Hambani Njengabafundiswa UNkulunkulu
“[Ma]sikhuphukele entabeni kaJehova . . . , uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.”—MIKA 4:2.
1. NgokukaMika, yini uNkulunkulu ayoyenzela abantu bakhe ezinsukwini zokugcina?
UMPROFETHI kaNkulunkulu uMika wabikezela ukuthi ‘ezinsukwini ezizayo,’ isikhathi sethu, abantu abaningi babeyofuna uNkulunkulu ngentshiseko, ukuze bamkhulekele. Laba babeyokhuthazana, bethi: “[Ma]sikhuphukele entabeni kaJehova . . . , uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.”—Mika 4:1, 2.
2, 3. Ukubikezela kukaPawulu ngokuphathelene nabantu abangabathandimali kugcwaliseka kanjani namuhla?
2 Ukuhlola kwethu eyesi-2 Thimothewu 3:1-5 kungasisiza ukuba sibone imiphumela yokufundiswa uNkulunkulu ‘kulezinsuku zokugcina.’ Esihlokweni esandulelayo, siqale ngokuphawula izinzuzo ezitholwa yilabo abalalela isixwayiso sikaPawulu sokungabi ‘abazithandayo.’ UPawulu wanezela ukuthi esikhathini sethu abantu babeyoba futhi ‘abathandimali.’
3 Akudingeki ukuba umuntu abe neziqu zasekolishi esifundweni somlando wanamuhla ukuze aqonde indlela lawomazwi azifanela kahle ngayo izikhathi zethu. Awuzange yini ufunde ngabanikazi bezinhlangano ezibolekisa ngemali nabaphathi bamabhizinisi abangeneliswa ukuthola izigidi zemali unyaka ngamunye? Labathandi bemali bayaqhubeka befuna eyengeziwe, ngisho nangezindlela ezingekho emthethweni. Amazwi kaPawulu ayasebenza nakwabaningi namuhla, okuthi nakuba bengacebile, babe nobugovu ngendlela efanayo, bengeneliswa nanini. Kungenzeka wazi abaningi abanjalo endaweni yakini.
4-6. IBhayibheli liwasiza kanjani amaKristu ukuba agweme ukuba abathandimali?
4 Ingabe lokho uPawulu akusho kumane nje kuyisici esingokwemvelo sabantu esingenakugwenywa? Akunjalo ngokoMlobi weBhayibheli, owaveza leliqiniso kudala: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.” Phawula, uNkulunkulu akazange athi, ‘Imali iyimpande yakho konke okubi.’ Wathi “ukuthanda imali.”—1 Thimothewu 6:10.
5 Ngokuthakazelisayo, umongo wamazwi kaPawulu uyavuma ukuthi amanye amaKristu amahle ekhulwini lokuqala ayecebile esimisweni sezinto sangalesosikhathi, kungakhathaliseki ukuthi ingcebo ayeyizuze njengefa noma ayeyisebenzele. (1 Thimothewu 6:17) Khona-ke, kufanele kube sobala ukuthi kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sethu ngokwezimali, iBhayibheli lisixwayisa ngengozi yokuba umthandi wemali. Ingabe iBhayibheli liyasinikeza esinye isiyalo esengeziwe ngokuphathelene nendlela yokugwema lokhu kushiyeka okungathi sína nokuvamile? Ngokuqinisekile liyasinikeza, njengaleso esiseNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni. Ukuhlakanipha kwaso kwaziwa emhlabeni wonke. Ngokwesibonelo, phawula lokho uJesu akusho kuMathewu 6:26-33.
6 Njengoba kulotshwe kuLuka 12:15-21, uJesu wakhuluma ngendoda ethile ecebile eyayiqhubeka izama ukuqongelela ingcebo eyengeziwe kodwa ngokungazelele yalahlekelwa ukuphila kwayo. Laliyini iphuzu likaJesu? Wathi: “Nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” Nakuba linikeza lesoseluleko, iBhayibheli liyabulahla ubuvila futhi ligcizelela ukubaluleka kokusebenza ngokwethembeka. (1 Thesalonika 4:11, 12) Abanye-ke bangase baphikise ngokuthi lezimfundiso azisebenzi ezikhathini zethu—kodwa ziyasebenza, futhi ziyaphumelela.
