Ukufundisa Kwaphezulu Kumelene Nezimfundiso Zamademoni
“Abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.”—1 THIMOTHEWU 4:1.
1. Iyiphi impi amaKristu aphakathi kwayo?
AKE ucabange uphila konke ukuphila kwakho endaweni enempi. Bekungaba njani ukuyolala uzwa umsindo wokuqhuma kwezibhamu futhi uvuke uzwa umsindo wombayimbayi? Ngokudabukisayo, kwezinye izingxenye zomhlaba, yileyo kanye indlela abantu abaphila ngayo. Nokho, ngomqondo ongokomoya, wonke amaKristu aphila ngalendlela. Aphakathi kwempi enkulu ebilokhu ilwiwa iminyaka engaba ngu-6 000 futhi eye yaqina ezinsukwini zethu. Iyini lempi esinesikhathi eside ilwiwa? Yimpi lapho iqiniso limelene khona namanga, lapho ukufundisa kwaphezulu kumelene khona nezimfundiso zamademoni. Okungenani, uma kubhekwa olulodwa lwalezinhlangothi ezilwayo—akukhona ukweqisa ukuyibiza ngokuthi—iyimpi enonya nebulala ukuzedlula zonke emlandweni wesintu.
2. (a) NgokukaPawulu, yiziphi izinhlangothi ezimbili eziphikisanayo? (b) Wayesho ukuthini uPawulu ngelithi ‘ukholo’?
2 Umphostoli uPawulu wakhuluma ngezinhlangothi ezimbili zalempi lapho ebhalela uThimothewu: “Umoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Phawula ukuthi izimfundiso zamademoni zaziyoba nethonya ikakhulukazi “ngezikhathi zokugcina.” Uma kubhekwa kusukela osukwini lukaPawulu, siphila kulesosikhathi. Phawula futhi lokho okumelene nezimfundiso zamademoni, okungukuthi ‘ukholo.’ Lapha, ‘ukholo’ lumelela ukufundisa kwaphezulu, okusekelwe emazwini kaNkulunkulu aphefumlelwe ngokwaphezulu atholakala eBhayibhelini. Ukholo olunjalo lunikeza ukuphila. Lufundisa umKristu ukwenza intando kaNkulunkulu. Luyiqiniso eliholela ekuphileni okuphakade.—Johane 3:16; 6:40.
3. (a) Yini eyenzekayo ezisulwini empini ephakathi kweqiniso namanga? (b) Ubani umshoshozeli wezimfundiso zamademoni?
3 Bonke abawayo okholweni balahlekelwa ukuphila okuphakade. Bayizinkubela empini. Yeka umphumela oyinhlekelele wokuvumela ukudukiswa izimfundiso zamademoni! (Mathewu 24:24) Thina ngabanye singakugwema kanjani ukuba yizisulu? Ngokuzenqaba ngokuphelele lezimfundiso ezingamanga, ezifeza kuphela injongo ‘yombusi wamademoni,’ uSathane uDeveli. (Mathewu 12:24) Ngokulindelekile, izimfundiso zikaSathane zingamanga, njengoba uSathane ‘enguyise wamanga.’ (Johane 8:44) Cabangela indlela awasebenzisa ngayo ngokuhlakanipha amanga ukuze adukise abazali bethu bokuqala.
Izimfundiso Zamademoni Ziyembulwa
4, 5. Yimaphi amanga uSathane awatshela u-Eva, futhi kungani lokho kwakukubi kakhulu?
4 Izenzakalo zilotshwe eBhayibhelini kuGenesise 3:1-5. Esebenzisa inyoka, uSathane waya kowesifazane u-Eva wayesembuza: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?” Lombuzo ubonakala ungenangozi, kodwa ake ucabange ngawo futhi. “Ngempela?” USathane uzwakala emangele, njengokungathi uthi, ‘Kungani uNkulunkulu engase asho into efana naleyo?’
