Kwangathi Singelokothe Sihlehlele Emuva Ekubhujisweni!
“Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni.”—HEBERU 10:39.
1. Yiziphi izimo ezaholela umphostoli uPetru ukuba anqotshwe ukwesaba?
KUMELWE ukuba abaphostoli bashaqeka lapho iNkosi yabo abayithandayo, uJesu, ibatshela ukuthi bonke babeyohlakazeka futhi bayishiye. Yayingenzeka kanjani nje into enjalo—ngalesi sikhathi eyayibadinga kakhulu ngaso? UPetru wagcizelela wathi: “Ngisho noma bonke abanye bekhubeka, nokho mina ngeke.” Eqinisweni, uPetru wayeyindoda enesibindi. Kodwa lapho uJesu ekhashelwa futhi eboshwa, abaphostoli—kuhlanganise naye uPetru—bahlakazeka. Kamuva, lapho uJesu ephonswa imibuzo endlini yomPristi Omkhulu uKayafase, uPetru wazindela egcekeni ekhathazekile. Njengoba ubusuku obubandayo babuqhubeka, cishe uPetru waqala ukwesaba ukuthi uJesu nanoma ubani osondelene naye wayengase abulawe. Lapho abanye ababesegcekeni bembona uPetru ukuthi ungomunye wabangane bakaJesu abaseduze, lwamnqoba uvalo. Kathathu waphika ukuthi uhlangene noJesu. UPetru waphika ngisho nanokuthi uyamazi!—Marku 14:27-31, 66-72.
2. (a) Kungani inkambo yokwesaba kaPetru ngobusuku bokuboshwa kukaJesu ingamenzi “uhlobo oluhlehlela emuva”? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
2 Lesi kwakuyisikhathi esicindezelayo ekuphileni kukaPetru, okungekho kungabaza ngokuthi wazisola ngaso kukho konke ukuphila kwakhe. Kodwa ingabe inkambo kaPetru ngalobo busuku yasho ukuthi uyigwala? Ingabe yasho ukuthi ungomunye walolo “hlobo” umphostoli uPawulu aluchaza kamuva lapho ebhala ukuthi: “Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni”? (Heberu 10:39) Iningi lethu cishe lingavuma ukuthi amazwi kaPawulu awasebenzi kuPetru. Ngani? Ngoba ukwesaba kukaPetru kwakungokwesikhashana, ukushiyeka kwesikhashana ekuphileni okuphawulwa yisibindi nokholo oluvelele. Ngokufanayo, kwabaningi bethu kunezikhathi ezidlule okuthi uma sizikhumbula sidabuke ngezinga elithile, izikhathi lapho sazunywa ukwesaba futhi sangalimelela ngesibindi iqiniso ngendlela ebesingathanda ngayo. (Qhathanisa namaRoma 7:21-23.) Singaqiniseka ukuthi ukushiyeka okunjalo kwesikhashana akusho ukuthi siwuhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni. Noma kunjalo, kudingeka sizimisele ukuba singalokothi sibe yilolo hlobo. Ngani? Futhi singakugwema kanjani ukuba abantu abanjalo?
Lokho Okushiwo Ukuhlehlela Emuva Ekubhujisweni
3. Abaprofethi u-Eliya noJona bakuvumela kanjani ukunqotshwa ukwesaba?
3 Lapho uPawulu ebhala ‘ngohlobo oluhlehlela emuva,’ wayengasho labo abangase bantule isibindi okwesikhashana. Ngokuqinisekile uPawulu wayekwazi okwenzeka kuPetru nezinye izenzakalo ezifana nako. U-Eliya, umprofethi owayenesibindi nowayekhuluma angagwegwesi, wake wanqotshwa ukwesaba futhi wabaleka ngenxa yokusongelwa ngokufa yindlovukazi embi uJezebeli. (1 AmaKhosi 19:1-4) Umprofethi uJona kwamhlasela ngamandla kakhudlwana ukwesaba. UJehova wamabela ukuba aye emzini omubi waseNineve owawudume ngobudlova. Ngokushesha uJona wagibela umkhumbi walibangisa eTarishishi—indawo eqhele ngamakhilomitha angu-3 500 ngakolunye uhlangothi! (Jona 1:1-3) Nokho, akekho kulaba baprofethi abathembekile noma umphostoli uPetru abangabizwa ngokufanele ngohlobo oluhlehlela emuva. Ngani?
