ISIFUNDO 10
Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
Wake wamenyelwa emihlanganweni yoFakazi BakaJehova? Uma ungakaze uye, ungazizwa unovalo lokuya okokuqala. Ungase uzibuze: ‘Kwenziwani kule mihlangano? Ibaluleke ngani? Kungani kufanele ngiye?’ Kulesi sifundo, uzofunda ukuthi ukuhlangana nabanye kungakusondeza kanjani kuNkulunkulu futhi kukusize kanjani.
1. Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokuhlangana ndawonye?
Phawula ukuthi omunye umbhali weBhayibheli wathi yisiphi isizathu sokuhlangana ndawonye esibaluleke kunazo zonke, wathi: “Ebandleni elikhulu, ngiyomdumisa uJehova.” (IHubo 26:12) Ngokufanayo oFakazi BakaJehova bakujabulela kakhulu ukuhlangana ndawonye. Emhlabeni wonke bahlangana masonto onke ukuze badumise uNkulunkulu, bacule futhi bathandaze. Ngezikhathi ezithile ngonyaka, bayahlangana babe baningi ukuze bakhonze uNkulunkulu.
2. Yini ozoyifunda emihlanganweni yethu?
Emihlanganweni yethu, sifunda iZwi likaNkulunkulu, ‘lichazwe kahle futhi licaciswe.’ (Funda uNehemiya 8:8.) Uma uya emihlanganweni yethu, uzofunda ngoJehova nezimfanelo zakhe ezinhle. Lapho ufunda okwengeziwe ngokuthi ukuthanda kangakanani, uzosondela kakhulu kuye. Uzothola nokuthi angakusiza kanjani ube nokuphila okwanelisayo.—Isaya 48:17, 18.
3. Ungazuza kanjani ngokuzihlanganisa nabanye emihlanganweni yethu?
UJehova usiyala ukuba “sicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye.” (Hebheru 10:24, 25) Emihlanganweni yethu, uzothola abantu abathandana ngempela futhi abakuthandayo ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu njengawe. Uzobezwa bekhuthazana ngezinto eziseBhayibhelini. (Funda eyabaseRoma 1:11, 12.) Uzoxoxa nabantu abashadile nabangashadile, abajabulayo yize benezinkinga. Lezi ezinye nje zezizathu ezenza uJehova afune sihlangane ndawonye njalo!
FUNDA OKWENGEZIWE
Zitholele ukuthi kwenziwani emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokuthi kungani kuzuzisa ukuzama ukuya kuyo.
4. Imihlangano yoFakazi BakaJehova
Ekhulwini lokuqala, amaKristu ayevame ukuhlangana ndawonye ukuze akhonze uJehova. (Roma 16:3-5) Fundani eyabaseKolose 3:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:
AmaKristu akuqala ayemkhonza kanjani uJehova?
Namuhla, oFakazi nabo bahlangana ndawonye njalo ezindaweni abakhonza kuzo uNkulunkulu. Ukuze ubone ukuthi kwenziwani emihlanganweni yabo dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho bukani isithombe semihlangano yebandla, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo.
Yiziphi izinto ezifanayo oziphawulile kulokhu okwenzeka eHholo LoMbuso nalokho okufunde encwadini yabaseKolose 3:16?
Lapho ubuka ividiyo noma isithombe, kukhona yini okuphawulile okuthandile ngemihlangano yethu?
Fundani eyesi-2 Korinte 9:7, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani oFakazi BakaJehova bengabakhokhisi abantu imali emihlanganweni yabo?
Wena nothisha wakho, bhekani ukuthi kuzobe kuxoxwa ngani emhlanganweni olandelayo.
Iyiphi ingxenye yomhlangano ocabanga ukuthi izokujabulisa futhi ikusize kakhulu wena?
Ingabe bewazi?
Kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu, ungakwazi ukuthola ukuthi ikuphi futhi inini imihlangano emhlabeni wonke.
Emihlanganweni yethu kuba khona izinkulumo, imiboniso namavidiyo. Imihlangano iqala futhi iphethe ngengoma nomthandazo
Kwezinye izingxenye zomhlangano, izilaleli zivumelekile ukuphendula
Wonke umuntu wamukelekile—imindeni, abangashadile, asebekhulile nezingane
Kungenwa mahhala emihlanganweni yethu. OFakazi BakaJehova ababakhokhisi abantu imali emihlanganweni yabo
5. Kudingeka umzamo ukuze uye emihlanganweni
Cabanga isibonelo somndeni wakubo kaJesu. Njalo ngonyaka, babehamba izinsuku eziningana ezindaweni ezinezintaba besuka eNazaretha beya ethempelini eJerusalema. Fundani uLuka 2:39-42, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo:
Ucabanga ukuthi kwakudinga umzamo yini ukuya eJerusalema?
Kungani kungase kudingeke wenze umzamo ukuze ube khona emihlanganweni?
Ucabanga ukuthi kuzokuzuzisa ukuya khona? Kungani usho kanjalo?
IBhayibheli lithi ukuhlangana ndawonye ukuze sikhonze uJehova kubaluleke kakhulu. Fundani eyamaHebheru 10:24, 25, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani kufanele siye njalo emihlanganweni?
ABANYE ABANTU BATHI: “Asikho isidingo sokuhlangana nabanye. Kwanele ukuzifundela iBhayibheli ekhaya.”
Yimuphi umBhalo noma isibonelo esiseBhayibhelini esiveza ukuthi uJehova ufuna senzeni?
UKUBUYEKEZA
Ukuya emihlanganweni kuzokusiza ufunde okwengeziwe ngoJehova, uqinise ubungane bakho naye futhi umkhonze ukanye nabanye.
Ufundeni?
Kungani uJehova esikhuthaza ukuba sihlangane ndawonye?
Yini ozoyifunda emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?
Ucabanga ukuthi ukuya emihlanganweni kuzokusiza nangaziphi izindlela?
HLOLA OKWENGEZIWE
Kuthiwani uma wesaba ukuya emhlanganweni? Bona ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi omunye wesilisa owayesaba, agcine esekuthanda ukuya emihlanganweni.
Bona indlela insizwa ethile eyayijabulela ngayo imihlangano, nalokho eyakwenza ukuze iqhubeke iya kuyo.
Funda ukuthi abanye bazizwa kanjani ngokuya emihlanganweni.
“Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Funda ukuthi ukuphila kwelungu leqembu lezigebengu ezinobudlova kwashintsha kanjani ngemva kokuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova.
“Ngangihamba Nesibhamu Sami Nomaphi Lapho Ngangiya Khona” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2014)