5 Ngobumsulwa, u-Eva wabonisa ukuthi lokhu kwakunjalo. Wayekwazi ukufundisa kwaphezulu kulendaba, ukuthi uNkulunkulu wayetshele u-Adamu ukuthi babeyofa uma babedle emthini wokwazi okuhle nokubi. (Genesise 2:16, 17) Ngokusobala, umbuzo kaSathane wavusa isithakazelo sika-Eva, ngakho walalela njengoba uSathane ayefinyelela ephuzwini eliyinhloko lendaba yakhe: “Inyoka yathi kowesifazane: Aniyikufa nokufa.” Yeka inkulumo ekhohlakele kangaka! USathane wamangalela uJehova, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu wothando, uMdali, ngokuthi uqamba amanga kubantwana baKhe abangabantu!—IHubo 31:5; 1 Johane 4:16; IsAmbulo 4:11.
6. USathane wabubekela kanjani inselele ubuhle nobukhosi bukaJehova?
6 Kodwa uSathane washo okwengeziwe. Waqhubeka wathi: “Kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” NgokukaSathane, uJehova uNkulunkulu—owayelungiselele abazali bethu bokuqala okuningi kangaka—wayefuna ukubalahlekisela okuthile okumangalisayo. Wayefuna ukubavimbela ekubeni abafana nonkulunkulu. Ngakho, uSathane wabekela ubuhle bukaNkulunkulu inselele. Futhi wakhuthaza ukuzanelisa nokuyishaya indiva ngamabomu imithetho kaNkulunkulu, ethi ukwenza ngalendlela kuyoba okunenzuzo. Eqinisweni, uSathane wabekela ubukhosi bukaNkulunkulu inselele ngendalo yaKhe, egomela ngokuthi uNkulunkulu wayengenalo ilungelo lokubeka imingcele ngalokho umuntu ayekwenza.
7. Zezwakala nini okokuqala izimfundiso zamademoni, futhi zifana kanjani namuhla?
7 Ngalawomazwi kaSathane, kwaqala ukuba kuzwakale izimfundiso zamademoni. Lezimfundiso ezimbi zisakhuthaza izimiso ezifanayo zokungamesabi uNkulunkulu. Njengoba nje enza ensimini yase-Edene, uSathane, manje ekanye neminye imimoya ehlubukile, usalibekela inselele ilungelo likaNkulunkulu lokubeka izindinganiso zokuziphatha. Usabubekela inselele ubukhosi bukaJehova futhi uzama ukuthonya abantu ukuba bangamlaleli uBaba wabo wasezulwini.—1 Johane 3:8, 10.
8. Yini eyalahlekela u-Adamu no-Eva e-Edene, kodwa uJehova wabonakala kanjani eneqiniso?
8 Ekuhlaselweni kwabo kokuqala, empini ephakathi kokufundisa kwaphezulu nezimfundiso zamademoni, u-Adamu no-Eva benza isinqumo esingalungile futhi balahlekelwa ithemba labo lokuphila okuphakade. (Genesise 3:19) Njengoba iminyaka yayiqhubeka futhi imizimba yabo iqala ukuwohloka, kwabanikeza isiqinisekiso esigcwele sokuthi ubani owayeqambe amanga nokuthi ubani owayebatshele iqiniso emuva e-Edene. Nokho, iminyaka eminingi ngaphambi kokuba bafe ngokoqobo, baba yizisulu zokuqala empini ephakathi kweqiniso namanga lapho bahlulelwa njengabangakufanelekele ukuphila uMdali wabo, uMthombo wokuphila. Lokho kwenzeka lapho befa ngomqondo ongokomoya.—IHubo 36:9; qhathanisa neyabase-Efesu 2:1.
Izimfundiso Zamademoni Namuhla
9. Kuwo wonke amakhulu eminyaka ziye zaphumelela kangakanani izimfundiso zamademoni?
9 Njengoba kulandiswe encwadini yesAmbulo, umphostoli uJohane wayiswa ngokuphefumlelwa ‘osukwini lweNkosi,’ olwaqala ngo-1914. (IsAmbulo 1:10) Ngalesosikhathi uSathane namademoni akhe baxoshwa ezulwini balahlelwa emhlabeni—okwakuyigalelo elikhulu kulomphikisi woMdali wethu Omuhle. Akabange esazwakala ezulwini emangalela njalo izinceku zikaJehova. (IsAmbulo 12:10) Nokho, iye yathuthuka kangakanani imfundiso yamademoni emhlabeni kusukela e-Edene? Ukulandisa kuthi: “Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke.” (IsAmbulo 12:9) Izwe lonke liye lanqotshwa amanga kaSathane! Yingakho uSathane ebizwa ngokuthi “umbusi walelizwe”!—Johane 12:31; 16:11.