4, 5. (a) Umongo usisiza kanjani ukuba sibone ukuthi wayesho ukuthini uPawulu ngelithi “ekubhujisweni” kumaHeberu 10:39? (b) Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi: “Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni”?
4 Phawula inkulumo eyasetshenziswa uPawulu iyonke: “Manje asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni.” Wayesho ukuthini ngelithi “ekubhujisweni”? Igama lesiGreki alisebenzisa ngezinye izikhathi libhekisela ekubhujisweni kwaphakade. Le ncazelo iyafanelana nomongo. UPawulu wayesanda kuxwayisa: “Uma sisenza umkhuba isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele, kodwa kukhona ukulindelwa okuthile okwesabisayo kokwahlulelwa futhi kukhona isikhwele esinjengomlilo esizodla labo abaphikisayo.”—Heberu 10:26, 27.
5 Ngakho lapho uPawulu ethi kwayekholwa nabo, “Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni,” wayesho ukuthi yena kanye nabafundi bencwadi yakhe abathembekile abangamaKristu babezimisele ukuba bangalokothi bafulathele uJehova futhi bayeke ukumkhonza. Ukwenza kanjalo kwakungamane kuholele ekubhujisweni kwaphakade. UJuda Iskariyothe wayengomunye wabahlehlela emuva ekubhujisweni okunjalo, njengoba kwenza ezinye izitha zeqiniso ezenza ngokuphambene nomoya kaJehova ngamabomu. (Johane 17:12; 2 Thesalonika 2:3) Abantu abanjalo baphakathi ‘kwamagwala’ ayobhujiswa phakade echibini lomlilo elingokomfanekiso. (IsAmbulo 21:8) Cha, asifuni ukulokotha sibe yilolo hlobo!
6. Iyiphi inkambo uSathane uDeveli afuna siyithathe?
6 USathane uDeveli ufuna sihlehlele emuva ekubhujisweni. Njengoba eyingcweti ‘yamaqhinga,’ uyazi ukuthi inkambo enjalo eyonakalisayo ngokuvamile iqala ngezinto ezincane. (Efesu 6:11) Uma ushushiso oluqondile lungayifezi injongo yakhe, uzama ukonakalisa ukholo lwamaKristu eqiniso ngezindlela ezicashe kakhudlwana. OFakazi BakaJehova abanesibindi nabashisekayo ufuna bathule. Ake sibone ukuthi yimaphi amasu awasebenzisa kumaKristu angamaHeberu uPawulu awabhalela.
Indlela AmaKristu Ayecindezelwa Ngayo Ukuba Ahlehlele Emuva
7. (a) Lalinamuphi umlando ibandla laseJerusalema? (b) Yiziphi izimo ezingokomoya ababenazo abanye babafundi bakaPawulu?
7 Ubufakazi bubonisa ukuthi uPawulu wayibhala cishe ngo-61 C.E. incwadi yakhe eya kumaHeberu. Ibandla laseJerusalema lalinomlando weziyaluyalu. Ngemva kokufa kukaJesu, kwahlasela igagasi loshushiso olunonya, lwaphoqelela amaKristu amaningi ayekulo muzi ukuba ahlakazeke. Nokho, kwalandela inkathi yokuthula, yavumela amaKristu ukuba ande. (IzEnzo 8:4; 9:31) Ngokuhamba kweminyaka, kwakufika okunye ukushushiswa nezinkinga futhi kudlule. Kubonakala sengathi ngenkathi uPawulu ebhala incwadi eya kumaHeberu, ibandla lase liphinde laba nenkathi yokuthula okusesilinganisweni. Noma kunjalo, zazikhona izingcindezi. Kwase kuphele cishe amashumi amathathu eminyaka kusukela uJesu abikezela ngokubhujiswa kweJerusalema. Kungenzeka kwakunabathile ababenomuzwa wokuthi ukuphela kwase kwephuze ngokweqile futhi kwakungase kungafiki besaphila. Abanye, ikakhulu labo ababesebasha okholweni, babengakavivinywa ushushiso olunzima futhi bengenalwazi olungako ngesidingo sokukhuthazelela ukulingwa. (Heberu 12:4) Ngokuqinisekile uSathane wayefuna ukusizakala ngalezi zimo. Yimaphi “amaqhinga” awasebenzisa?
