Ukuvuma
Incazelo: Ukusho noma ukuvuma, kungaba seningini noma ngasese, (1) lokho umuntu akukholelwayo noma (2) izono zakhe.
Ingabe isiko lokubuyisana, kuhlanganise nokuvuma ngokuhleba (ukuvuma komuntu siqu endlebeni yompristi), njengoba kufundiswa iSonto lamaKatolika kungokomBhalo?
Indlela okukhulunywa ngayo nompristi
Amazwi angokwesiko, asetshenziswayo ngokuvamile, awukuthi: “Ngibusise, Baba, ngoba ngonile. Seku- [ubude besikhathi] kusukela ekuVumeni kwami kokugcina.”—Umagazini iU.S. Catholic, October 1982, k. 6.
Math. 23:1, 9: “UJesu wakhuluma, . . . Ningabizi-muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uYihlo, osezulwini.”
Izono ezingase zithethelelwe
“ISonto liye lafundisa ukuthi zonke izono, kungakhathaliseki ubukhulu bazo, zingathethelelwa.”—The Catholic Encyclopedia (enokuvunyelwa ngokomthetho nobufakazi bemvume yokunyathelisa), R. C. Broderick (Nashville, Tenn.; 1976), k. 554.
Heb. 10:26: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono.”
Marku 3:29: “Lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”
Indlela ukuphenduka okumelwe kuboniswe ngayo
Ngokuphindaphindiwe umpristi uqondisa ukuba lowo ozisolayo asho inani elithile ‘loBaba Wethu’ no“Hail Mary.”
Math. 6:7: “Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi [okungukuthi, ukukhuluma ngendlela yokuphindaphinda engasho lutho] njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.”
Math. 6:9-12: “Anokhuleka kanje, nithi: Baba wethu osezulwini, . . . usithethelele amacala ethu.” (Akukho ndawo eBhayibhelini lapho siyalwa ukuba sithandaze kuMariya noma ngaye. Bheka abaseFilipi 4:6, namakhasi 353, 354, ngaphansi kwesithi “UMariya.”)
Roma 12:9: “Uthando malungabi-nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.”
UJesu akazange yini anikeze abaphostoli bakhe igunya lokuthethelela izono?
Joh. 20:21-23: “Njengokuba uBaba engithumé mina, nami ngiyanithuma nina. Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: Yamukelani uMoya oNgcwele. Enibathethelela izono zabo bathethelelwe, nenibabamba ngazo babanjiwe.”
Abaphostoli bakuqonda kanjani futhi bakusebenzisa kanjani lokhu? Akukho nesisodwa isenzakalo esibikwe embhalweni weBhayibheli lapho umphostoli alalela ukuvuma kwangasese wayesememezela ukuthethelelwa. Nokho, izimfuneko zokuthethelelwa uNkulunkulu zibekwe eBhayibhelini. Abaphostoli, ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, babekwazi ukubona noma abantu bayahlangabezana yini nalezozimfuneko futhi ngesisekelo salokhu babengasho ukuthi uNkulunkulu uye wabathethelela noma akabathethelelanga. Ngokwesibonelo, bheka izEnzo 5:1-11, neyoku-1 Korinte 5:1-5 neyesi-2 Korinte 2:6-8.
Bheka futhi isihloko esikhulu esithi “Ukulandelana Kwabaphostoli.”
Imibono yezazi mayelana nomsuka wokuvuma ngokuhleba yahlukene
IThe Catholic Encyclopedia, kaR. C. Broderick, ithi: “Kusukela ekhulwini lesine ukuvuma ngokuhleba kuye kwaba yindlela eyamukelekayo.”—K. 58.
INew Catholic Encyclopedia ithi: “Izazi-mlando eziningi zasikhathi sinye, kokubili ezingamaKatolika nezingamaProthestani, zilandelela imisuka yokuvuma ngasese njengendlela evamile yokujezisa emasontweni aseIreland, eWales, naseBrithani, lapho amaSakramente, kuhlanganise nokuJeziswa ngemva kokuvuma, kwakuvame ukusetshenziswa umphathi wesigodlo nabapristi bakhe abayizindela. Ngomkhuba wezindela wokuvuma nokuqondiswa umoya obala nangasese njengesibonelo, ukuvuma okuphindaphindiwe nokuvuma kokuzinikela kubonakala kuye kwenzelwa abantu abavamile. . . . Nokho, kwaze kwaba ngekhulu le-11 leminyaka lapho izono zangasese zahlanjululwa ngesikhathi sokuvunywa kwazo nangaphambi kokugcwaliseka kokuzisola.”—(1967), Umq. XI, k. 75.
Isazi-mlando uA. H. Sayce uyabika: “Imibhalo yenqubo yenkonzo ibonisa ukuthi kokubili ukuvuma kwasobala nokwangasese kwakwenziwa eBabiloni. Ngempela, ukuvuma kwangasese kubonakala kuyindlela endala nevame kakhulu.”—The Religions of Ancient Egypt and Babylonia (Edinburgh, 1902), k. 497.
Ziyini izinkolelo zoFakazi BakaJehova ngokuqondene nokuvuma?
Ukuvuma komuntu ukholo lwakhe ngesimemezelo sasobala
Roma 10:9, 10: “Uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa.”
Math. 10:32, 33: “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma [uJesu Kristu] phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini; kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.”
Lapho umuntu ona kuNkulunkulu
Math. 6:6-12: “Nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvalé umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni . . . Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; . . . usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi.”
IHu. 32:5: “Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova; wena wathethelela icala lesono sami.”
1 Joh. 2:1: “Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo.”
Uma umuntu ona omunye noma eye woniwa
Math. 5:23, 24: “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho ealtare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwealtare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.”
Math. 18:15: “Uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.”
Luka 17:3: “Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.”
Efe. 4:32: “Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.”
Uma othile ehileleka ekoneni okungathi sína futhi efuna usizo olungokomoya
Jak. 5:14-16: “Kukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona [nguNkulunkulu]. Ngakho vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe.”
IzAga 28:13: “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.”
Kuthiwani uma abantu abenza izono bengaluceli usizo?
Gal. 6:1: “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.”
1 Thim. 5:20, NW: “Basole phambi kwabo bonke [okungukuthi, labo abaziyo ngendaba] abantu abasenza umkhuba isono, ukuze nabanye nabo besabe.”
1 Kor. 5:11-13: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo. . . . Xoshani omubi phakathi kwenu.”