Bafundiswa Futhi Bazuza
7. Yisiphi isizathu esinaso sokuba nethemba lokuthi singasisebenzisa ngokuphumelelayo iseluleko seBhayibheli ngokuphathelene nengcebo?
7 Ezizweni ngezizwe, ungathola izibonelo ezingokoqobo zamadoda nabesifazane abavela kuwo wonke amazinga enhlalo nawezomnotho abaye basebenzisa izimiso zaphezulu ngokuphathelene nemali. Baye bazizuzisa ngokwabo nemikhaya yabo, njengoba nje nabantu abangaphandle bengakubona lokho. Ngokwesibonelo, encwadini ethi Religious Movements in Contemporary America, eyanyatheliswa inkampani enyathelisela iPrinceton University, isazi semvelaphi nenhlalo yabantu sabhala: “Ezincwadini [zoFakazi] nasezinkulumweni zebandla bayakhunjuzwa ukuthi ukuma kwabo akuncikile ezimotweni ezintsha, izingubo ezibizayo, noma ukuphila kokutamasa. Ngesikhathi esifanayo uFakazi kufanele enzele umqashi wakhe umsebenzi wosuku owanele [futhi kufanele] athembeke ngokungaguquki . . . Izici ezinjalo zenza ngisho nomuntu ongenawo amakhono amaningi abe isisebenzi esiwusizo, futhi abanye oFakazi eNyakatho Philadelphia [U.S.A.] baye bakhuphukela ezikhundleni ezinomthwalo wemfanelo omkhulu.” Ngokusobala, abantu abaye bamukela isiyalo esivela kuNkulunkulu ngeZwi lakhe baye baqasheliswa ngezimo zengqondo ezenza kube nzima ukubhekana nezimo zamanje. Okuhlangenwe nakho kwabo kufakazela ukuthi isiyalo seBhayibheli siholela ekuphileni okungcono, okujabulisayo.
8. Kungani ‘abazigabisayo,’ “nabazidlayo,” “nabahlambalazayo,” bengase bahlanganiswe ndawonye, futhi lamagama amathathu asho ukuthini?
8 Singahlanganisa izinto ezintathu ezilandelayo uPawulu azibalayo. Ezinsukwini zokugcina, abantu bazakuba ‘ngabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo.’ Zontathu lezizinto azifani, kodwa zonke zihlobene nokuqhosha. Eyokuqala ‘ukuzigabisa.’ Isichazamazwi sithi igama lesiGreki eliyisisekelo lapha lisho: “‘Umuntu ozibona engaphezu kwalokho isimo esingokoqobo esikubonisayo ngaye,’ noma ‘othembisa okungaphezu kwalokho angakufeza.’” Ungabona ukuthi kungani amanye amaBhayibheli esebenzisa igama elithi “ozazisayo.” Bese kulandela ‘ukuzidla,’ noma ngokwezwi nezwi okusho “obonakala ephakeme.” Ekugcineni kube ‘abahlambalazayo.’ Abanye bangase bacabange ukuthi abantu abahlambalazayo yilabo abakhuluma ngendelelo ngoNkulunkulu, kodwa igama eliwumsuka lihlanganisa ukukhuluma ngabantu ngendlela elimazayo, ehlazisayo, noma ehlambalazayo. Ngakho uPawulu ubhekisela ekuhlambalazeni okuqondiswe kukho kokubili uNkulunkulu nomuntu.
9. Ngokuphambene nezimo zengqondo ezivamile eziyingozi, yiziphi izimo zengqondo iBhayibheli elikhuthaza abantu ukuba bazihlakulele?
9 Uzizwa kanjani lapho uphakathi kwabantu abafanelana nalencazelo kaPawulu, kungakhathaliseki ukuthi osebenza nabo, ofunda nabo, noma izihlobo? Ingabe kwenza ukuphila kwakho kube lula? Noma ingabe abantu abanjalo benza ukuphila kwakho kube nzima, bekwenza kube lukhuni ngawe ukubhekana nezikhathi zethu? Nokho, iZwi likaNkulunkulu, lisifundisa ukuba sizigweme lezizimo zengqondo, lisinikeza isiyalo esinjengaleso esitholakala kweyoku-1 Korinte 4:7; Kolose 3:12, 13; nakweyabase-Efesu 4:29.
