Ukuhlelwa Komndeni—Umbono WamaKristu
KUYI-WORLD Population Conference yokuqala, ngo-1974, amazwe angu-140 ayehlangene enza isinqumo esingokomthetho sokuthi yonke imibhangqwana “inelungelo eliyisisekelo lokuzinqumela ngokukhululekile nangomuzwa womthwalo wemfanelo inani lezingane nokulanyaniswa kwazo nokuthola ukwaziswa, imfundo, nezindlela zokwenza kanjalo.”
Abaningi babheka lesosinqumo esingokomthetho njengesihle. Yiqiniso, uNkulunkulu watshela uAdamu noEva, futhi kamuva umkhaya kaNowa, ukuba ‘bande, bagcwalise umhlaba,’ kodwa awukho umthetho onjalo owanikezwa amaKristu. (Genesise 1:28; 9:1) ImiBhalo ayiyikhuthazi imibhangqwana engamaKristu ukuba ibe nezingane futhi ayiyitsheli ukuba ingabi nazo. Imibhangqwana eshadile ingase izinqumele ngokwayo ukuthi iyafuna yini ukuba nezingane noma cha futhi, uma ihlela ukuba nezingane, zingaki eyoba nazo futhi kunini lapho iyoba nazo.
Umthwalo Wemfanelo Ewunikezwe UNkulunkulu
Nokho, ingabe uphawulile yini ukuthi amazwi e-World Population Conference athi imibhangqwana kufanele inqume ‘ngomuzwa womthwalo wemfanelo inani lezingane nokulanyaniswa kwazo’? Lesimiso somthwalo wemfanelo siyavumelana futhi neBhayibheli. Abazali abangamaKristu bayaqaphela ukuthi nakuba izingane ziyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu, lesipho sihambisana nomthwalo wemfanelo omkhulu.
Okokuqala, kunomthwalo wemfanelo wokunakekela izingane ngokwezinto ezibonakalayo. IBhayibheli lithi: “Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.”—1 Thimothewu 5:8.
Ukondla umkhaya womuntu kuhilela okungaphezu nje kokubeka ukudla etafuleni nokukhokha izikweleti, nakuba lokhu ngokwakho kuwumsebenzi omkhulu. Imibhangqwana engamaKristu enomthwalo wemfanelo, lapho ihlela ubukhulu bemikhaya yayo, icabangela impilo kamama engokomzimba kanye nenhlalakahle yakhe engokomzwelo, engokwengqondo, nengokomoya. Ukunakekela ingane kuthatha isikhathi esiningi kakhulu, futhi lapho abantwana belamana eduze kakhulu, ngokuvamile omama abadeli nje kuphela isikhathi sabo sokuphumula, ukuzilibazisa, intuthuko yomuntu siqu, nokuhileleka emisebenzini yobuKristu kodwa futhi nempilo yabo engokomzimba nengokomoya.
Abazali abangamaKristu abanomthwalo wemfanelo bacabangela futhi nezidingo zezingane zabo. I-State of the World’s Population 1991 ithi: “Izingane ezizalwa emikhayeni emikhulu, elamanisa eduze kakhulu kumelwe zibange ukudla, izingubo zokugqoka nothando lobuzali nabafowabo nodadewabo. Futhi zivulekele kakhulu ezifweni. Uma lezingane ziphila zidlule eminyakeni yazo yobuntwana evulekele ezifweni, ukukhula kwazo kungenzeka ukuba kuphazamiseke futhi nokukhula kwengqondo yazo kukhubazeke. Amathemba alezingane ekuphileni kokuba abantu abadala anciphe kakhulu.” Yiqiniso, lokhu akunjalo kuyo yonke imikhaya emikhulu, kodwa kungokuthile imibhangqwana engamaKristu okufanele ikucabangele lapho ihlela inani lezingane ezoba nazo.
Abazali abangamaKristu banomthwalo wemfanelo wokunakekela izingane zabo ngokomoya, njengoba iBhayibheli liyala: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efesu 6:4.
