Ingabe Uyamelana Nomoya Wezwe?
“Thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu.”—1 KORINTE 2:12.
1, 2. Iyiphi inhlekelele ehilela igesi enoshevu eyenzeka eBhopal, eNdiya, kodwa iyiphi enye “igesi” ebulala ngokwengeziwe ephefumulwayo emhlabeni wonke?
NGOBUSUKU obupholile bango-December ngo-1984, kwenzeka okuthile okushaqisayo eBhopal, eNdiya. Kulelodolobha, kunefekthri yamakhemikhali, futhi ngalobobusuku bango-December, isivalo selinye lamathangi okugcina igesi sayeka ukusebenza. Ngokungazelele, amathani amaningi e-methyl isocyanate aqala ukuphumela emoyeni. Njengoba yayipheshulwa umoya, legesi ebulalayo yangena ezindlini futhi yahogelwa imikhaya eyayilele. Labo abafa babebalelwa ezinkulungwaneni, futhi abaningi ngokwengeziwe bakhubazeka. Kwakuyingozi yezezimboni embi ukuzedlula zonke kuze kube yilesosikhathi.
2 Abantu badabuka lapho bezwa ngeBhopal. Kodwa nakuba yayibulala, igesi eyaphuma lapho yabulala abantu abambalwa kakhulu kunalabo ababulawa ngokomoya “igesi” abantu abayiphefumulayo nsuku zonke emhlabeni wonke. IBhayibheli liyibiza ngokuthi “umoya wezwe.” Iyilowomoya ozungezile obulalayo umphostoli uPawulu awuqhathanisa nomoya ovela kuNkulunkulu lapho ethi: “Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.”—1 Korinte 2:12.
3. Uyini “umoya wezwe”?
3 Uyini ngempela ‘umoya wezwe’? Ngokwe-New Thayer’s Greek English Lexicon of the New Testament, incazelo evamile yegama elithi “umoya” (ngesiGreki, pneuʹma) isho “ukuthambekela noma ithonya eligcwalisa noma lilawule umphefumulo wanoma ubani.” Umuntu angaba nomoya omuhle noma omubi, noma ukuthambekela. (IHubo 51:10; 2 Thimothewu 4:22) Iqembu labantu nalo lingaba nawo umoya noma ukuthambekela okuphawulekayo. Umphostoli uPawulu wabhalela umngane wakhe uFilemoni: “Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube-nomoya wenu.” (Filemoni 25) Ngokufanayo—kodwa ngokwesilinganiso esikhulu—izwe lilonke linokuthambekela okuphawulekayo, futhi lokhu ‘kuwumoya wezwe’ uPawulu ayebhekisela kuwo. Ngokwe-Word Studies in the New Testament kaVincent, “lenkulumo isho isici sobubi esishukumisa izwe elingaguquki.” Uwukuthambekela okunesono okubusa ukucabanga kwalelizwe nokuthonya ngokunamandla indlela abantu abenza ngayo.
4. Ubani owumthombo womoya wezwe, futhi lomoya unaliphi ithonya kubantu?
4 Lomoya unoshevu. Ngani? Ngoba uvela ‘kumbusi walelizwe,’ uSathane. Ngempela, ubizwa ngokuthi ‘umbusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli.’ (Johane 12:31; Efesu 2:2) Kunzima ukubalekela ‘lomoya osasebenza kubantwana bokungalaleli.’ Ukuyo yonke indawo emphakathini wabantu. Uma siwuhogela, siqala ukwamukela isimo sawo sengqondo, imigomo yawo. Umoya wezwe ukhuthaza ‘ukuphilela inyama,’ okungukuthi, ukuphila ngokuvumelana nokungapheleli kwethu okunesono. Uyabulala, “ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa.”—Roma 8:13.
Ukugwema Umoya Walelizwe
5. Omunye uFakazi wenza kanjani ngokuhlakanipha phakathi nenhlekelele eBhopal?
5 Phakathi nenhlekelele yaseBhopal, omunye uFakazi kaJehova wavuswa ukukhala kwezinhlabamkhosi nephunga elibi legesi enoshevu. Ngokushesha wavusa umkhaya wakhe futhi wabalekela nawo emgwaqweni. Ngemva kokulinda isikhashana ukuze ezwe lapho umoya uya ngakhona, wazabalaza efuna indlela phakathi kwezixuku ezididekile wayeseholela umkhaya wakhe esiqongweni segquma ngaphandle kwedolobha. Lapho bakwazi ukuphefumula umoya oncwaba, ohlanzekile owawuheleza uvela echibini eliseduze.
