Insindiso
Incazelo: Ukuvikeleka noma ukukhululwa engozini noma ekubhujisweni. Lokho kungase kube ukukhululwa ezandleni zabacindezeli noma abashushisi. Kuwo wonke amaKristu eqiniso, uJehova ngeNdodana yakhe ulungiselela ukukhululwa esimisweni samanje sezinto esibi kanye nokusindiswa ekuboshweni yisono nokufa. Esixukwini esikhulu sezinceku zikaJehova ezithembekile eziphila phakathi ‘nezinsuku zokugcina,’ ukusindiswa kuyohlanganisa ukuvikeleka zisinde osizini olukhulu.
Ingabe uNkulunkulu, ngomusa wakhe omkhulu, ekugcineni uyosindisa sonke isintu?
Ingabe eyesi-2 Petru 3:9 ibonisa ukuthi kuyoba nensindiso yomhlaba wonke? Ithi: “INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” Kuyisifiso sikaNkulunkulu somusa ukuba yonke inzalo ka-Adamu iphenduke, futhi ngomusa uye wenza ilungiselelo lokuthethelelwa kwezono zalabo abaphendukayo. Kodwa akaphoqeleli muntu ukuba amukele lelolungiselelo. (Qhathanisa noDuteronomi 30:15-20.) Abaningi bayalenqaba. Bafana nomuntu ogwilizayo okusunduzela laphaya kude okokusindisa ukuphila lapho ekuphonselwa ngothile ofisa ukumsiza. Nokho, kumelwe kuphawulwe ukuthi uma umuntu engaphenduki ngeke ashe phakade esihogweni somlilo. Njengoba eyesi-2 Petru 3:9 ibonisa, labo abangaphenduki ‘bayobhujiswa.’ Ivesi lesi-7 nalo libhekisela ‘ekubhubheni kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.’ Awukho umqondo wokusinda komhlaba wonke lapha.—Bheka futhi isihloko esikhulu esithi “Isihogo.”
Ingabe eyoku-1 Korinte 15:22 ifakazela ukuthi bonke abantu ekugcineni bayosindiswa? Ithi: “Njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.” Njengoba kuboniswa emavesini azungezile, okukhulunyelwayo lapha uvuko. Obani abayovuswa? Bonke abakufa kwabo kubangelwa isono sika-Adamu (bheka ivesi 21) kodwa abangazange futhi bona ngokwabo benze izono zokuzithandela ezibekwe kumaHeberu 10:26-29. Njengoba uJesu avuswa eHayidese (IzE. 2:31), ngakho bonke abanye abaseHayidese ‘bayophiliswa’ ngovuko. (IsAm. 1:18; 20:13) Ingabe bonke laba bayothola insindiso yaphakade? Lelothuba liyobavulekela, kodwa akubona bonke abayolithatha, njengoba kuboniswe kuJohane 5:28, 29, obonisayo ukuthi umphumela kwabanye uyoba ‘ukulahlwa.’
Kuthiwani ngemibhalo enjengoThithu 2:11, ebhekisela ‘ekusindisweni kwabantu bonke,’ ngokuhumusha kwe-RS? Eminye imibhalo, njengoJohane 12:32, abaseRoma 5:18, neyoku-1 Thimothewu 2:3, 4, iveza umqondo ofanayo ngokwe-RS, KJ, NE, TEV, njll. Amagama esiGreki ahunyushwe ngokuthi “bonke” nokuthi “bonke abantu” kulamavesi ayizindlela ezishintshile zegama elithi pas. Njengoba kubonisiwe kuyiExpository Dictionary of New Testament Words kaVine (London, 1962, Umq. I, k. 46), elithi pas lingase futhi lisho “zonke izinhlobo.” Ngakho-ke, emavesini angenhla, esikhundleni selithi “bonke,” inkulumo ethi “zonke izinhlobo za-” ingasetshenziswa, njengoba kwenziwa kuyiNW. Ikuphi-ke okuqondile—ukuthi “bonke” noma umqondo ovezwe ngokuthi “zonke izinhlobo za-”? Nokho, ikuphi ukuhumusha okuvumelanayo futhi nalo lonke iBhayibheli? Yilokhu kwamuva. Cabangela izEnzo 10:34, 35; isAmbulo 7:9, 10; 2 Thesalonika 1:9. (Phawula: Abanye abahumushi bayawuqaphela nabo lomqondo wegama lesiGreki, njengoba kuboniswa ukulihumusha kwabo kuMathewu 5:11—“zonke izinhlobo za-,” RS, TEV, NE; “zonke izindlela za-,” KJ.)
Ingabe ikhona imibhalo ebonisa ngokuqondile ukuthi abanye abasoze basindiswa?
2 Thes. 1:9: “Abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe.” (Omalukeke banezelwe.)
IsAm. 21:8: “Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba-sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
Math. 7:13, 14: “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.”
Uma umuntu esesindisiwe, ingabe usinde phakade?
Juda 5: “Ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga.” (Omalukeke banezelwe.)
Math. 24:13: “Kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” (Ngakho-ke ukusindiswa komuntu kokugcina akunqunywa ngesikhathi eqala ukuba nokholo kuJesu.)
Fil. 2:12: “Njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.” (Lamazwi ayeqondiswe kosanta noma “kwabangcwele,” eFilipi, njengoba kuphawulwe kwabaseFilipi 1:1. UPawulu wabanxusa ukuba bangaqiniseki ngokweqile kodwa baqaphele ukuthi ukusindiswa kwabo kokugcina kwakungakaqinisekiswa.)
