Ukuzinikezela Nesibonakaliso Sakho
1. Isibonakaliso sokwehlukanisa umuntu singaba kanjani yinto enhle, njengasendabeni yamaJuda aqotho ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E.?
ISIBONAKALISO sesimo somuntu noma ukuma kwakhe ngokomthetho kungase kube yinto enhle, yebo, into edingekile. Ngokwesibonelo, lapho iJerusalema liseduze nokubhujiswa ngo-607 B.C.E., “indoda” engokomfanekiso yathunyelwa ukuba iphawule amabunzi amaIsrayeli anezinhliziyo eziqotho ukuze avikelwe ekubulaweni. Kuphela yilabo abambalwa ababebubula ngenxa ‘yezinto ezinyanyekayo ezenziwa’ phakathi kwalokho okwakufanele kube umuzi ongcwele kaNkulunkulu ababephawulelwe ukusindiswa.—Hezekeli 9:1-7.
2. Iziphi izici ezihlukanisayo ezikhulunyelwe kusAmbulo isahluko 7, futhi zihlobene ngani lezi nokusindiswa?
2 Namuhla “usizi olukhulu” luseduze ukuba lushaye lonke izwe. Ngakho isAmbulo 7:1-8 sisitshela ukuthi “izingelosi ezine” ezimi emagumbini omane omhlaba ziyalwa ukuba zibambe imimoya emine ukuze ingavunguzi iveze isiphepho esiqothulayo noma “usizi” kuze kube yilapho inani eliqondile labakhethiweyo bakaNkulunkulu seliye lanikezwa uphawu emabunzini alo. Futhi, lokhu kuvumela isikhathi nge“sixuku esikhulu” ukuba sizihlanze “egazini lewundlu” ukuze sibonakale njengesikufanelekele ukusinda kulolu“sizi olukhulu.”—IsAmbulo 7:9-14; Mathewu 24:21, 22.
3, 4. Endabeni yompristi omkhulu wamaJuda, ‘isibonakaliso sokuzinikezela’ esigqokweni sakhe sasiyoba isikhumbuzo sani?
3 KuIsrayeli wasendulo kwamiswa ubupristi. UMose wayelandele iziyalezo eziqondile ezivela kuJehova ekwenzeni izingubo ezihlukanisayo zompristi omkhulu. Ngokuqondene nesigqoko, kulotshiwe: “Benza ungcwecwe womqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, babhala kuye umbhalo njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: Wahlukaniselwe uNkulunkulu [‘ungcweliselwe uYahweh, The Jerusalem Bible,]. Babophela kuye intambo eluhlaza ukuba abekwe phezulu esigqokweni.”a—Eksodusi 39:30, 31; 29:6; Levitikusi 8:9.
4 Lesi‘sibonakaliso sokuzinikezela’ sasiyoba isikhumbuzo kumpristi omkhulu nakwababukelayo ukuthi uye “wangcweliswa” noma wanikezelwa uNkulunkulu enkonzweni engcwele ngenxa yabantu abazinikezele. Yena kanye nabanye abapristi abanaye babezohola ekufundiseni abantu nasekunikeleni ngemihlatshelo eyamukelekayo ehlawulela izono, okwakuzobasiza ukuba baphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo kuNkulunkulu. Lokhu kwakuyosiza esimweni esingcwele sokuzinikezela sesizwe, ngoba sasixwayisiwe ukuthi uma sishiya uJehova, naye wayezosishiya asiyekelele ezitheni zaso.—Duteronomi 28:15, 25, 63.
5. Nakuba namuhla engekho umJuda wakwaCohen ongase azehlukanise njengompristi omkhulu wobuAroni, kungani isimo sethu kungesona esingenathemba?