8. Yisiphi isimo sengqondo amaJuda amaningi ayenaso ngebandla lobuKristu elalisafufusa?
8 Umphakathi wamaJuda waseJerusalema naseJudiya wawuleya ibandla lobuKristu elalisafufusa. Uma sibheka amazwi encwadi kaPawulu, sithola umqondo othile mayelana nokuklolodelwa kwamaKristu ngabaholi benkolo bamaJuda ababeqhosha kanye nabalandeli babo. Kungenzeka babethi: ‘Thina sinethempeli elikhulu eJerusalema, eselinamakhulu eminyaka likhona! Sinompristi ophakeme ohloniphekile okhonza kulo, kanye nabapristi abangaphansi kwakhe. Kunikelwa imihlatshelo nsuku zonke. SinoMthetho, owadluliselwa yizingelosi kuMose futhi waqinisekiswa ngezibonakaliso ezinkulu eNtabeni YaseSinayi. Leli hlelo lamavukana, la maKristu ndini, ahlubuke ebuJudeni, wona awanalutho kulezi zinto!’ Ingabe ukuklolodela okunjalo kwaphumelela? Ngokusobala lokhu kuhlasela kwawakhathaza amanye amaKristu angamaHeberu. Incwadi kaPawulu yafika ngesikhathi esifanele impela ukuze iwasize.
Okwakwenza Kufanele Angalokothi Ahlehlele Emuva Ekubhujisweni
9. (a) Yisiphi isihloko esikuyo yonke incwadi eya kumaHeberu? (b) AmaKristu akhonza ngamuphi umqondo ethempelini elingcono kunelaseJerusalema?
9 Ake sihlole izizathu ezimbili uPawulu azinika abafowabo nodadewabo lé eJudiya zokungalokothi bahlehlele emuva ekubhujisweni. Esokuqala—ukuphakama kwesimiso sokukhulekela sobuKristu—sikuyo yonke incwadi yamaHeberu. UPawulu waxoxa ngale ndaba kuyo yonke incwadi yakhe. Ithempeli laseJerusalema lalimane lifanekisela okuthile okukhulu kakhulu, ithempeli likaJehova elingokomoya, isakhiwo ‘esingenziwanga ngezandla.’ (Heberu 9:11) Lawo maKristu ayenelungelo lokukhonza kulelo lungiselelo elingokomoya lokukhulekela okumsulwa. Ayekhonza ngaphansi kwesivumelwano esingcono, isivumelwano esisha esasithenjiswe kudala, esasinoMlamuleli ophakeme kunoMose, uJesu Kristu.—Jeremiya 31:31-34.
10, 11. (a) Kungani uhlu lozalo lukaJesu lungazange lumenze angakufanelekeli ukukhonza njengomPristi Ophakeme ethempelini elingokomoya? (b) Kungaziphi izindlela uJesu ayengumPristi Ophakeme ongcono kunalowo owayekhonza ethempelini laseJerusalema?