10, 11. Kungaziphi izindlela uSathane namademoni akhe abasebenza ngazo ngamandla namuhla?
10 Ingabe uSathane wavuma ukuthi unqotshiwe ngemva kokuxoshwa kwakhe ezulwini? Lutho neze! Wazimisela ukuqhubeka elwisana nokufundisa kwaphezulu nalabo ababambelela kukho. Ngemva kokukhishwa kwakhe ezulwini, uSathane waqhubeka nempi yakhe: “Udrako [uSathane] wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.”—IsAmbulo 12:17.
11 Ngaphandle kokulwa nezinceku zikaNkulunkulu, uSathane ufumbela izwe ngemfundiso-ze yakhe, elwela ukugcina isintu sisezandleni zakhe. Komunye wemibono yakhe yesAmbulo yosuku lweNkosi, umphostoli uJohane wabona izilwane ezintathu zasendle ezazifanekisela uSathane, inhlangano yakhe yezombangazwe yasemhlabeni, nombuso wezwe ophethe wosuku lwethu. Emilonyeni yalezilwane ezintathu, kwaphuma izingxangxa. Zazifanekiselani lezingxangxa? UJohane uyabhala: “Bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” (IsAmbulo 16:14) Ngokusobala, izimfundiso zamademoni zisebenza ngamandla emhlabeni. USathane namademoni akhe basalwa nokufundisa kwaphezulu, futhi bayoqhubeka benza kanjalo kuze kube yilapho bemiswa khona ngempoqo uJesu Kristu, iNkosi yobuMesiya.—IsAmbulo 20:2.
Ukubona Izimfundiso Zamademoni
12. (a) Kungani kungenzeka ukumelana nezimfundiso zamademoni? (b) USathane uzama kanjani ukufeza izinjongo zakhe ngezinceku zikaNkulunkulu?
12 Ingabe abantu abesaba uNkulunkulu bangamelana nezimfundiso zamademoni? Ngokuqinisekile bangamelana nazo, ngenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, ngoba ukufundisa kwaphezulu kunamandla kakhulu; okwesibili, ngoba uJehova uye wadalula amaqhinga kaSathane ukuze simelane nawo. Njengoba umphostoli uPawulu asho, “asisibo abangawazi amacebo akhe.” (2 Korinte 2:11) Siyazi ukuthi uSathane usebenzisa ushushiso njengenye yezindlela zokufeza izinjongo zakhe. (2 Thimothewu 3:12) Nokho, ngobuqili obedlulele, uzama ukuthonya izingqondo nezinhliziyo zalabo abakhonza uNkulunkulu. Wadukisa u-Eva futhi wafaka izifiso ezingalungile enhliziyweni yakhe. Uzama ukwenza okufanayo nanamuhla. UPawulu wabhalela abaseKorinte: “Nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.” (2 Korinte 11:3) Cabangela indlela aye wonakalisa ngayo ukucabanga kwesintu sisonke.
13. Yimaphi amanga uSathane awatshela isintu kusukela e-Edene?
13 Ku-Eva, uSathane wamangalela uJehova ngokuthi uqamba amanga futhi wathi abantu babengafana nonkulunkulu uma bengamlaleli uMdali wabo. Isimo esinesono sesintu namuhla sifakazela ukuthi uSathane, hhayi uJehova, owayewumqambimanga. Abantu namuhla ababona onkulunkulu! Nokho, uSathane walandelisa lawomanga okuqala ngamanye amanga. Wasungula umbono wokuthi umphefumulo womuntu awufi. Ngaleyondlela wanikeza isintu ngokusilinga ithuba lokuba njengonkulunkulu ngenye indlela. Khona-ke, ngokusekelwe kuleyomfundiso yamanga, wakhuthaza izimfundiso zesihogo somlilo, isihlanzo, ukukhulekelwa kwemimoya, nokukhulekelwa kwamadlozi. Amakhulu ezigidi zabantu asagqilazwe yilamanga.—Duteronomi 18:9-13.
14, 15. Liyini iqiniso ngokufa nangethemba lomuntu lesikhathi esizayo?