UEmeka, umKristu ofundisa izifundo zobumeli eNigeria, usenonyaka eshadile futhi akajahile ukuba ngubaba womkhaya omkhulu. “Mina nomkami siye sabonisana ukuthi sizoba nezingane ezingaki. Sacabangela ukuba nezinhlanu kodwa sanquma ukuba nezintathu. Kamuva saphetha ngokuthi ezimbili ziyoba ngcono. Kunzima ukukhulisa izingane ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Kuwumthwalo wemfanelo omkhulu.”
Eminye imibhangqwana engamaKristu iye yanquma ukungabi nazo izingane ukuze inikele sonke isikhathi sayo ekukhonzeni uNkulunkulu. Esinye isithunywa sevangeli eAfrika esavumelana nomyeni waso ukuba bahlale bengenazingane saphawula: “Angizizwa ngilahlekelwe ngokungazali izingane. Nakuba mina nomyeni wami singajabuleli izinjabulo zokuba abazali, ukuphila kwethu bekugcwaliswe ngezinye izinjabulo. Ngokuhlanganyela ekusizeni abanye ukuba bafunde iqiniso leBhayibheli, sinezingane ezingokomoya ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Siyazithanda, futhi ziyasithanda. Kukhona isibopho esikhethekile phakathi kwethu. Ngesizathu esihle, umphostoli uPawulu wazifanisa nomdlezane ngenxa yothando lwakhe ngalabo abasiza ngokomoya.”—1 Thesalonika 2:7, 8.
Ukuvimbela Inzalo
Ingabe iBhayibheli liyakulahla ukuvimbela inzalo? Cha, alikulahli. Ukukhetha kushiyelwa embhangqwanweni. Uma umbhangqwana oshadile ukhetha ukuvimbela inzalo, ukukhetha kwawo izinto zokuvimbela inzalo kuyindaba yomuntu siqu. Nokho, indlela yokuvimbela inzalo umbhangqwana wamaKristu oyikhethayo kufanele ibuswe inhlonipho ngobungcwele bokuphila. Njengoba iBhayibheli libonisa ukuthi ukuphila komuntu kuqala ekukhulelweni, amaKristu ayozigwema izindlela zokuvimbela inzalo ezikhipha isisu, noma eziqeda ukuphila kwengane ekhulayo.—IHubo 139:16; qhathanisa noEksodusi 21:22, 23; Jeremiya 1:5.
Ngakho imibhangqwana ingakhetha izindlela ezihlukahlukene lapho kuziwa ekuhlelweni komndeni. Eminye ingase ifise ukulinganisela inani lezingane ezoba nazo. Eminye, isebenzisa indlela ethile yokuvimbela inzalo, ingase inqume ukungabi nabo kwanhlobo abantwana. Kukhona izindlela eziningi zokuvimbela inzalo, ngayinye inezinzuzo nezinkinga zayo. Ekunqumeni ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu kuyo, imibhangqwana kufanele ikhumbule ukuthi ezinye izindlela ziphumelela kakhulu kunezinye. Kufanele futhi ibuze ngemiphumela emibi engaba khona. Odokotela nemitholampilo yokuhlelwa kwemindeni bahlonyiselwe ukunikeza iseluleko ngezindlela zokuvimbela inzalo nokusiza imibhangqwana ukuba ikhethe leyo ehlangabezana kangcono kakhulu nezidingo zayo.
Isinqumo umbhangqwana osenzayo sokuba nabantwana abaningi, abambalwa, noma sokungabi nabo singesawo siqu. Futhi kuyisinqumo esibalulekile esinemiphumela efinyelela kude. Imibhangqwana eshadile iyokwenza kahle ukucabangela lendaba ngokunakekela nangomkhuleko.
[Ibhokisi ekhasini 8, 9]
Izindlela Zokuvimbela Inzalo Ezivame Kakhulu
Ukuvala Inzalo Ngokuhlinzwa
Emadodeni: Inqubo elula yokuhlinza lapho kusikwa khona kancane esikhwameni samasende nemithambo ethwala isidoda iyasikwa.
Kwabesifazane: Inqubo yokuhlinza lapho ama-Fallopian tube eboshwa noma esikwa khona ukuze kuvinjelwe iqanda ukuba lingadluleli esizalweni.