5 Umlando owethusayo wamaIsrayeli ugcwele izinhlekelele abhekana nazo ngenxa yokushiya imiyalo kaNkulunkulu nenkonzo yawo yokuzinikezela kuyena. Ngemva kokubhujiswa kwesibili kweJerusalema nethempeli lalo ngo-70 C.E., umpristi omkhulu kanye nesibonakaliso sokuzinikezela esigqokweni sakhe akabange esaba-khona. Namuhla akekho umJuda onesibongo sakwaCohen (okusho “umPristi”) ongaqinisekisa ukuthi ungumpristi omkhulu wakwaIsrayeli. Ingabe-ke, isimo sethu singesingenathemba? Cha! Ngoba ngokuqondene neNdodana kaNkulunkulu ekhazinyulisiwe, siyafunda: “Umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu, . . . [wa]zinikela yena.”—Heberu 7:26, 27.
6, 7. Ingabe uJesu wazalwa esizweni sobupristi sakwaIsrayeli, futhi wayengaba kanjani umpristi omkhulu?
6 Njengoba uJesu ayeyiNdodana kaNkulunkulu, wayengadingi ukuba yilungu lesizwe sakwaLevi noma somkhaya wobupristi ka-Aroni ukuze abe umpristi kaNkulunkulu. Lokho kwakungenzeka ngokwamalungiselelo amangalisayo kaJehova uNkulunkulu. Inkosi uDavide yaphefumlelwa umoya kaNkulunkulu ukuba iprofethe ngokuqondene nalomzukulu odumile, owayezoba ngophakeme kunokhokho bakhe basebukhosini: “uJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho. Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho. Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele [ngokuhloba okungcwele], abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa. UJehova ufungile engayikuguquka, wathi: Wena ungumpristi kuze kube-phakade ngendlela kaMelkisedeki.”—AmaHubo 110:1-4.
7 Ngakho, kuze kube usuku lwethu, uJesu Kristu okhazinyulisiwe uhlala engumPristi oMkhulu wasebukhosini, ophakeme kunabapristi abakhulu bakwaIsrayeli wasendulo nesibonakaliso sabo esibonakalayo sokuzinikezela. Akekho esikhundleni ngenxa yokuba umpristi wobuLevi kodwa ngenxa yesifungo sikaJehova uNkulunkulu.
Isibonakaliso Salabo ‘Abazinikela Ngenjabulo’
8. Kungani lolu kuwusuku “lwempi” kaKristu, futhi labo manje abazinikela ngenjabulo baqhubeka kanjani kulokhu?
8 Abafundi balomPristi oMkhulu wasebukhosini, uKristu Jesu, manje “bazinikela ngenjabulo” ngosuku “lwempi” yakhe. Bazinikezela kuJehova uNkulunkulu ngegama lalomPristi oMkhulu wasebukhosini, babhapathizwe emanzini ekubonakalisweni kwalokho kuzinikezela. Laba yibo okumelwe isibalo esiphelele sabo sipheleliswe ngaphambi kokugqashuka ko“sizi olukhulu.” Bona, kanye nabangane babo be“sixuku esikhulu,” “bazinikela ngenjabulo” njengamazolo ekuyiseni isigijimi sikaNkulunkulu sosindiso esiqabulayo kubantu.—IsAmbulo 7:2-4, 9, 10, 14.
9. KumaRoma 12:1, 2, isiphi iseluleko uPawulu asinikeza kumaKristu agcotshiwe?
9 Elobela abafundi besikhathi seminyaka eyi-1 900 edlule, umphostoli uPawulu wathi: “Ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda; ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.”—Roma 12:1, 2.
10, 11. (a) UPawulu ubhekisa ukunxusa kwakhe kumaKristu abezizwe eRoma ngemva kokukhuluma ngani? (b) Kungayiphi indlela lelilungiselelo laliwukubonakaliswa kwesihawu esikhulu sikaNkulunkulu?