14 Yebo, lokho uJehova ayekutshele u-Adamu kwakuyiqiniso. U-Adamu wafa lapho ona kuNkulunkulu. (Genesise 5:5) Lapho u-Adamu nenzalo yakhe befa, baba imiphefumulo efile, engezwa lutho nengakwazi ukwenza lutho. (Genesise 2:7; UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4) Ngenxa yokuzuza isono njengefa ku-Adamu, yonke imiphefumulo yabantu iyafa. (Roma 5:12) Nokho, emuva e-Edene, uJehova wathembisa ukuza kwembewu eyayiyolwa nemisebenzi kaDeveli. (Genesise 3:15) LeyoMbewu kwakuwuJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu siqu ezelwe yodwa. UJesu wafa engenasono, futhi ukuphila kwakhe okwenziwa umhlatshelo kwaba isihlengo sokuthenga isintu esimweni saso esifayo. Labo ababonisa ukholo kuJesu ngokulalela banethuba lokwamukela ukuphila okuphakade u-Adamu alahlekelwa yikho.—Johane 3:36; Roma 6:23; 1 Thimothewu 2:5, 6.
15 Isihlengo, hhayi umbono ongacaci wokuthi umphefumulo awufi, siyithemba langempela lesintu. Lokhu kuwukufundisa kwaphezulu. Kuyiqiniso. Futhi kuwukubonakaliswa okumangalisayo kothando nokuhlakanipha kukaJehova. (Johane 3:16) Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ukuthi siye safunda leliqiniso nokuthi siye sakhululwa ezimfundisweni zamademoni kulezindaba!—Johane 8:32.
16. Iyini imiphumela ehlala njalo lapho abantu belandela ukuhlakanipha kwabo siqu?
16 Ngamanga akhe ensimini yase-Edene, uSathane wakhuthaza u-Adamu no-Eva ukuba balangazelele ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu futhi bathembele ekuhlakanipheni kwabo siqu. Namuhla, sibona imiphumela ehlala njalo yalokho ebugebengwini, izinkinga ezingokomnotho, izimpi, nokungalingani okukhulu okukhona ezweni namuhla. Yingakho iBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kwalelizwe kungubuwula kuNkulunkulu”! (1 Korinte 3:19) Nakuba kunjalo, abantu abaningi ngobuwula bakhetha ukuhlupheka kunokuba banake izimfundiso zikaJehova. (IHubo 14:1-3; 107:17) AmaKristu, amukele ukufundisa kwaphezulu, ayakugwema ukuwela kulologibe.
17. Kuyini lokhu “okuthiwa ukwazi kungesikho” uSathane aye wakukhuthaza, futhi ziyini izithelo zakho?
17 UPawulu wabhalela uThimothewu: “O Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho, okuthi abanye bekuvuma, baduka ekukholweni.” (1 Thimothewu 6:20, 21) Lokho ‘kwazi’ kumelela nezimfundiso zamademoni. Ngosuku lukaPawulu, cishe kwakubhekisela emibonweni yezihlubuki abanye ebandleni ababeyikhuthaza. (2 Thimothewu 2:16-18) Kamuva, lokho okwakuthiwa ukwazi kungesikho, njengobu-Gnostic nefilosofi yamaGreki, kwalonakalisa ibandla. Ezweni namuhla, inkolelo ephika ubukhona bukaNkulunkulu, inkolelo yokuthi iqiniso ngoNkulunkulu alaziwa, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo, nokucusumbulwa kweBhayibheli kuyizibonelo zalokho okuthiwa ukwazi kungesikho, njengoba kunjalo ngemibono engeyona engokombhalo ekhuthazwa izihlubuki zanamuhla. Izithelo zakho konke lokhu okuthiwa ukwazi kungesikho zibonakala ekuwohlokeni kokuziphatha, ukungahlonishwa kwegunya okusakazeke yonke indawo, ukungathembeki, nobugovu okuwuphawu lwalesimiso sezinto sikaSathane.