6. Kukuphi lapho singaya khona ukuze sibalekele umoya wezwe?
6 Ingabe ikhona indawo ephakeme esingabalekela kuyo ukuze sithole isiphephelo ‘emoyeni’ walelizwe onoshevu? IBhayibheli lithi ikhona. Njengoba ayebheke phambili osukwini lwethu, umprofethi u-Isaya wabhala: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.” (Isaya 2:2, 3) Indawo ephakeme yokukhulekela okumsulwa, ‘intaba yendlu kaJehova’ ephakeme, iwukuphela kwendawo kuleplanethi engenawo umoya walelizwe ocinanisayo nonoshevu. Yilapho lapho umoya kaJehova ugeleza khona ngokukhululekile phakathi kwamaKristu athembekile.
7. Abaningi baye basindiswa kanjani emoyeni wezwe?
7 Abaningi ababephefumula umoya walelizwe esikhathini esidlule baye bajabulela inkululeko efana naleyo eyajatshulelwa yilowaFakazi waseBhopal. Ngemva kokukhuluma ‘ngabantwana bokungalaleli’ abaphefumula umoya walelizwe, umphostoli uPawulu uthi: “Esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye. Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, . . . wenza siphile kanye noKristu.” (Efesu 2:3-5) Labo abaphefumula kuphela umoya onoshevu walesimiso sezinto bafile ngomqondo ongokomoya. Nokho, ngenxa kaJehova, izigidi zabantu namuhla zibalekela endaweni ephakeme futhi ziyaphunyuka kulesosimo esibulalayo.
Ukubonakaliswa ‘Komoya Wezwe’
8, 9. (a) Yini ebonisa ukuthi kumelwe sihlale siqaphile ngokumelene nomoya wezwe? (b) Ungasingcolisa kanjani umoya kaSathane?
8 Umoya obulalayo kaSathane usavunguza endaweni esizungezile. Kumelwe siqaphe futhi singalokothi sikhukhulwe, sibuyele ezweni, mhlawumbe siminyaniswe ngokomoya. Lokhu kudinga ukuba sihlale siqaphile. (Luka 21:36; 1 Korinte 16:13) Ngokwesibonelo, cabangela leliqiniso. Wonke amaKristu ajwayelene nezindinganiso zikaJehova zokuziphatha futhi awasoze avuma ukuthi imikhuba engcolile enjengokuphinga, ubufebe, nobungqingili iyamukeleka. Nokho, unyaka ngamunye abantu abangaba ngu-40 000 bayasuswa ekuhlanganyeleni nenhlangano kaJehova. Kungani? Ezimweni eziningi kungenxa yayo kanye lemikhuba engcolile. Kungenzeka kanjani lokho?
9 Ngenxa yokuthi sonke asiphelele. Inyama ibuthaka, futhi kumelwe silwisane njalo nokuthambekela okungalungile okuba khona ezinhliziyweni zethu. (UmShumayeli 7:20; Jeremiya 17:9) Nokho, lokho kuthambekela okungalungile kukhuthazwa umoya wezwe. Abaningi kulelizwe ababoni lutho olungalungile ngokuziphatha okubi, futhi umbono wokuthi noma yini ivunyelwe uyingxenye yokuthambekela kwengqondo kwesimiso sezinto sikaSathane. Phela, uma sizenza sivulekele ekucabangeni okunjalo, kungenzeka siqale ukucabanga njengezwe. Ngokushesha, imicabango enjalo engcolile ingase iveze izifiso ezingalungile eziyophumela esonweni esingathi sína. (Jakobe 1:14, 15) Siyobe sichezukile entabeni yokukhulekela kukaJehova okumsulwa sehlela phansi ezindaweni ezingcolile zezwe likaSathane. Akukho muntu ohlala lapho ngamabomu oyodla ifa lokuphila okuphakade.—Efesu 5:3-5, 7.
10. Yikuphi okunye ukubonakaliswa komoya kaSathane, futhi kungani amaKristu kufanele akugweme lokhu?
10 Umoya wezwe usobala kuyo yonke indawo esizungezile. Ngokwesibonelo, kukhona isimo sengqondo sokungabi nanhlonipho, sokubhuqa, abaningi abasamukelayo ekuphileni. Bedunyazwe abezombangazwe abakhohlakele noma abangenangqondo, nabaholi benkolo abanokuziphatha okubi, abahahayo, bakhuluma ngokungabi nanhlonipho ngisho nangezinto ezingathi sína. AmaKristu ayakwenqaba lokhu kuthambekela. Nakuba singase sibe namahlaya ahlanzekile, siyakugwema ukuletha ebandleni umoya wokubhuqa wokungabi nanhlonipho. Inkulumo yomKristu ibonisa ukwesaba uJehova nobumsulwa benhliziyo. (Jakobe 3:10, 11; qhathanisa nezAga 6:14.) Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, ngaso sonke isikhathi inkulumo yethu kufanele ‘ibe nomusa njalo, iyoliswe ngosawoti, ukuze sazi esifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.’—Kolose 4:6.