10 Ukunxusa okungenhla kuza ngokushesha nje ngemva kokuba uPawulu ekhulumele umuthi womnqumo ongokomfanekiso. Njengamagatsha omuthi womnqumo wasekhaya, isizwe esizinikezele sakwaIsrayeli sasiyinzalo yemvelo yo“mhlobo” kaNkulunkulu uAbrahama. Njengabanjalo babengabokuqala ukuba babe “yinzalo ka-Abrahama” ngokwesithembiso esenziwa kuye. (Genesise 12:3; 22:17, 18; Galathiya 3:16, 29; Jakobe 2:23) Kodwa kuphela insali yamaJuda emvelo eyamukela uJesu njengoMesiya futhi yagudluzwa ekubeni inzalo yemvelo ka-Abrahama wasemhlabeni yaba inzalo engokomoya ka-Abrahama oMkhulu, uJehova. (Roma 11:5, 7) Abanye banqunywa njenga“magatsha.” Ukuze avale indawo yabo, uNkulunkulu waphendukela kwabangemaJuda, noma, ngokomfanekiso, emthini womnqumo wasendle, ukuba agawule “amagatsha” anele ukuba awaxhumelele kongokomoya umuthi womnqumo wasekhaya owawuzokwenziwa amagatsha ayizi-144 000 ampande zawo zingu-Abrahama oMkhulu, uJehova uNkulunkulu, uMthombo wazo zonke izibusiso.—Roma 11:13-33; IsAmbulo 14:1.
11 Ngakho-ke kwakuwukubonakalisa ububele obukhulu ngoNkulunkulu ukuba lawomaRoma nabo bonke abangemaJuda abangasokiwe babe yingxenye yenzalo engokomoya ka-Abrahama eyayiyobusisa yonke imikhaya yasemhlabeni ngombuso kaNkulunkulu. (Efesu 2:12; Galathiya 3:26-29) Lokhu kwabeka phambi kwabo inkambo yokuzidela. Kepha leli kwakuwukuphela kwelungelo uNkulunkulu ngalesosikhathi ayelivulele izidalwa ezingabantu, futhi yeka ilungelo elikhethekile okwakuyilo! Ngaphandle kokweqisa, umphostoli uPawulu wathi: “Zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe-yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, [umthetho kaMose], kepha niphansi komusa.”—Roma 6:13, 14.
12. Yini eyayiyohileleka ngamaKristu agcotshwe ngomoya kaKristu uma etshelwa ukuthi, “zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo”?
12 Nakuba uPawulu ayebhalela labo ababengamaKristu azinikezele kakade, “abangcwele,” akakhohlwa yilokho ababekwenzile kuqala ekunikezeleni ukuphila kwabo, uma ethi: “Zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo.” Kodwa kumelwe baphile ngalokhu kuzinikezela, kulenkambo yokuzidela. Uma lokho kungenziwa, khona-ke, bona njengamagatsha axhunyelelwe, nabo babenganqunywa. (Roma 1:7; 11:21, 22) Ngokungaphezulu, lamazwi abhalwa ngaphansi kokuphefumlelwa ayeyofundwa nangabafundi bakaJesu Kristu besikhathi esizayo futhi anikeze isikhuthazo esinamandla kubona ukuba bathathe zonke izinyathelo ezidingekayo ukuze bangene futhi bahlale kuloluhlobo lokuzinikezela, nokubhapathizwa kuNkulunkulu. Ukuze balondoloze ubuhlobo bokuzinikezela kuNkulunkulu, uma sebebenzile, babeyoba sempini enganqamuki yokuguqula amalungu abo enyama abe yizikhali zokulunga kunokuba bazivumele zinqotshwe isono. Lokhu kwakuyoba ukulalela amazwi kaJesu: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe [isigxobo sakhe sokuhlushwa], angilandele.”—Mathewu 16:24.
“Isixuku Esikhulu” Sabalingisi
13. Ingabe kungokufanelekile ngalabo abanethemba lasemhlabeni ukuzinikezela kuNkulunkulu nokukubonakalisa ngobhapathizo lwamanzi?