10. Yini ebonisa ukuthi abantu bakaJehova bayazuza ngokwamukela isiyalo seBhayibheli?
10 Nakuba amaKristu engaphelele, ukusebenzisa kwawo lesiyalo esihle kuwasiza kakhulu kulezikhathi ezinzima. Iphephabhuku lase-Italy i-Civiltà Cattolica lathi esinye isizathu esenza ukuba oFakazi BakaJehova baqhubeke banda “siwukuthi inhlangano yenza amalungu ayo abe nesici esihlukile nesinamandla.” Kodwa ngokuthi “isici esinamandla,” ingabe umlobi wayesho ukuthi ‘abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo’? Ngokuphambene, lomagazini wamaJesuit uphawula ukuthi inhlangano “yenza amalungu ayo abe nesici esihlukile nesinamandla, futhi iyindawo lapho bemukelwa khona ngemfudumalo nangomuzwa wobuzalwane nokubumbana.” Ingabe akuyona yini into esobala ukuthi izinto oFakazi abaye bazifundiswa ziyabasiza?
Isiyalo Sizuzisa Amalungu Omkhaya
11, 12. UPawulu wabonisa kanjani ngokunembile ukuthi isimo sasiyoba njani emikhayeni eminingi?
11 Singase sihlanganise ndawonye izinto ezine ezilandelayo, ezicishe zihlobane ngandlela-thile. UPawulu wabikezela ukuthi phakathi nezinsuku zokugcina, abaningi babeyoba ‘abangalaleli abazali, nabangabongiyo, [nabangathembekile, NW], nabangenaluthando.’ Uyazi ukuthi okubili kwalokhu kushiyeka—ukungabongi nokungathembeki—kukuyo yonke indawo. Nakuba kunjalo, singabona kalula ukuthi kungani uPawulu akufaka phakathi ‘kokungalaleli abazali’ ‘nokungabi naluthando.’ Lezizinto ezine ziyahambisana.
12 Cishe wonke umuntu oqaphelayo, omncane noma omdala, kuyomelwe avume ukuthi ukungalaleli abazali kudlangile, futhi kuya kuba kubi ngokwengeziwe. Abazali abaningi bakhononda ngokuthi intsha ibonakala ingenakho ukubonga ngakho konke ekwenzelwayo. Intsha eningi iphikisa ngokuthi abazali bayo abathembekile ngempela kuyo (noma emkhayeni uwonke) kodwa bakhathalela kakhulu imisebenzi yabo, izinjabulo, noma bona ngokwabo. Kunokuzama ukuthola ukuthi ubani osephutheni, bheka imiphumela. Ukungezwani phakathi kwabantu abadala nentsha ngokuvamile kuholela intsha ekubeni izimisele indinganiso yayo yokuziphatha, noma kuyiholele ekuziphatheni okubi. Ube yini umphumela? Inani elikhulayo lokukhulelwa kwentsha, ukukhishwa kwezisu, nezifo ezithathelwana ngobulili. Ngokuvamile, ukuntuleka kothando lomzwelo olungokwemvelo ekhaya kuholela ebudloveni. Cishe ungalandisa ngezibonelo zasendaweni yakini, ezifakazela ukuthi uthando lomzwelo olungokwemvelo luyanyamalala.
13, 14. (a) Naphezu kokuwohloka kwemikhaya eminingi, kungani kufanele silalele iBhayibheli? (b) Luhlobo luni lweseluleko esihlakaniphile uNkulunkulu asinikezayo ngokuphathelene nokuphila komkhaya?
13 Lokhu kungasenza sibone ukuthi kungani abantu abengeziwe bephendukela labo abake babonakala beyingxenye yomkhaya wabo omkhulu, abangabozalo lwabo, isizwe, noma uhlanga. Nokho, khumbula ukuthi asivezi lezizinto ukuze sigcizelele izinkinga zokuphila namuhla. Izinto ezimbili eziyinhloko esinesithakazelo kuzo yilezi: Ingabe izimfundiso zeBhayibheli zingasisiza ukuba sigweme ukuhlupheka ngenxa yamaphutha uPawulu awabala, futhi ingabe siyozuza ekusebenziseni izimfundiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu? Izimpendulo zingaba uyebo, njengoba kusobala kulawomaphuzu amane uPawulu awabalayo.
