KumaHebheru
3 Ngenxa yalokho, bazalwane abangcwele, bahlanganyeli bobizo lwasezulwini, *+ cabangani ngomphostoli nompristi ophakeme esimvumayo*—uJesu. + 2 Wayethembekile kuLowo owambeka, + njengoba noMose ayethembekile kuyo yonke indlu yaLowo. + 3 Ngoba ubalwa* njengofanelwe yinkazimulo + engaphezu kwekaMose, njengoba lowo owakha indlu enodumo ngaphezu kwaleyo ndlu. 4 Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa owakha zonke izinto uNkulunkulu. 5 Manje uMose wayethembekile njengesikhonzi kuyo yonke indlu yaLowo njengobufakazi bezinto* ezaziyoshiwo ngokuhamba kwesikhathi, 6 kodwa uKristu wayethembekile njengendodana + phezu kwendlu kaNkulunkulu. Siyindlu yaKhe, + uma ngempela sibambelela ngokuqinile enkululekweni yethu yokukhuluma nasethembeni esiziqhayisa ngalo kuze kube sekupheleni.
7 Ngakho-ke, njengoba nje umoya ongcwele usho + uthi, “Uma nilalela izwi lakhe namuhla, 8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengalapho ningithukuthelisa kakhulu, njengasosukwini lokungivivinya ehlane, + 9 lapho okhokho benu bengivivinya futhi bengilinga, nakuba babeyibonile imisebenzi yami iminyaka engu-40. + 10 Yingakho ngasenyanya lesi sizukulwane futhi ngathi: ‘Sihlale siphambuka ezinhliziyweni zaso, asikazazi izindlela zami.’ 11 Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke singene ekuphumuleni kwami.’ ” +
12 Qaphelani bazalwane, ngoba ngiyesaba ukuthi kungase kukhule komunye wenu inhliziyo embi entula ukholo ngenxa yokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo; + 13 kodwa qhubekani nikhuthazana usuku ngalunye, uma nje kusathiwa “Namuhla,” + ukuze kungabi namuntu kini owenziwa lukhuni ngamandla okukhohlisa esono. 14 Ngoba eqinisweni sizothola lokho uKristu akuthola* kuphela uma sibambelela ngokuqinile, kuze kube sekupheleni, ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni. + 15 Njengoba kuthiwa, “Uma nilalela izwi lakhe namuhla, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengalapho ningithukuthelisa kakhulu.” +
16 Ngoba obani abezwa kodwa bamvusela intukuthelo enkulu? Eqinisweni, kwakungebona yini bonke labo abaphuma eGibhithe beholwa uMose? + 17 Ngaphezu kwalokho, obani uNkulunkulu abenyanya iminyaka engu-40? + Kwakungebona yini labo abona, bafela ehlane? + 18 Obani afunga kubo ukuthi ngeke bangene ekuphumuleni kwakhe? Kwakungebona yini labo abangalalelanga? 19 Ngakho siyabona ukuthi abangenanga, ngenxa yokuntula ukholo. +