Heb. 10:26, 27: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.” (Kanjalo iBhayibheli alihambisani nomqondo wokuthi kungakhathaliseki izono umuntu angazenza ngemva kokuba ‘esesindisiwe’ ngeke alahlekelwe insindiso. Likhuthaza ukwethembeka. Bheka futhi amaHeberu 6:4-6, lapho kuboniswa khona ukuthi ngisho nomuntu ogcotshwé ngomoya ongcwele angalahlekelwa ithemba lakhe lokusindiswa.)
Ingabe kukhona okunye okungaphezu kokholo okudingekayo ukuze sizuze insindiso?
Efe. 2:8, 9: “Ngomusa [“umusa ongasifanele,” NW] nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.” (Lonke ilungiselelo lensindiso liwukubonakaliswa komusa kaNkulunkulu ongasifanele. Ayikho indlela oyisizukulwane sika-Adamu angazuza ngayo insindiso ngokwakhe, kungakhathaliseki ukuthi imisebenzi yakhe mikhulu kangakanani. Insindiso iyisipho esivela kuNkulunkulu esinikezwa labo abanokholo enanini elisusa izono lomhlatshelo weNdodana yakhe.)
Heb. 5:9: “Esephelelisiwe [uJesu] waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.” (Omalukeke banezelwe.) (Ingabe lokhu kuyaphikisana nenkulumo yokuthi amaKristu ‘asindiswa ngokukholwa’? Akunjalo neze. Ukulalela kumane kubonisa ukuthi ukholo lwabo lungoloqobo.)
Jak. 2:14, 26: “Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” (Umuntu akazizuzeli insindiso ngemisebenzi yakhe. Kodwa noma ubani onokholo lweqiniso uyokuba nemisebenzi ehambisana nalo—imisebenzi yokulalela imiyalo kaNkulunkulu noKristu, imisebenzi ebonakalisa ukholo lwakhe nothando. Ngaphandle kwemisebenzi enjalo, ukholo lwakhe lufile.)
IzE. 16:30, 31: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na? Bona [oPawulu noSila] bathi: Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.” (Uma leyondoda nomkhaya wayo bakholwa ngempela, babengeke yini benze ngokuvumelana nenkolelo yabo? Ngokuqinisekile babeyokwenza kanjalo.)
Uma umuntu ethi—
‘Ngisindisiwe’
Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ukwazi lokho, ngoba kungitshela ukuthi uyakholelwa kuJesu Kristu. Umsebenzi engiwenzayo yilowo uJesu awabela abalandeli bakhe ukuba bawenze, okungukuthi, ukutshela abanye ngokumiswa koMbuso wakhe. (Math. 24:14)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Uyini lowoMbuso? Ukuza kwawo kuyosho ukuthini ngezwe? (Dan. 2:44)’ (2) ‘Yiziphi izimo eziyokuba lapha emhlabeni ngaphansi kwalowohulumeni wasezulwini? (IHu. 37:11; IsAm. 21:3, 4)’
Noma ungase uthi: ‘Khona-ke uyakuqaphela okwashiwo umphostoli uPetru, lapha kuzEnzo 4:12, akunjalo? . . . Wake wacabanga yini ukuthi igama likaJesu salinikwa ubani ukuze sikholwe kulo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘UJesu ngokwakhe uyasitshela. (Joh. 17:3)’ (2) ‘Phawula ukuthi uJesu wathi igama likaYise wayelenze laziwa. (Joh. 17:6) Lingubani igama laKhe siqu? Iziphi izinto olihlanganisa nazo engqondweni yakho? (Eks. 3:15; 34:5-7)’
‘Usindisiwe?’
Ungase uphendule: ‘Kuze kube manje, kunjalo. Ngisho kanjalo ngoba ngiyasiqaphela futhi iseluleko seBhayibheli sokuba singazethembi ngokweqile ngokuma kwethu. Ujwayelene yini nalombhalo? (1 Kor. 10:12)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Siyini isizathu salokho? Kubantu ababezelwe ngokusha futhi ababenethemba lokuphila kwasezulwini (Heb. 3:1), umphostoli uPawulu wabhala . . . (Heb. 3:12-14) Ukholo lwethu siluqinisa ngokukhula olwazini lweZwi likaNkulunkulu.’
Noma ungase uthi: ‘Lokho ngingakuphendula ngokuthi nje, Yebo. Kodwa bewazi yini ukuthi iBhayibheli likhuluma ngokusindiswa okungaphezu kokukodwa? Ngokwesibonelo, wake wakucabangela ukubaluleka kwesAmbulo 7:9, 10, 14? . . . Ngakho-ke, kuyoba nabantu abayosindiswa phakathi nosizi olukhulu oluzayo, baphile khona lapha emhlabeni. (Math. 5:5)’
‘Ingabe uyamamukela uJesu njengoMsindisi wakho siqu?’
Bheka amakhasi 258, 259, ngaphansi kwesihloko esithi “UJesu Kristu.”
‘Nithi abayizi-144 000 kuphela abayosindiswa’
Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ngokuba uveze lokho ukuze ngikutshele ukuthi yini esiyikholelwa ngempela. Insindiso iyotholakala kunoma ibaphi abantu abayobonisa ukholo lweqiniso elungiselelweni uNkulunkulu aye walenza ngoJesu. Kodwa iBhayibheli lithi abayizi-144 000 kuphela abaya ezulwini ukuze babe noKristu. Wake wakubona lokho eBhayibhelini? . . . Kulapha kusAmbulo 14:1, 3.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Yini abayoyenza ezulwini? (IsAm. 20:6)’ (2) ‘Kusobala ukuthi bayobusa phezu kwabathile. Kungaba obani labo? . . . (Math. 5:5; 6:10)’