11. (a) Yisiphi isici sesibili somoya wezwe? (b) Kungani amaKristu ehlukile kulabo ababonisa lesici?
11 Okunye ukuthambekela okuvamile okubonisa umoya walelizwe inzondo. Izwe lihlukaniswe phakathi yinzondo nezingxabano ezisekelwe ekungezwanini kobuhlanga, iqembu, ubuzwe, ngisho nokungokomuntu siqu. Yeka ukuthi izimo zingcono kanjani lapho kusebenza khona umoya kaNkulunkulu! Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningaphindiseli-muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi. Kepha uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso. Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.”—Roma 12:17-21.
12. Kungani amaKristu egwema ukuthanda izinto ezibonakalayo?
12 Umoya walelizwe ushukumisela nokuthanda izinto ezibonakalayo. Bekhuthazwa ezentengiselwano, abaningi bacabanga ngokweqile ngezinto zamuva ezisebenza ngogesi, imfashini yamuva, imoto yamuva yohlobo oluphambili. Bagqilazwa ‘inkanuko yamehlo.’ (1 Johane 2:16) Abaningi balinganisa ukuphumelela kwabo ekuphileni ngobukhulu bendlu yabo noma ngemali abanayo ebhange. AmaKristu, aphefumula umoya ohlanzekile ongokomoya entabeni ephakeme yokukhulekela okumsulwa kukaJehova, ayakwenqaba lokhu kuthambekela. Ayazi ukuthi ukuphishekela ngamandla izinto ezibonakalayo kungaba okubhubhisayo. (1 Thimothewu 6:9, 10) UJesu wakhumbuza abafundi bakhe: “Ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”—Luka 12:15.
13. Yikuphi okunye ukubonakaliswa komoya walelizwe?
13 Kunokunye ukubonakaliswa ‘komoya’ ongenampilo walelizwe. Okunye umoya wokuvukela. (2 Thimothewu 3:1-3) Ingabe uphawulile ukuthi abantu abaningi abasabambisani negunya? Ingabe endaweni osebenza kuyo uye wawuphawula umkhuba osakazekile wokungasebenzi lapho kungekho muntu ogadile? Bangaki abantu obaziyo abaye baphula imithetho—mhlawumbe abaye bakhohlisa ekukhokheni izintela zabo noma abaye beba ezindaweni zomsebenzi? Uma usafunda esikoleni, ingabe wake wadunyazwa ekwenzeni konke okusemandleni akho ngenxa yokuthi ofunda nabo ekilasini bababukela phansi labo abaphumelelayo ngokwemfundo? Konke lokhu kuwukubonakaliswa komoya wezwe amaKristu okumelwe akwenqabe.
Indlela Yokwenqaba Umoya Walelizwe
14. AmaKristu ahluke ngaziphi izindlela kwabangewona amaKristu?
14 Nokho, singawenqaba kanjani umoya walelizwe kuyilapho eqinisweni siphila ezweni? Kufanele sikhumbule ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sizithola sikuphi ngokoqobo, ngokomoya asiyona ingxenye yezwe. (Johane 17:15, 16) Imigomo yethu ayiyona imigomo yalelizwe. Indlela esibheka ngayo izinto ihlukile. Singabantu abangokomoya, abangakhulumi futhi bacabange ‘amazwi afundiswa ukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa uMoya, sichaza okomoya ngokomoya.’—1 Korinte 2:13.
15. Singawenqaba kanjani umoya wezwe?
15 Yini umuntu angayenza uma ezithola esendaweni engcoliswe igesi enoshevu? Angafaka into yokuvimbela igesi exhunywe esigujini esinomoya ohlanzekile, noma angasuka ngokoqobo kuleyondawo. Indlela yokugwema umoya kaSathane ihlanganisa lezindlela. Ngangokunokwenzeka, sizama ukusuka ngokoqobo kunoma yini engabangela ukuba umoya wezwe uthonye ukucabanga kwethu. Ngakho, sigwema abangane abangalungile, futhi asizenzi sivulekele kunoma yiluphi uhlobo lokuzijabulisa olukhuthaza ubudlova, ukuziphatha okubi, ukukhulekela imimoya, ukuvukela, nanoma imuphi omunye umsebenzi wenyama. (Galathiya 5:19-21) Nokho, njengoba siphila ezweni, asinakukugwema ngokuphelele ukuvulekela kulezinto. Ngakho senza ngokuhlakanipha uma sizixhuma esigujini esinomoya ohlanzekile. Ngokomfanekiso, sigcwalisa amaphaphu ethu angokomoya ngokuba khona njalo emihlanganweni, isifundo somuntu siqu, imisebenzi nokuhlangana kobuKristu, nomthandazo. Ngalendlela, uma noma yimuphi umoya kaSathane uvuzela emaphashini ethu angokomoya, umoya kaNkulunkulu uyasiqinisa ukuba siwenqabe.—IHubo 17:1-3; IzAga 9:9; 13:20; 19:20; 22:17.