10 Lawo maKristu ayenanomPristi Ophakeme ongcono kakhulu, uJesu Kristu. Cha, wayengavelanga ozalweni luka-Aroni. Kunalokho, wayengumPristi Ophakeme “ngendlela kaMelkisedeki.” (IHubo 110:4) UMelkisedeki, oluhlu lwakhe lozalo lwalungalotshiwe, wayeyinkosi kanye nompristi ophakeme waseSalema yasendulo. Ngakho waba umfuziselo kaJesu ofanelekayo ongokwesiprofetho, lowo obupristi bakhe babungaxhomekile ozalweni oluthile lwabantu abangaphelele, kodwa babuxhomeke kokuthile okukhulu kakhulu—isifungo sikaJehova uNkulunkulu uqobo. NjengoMelkisedeki, uJesu akayena umPristi Ophakeme kuphela, kodwa futhi uyiNkosi engasoze yafa.—Heberu 7:11-21.
11 Ngaphezu kwalokho, ngokungafani nompristi ophakeme ethempelini eJerusalema, uJesu kwakungadingeki anikele imihlatshelo minyaka yonke. Umhlatshelo wakhe kwakuwukuphila kwakhe siqu okuphelele, akunikela kwaba kanye kuphela. (Heberu 7:27) Yonke leyo mihlatshelo eyayinikelwa ethempelini yayimane iyizithunzi, imifanekiso yalokho uJesu akunikela. Umhlatshelo wakhe ophelele walungiselela ukuthethelelwa kwangempela kwezono zabo bonke ababonisa ukholo. Athinta inhliziyo namazwi kaPawulu abonisa ukuthi lo mPristi Ophakeme unguJesu ongaguquki ofanayo nalowo amaKristu aseJerusalema ayemazi. Wayethobekile, enomusa futhi ‘engazwelana nobuthakathaka bethu.’ (Heberu 4:15; 13:8) Lawo maKristu agcotshiwe ayenethemba lokukhonza njengabapristi abangaphansi kukaKristu! Ayengakucabanga kanjani nje ukuhlehlela emuva ezintweni “ezibuthakathaka neziwubala” zobuJuda obukhohlakele?—Galathiya 4:9.
12, 13. (a) Yisiphi isizathu sesibili sokungalokothi sihlehlele emuva esanikezwa nguPawulu? (b) Kungani umlando wamaKristu angamaHeberu wesikhathi esidlule wokukhuthazela wawuyowakhuthaza ukuba angalokothi ahlehlele emuva ekubhujisweni?
12 Njengokungathi lokho kwakunganele, uPawulu wanikeza amaHeberu isizathu sesibili sokuba angalokothi ahlehlele emuva ekubhujisweni—umlando wokukhuthazela kwawo uqobo. Wabhala: “Qhubekani nikhumbula izinsuku zangaphambili okwathi ngazo, ngemva kokuba senikhanyiselwe, nakhuthazelela umncintiswano omkhulu ngaphansi kwezinhlupheko.” UPawulu wawakhumbuza ukuthi ayeye ‘enekwa obala njengasenkundleni yemidlalo’ ezihlambeni nasezinsizini. Amanye ayeye aboshwa; amanye azwelana nalabo ababesemajele futhi abasekela. Yebo, ayebonise ukholo nokukhuthazela okuyisibonelo. (Heberu 10:32-34) Nokho, kungani uPawulu awacela ukuba ‘aqhubeke ekhumbula’ izenzakalo ezibuhlungu njengalezi? Kwakungeke yini lokho kuwadangalise?
13 Kunokuwadangalisa, ‘ukukhumbula izinsuku zangaphambili’ kwakuyokhumbuza amaHeberu indlela uJehova ayewasekele ngayo ekulingweni. Ngosizo lwakhe, kakade ayesemelané nokuhlasela okuningi kukaSathane. UPawulu wabhala: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Heberu 6:10) Yebo, uJehova wayeyikhumbula yonke imisebenzi yawo yokwethembeka, eyigcine enkumbulweni yakhe engenamikhawulo. Kusenza sikhumbule isiyalo sikaJesu sokuzibekelela ingcebo ezulwini. Akukho sela elingayeba le ngcebo; akukho nundu nakugqwala okungayidla. (Mathewu 6:19-21) Eqinisweni, le ngcebo ingonakala kuphela uma umKristu ehlehlela emuva ekubhujisweni. Lokhu kungachitha noma iyiphi ingcebo abeseyibekelele ezulwini. Yeka isizathu esinamandla uPawulu asinika amaKristu angamaHeberu sokungalokothi aphishekele inkambo enjalo! Ayezoyichithelani yonke iminyaka yawo yenkonzo yokwethembeka? Ukuqhubeka ekhuthazela kwakuyoba yiyona nto efanele nengcono kakhulu.