14 Lamazwi ayiqiniso: Ayikho imfundiso edlula eyeBhayibheli ekwenzeni ukuphila komkhaya okujabulisayo nokuphumelelayo. Lokhu kufakazelwa isibonelo seseluleko salo esingasiza amalungu omkhaya ukuba angagwemi nje izingibe kuphela kodwa nesingawenza aphumelele. EyabaseKolose 3:18-21 ikubonisa kahle lokhu, nakuba kunezinye izindima eziningi ezinhle neziwusizo eziqondiswe emadodeni, kubafazi, nakubantwana. Lesiyalo siyasebenza osukwini lwethu. Kuyavunywa, ngisho nasemikhayeni yamaKristu eqiniso, kunezinkinga nezinselele. Nokho, imiphumela isiyonke ifakazela ukuthi iBhayibheli linikeza imikhaya ukufundisa okuwusizo kakhulu.
15, 16. Yisiphi isimo omunye umcwaningi asithola lapho ehlola oFakazi BakaJehova eZambia?
15 Esikhathini esingangonyaka nengxenye, umcwaningi wase-University of Lethbridge, eCanada, wahlola ukuphila okungokwenhlalo eZambia. Waphetha ngokuthi: “OFakazi BakaJehova baphumelela kakhulu kunamalungu ezinye izinkolo ekulondolozeni ubunye obungaguquki emishadweni. . . . Ukuphumelela kwabo kumelela ukuba khona kobuhlobo bokwenzelana izinto obuthuthukisiwe phakathi kwendoda nomfazi, okuye kwathi ngemizamo yabo abasanda kuyisungula, engasongeli, yokubambisana, baba nesibopho sokulandisa kumholi wabo, uNkulunkulu, ngendlela abaphathana ngayo. . . . Indoda enguFakazi kaJehova ifundiswa ukuba ibonise ukuvuthwa ekunakekeleni umthwalo wemfanelo wokukhathalela inhlalakahle yomkayo nabantwana. . . . Indoda nomfazi bakhuthazwa ukuba babe ngabantu abaqotho . . . Lemfuneko ebalulekile yobuqotho iqinisa umshado.”
16 Lokho kuhlola kwakusekelwe kokuhlangenwe nakho okuningi okungokoqobo. Ngokwesibonelo, lomcwaningi wathi ngokungafani nomkhuba ovamile, “amadoda angoFakazi BakaJehova ngokuvamile atholakala esiza omkawo ezingadini, hhayi nje phakathi nokulungiselela, kodwa nalapho kutshalwa futhi kumbiwa.” Ngakho kusobala ukuthi okuhlangenwe nakho okuningi emhlabeni wonke kubonisa ukuthi isiyalo seBhayibheli sithonya ukuphila.
17, 18. Yimiphi imiphumela emangalisayo eyatholakala ekuhloleni okuphathelene nefa elingokwenkolo nobulili ngaphambi komshado?
17 Isihloko esandulelayo sikhulume ngemiphumela yokuhlola eyatholwa kuyi-Journal for the Scientific Study of Religion. Ngo-1991 yayinesihloko esithi “Ifa Elingokwenkolo Nobulili Bangaphambi Komshado: Ubufakazi Obunikezwa Yiqembu Lesizwe Elimelela Intsha Esikhulile.” Cishe uyayazi indlela ubulili bangaphambi komshado obudlange ngayo. Abaningi bavumela ukunqotshwa inkanuko besebancane, futhi intsha eningi eyeve eshumini nambili inabantu abaningi eba nobuhlobo bobulili nabo. Ingabe izimfundiso zeBhayibheli zingakuguqula lokhu kuziphatha okuvamile?
