshela wena ukuthi umnakekela ngesisa umkakho. Umkakho kumelwe ezwe ukuthi unakekelwa ngesisa. UPawulu wabhala: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:24) Njengomyeni onothando, ufuna ukuqiniseka ukuthi uyaziqonda izidingo zomkakho zangempela.—Filipi 2:4.
11. Indlela indoda ephatha ngayo umkayo ibuthinta kanjani ubuhlobo bayo noNkulunkulu kanye nebandla?
11 Enye indlela yokubonisa ukuthi uyamazisa umkakho ukumphatha ngesisa ngezenzo nangenkulumo. (IzAga 12:18) UPawulu wabhalela abaseKolose: “Nina madoda, qhubekani nithanda omkenu futhi ningabathukutheleli kakhulu.” (Kolose 3:19) Ngokwenye incwadi, ingxenye yokugcina yamazwi kaPawulu ingase ihunyushwe ngenkulumo ethi “ungamphathisi okwesisebenzi sasendlini” noma “ungamenzi isigqila.” Indoda engumashiqela—ekhaya noma phambi kwabantu—ngokuqinisekile ayibonisi ukuthi imnakekela ngesisa umkayo. Ngokuphatha umkayo ngokhahlo, ingase ilimaze ubuhlobo bayo noNkulunkulu. Umphostoli uPetru wabhalela amadoda: “Qhubekani nihlala [nomkenu] ngendlela efanayo ngokolwazi, nibazisa njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane, njengoba nani niyizindlalifa kanye nabo zomusa ongafanelwe wokuphila, ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.”c—1 Petru 3:7.
12. Yini indoda engumKristu engayifunda endleleni uJesu ayephatha ngayo ibandla lobuKristu?
12 Ungalokothi uluthathe kalula uthando lomkakho. Mqinisekise njalo ukuthi usamthanda. UJesu wabekela amadoda angamaKristu isibonelo endleleni ayephatha ngayo ibandla lobuKristu. Wayemnene, enomusa, ethethelela—ngisho nalapho abalandeli bakhe bebonisa ngokuphindaphindiwe izici ezingezinhle. Ngakho, uJesu wayengase asho la mazwi kwabanye: “Wozani kimi, . . . ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” (Mathewu 11:28, 29) Ilingisa uJesu, indoda engumKristu iphatha umkayo ngendlela uJesu ayephatha ngayo ibandla. Indoda emazisa ngempela umkayo, ekubonisa lokhu ngezwi nangezenzo, iyoba umthombo wokuqabuleka kwangempela kuye.
Abafazi Abaphila Ngezimiso ZeBhayibheli
13. IBhayibheli liqukethe ziphi izimiso ezingasiza abafazi?
13 IBhayibheli liqukethe nezimiso ezingasiza abafazi. Eyabase-Efesu 5:22-24, 33 ithi: “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi walo mzimba. Eqinisweni, njengoba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele abayeni babo kuzo zonke izinto. . . . Umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”
14. Kungani isimiso semiBhalo sokuzithoba singabehlisi abesifazane?
14 Phawula indlela uPawulu akugcizelela ngayo ukuzithoba nenhlonipho. Umfazi ukhunjuzwa ukuba azithobe kumyeni wakhe. Lokhu kuvumelana nelungiselelo likaNkulunkulu. Zonke izidalwa eziphilayo ezulwini nasemhlabeni zizithoba kothile. Ngisho noJesu uzithoba kuJehova uNkulunkulu. (1 Korinte 11:3) Yebo, indoda esebenzisa ubunhloko bayo ngendlela efanele iyokwenza kube lula ngomkayo ukuba ahlale ezithoba kuyo.
15. Iziphi ezinye zezeluleko ezitholakala eBhayibhelini eziqondiswe kubafazi?
15 UPawulu wabuye wathi umfazi “kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” Umfazi ongumKristu kufanele abonise ‘umoya onokuthula nobumnene,’ angazidli aphikisane nomyeni wakhe noma alandele inkambo yokuzibusa. (1 Petru 3:4) Umfazi owesaba uNkulunkulu usebenza kanzima ukuze azuzise abendlu yakhe futhi uletha udumo kulowo oyinhloko yakhe. (Thithu 2:4, 5) Uyozama ukukhuluma kahle ngomyeni wakhe, kanjalo angenzi lutho oluyokwenza abanye bangamhloniphi umyeni wakhe. Uyosebenza kanzima futhi ukuze enze izinqumo zomyeni wakhe ziphumelele.—IzAga 14:1.