Okwenza Kufanele Singalokothi Sihlehlele Emuva Ekubhujisweni
14. Yiziphi izinselele esibhekana nazo ezifanayo nezamaKristu ekhulu lokuqala?
14 AmaKristu eqiniso namuhla anezizathu ezinamandla ngokufanayo zokungalokothi ahlehlele emuva. Okokuqala, masikhumbule isibusiso esinaso esiyindlela yokukhulekela emsulwa uJehova asinike yona. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, siphila esikhathini lapho amalungu ezinkolo ezithandwa kakhulu esiklolodela futhi esihleka usulu, ekhomba ngokuqhosha izakhiwo zawo zenkolo ezihlaba umxhwele namasiko awo amadala. Nokho, uJehova uyasiqinisekisa ukuthi uyayamukela indlela yethu yokukhulekela. Eqinisweni, namuhla sijabulela izibusiso amaKristu ekhulu lokuqala ayengenazo. Ungase uzibuze, ‘Kungenzeka kanjani lokho?’ Wona ayephila ngesikhathi ithempeli elingokomoya elaqala ngaso ukusebenza. UKristu waba umPristi Ophakeme kulo lapho ebhapathizwa ngo-29 C.E. Amanye alawo maKristu ayebone iNdodana kaNkulunkulu eyayenza izimangaliso. Ngisho nangemva kokufa kwayo, kwaba nezimangaliso ezengeziwe. Nokho, njengoba kwakubikezelwe, izipho ezinjalo zagcina zinqamukile.—1 Korinte 13:8.
15. AmaKristu eqiniso namuhla aphila phakathi nokugcwaliseka kwasiphi isiprofetho, futhi kusho ukuthini lokho ngathi?
15 Nokho, siphila phakathi nokugcwaliseka okubalulekile kwesiprofetho esibanzi sethempeli esikuHezekeli izahluko 40-48.a Ngakho, siye sabona ukubuyiselwa kwelungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela okumsulwa. Lelo thempeli elingokomoya liye lakhucululwa zonke izinhlobo zokungcola okungokwenkolo nokukhonza izithombe. (Hezekeli 43:9; Malaki 3:1-5) Cabanga ngezinzuzo okuye kwasinika zona lokhu kuhlanzwa.
16. Yisiphi isimo esidumazayo amaKristu ekhulu lokuqala abhekana naso?
16 Ekhulwini lokuqala, ikusasa lalibonakala lifiphele ebandleni elihleliwe lamaKristu. UJesu wayebikezelé ukuthi kwakuyoba njengokungathi insimu kakolweni esanda kutshalwa yayigcwele ukhula, kwenze ukolweni nokhula kungahlukaniseki. (Mathewu 13:24-30) Futhi kwaba njalo. Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala, lapho umphostoli uJohane owayesegugile esengowokugcina ukuvimbela ukukhohlakala, ukuhlubuka kwase kuchuma kakade. (2 Thesalonika 2:6; 1 Johane 2:18) Kungakabi yisikhathi eside befile abaphostoli, kwavela isigaba sabefundisi esasizihlukanisa, esasicindezela umhlambi futhi sigqoka izingubo ezihlukile. Ukuhlubuka kwasakazeka njengomlilo wequbula. Yeka indlela okwakudumaza ngayo kumaKristu ayethembekile! Ayebona ilungiselelo elalisanda kumiswa lokukhulekela okumsulwa lidliselwa ogageni uhlobo olonakele. Lokhu kwenzeka kungakapheli ngisho nekhulu leminyaka uKristu alimisa leli bandla.