18 Oprofesa abathathu abangakagogodi, ababehlola lendaba babelindele ukuthola ‘ukuthi intsha eyeve eshumini nambili nesikhulile ekhuliswe ngesiko lobuKristu lakudala yayiyoba sethubeni elincane kakhulu lokuba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado.’ Kodwa amaqiniso abonisani? Sekukonke, amaphesenti aphakathi kwangu-70 nangu-82 ayo ayebe nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado. Kwabanye “inkolelo enjengefa yokuchaza iBhayibheli njengoba linjalo [yalinciphisa] ithuba lokuba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado, kodwa hhayi ‘elokuba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado kwabeve eshumini nambili.’” Abacwaningi bakhuluma ngentsha ethile evela emikhayeni ebonakala ithanda inkolo “eyabonisa ithuba eliphakeme kakhulu lokuba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado lapho iqhathaniswa namaProthestani Asadla Ngoludala.”—Omalukeke sizenzele.
19, 20. Isiyalo sikaNkulunkulu siye sayivikela futhi sayisiza kanjani intsha eningi phakathi koFakazi BakaJehova?
19 Laboprofesa bathola okuphambene nalokho phakathi kwentsha yoFakazi BakaJehova, ababephakathi ‘kweqembu elihluke kakhulu kwamanye.’ Ngani? “Izinga lokuzinikela nokuhlangana nomphakathi elibangelwa okuhlangenwe nakho, amathemba, nokuhileleka emisebenzini yenkolo . . . ngokuvamile lingase libangele amazinga aphakeme okunamathela ezimisweni zokholo.” Banezela: “OFakazi kulindeleke ukuba bafeze imithwalo yemfanelo yokushumayela lapho besebasha noma sebekhulile.”
20 Ngakho isiyalo seBhayibheli sazuzisa oFakazi BakaJehova ngokubasiza ukuba bagweme ukuziphatha okubi. Lokho kusho ukuvikeleka ezifweni ezithathelwana ngobulili, ezinye zazo ezingalapheki nezinye ezibulalayo. Kusho ukungacindezelwa ukuba bakhiphe izisu, iBhayibheli elifundisa ukuthi kufana nokubulala. Futhi kusho ukuba khona kwentsha esikhulile ekwaziyo ukungenela umshado inonembeza abahlanzekile. Lokho kusho imishado eyakhelwe esisekelweni esiqine ngokwengeziwe. Yizimfundiso ezinjalo ezingasisiza ukuba sibhekane nesimo, sibe nempilo engcono, sijabule ngokwengeziwe.
Isiyalo Esiqondile
21. Yiziphi izinto uPawulu azibikezelela isikhathi sethu ngokunembile?
21 Manje buyela emuva kweyesi-2 Thimothewu 3:3, 4, futhi uphawule okunye uPawulu athi kwakuyokwenza kube nzima kwabaningi ukubhekana nezikhathi zethu—kodwa hhayi bonke: “[Abantu bayoba] ngabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” Yeka ukuthi kunembe kanjani! Nokho, isiyalo esivela eBhayibhelini singasivikela futhi sisihlomisele ukubhekana nesimo, ukuba siphumelele.
22, 23. UPawulu waphetha uhlu lwakhe ngasiphi isikhuthazo esihle, futhi kuyini ukubaluleka kwaso?
22 Umphostoli uPawulu uphetha uhlu lwakhe ngesikhuthazo esihle. Wenza iphuzu lokugcina libe umyalo wokwesaba uNkulunkulu ongase futhi usilethele inzuzo engenakulinganiswa. UPawulu ukhuluma ngalabo ‘abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.’ Khumbula ukuthi empeleni kwamanye amasonto liphakeme kakhulu izinga lentsha eliba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado. Phela, ngisho nakuba ukuziphatha okubi kwalabo bantu abasontayo bekusezingeni elivamile, bekungeke yini kufakazele ukuthi uhlobo lwabo lokukhulekela alunamandla? Ngaphezu kwalokho, ingabe izimfundiso ezingokwenkolo ziyayishintsha indlela abantu abaziphatha ngayo kwezebhizinisi, indlela abasebenzelana ngayo nabangaphansi kwabo, noma indlela abaphatha ngayo izihlobo zabo?