13 Kuwo wonke umhlaba namuhla abantu abangaphezu kwezi-2 300 000 bahlanganyela ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso, futhi abaningi kakhulu balaba baye babhapathizwa emanzini ekubonakaliseni ukuzinikezela kwabo. Ekugujweni kweSidlo seNkosi sakuSihlwa kwaminyaka yonke, abangaphansi kwezi-10 000 babo bonke laba bahlanganyela izifanekiselo zesinkwa newayini ekuboniseni ukuthi bangabafundi bakaKristu abanethemba lasezulwini. Kodwa ingabe bonke abanye bazinikezela ngokufanelekile futhi bakubonakalise lokhu ngokubhapathizwa emanzini? Ngokuqinisekile bayakwenza, ngoba nabo futhi, kumelwe babe sebuhlotsheni obufanelekile noNkulunkulu ngoMelusi Omuhle, uKristu Jesu, ukuze basinde “osizini olukhulu” olungaphambi kwethu nje bazuze ifa njengengxeye yo“mhlaba omusha” kaNkulunkulu.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4.
14. Yibuphi ubuhlobo obuhle obubusa ngokufanelekile phakathi ko“mhlambi munye” kaMelusi Omuhle, uJesu Kristu?
14 Ngakho-ke uquqaba loFakazi abazinikezele bakaJehova alunalo ithemba lasezulwini lokuhlanganyela ubundlalifa noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini. Abazibheki njengamaIsrayeli angokomoya azelwe ngomoya kaJehova. Kodwa nokho bahlanganyela ngokungehlukani nensali yamaIsrayeli angokomoya njengamalungu “omhlambi munye” ngaphansi “kukamelusi oyedwa,” uJesu Kristu. (Johane 10:16) Lokhu kuhle kakhulu ngabo futhi kufanelekile ngokomBhalo.
15. (a) Ngaphandle kwamaJuda emvelo, obani abanye abashiya iGibithe bangena eZweni leSithembiso, futhi babhekwa njengani khona? (b) Bafanekisela obani namuhla?
15 Lapha masenze lokho umbhalo kweyoku-1 kwabaseKorinte 10:18 ositshela ukuba sikwenze, “bhekani uIsrayeli ngokwenyama.” Ekufudukeni kwawo eGibithe ngaphansi kokuhola kukaMose akubona bonke abahamba ababengamaIsrayeli emvelo, asokiwe. “Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo.” (Eksodusi 12:38) Lapho amaIsrayeli engena eZweni leSithembiso, abanjalo baba “umfokazi osemzini wakho.” (Eksodusi 20:10; Numeri 35:15; Levitikusi 19:9, 10) Leyongxubevange yasendulo yayifanekisela “isixuku esikhulu” se“zinye izimvu” zikaMelusi Omuhle, uJesu Kristu, namuhla.—Johane 10:14, 16; IsAmbulo 7:9-17.
16, 17. (a) Kungayiphi indlela “ingxubevange” eyabhapathizwa ngayo namaIsrayeli, uma kukhulunywa ngokomfanekiso? (b) Obani abaye basinda eGibithe elingokomfanekiso namuhla, futhi obani abayobhekana nokubhujiswa ngaphansi kwezimo ezifana nalezo zasoLwandle Olubomvu?
16 Ngosuku lukaMose “ingxubevange” engewona amaIsrayeli yahlanganyela okuhlangenwe nakho okufanayo namaIsrayeli asokiwe, kuhlanganise nobhapathizo olumangalisayo. Ngokuqondene nalolobhapathizo, umphostoli uPawulu waloba, kweyoku-1 Korinte 10:1-4: “Okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle; bonke babhapathizwa kuMose efwini nasolwandle; bonke badla-kudla kunye komoya; bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.” Ngakho, ngendlela engokomfanekiso, kokubili amaIsrayeli ne“ngxubevange yabantu” babhapathizwa nakuba bengazange babe manzi ngokoqobo.