16. Abafazi abangamaKristu bangafundani ezibonelweni zikaSara noRebheka?
16 Ukuba nomoya onokuthula nobumnene akusho ukuthi owesifazane ongumKristu akabi nalo izwi noma ukuthi lokho akucabangayo akubalulekile. Abesifazane basendulo abesaba uNkulunkulu abanjengoSara noRebheka, bathatha isinyathelo ngokwabo sokuveza ukukhathazeka kwabo ngezindaba ezithile, futhi ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi uJehova wazamukela izenzo zabo. (Genesise 21:8-12; 27:46–28:4) Abafazi abangamaKristu nabo bangayiveza imizwa yabo. Nokho, kufanele babonise ukucabangela lapho benza kanjalo, kungabi ngendlela yokweyisa. Cishe bayothola ukuthi ukukhulumisana okunjalo kuyoba okujabulisayo nokuphumelela kakhudlwana.
Indima Yokuzibophezela
17, 18. Iziphi ezinye zezindlela amadoda nabafazi abangamelana ngazo nemizamo kaSathane yokubhidliza isibopho somshado?
17 Umshado uwukuzibophezela ukuphila kwakho konke. Ngakho-ke, bobabili indoda nomfazi kufanele babe nesifiso esiqotho sokuwenza uphumelele. Ukuntuleka kokukhulumisana ngokukhululekile kungenza izinkinga zikhule futhi zibe zimbi nakakhulu. Ngokuvamile, abangane bomshado bayayeka ukukhulumisana lapho kuphakama izinkinga, okubangela ukushuba komoya. Abanye abangane bomshado baze bafune nendlela yokuphuma emshadweni, mhlawumbe baqale ukuthandana nothile. UJesu waxwayisa: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.
18 Umphostoli uPawulu weluleka wonke amaKristu, kuhlanganise namaKristu ashadile: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.” (Efesu 4:26, 27) Isitha sethu esikhulu, uSathane, sisizakala ngokungezwani okungase kube khona phakathi kwamaKristu. Ungasivumeli siphumelele! Lapho kuphakama izinkinga, cwaningani lokho okushiwo iBhayibheli ngombono kaJehova ngendaba, nisebenzisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Xoxani ngezinto eningezwani kuzo ngendlela ezolile futhi nivulelane izifuba. Sebenzisani izindinganiso zikaJehova, ningagcini ngokuzazi nje kuphela. (Jakobe 1:22-25) Uma kuziwa emshadweni wenu, zimiseleni ukuqhubeka nihamba noNkulunkulu njengombhangqwana, futhi ningalokothi nivumele noma ubani noma yini ukuba ihlukanise lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye!—Mika 6:8.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka ibhokisi elithi “Isehlukaniso Nokuhlala Ngokuhlukana” kuyi-Phaphama! ka-February 8, 2002, ikhasi 28, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Bheka INqabayokulinda ka-May 15, 1989, ikhasi 12.
c Ukuze ifanelekele amalungelo ebandleni lobuKristu, indoda akumelwe ibe ‘eshayayo’—okungukuthi, akumelwe ishaye abanye abantu ngokoqobo noma ngokubakhahlameza ngamazwi. Ngokuvumelana nalokho, INqabayokulinda ka-September 1, 1990, ikhasi 25, ithi: “Indoda ayifaneleki uma yenza izinto ngendlela yokwesaba uNkulunkulu kwenye indawo kodwa ibe ngumashiqela ekhaya.”—1 Thimothewu 3:2-5, 12.
Uyakhumbula?
• Kungani ngisho nemishado yamaKristu iba nezinkinga?
• Indoda ingamnakekela kanjani umkayo futhi ibonise ukuthi iyamazisa?
• Umfazi angenzani ukubonisa ukuthi umhlonipha ngokujulile umyeni wakhe?
• Indoda nomfazi bangakuqinisa kanjani ukuzibophezela kwabo?
[Isithombe ekhasini 20]
Indoda kufanele ibe umondli omuhle, hhayi ngokwezinto ezibonakalayo kuphela kodwa nangokomoya
[Isithombe ekhasini 21]
Indoda emnakekela ngesisa umkayo ingumthombo wokuqabuleka kuye
[Isithombe ekhasini 23]
Abafazi abangamaKristu baveza imizwa yabo ngendlela enenhlonipho