23 Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi kumelwe sikusebenzise lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu, sibe nendlela yokukhulekela ebonakalisa amandla angempela obuKristu. Ngokuphathelene nalabo uhlobo lwabo lokukhulekela olungenamandla, uPawulu uyasitshela: “Labo-ke wobagwema.” Lowo umyalo ocacile, oyosilethela izinzuzo eziqinisekile.
24. Ukunxusa okukusAmbulo isahluko 18 kufana kanjani neseluleko sikaPawulu?
24 Kanjani? Phela, incwadi yokugcina yeBhayibheli ilandisa ngowesifazane ongokomfanekiso, isifebe, obizwa ngokuthi iBabiloni Elikhulu. Ubufakazi bubonisa ukuthi iBabiloni Elikhulu limelela umbuso wezwe lonke wenkolo yamanga, uJehova uNkulunkulu aye wawuhlola futhi wawulahla. Nokho, akudingeki ukuba sihlanganiswe nalo. IsAmbulo 18:4 siyasinxusa: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.” Ingabe leso akusona isigijimi esifana naleso uPawulu asidlulisela, “labo-ke wobagwema”? Ukwenza kwethu ngokuvumelana nalokhu kungenye indlela esingazuza ngayo esiyalweni sikaNkulunkulu.
25, 26. Yiliphi ikusasa elilindele labo manje abamukela futhi basebenzise isiyalo esivela kuJehova uNkulunkulu?
25 Ngokushesha uNkulunkulu uzongenela ngokuqondile ezindabeni zabantu. Uzoyiqothula yonke inkolo yamanga naso sonke isimiso esibi samanje. Lokho kuyoletha injabulo, njengoba isAmbulo 19:1, 2 sibonisa. Emhlabeni labo abamukela futhi balandele isiyalo sikaNkulunkulu bayovunyelwa ukuba baqhubeke belandela izimfundiso zakhe lapho izithiyo zalezikhathi ezinzima sezidlulile.—IsAmbulo 21:3, 4.
26 Ukuphila kuleloPharadesi lasemhlabeni elibuyiselwe ngokuqinisekile kuyoba okujabulisa ngaphezu kwalokho esingakucabanga. UNkulunkulu uthembisa ukuthi kungenzeka kithi, futhi singathembela kuye ngokuphelele. Ngakho usinikeza isizathu esiphelele sokwamukela futhi silandele ukufundisa kwakhe okuwusizo. Nini? Masilandele iziyalo zakhe manje ezikhathini zethu ezibucayi futhi siqhubeke nasePharadesi alithembisayo.—Mika 4:3, 4.
Amaphuzu Okufanele Sizindle Ngawo
◻ Abantu bakaJehova bazuza kanjani eselulekweni sakhe ngokuphathelene nengcebo?
◻ Umagazini wamaJesuit wafakazela miphi imiphumela emihle etholwa izinceku zikaNkulunkulu ngokusebenzisa iZwi lakhe?
◻ Ukuhlola okwenziwa eZambia kwembula ziphi izinzuzo ezatholwa imikhaya esebenzisa isiyalo saphezulu?
◻ Yisiphi isivikelo isiyalo saphezulu esisinikeza intsha?
[Ibhokisi ekhasini 15]
YEKA IMIPHUMELA EYINHLEKELELE!
“Intsha ibhekene nengozi enkulu kakhulu yokungenwa ingculaza ngoba ithanda ukwenza ukuhlola ngokuhlanganyela ubulili nokusebenzisa izidakamizwa, izifaka engozini futhi iphilele izinjabulo zesikhashana, ngoba inomuzwa wokuthi ngeke ife futhi idelela igunya,” kusho umbiko owakhishwa emhlanganweni ophathelene nengculaza nentsha.—I-Daily News yaseNew York, iSonto, March 7, 1993.
“Intsha engamantombazane eshisekela ubulili ivela ‘njengeqembu eliphambili’ elizolandela lobhadane lwengculaza, eliye latholwa ukuhlola kwe-United Nations eYurophu, e-Afrika, naseNingizimu-mpumalanga Asia.”—I-New York Times, uLwesihlanu, July 30, 1993.
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Isiyalo seBhayibheli sizuzisa oFakazi BakaJehova ebandleni nasekhaya