17 Lokho kubhapathizwa okuyisimangaliso nguJehova uNkulunkulu kwabayisa kuMose njengomholi wabo abamnikwe uNkulunkulu, njengokungathi babebhapathizwe ngokoqobo kuye. Kodwa lokhu kwakungekhona ukubhapathizelwa ekufeni, njengasendabeni yabaseGibithe ababebalandela. (Eksodusi 14:1–15:12) Namuhla sisondela esimweni esifanayo. Insali ethembekile yamaIsrayeli angokomoya kanye ne“sixuku esikhulu” sabangane bayo baye bashiya iGibithe elingokomfanekiso. (IsAmbulo 11:7, 8) Baphikelele oHlelweni Olusha lwezinto ngaphansi kombuso kaKristu weminyaka eyinkulungwane. UMose oMkhulu, iNkosi ekhazinyulisiwe uJesu Kristu, iyabahola. Balandelwa yilelizwe eliyisitha, elizimisele ukuba bangafiki endaweni yokulondeka. AmaGibithe angokomfanekiso aphikelele eshashalazini lempi kaNkulunkulu, eHar-Magedoni, lapho beyobhapathizwa khona ngomlilo, imbubhiso. Akukho noyedwa kubona oyosala ephila ukuze alandise leyondaba eyethusayo. (IsAmbulo 16:14-16; Mathewu 3:11, 12) Njengasesikhathini sesehlakalo sasoLwandle Olubomvu, ukubulala eHar-Magedoni ngeke kuhlanganise uIsrayeli ongokomoya noma “isixuku esikhulu” se“zinye izimvu” zikaMose oMkhulu.
18. Labo be“sixuku esikhulu” bayoba kanjani njenge“ngxubevange” ngemva kokuphuma kwayo eGibithe ngaphansi kokuhola kukaMose?
18 Abathembekileyo be“sixuku esikhulu” abasaleli ngemuva, ngenye inhliziyo befisela ukubuyela eGibithe elingokomfanekiso eliqedwe izishayo ngaphansi kukaFaro, uSathane uDeveli. Bebheke phambili, bahlala bethintene njalo nensali yamaIsrayeli angokomoya, njengo“mhlambi munye.” (Johane 10:16) Njengoba nje ne“ngxubevange” yasinda oLwandle Olubomvu, ngokufanayo labo be“sixuku esikhulu” banamuhla bayozithola besogwini lokusinda ngemva ko“kulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”
19. Ikakhulukazi kusukela nini lapho labo be“sixuku esikhulu” banamuhla beye bazithoba obhapathizweni lwamanzi, futhi baye bakuhlanza kanjani ukubonakala kwabo ukuze bakhulekele uNkulunkulu ngendlela ehlanzekile?
19 Ikakhulukazi kusukela ngo-1935 labo manje abakha “isixuku esikhulu” bebezithoba obhapathizweni lwamanzi ekubonakalisweni kokuzinikezela kwabo okungaxegiyo kuNkulunkulu ngoMose oMkhulu, uJesu Kristu. Baye bahlanza izingubo zabo zokuzehlukanisa futhi bazenza “zaba-mhlophe egazini leWundlu,” uMose oMkhulu. (IsAmbulo 7:9-14) Bakhulekela uNkulunkulu ngokuhlanzekile.
20. Abe“sixuku esikhulu” bamkhulekela kuphi uJehova, futhi lokhu kwabikezelwa kanjani kuZakariya 8:20-23?
20 Le“sixuku esikhulu” sabakhulekeli abahlanzekile sisethempelini elingokomoya likaNkulunkulu imini nobusuku. (IsAmbulo 7:15-17) Safanekiselwa yilabo umprofethi uZakariya ababona bekhulekela ethempelini likaJehova ngemva kokuvuselelwa kwalo eJerusalema ngemva kokukhululwa kwamaIsrayeli eBabiloni ngo-537 B.C.E. Ngokuqondene nalokhu, siyafunda kuZakariya 8:20-23:
“Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Kusezakufika izizwe nabakhé emizini eminingi, bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova-Sebawoti: nami ngiyakuhamba. Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova-Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.
“Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngalezozinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”
21. Kungayiphi indlela “isixuku esikhulu” ‘esibamba ngayo umphetho womuntu wakwaJuda,’ futhi kungenxa yani benethemba lokusinda “osizini olukhulu”?
21 Isimo sengqondo salawo“madoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe” sibonisa ukuzinikezela kuNkulunkulu weqiniso oyedwa nophilayo, uJehova uNkulunkulu! Namuhla ukuzinikezela okunjalo kuyemukeleka kuYena ‘ngomJuda’ omkhulu owake waba semhlabeni, “iWundlu” elake lanikelwa, uJesu Kristu. Ngokwethembeka balingisa uJesu ngokuzithoba obhapathizweni lwamanzi hhayi nje ekubonakaliseni ukuziletha kwabo kodwa ngokungaphezulu, ngokuqondene nabo, ekubonakaliseni ukuzinikezela kwenhliziyo yonke kuNkulunkulu ofanayo. ‘Ngokubamba umphetho’ wensali yamaJuda angokomoya ayizi-144 000 bahlangana nalabo“bantu” eJerusalema eliphezulu, iJerusalema lasezulwini. Ethempelini lalo elingokomoya, elimelelwe yinsali esesemhlabeni, ‘bakhonza’ uNkulunkulu oPhezukonke, uJehova, imini nobusuku. Ithemba labo elokusinda “osizini olukhulu,” baqhubeke nenkonzo yabo yokuzinikezela kuNkulunkulu phakade emhlabeni. Ukuchazwa kwabo ngokufanelekile njengezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele futhi zabhapathizwa ngokungagodli lutho kubabeka esimweni sokukufanelekela lokhu, beqiniseka ukuthi “uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo . . . abakhuleka kuye . . . ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:23, 24.
[Umbhalo waphansi]
a Inkulumo ethi ‘isibonakaliso sokuzinikezela’ ihumusha igama lesiHeberu elithi nezer, lelo iStrong’s Exhaustive Concordance of the Bible elichaza njengokulandelayo: “Okuthile okubekelwe eceleni ngokufanelekile, okungukuthi (ngokomfanekiso) ukuzinikezela (kompristi noma komNaziri); ngakho (ngokoqobo izinwele ezingagundiwe; futhi (ekusetshenzisweni) umqhele (ikakhulukazi wobukhosi): ukungcwelisa, umqhele, izinwele, ukwehlukanisa.”
UNGAKWAZI UKUPHENDULA LEMIBUZO YOKUBUKEZA?
□ Kungayiphi indlela ukunakekela okwadonselwa ngayo ekunikezeleni kukaJehova ubupristi obuphakeme enkonzweni yakhe engcwele?
□ UJesu wakwazi kanjani ukuba umpristi omkhulu?
□ NgokwamaRoma 12:1, 2, yini okumelwe yenziwe yilabo ababa abafundi bakaKristu?
□ Ngokuqondene nobhapathizo “isixuku esikhulu” sifana kanjani ne“ngxubevange” eyayihambisana namaIsrayeli ephuma eGibithe?
□ Ngokuqondene nobhapathizo, “amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe” amlingisa kanjani uJesu?
[Isithombe ekhasini 15]
UJesu Kristu okhazinyulisiwe ungumPristi oMkhulu wasebukhosini, ophakeme kunabapristi abakhulu bamaIsrayeli asendulo nesibonakaliso sabo esibonakalayo sokuba ngabazinikezele enkonzweni engcwele
[Isithombe ekhasini 17]
“Isixuku esikhulu” siye sabhapathizwa emanzini ekubonakaliseni ukuzinikezela kwaso okuphelele kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ingabe nawe ngokufanayo uye wakwenza futhi wakubonakalisa ukuzinikezela kokungagodli lutho kuNkulunkulu?