Izinzuzo: Kuzo zonke izindlela zokuvimbela inzalo, ukuvala inzalo ngokuhlinzwa kuphumelela ukuzedlula zonke.
Izingozi: Kungahlala phakade. Kukho kokubili amadoda nabesifazane, ukuhlinzwa kuye kwavula inzalo futhi, kodwa lokhu akunakuqinisekiswa.a
Amaphilisi Okuvimbela Inzalo
Lawa ahlanganisa amaphilisana ane-progestin kuphela. Aphazamisa amazinga avamile ama-hormone owesifazane ukuze avimbele ukuvuthwa kweqanda nokukhululwa kwalo.b
Izinzuzo: Aphumelela kakhulu ekuvimbeleni ukukhulelwa.
Izingozi: Anemiphumela ethile emibi engokomzimba, kodwa mincane kubantu abanempilo abangabhemi abaneminyaka engaphansi kuka-40 ubudala.
I-diaphragm Ne-spermicide
I-diaphragm indetshana yenjoloba esandilinga enwetshelwe ngaphezu kwe-rim eyenziwe ngenjoloba. Ngemva kokugcobisa uketshezi olubulala amangqamuzana esidoda (spermicide) kulendetshana, lendetshana ifakwa embotsheni yowesifazane ukuze ilingane embotshaneni engenela esizalweni.
Izinzuzo: Indlela elondekile, enokwethenjelwa kakhulu yokuvimbela inzalo lapho isetshenziswa ngokufanele.
Izingozi: Kumelwe isetshenziswe ngaso sonke isikhathi lapho umbhangqwana uhlanganyela ubulili. Kudingeka ikhono ekufakeni lenjoloba ngendlela efanele, futhi kufanele ifakwe ngaphambi kokuba kuhlanganyelwe ubulili futhi igcinwe lapho amahora ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili kamuva.
I-cervical Cap
Into eyenziwe ngepulasitiki noma injoloba esandetshana engaphansana kwe-diaphragm. Njenge-diaphragm, ifakwa ngaphezu kwembotshana engenela esizalweni kodwa ingena kahle kakhulu futhi ayidingi ukugcotshwa ngoketshezi oluningi olubulala amangqamuzana esidoda.
Izinzuzo: Lesisembozo siphumelela ngendlela efanayo ne-diaphragm, futhi singagcineka kahle amahora angu-48. Akudingekile ukuba kufakwe uketshezi olubulala isidoda lapho kuzohlanganyelwa ubulili ngokuphindaphindiwe phakathi nalesosikhathi.
Izingozi: Kunzima kakhulu ukuyifaka kune-diaphragm, futhi lapho ifakwa ngaphezu kwembotshana engenela esibelethweni kufanele ihlolwe ngaphambi nangemva kwesenzo ngasinye sokuhlanganyela ubulili. Kungaba nezingozi zokungenwa izifo zesibeletho noma zembotshana engenela esibelethweni. Lesisembozo kufanele sifakwe abesifazane kuphela abenza ukuhlolwa kwesibeletho okuvamile (Pap tests).
Isiponji
Isiponji se-polyurethane esinomuthi obulala isidoda esifakwa embotsheni yokuzala yowesifazane ukuze sivale imbotshana engenela esibelethweni, ngaleyondlela sakhe umngcele ovimbela isidoda ongokomzimba nongokwamakhemikhali. Siyalahlwa ngemva kokusetshenziswa.
Izinzuzo: Lesiponji singayekwa singakhishwa amahora angafinyelela kwangu-24 futhi siyasebenza uma kuhlanganyelwa ubulili ngokuphindaphindiwe phakathi nalesosikhathi.
Izingozi: Kubikwa ukungasabeli kahle okuthile komzimba nezehlakalo ezimbalwa zababa ne-toxic shock syndrome.