16. Sibunikeza kanjani ubufakazi bokuba nomoya kaNkulunkulu?
16 Umoya kaNkulunkulu wenza umKristu abe umuntu ohluke ngokuphawulekayo kulabo abayingxenye yalelizwe. (Roma 12:1, 2) UPawulu wathi: “Izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho-mthetho omelana nokunjalo.” (Galathiya 5:22, 23) Umoya kaNkulunkulu wenza futhi ukuba umKristu aqonde izinto ngokujulile. UPawulu wathi: “NokukaNkulunkulu akwaziwa-muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:11) Ngokuvamile, ‘okukaNkulunkulu’ kuhlanganisa amaqiniso anjengomhlatshelo wesihlengo, uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaJesu Kristu, ithemba lokuphila okuphakade, nokususwa kwalelizwe elibi okuseduze kakhulu. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, amaKristu ayazazi futhi amukela lezizinto njengeziyiqiniso, futhi lokhu kwenza ukuba umbono wawo ngokuphila uhluke kowabantu bezwe. Anelisekile ngokuthola injabulo yawo ekukhonzeni uJehova manje, enethemba lokumkhonza phakade esikhathini esizayo.
17. Ubani owabeka isibonelo esivelele ekwenqabeni umoya wezwe, futhi kanjani?
17 UJesu wayeyisibonelo esivelele salabo abenqaba umoya walelizwe. Ngokushesha ngemva kokubhapathizwa kukaJesu, uSathane wazama ukumsusa ekukhonzeni uJehova ngokuletha izilingo ezintathu. (Mathewu 4:1-11) Isilingo sokugcina sasihilela ithuba lokuthi uJesu wayengazuza ububusi balo lonke izwe ngentengo nje yesenzo esisodwa sokukhulekela uSathane. UJesu wayengase acabange: ‘Nokho, ngizosenza isenzo sokukhulekela, bese kuthi ngemva kokuthola ububusi bezwe, ngiphenduke ngibuyele ekukhulekeleni uJehova. Njengombusi wezwe, ngiyoba sesimweni esingcono kakhulu sokuzuzisa isintu kunamanje njengoba ngingumbazi waseNazaretha.’ UJesu akazange acabange ngaleyondlela. Wayezimisele ukulinda kuze kube yilapho uJehova emnikeza ububusi bezwe. (IHubo 2:8) Kulesosenzakalo, nakuzo zonke ezinye izenzakalo ekuphileni kwakhe, walenqaba ithonya elinoshevu lomoya kaSathane. Ngakho, walinqoba lelizwe elingcolile ngokomoya.—Johane 16:33.
18. Ukwenqaba kwethu umoya wezwe kululetha kanjani udumo kuNkulunkulu?
18 Umphostoli uPetru wathi kufanele silandele izinyathelo zikaJesu ngokuseduze. (1 Petru 2:21) Yisiphi esinye isibonelo esingcono esingasithola? Njengoba bethonywe umoya wezwe, abantu kulezinsuku zokugcina, bangena ngokujule ngokwengeziwe ekonakaleni. Yeka ukuthi kuyinto emangalisa kanjani ukuthi phakathi kwezwe elinjalo, indawo ephakeme yokukhulekela kukaJehova imsulwa futhi ihlanzekile! (Mika 4:1, 2) Ngokuqinisekile, amandla omoya kaNkulunkulu abonakala ekutheni izigidi zabantu zigobhozela endaweni kaNkulunkulu yokukhulekela, zenqaba umoya walelizwe osakazeke yonke indawo futhi ziletha udumo nokubonga kuJehova! (1 Petru 2:11, 12) Kwangathi sonke singazimisela ukuhlala kuleyondawo ephakeme kuze kube yilapho iNkosi kaJehova egcotshiwe isusa lelizwe elibi futhi ifaka uSathane uDeveli namademoni akhe kwalasha. (IsAmbulo 19:19–20:3) Khona-ke, umoya walelizwe awusayikuba khona. Yeka ukuthi leso kuyoba isikhathi esibusiswe kanjani!
Ungachaza?
◻ Uyini umoya wezwe?
◻ Yiliphi ithonya umoya walelizwe onalo kubantu?
◻ Yikuphi okunye ukubonakaliswa komoya wezwe, futhi singawugwema kanjani?
◻ Sibonisa kanjani ukuthi sinomoya kaNkulunkulu?
◻ Yiziphi izibusiso ezitholwa yilabo abenqaba umoya wezwe?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Umoya wezwe uvela kuSathane
Ukuze ugweme umoya wezwe, balekela endaweni kaJehova yokukhulekela ephakeme