Ukunamathela Ekufundiseni Kwaphezulu
18. Obani namuhla abafuna ukufundisa kwaphezulu?
18 Nakuba uSathane ebelokhu efumbela umhlaba ngezimfundiso zamademoni kusukela esikhathini sase-Edene, bekulokhu kunabathile abaye bafuna ukufundisa kwaphezulu. Abanjalo babalelwa ezigidini namuhla. Bahlanganisa amaKristu agcotshiwe asasele anethemba eliqinisekile lokubusa noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini nesixuku esikhulu esikhulayo ‘sezinye izimvu’ esinethemba lokudla ifa lendawo yasemhlabeni yalowoMbuso. (Mathewu 25:34; Johane 10:16; IsAmbulo 7:3, 9) Namuhla, laba baye baqoqelwa ndawonye baba inhlangano eyodwa yomhlaba wonke amazwi ka-Isaya asebenza kuyo: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.”—Isaya 54:13.
19. Kuhlanganisani ukufundiswa uJehova?
19 Ukufundiswa uJehova kusho okungaphezu kokwazi imfundiso yeqiniso—nakuba lokho kubalulekile. UJehova usifundisa indlela okumelwe siphile ngayo, indlela yokusebenzisa ukufundisa kwaphezulu ekuphileni kwethu siqu. Ngokwesibonelo, siyabenqaba ubugovu, ukuziphatha okubi, nomoya wokuzibusa okudlange kakhulu ezweni elisizungezile. Siyakuqonda lokho ukuphishekelwa kwengcebo okunonya kulelizwe okukwenzayo—kuyabulala. (Jakobe 5:1-3) Asikukhohlwa neze ukufundisa kwaphezulu okuvezwe emazwini kamphostoli uJohane: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.”—1 Johane 2:15.
20, 21. (a) Yini uSathane ayisebenzisayo emizamweni yakhe yokuphuphuthekisa abantu? (b) Yiziphi izibusiso ezizotholwa yilabo abanamathela ekufundiseni kwaphezulu?
20 Umphumela wezimfundiso zamademoni ezisulwini zazo ubonakala emazwini kaPawulu kwabaseKorinte: “[USathane] uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:4) USathane angathanda ukuphuphuthekisa amaKristu eqiniso nangalendlela. Emuva e-Edene, wasebenzisa inyoka ukuze adukise enye yezinceku zikaNkulunkulu. Namuhla, usebenzisa amabhayisikobho anobudlova noma anokuziphatha okubi kanye nezinhlelo zethelevishini. Uwusebenzisa kabi umsakazo, izincwadi, nomculo. Isikhali esinamandla asisebenzisayo abangane abangalungile. (IzAga 4:14; 28:7; 29:3) Ngaso sonke isikhathi bheka izinto ezinjalo ngendlela eziyiyo—amacebo nezimfundiso zamademoni.
21 Khumbula, amazwi kaSathane e-Edene ayengamanga; amazwi kaJehova aba yiqiniso. Kusukela ngalezozinsuku zokuqala, lokhu akuzange kushintshe. Ngaso sonke isikhathi uSathane uye waba umqambimanga, futhi ukufundisa kwaphezulu kuye kwaba iqiniso ngokungaguquki. (Roma 3:4) Uma sinamathela eZwini likaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi siyoba ngasohlangothini oluphumelelayo empini ephakathi kweqiniso namanga. (2 Korinte 10:4, 5) Khona-ke, masizimisele ukwenqaba zonke izimfundiso zamademoni. Ngaleyondlela siyokhuthazela kuze kube yilapho impi ephakathi kweqiniso namanga isiphelile. Iqiniso liyobe linqobile. USathane uyobe engasekho, futhi ukufundisa kwaphezulu kuphela okuyozwakala emhlabeni.—Isaya 11:9.
Ungachaza?
◻ Izimfundiso zamademoni zezwakala nini okokuqala?
◻ Yimaphi amanga akhuthazwa uSathane namademoni akhe?
◻ Kungaziphi izindlela uSathane asebenza ngazo ngamandla namuhla?
◻ Yini uSathane ayisebenzisayo ukuze akhuthaze izimfundiso zamademoni?
◻ Yiziphi izibusiso ezizotholwa yilabo abanamathela ekufundiseni kwaphezulu?
[Isithombe ekhasini 9]
Ukufundisa kwamademoni kwezwakala okokuqala ensimini yase-Edene
[Isithombe ekhasini 10]
Ukufundisa kwaphezulu okuphathelene nesihlengo nangoMbuso kunikeza okuwukuphela kwethemba lesintu