-
Thembeka Ezintweni ZonkePhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
3. Yiziphi izinzuzo zokwethembeka?
Uma saziwa ngokuthi sithembekile, abanye bayasethemba. Senza abanye bazizwe belondekile njengasemndenini onothando. Siba nonembeza ohlanzekile. Ukwethembeka kungaphinde ‘kuhlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu,’ futhi kungadonsa abanye abangamkhozi uNkulunkulu bangene ebandleni.—Thithu 2:10.
-
-
Okwenza Izingubo Esizigqokayo Nendlela Esibukeka Ngayo KubalulekePhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
3. Indlela esibukeka ngayo ingabenza kanjani abantu bafune ukukhonza uJehova?
Nakuba sizama ukugqoka ngendlela efanelekayo kuzo zonke izimo, sizama ukugqoka ngendlela ehlonipheke nakakhulu lapho siya emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Asifuni ukuba abantu bangazilaleli izindaba ezinhle ngenxa yendlela esibukeka ngayo. Kunalokho, indlela esibukeka ngayo ingenza abanye bafune ukufunda ngoJehova futhi “ihlobise imfundiso yoMsindisi wethu.”—Thithu 2:10.
-