17. Kungamuphi umqondo ibandla lobuKristu lanamuhla liye lahlala isikhathi eside kunelangekhulu lokuqala?
17 Bheka umehluko-ke manje. Namuhla, ukukhulekela okumsulwa kakade sekuqhubeke isikhathi eside kunaleso esifinyelela ekufeni kwabaphostoli! Kusukela lapho kunyatheliswa ikhophi yokuqala yalo magazini emuva ngo-1879, uJehova uye wasibusisa ngokukhulekela okuya kuhlanzwa ngokwengeziwe. UJehova noKristu Jesu bangena ethempelini elingokomoya ngo-1918 ukuze balihlanze. (Malaki 3:1-5) Kusukela ngo-1919, ilungiselelo lokukhulekela uJehova uNkulunkulu liye lacwengisiswa ngokuqhubekayo. Ukuqonda kwethu iziprofetho nezimiso zeBhayibheli kuye kwacaca ngokwengeziwe. (IzAga 4:18) Luya kubani udumo? Hhayi kubantu nje abangaphelele. NguJehova kuphela, ngeNdodana yakhe eyiNhloko yebandla, ongavikela abantu baKhe ekonakaleni phakathi nalezi zikhathi ezonakele. Khona-ke, masingalokothi siyeke ukumbonga uJehova ngokusivumela ukuba sibe nengxenye ekukhulekeleni okumsulwa namuhla. Futhi masizimisele ngokuqinile ukuba singalokothi sihlehlele emuva ekubhujisweni!
18. Yisiphi isizathu esinaso sokungalokothi sihlehlele emuva ekubhujisweni?
18 Njengalawo maKristu angamaHeberu, sinesizathu sesibili sokwenqaba inkambo yobugwala yokuhlehlela emuva—umlando wokukhuthazela kwethu uqobo. Kungakhathaliseki ukuthi siqalé eminyakeni yamuva nje ukukhonza uJehova noma sesinamashumi eminyaka senza kanjalo, siye sazakhela umlando wemisebenzi yobuKristu. Abaningi bethu bashushiswa, kungaba ukuboshwa, ukuvinjelwa, isihluku, noma ukulahlekelwa yimpahla. Abaningi abengeziwe baye baphikiswa yimikhaya, baklolodelwa, bahlekwa usulu futhi banganakwa. Sonke siye sakhuthazela, saqhubeka sikhonza uJehova ngokwethembeka naphezu kwezinselele nokulingwa ekuphileni. Ngokwenza kanjalo, siye sazakhela umlando wokukhuthazela angenakuwukhohlwa uJehova, inqolobane yengcebo ezulwini. Khona-ke, ngokuqinisekile lesi akusona isikhathi sokuhlehlela emuva esimisweni esidala esonakele esasishiya! Singawenzelani wonke umsebenzi wethu wokuzikhandla ukuba ube yize? Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile namuhla, lapho sekusele “isikhathi esincane kakhulu” ngaphambi kokuphela.—Heberu 10:37.
19. Kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Yebo, masizimisele ukuhlala “[singelona] uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni”! Kunalokho, masibe “uhlobo olunokholo.” (Heberu 10:39) Singaqiniseka kanjani ukuthi siyafanelana naleyo ncazelo, futhi singawasiza kanjani amaKristu esikanye nawo ukuba enze okufanayo? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale ndaba.
[Umbhalo waphansi]
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kusho ukuthini ukuhlehlela emuva ekubhujisweni?
◻ Yiziphi izingcindezi ezazicindezela amaKristu angamaHeberu uPawulu awabhalela?
◻ Yiziphi izizathu zokungahlehleli emuva ekubhujisweni uPawulu azinika amaHeberu?
◻ Yiziphi izizathu esinazo zokuba sinqume ukungalokothi sihlehlele emuva ekubhujisweni?
[Izithombe ekhasini 15]
Ukushiyeka kukaPetru kokwesaba akuzange kumenze abe “uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni”