Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • Isifundo 10. Indoda ibuka umBhalo weBhayibheli ewutshengiswa uFakazi phakathi nomhlangano webandla woFakazi BakaJehova.

      ISIFUNDO 10

      Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?

      Wake wamenyelwa emihlanganweni yoFakazi BakaJehova? Uma ungakaze uye, ungazizwa unovalo lokuya okokuqala. Ungase uzibuze: ‘Kwenziwani kule mihlangano? Ibaluleke ngani? Kungani kufanele ngiye?’ Kulesi sifundo, uzofunda ukuthi ukuhlangana nabanye kungakusondeza kanjani kuNkulunkulu futhi kukusize kanjani.

      1. Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokuhlangana ndawonye?

      Phawula ukuthi omunye umbhali weBhayibheli wathi yisiphi isizathu sokuhlangana ndawonye esibaluleke kunazo zonke, wathi: “Ebandleni elikhulu, ngiyomdumisa uJehova.” (IHubo 26:12) Ngokufanayo oFakazi BakaJehova bakujabulela kakhulu ukuhlangana ndawonye. Emhlabeni wonke bahlangana masonto onke ukuze badumise uNkulunkulu, bacule futhi bathandaze. Ngezikhathi ezithile ngonyaka, bayahlangana babe baningi ukuze bakhonze uNkulunkulu.

      2. Yini ozoyifunda emihlanganweni yethu?

      Emihlanganweni yethu, sifunda iZwi likaNkulunkulu, ‘lichazwe kahle futhi licaciswe.’ (Funda uNehemiya 8:8.) Uma uya emihlanganweni yethu, uzofunda ngoJehova nezimfanelo zakhe ezinhle. Lapho ufunda okwengeziwe ngokuthi ukuthanda kangakanani, uzosondela kakhulu kuye. Uzothola nokuthi angakusiza kanjani ube nokuphila okwanelisayo.​—Isaya 48:17, 18.

      3. Ungazuza kanjani ngokuzihlanganisa nabanye emihlanganweni yethu?

      UJehova usiyala ukuba “sicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye.” (Hebheru 10:24, 25) Emihlanganweni yethu, uzothola abantu abathandana ngempela futhi abakuthandayo ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu njengawe. Uzobezwa bekhuthazana ngezinto eziseBhayibhelini. (Funda eyabaseRoma 1:11, 12.) Uzoxoxa nabantu abashadile nabangashadile, abajabulayo yize benezinkinga. Lezi ezinye nje zezizathu ezenza uJehova afune sihlangane ndawonye njalo!

      FUNDA OKWENGEZIWE

      Zitholele ukuthi kwenziwani emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokuthi kungani kuzuzisa ukuzama ukuya kuyo.

      4. Imihlangano yoFakazi BakaJehova

      Ekhulwini lokuqala, amaKristu ayevame ukuhlangana ndawonye ukuze akhonze uJehova. (Roma 16:3-5) Fundani eyabaseKolose 3:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • AmaKristu akuqala ayemkhonza kanjani uJehova?

      Namuhla, oFakazi nabo bahlangana ndawonye njalo ezindaweni abakhonza kuzo uNkulunkulu. Ukuze ubone ukuthi kwenziwani emihlanganweni yabo dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho bukani isithombe semihlangano yebandla, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo.

      IVIDIYO: Kwenziwani EHholo LoMbuso? (2:12)

      • Yiziphi izinto ezifanayo oziphawulile kulokhu okwenzeka eHholo LoMbuso nalokho okufunde encwadini yabaseKolose 3:16?

      • Lapho ubuka ividiyo noma isithombe, kukhona yini okuphawulile okuthandile ngemihlangano yethu?

      Fundani eyesi-2 Korinte 9:7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Kungani oFakazi BakaJehova bengabakhokhisi abantu imali emihlanganweni yabo?

      Wena nothisha wakho, bhekani ukuthi kuzobe kuxoxwa ngani emhlanganweni olandelayo.

      • Iyiphi ingxenye yomhlangano ocabanga ukuthi izokujabulisa futhi ikusize kakhulu wena?

      Ingabe bewazi?

      Kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu, ungakwazi ukuthola ukuthi ikuphi futhi inini imihlangano emhlabeni wonke.

      Izithombe ezihlanganisiwe: Okwenzeka eHholo LoMbuso ngaphambi, phakathi, nangemva kwemihlangano. Okwenzekayo kuphinde kuchazwe ezithombeni A kuya ku-D. A. Indoda enguFakazi yethula inkulumo esekelwe eBhayibhelini esiteji emhlanganweni. B. Owesifazane onguFakazi osezilalelini unikeza impendulo engxenyeni yemibuzo nezimpendulo emhlanganweni. C. Indoda enguFakazi ixoxa nomndeni ngemva komhlangano. D. Indoda enguFakazi ivula umnyango ukuze osekhulile akwazi ukungena emhlanganweni.
      1. Emihlanganweni yethu kuba khona izinkulumo, imiboniso namavidiyo. Imihlangano iqala futhi iphethe ngengoma nomthandazo

      2. Kwezinye izingxenye zomhlangano, izilaleli zivumelekile ukuphendula

      3. Wonke umuntu wamukelekile​—imindeni, abangashadile, asebekhulile nezingane

      4. Kungenwa mahhala emihlanganweni yethu. OFakazi BakaJehova ababakhokhisi abantu imali emihlanganweni yabo

      5. Kudingeka umzamo ukuze uye emihlanganweni

      Cabanga isibonelo somndeni wakubo kaJesu. Njalo ngonyaka, babehamba izinsuku eziningana ezindaweni ezinezintaba besuka eNazaretha beya ethempelini eJerusalema. Fundani uLuka 2:39-42, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo:

      • Ucabanga ukuthi kwakudinga umzamo yini ukuya eJerusalema?

      • Kungani kungase kudingeke wenze umzamo ukuze ube khona emihlanganweni?

      • Ucabanga ukuthi kuzokuzuzisa ukuya khona? Kungani usho kanjalo?

      Izithombe ezihlanganisiwe: UJosefa, uMariya, uJesu nengane yakubo kaJesu balungiselela uhambo. 1. UJosefa ukhweza izikhwama embongolweni, uMariya ulungiselela izinto ezizodliwa. 2. Ibalazwe elitshengisa indlela esuka eNazaretha iya eJerusalema.

      IBhayibheli lithi ukuhlangana ndawonye ukuze sikhonze uJehova kubaluleke kakhulu. Fundani eyamaHebheru 10:24, 25, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Kungani kufanele siye njalo emihlanganweni?

      ABANYE ABANTU BATHI: “Asikho isidingo sokuhlangana nabanye. Kwanele ukuzifundela iBhayibheli ekhaya.”

      • Yimuphi umBhalo noma isibonelo esiseBhayibhelini esiveza ukuthi uJehova ufuna senzeni?

      UKUBUYEKEZA

      Ukuya emihlanganweni kuzokusiza ufunde okwengeziwe ngoJehova, uqinise ubungane bakho naye futhi umkhonze ukanye nabanye.

      Ufundeni?

      • Kungani uJehova esikhuthaza ukuba sihlangane ndawonye?

      • Yini ozoyifunda emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?

      • Ucabanga ukuthi ukuya emihlanganweni kuzokusiza nangaziphi izindlela?

      Umgomo

      HLOLA OKWENGEZIWE

      Kuthiwani uma wesaba ukuya emhlanganweni? Bona ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi omunye wesilisa owayesaba, agcine esekuthanda ukuya emihlanganweni.

      Asisoze Sakulibala Loko Kubingelelwa (4:16)

      Bona indlela insizwa ethile eyayijabulela ngayo imihlangano, nalokho eyakwenza ukuze iqhubeke iya kuyo.

      Ngangiyithanda Kakhulu Imihlangano! (4:33)

      Funda ukuthi abanye bazizwa kanjani ngokuya emihlanganweni.

      “Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Funda ukuthi ukuphila kwelungu leqembu lezigebengu ezinobudlova kwashintsha kanjani ngemva kokuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova.

      “Ngangihamba Nesibhamu Sami Nomaphi Lapho Ngangiya Khona” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2014)

  • UMbuso KaNkulunkulu Usuyabusa!
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • 5. Umhlaba uye washintsha kusukela ngo-1914

      Dlalani IVIDIYO.

      IVIDIYO: Umhlaba Uye Washintsha Kusukela Ngo-1914 (1:10)

      UJesu wabikezela izinto ezaziyokwenzeka emhlabeni ngemva nje kokuba ebe iNkosi. Fundani uLuka 21:9-11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Kulezi zinto, yiziphi ozibonile noma oye wezwa ngazo?

      Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi abantu babeyoba njani ezinsukwini zokugcina zokubusa kwabantu. Fundani eyesi-2 Thimothewu 3:1-5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Kulaba bantu ababalwe lapha, yibaphi oye wababona?

      Izithombe ezihlanganisiwe: Isithombe esibonisa izinto ezenzeka emhlabeni ngezinsuku zokugcina. 1. Umkhuzi wempi usesiteji uyamemeza ephakamise izandla zakhe. 2. Izakhiwo ezibhidlikile ngemva kokuzamazama komhlaba. 3. Amabhanoyi empi. 4. Isixuku esigqoke izifonyo sihamba ngaphandle. 5. AmaTwin Towers eNew York avutha amalangabi ngemva kokuhlaselwa amaphekula. 6. Indoda isebenzisa izidakamizwa. 7. Indoda ithethisa umkayo ebikade imshaya. 8. Utshwala nezidakamizwa ezihlukahlukene. 9. Abesifazane ababili bagqoke izingubo ezisemfashinini bafake ubucwebe bathatha i-selfie. 10. U-dj udlalela isixuku ekhonsathini. 11. Umbhikishi ujikijela isiqhumane esibizwa ngeMolotov.

      6. Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kufanele kusenze sithathe isinyathelo

      Fundani uMathewu 24:3, 14, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Yimuphi umsebenzi obalulekile obonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa?

      • Ungasiza kanjani kulo msebenzi?

      UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa, futhi sekuseduze ukuba ubuse wonke umhlaba. Fundani eyamaHebheru 10:24, 25, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Ngamunye wethu kufanele enzeni njengoba ‘sibona usuku lusondela’?

      Izithombe ezihlanganisiwe: 1. Umfundi weBhayibheli usemhlanganweni woFakazi BakaJehova. 2. Umfundi weBhayibheli ofanayo ushumayeza umuntu ahlangane naye.

      Ake sithi wazi into ethile ebingasiza futhi isindise abanye, yini obungayenza?

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela