Ukuqondisisa Izindaba
“Umbono Omubi”
Ukukhathazeka oku khu layo ngegazi elingahlanzekile ku phoqelela ochwepheshe bezokwelapha ukuba bakubheke ngokunye ukufaneleka kokumpontshelwa igazi. UHenry B. Soloway, M.D., umhleli kamagazini iPathologist, waphawula ukuthi kusukela ekusungulweni kwakho, ukumpontshelwa igazi bekulokhu kunezinkinga. Uyachaza, “Ekuqaleni ukumpontshelwa igazi elalingcole ngesikhathi liqoqwa nalapho ligciniwe . . . kwabangela ukufa kwabantu abaningi bebulawa ukuthola igazi elinesifo esithathelwanayo futhi elinegciwane elinobuthi. Ukuthathelwana kwesifo sokusha kwesibindi kwesigaba B okubangelwa yigazi nezakhi zegazi kwabangela isifo esikhulu phakathi neMpi Yezwe II.” Naphezu kokufika kwezindlela zobuchwepheshe eziklanyelwe ukuqinisekisa “ukulondeka” kwegazi, ukuthathelwana kwezifo ezifana neAIDS kuyaqhubeka.
Manje sekunezinkinga ezintsha esezivele obala ngokuqondene nokusinda isikhathi eside ngemva kokuhlinzwa kweziguli eziphethwe umdlavuza ezimpontshelwa igazi lapho zihlinzwa. USoloway uthi: “Kunamathuba amancane kakhulu okusinda uma . . . ukumpontshelwa kwenziwa ezigulini ezihlinzelwa umdlavuza wamaphaphu, wamabele, nokapopopo. “Ikuphi-ke okungcono? USoloway uyavuma: “OFakazi BakaJehova baye bagcizelela . . . ukuthi ukumpontshelwa kuwumbono omubi. Mhlawumbe ngolunye usuku bazobonakala benephutha. Kodwa okwamanje kunobufakazi obuningi bokusekela iphuzu labo, naphezu kokuphikisa kwabalondolozi begazi.”
Eqinisweni, ukulalela umthetho waphezulu okuye kwagcina oFakazi BakaJehova bekhululekile emiphumeleni eminingi emibi yokumpontshelwa igazi. ULevitikusi 17:14 uthi: “Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo.” Futhi amaKristu atshelwa ukuba ‘ayeke igazi.’ (IzEnzo 15:28, 29) Ngokusobala, uNkulunkulu ubheka ukudla igazi noma ngayiphi indlela ‘njengombono omubi.’
“Inkinga Ekuziphendukeleni Kwemvelo”
“Izimpiko zezinambuzane azizange zivele ekuphileni okuthile noma kwenye into. Zaqala njengemixhantela emincane kakhulu emila emhlane.” Kusho iphephandaba laseSweden iSvenska Dagbladet, elibika ngokuhlolwa kwamuva kwendlela izinambuzane ezathola ngayo izimpiko zazo. “Ngokusho kwenye imfundiso,” kusho umbiko, “kungenzeka ukuthi zazisebenzisa iZimpiko zesikhathi esizayo njengesicupho sokubamba izinambuzane, kwaze kwaba yilapho ngolunye usuku zithola ukuthi nazo zingandizela phezulu zisuke emhlabathini ziye emoyeni noma zehle zisuka emthini.”
Umbiko ubonisa futhi ukuthi ososayensi bezinto eziphilayo baxoxa ngombono wokuthi “izimpiko zesikhathi esizayo,” lapho zisencane kakhulu ukuba zingasetshenziswa ekundizeni, kungenzeka zazisebenza njengabemukeli bemisebe yelanga ukuze zifudumeze futhi zinikeze umzimba amandla. Yini eyazenza zakhula zisuka ebuncaneni zaze zaba zinkulu? “Lena inkinga okunzima ukuyichaza ekuziphendukeleni kwemvelo,” kuvuma umbiko.
Nokho, iBhayibheli Iiyibonisa ngokukhanyayo indlela izinambuzane ezathola ngayo izimpiko zazo. “UNkulunkulu wadala . . . nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo,” kusho uGenesise 1:21. Nakuba iminyaka eminingi yokucwaninga okungokwesayensi iye yama ne yaphumela ezimfundisweni zokucabangela ‘nasezinkingeni . . . okunzima ukuzichaza,’ ukulandisa kweBhayibheli kubeka amaqiniso aziwayo. Ukuklanywa okumangalisayo nokusebenza kwezimpiko zezinambuzane akunikezi udumo ekuziphendukeleni kwemvelo okungaqondakali kodwa kuMdali ohlakaniphile.
Ukuxhashazwa Kwasebegugile
Abantu asebegugile bayaqhubeka beba izisulu zokuxhashazwa nokunganakwa. Kungokujwayeleki le namuhla ukuzwa ngemibiko yasebegugile bephathwa kabi, bephangwa, beshaywa, futhi bebulawa—ngisho nasemazweni lapho ngokwesiko asebegugile bebehlonishwa kakhulu. Kwelinye izwe laseMpumalanga, “isisebenzi sezenhlala-kahle sixoxa ngogogo omkhaya wakhe wambopha ngamaketanga iminyaka eyishumi nane futhi umvumela ukuba ageze kanye emasontweni amabili,” kusho iAsiaweek. Inezela ngokuthi omunye ugogo oneminyaka engama-60 kwelinye izwe laseAsia “usanda kufa kwelinye ikhaya lase begugile. Indodana yakhe noma lokozana wakhe abazange beze ngisho nalapho ayefele khona.” Isimo singesifanayo nasemazweni aseNtshonalanga. “Cishe oyedwa kubantu asebekhulile abangama-25 base Melika akanakwa noma uyaxhashazwa, kungaba sekhaya noma ezindaweni zasebegugile,” kusho iU.S.News & World Report. “Ukunganakwa kuyindlela evame kakhulu yokuphathwa kabi . . . Kodwa kokubili ukuxhashazwa ngokomzimba nangokobulili kuphakeme.”
Izakhamuzi zakwaIsrayeli wasendulo kanye namalungu ebandla lobuKristu lakuqala bayalwa ukuba babonise inhlonipho, ukucabangela, nokwazisa ngase bekhulile. (Eksodusi 20:12; Levitikusi 19:32; Efesu 6:1, 2; 1 Thimothewu 5:1, 2) Nokho, umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina sasiyofinyelela “izikhathi ezinzima” lapho abantu babeyoya bededa esiqondisweni sikaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1) Esinye sezici uPawulu asiphawula sasiwukuthi abantu babeyoba “ngabaluntula ngokuphelele . . . uthando lomuntu olungokwemvelo.” (2 Thimothewu 3:2, 3, The New Testament in Modern English, ngoJ. B. Phillips) Ubani ongangabaza ubuqiniso bamazwi akhe?