Into Efakwa Ngaphakathi Esibelethweni (Intrauterine Device)
Lento esansimbi noma eyipulasitiki ebizwa futhi ngokuthi i-IUD, i-loop, noma i-coil, ifakwa esibelethweni. Nakuba kunokungaqiniseki ngendlela esebenza ngayo ngempela, odokotela bakholelwa ukuthi ivimbela inzalo ngezindlela eziningana. Ngokunokwenzeka enye yalezindlela iwukuvimbela iqanda elivundile ekuhlaleni esizalweni.
Izinzuzo: Indlela enokwethenjelwa yokuvimbela inzalo.
Izingozi: Ngezinye izikhathi ibangela ukopha noma ubuhlungu, futhi indlela esebenza ngayo ngezinye izikhathi ingase ifane nokukhipha isisu.c
Ama-condom
Ulwelwesi olufakwa ngaphezu kwesitho sowesilisa ukuze luvimbele isidoda ukuba singangeni embotsheni yokuzala yowesifazane.
Izinzuzo: Indlela yokuvimbela inzalo elondekile nephumelelayo. Inciphisa amathuba okudluliselwa kwezifo ezithathelwana ngobulili, kuhlanganise nengculaza.
Izingozi: Abanye abayithandi ngoba ukusetshenziswa kwayo kudinga ukuphazamiseka kwesenzo sobulili.
Ukukhishwa Kwesitho Sowesilisa
Ukukhishwa kwesitho sowesilisa embotsheni yowesifazane ngaphambi nje kokukhishwa kwesidoda.
Izinzuzo: Akudingi zindleko, ukulungiselela, noma izinto ezisetshenziswayo zangaphandle.
Izingozi: Akwanelisi ngokobulili, kudinga ukuzithiba okukhulu, futhi akunakwethenjelwa neze.
Indlela Yokuhlanganyela Ubulili Ngezikhathi Ezithile (Rhythm Method)
Imibhangqwana iyayeka ukuhlanganyela ubulili phakathi nezinsuku zokuya esikhathini kowesifazane lapho esuke evunde kakhulu khona.
Izinzuzo: Ilondekile, ayikho imiphumela eseceleni emibi, ayidingi senzo esithile ngesikhathi sokuhlanganyela ubulili.
Izingozi: Ayiyona indlela ephumelela kakhulu yokuvimbela ukukhulelwa ngaphandle uma umbhangqwana uzimisele ngempela ukungabi nabantwana futhi unamathela ngokuqinile ezelulekweni zokusebenzisa lenqubo.
Ukufakelwa Ama-hormone (Hormonal Implant)
Indlela entsha shá yokuvimbela inzalo, uhide lwama-cylinder e-silicon amancane lufakwa ngaphansi kwesikhumba sengalo yowesifazane. Isikhathi esingaba iminyaka emihlanu, lama-cylinder aqhubeka ekhiphela isilinganiso esincane kakhulu sama-hormone egazini. Phakathi nalesikhathi owesifazane uvikelekile ekukhulelweni.
Izinzuzo: Kuphumelela kakhulu. Ukuvunda kungabuyiselwa ngokukukhipha lokhu.
Izingozi: Zincane kakhulu. Iyafana nephilisi lokuvimbela inzalo eline-progestin kuphela (iphilisana). Lapho kusetshenziswa imijovo ye-progestin kuphela, ngokunokwenzeka ukukhulelwa kuvinjelwa ngezindlela zokuphahlaza iqanda elivundile.d
[Imibhalo yaphansi]
a Ingxoxo ngokuphathelene nokuthi ukuvala inzalo ngokuhlinzwa kuyavumelana yini nezimiso zobuKristu itholakala ku-Nqabayokulinda ka-May 1, 1985, ikhasi 31.
b Ingxoxo ngendlela amaphilisi okuvimbela inzalo avimbela ngayo ukukhulelwa itholakala ku-Nqabayokulinda ka-June 15, 1989, ikhasi 29.
c Ingxoxo ngokuphathelene nokuthi i-IUD iyavumelana yini nezimiso zobuKristu itholakala ku-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-May 15, 1979, amakhasi 30-1.
d Indaba ephathelene nendlela amaphilisi okuvimba avimba ngayo ukuzala itholakala ku-Nqabayokulinda ka-June 15, 1989, ikhasi 29.