Ifu Elikhulu Kangaka Lawofakazi!
“Lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, . . . [ma]sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo.”—HEBERU 12:1.
1, 2. (a) Imuphi umbono okungenzeka uPawulu wayenawo engqondweni lapho ebhalela amaKristu angamaHeberu? (b) Kungani ayekholwa nabo abangamaHeberu babedinga ukholo oluqinile?
AKE uzicabange ungumgijimi enkundleni. Uqhubekela phambili, udonsa yonke imisipha, amehlo akho ebheke emgomweni. Kodwa kuthiwani ngezibukeli? Phela, zonke bezilokhu zingabagijimi abanqobayo! Bezingezona nje izibukeli kodwa ofakazi abaphapheme kokubili ngezwi nangesenzo.
2 Kungenzeka umphostoli uPawulu wayenombono onjalo engqondweni lapho ebhalela amaKristu angamaHeberu (c. 61 C.E.). Ayedinga ukholo oluqinile. (Heberu 10:32-39) Ukholo kuphela olwaluyowenza alalele isixwayiso sikaJesu sokubaleka lapho iJerusalema lihaqwe yizimpi (ngo-66 C.E.) eminyakeni embalwa ngaphambi kokubhujiswa kwalo ngamaRoma (ngo-70C.E.). Ukholo lwaluyowasekela futhi lapho ‘ezingelwa ngenxa yokulunga.’—Mathewu 5:10; Luka 21:20-24.
3. KumaHeberu 12:1, siyini “isono esithandela kangaka kithi,” futhi imuphi umncintiswano amaKristu akhuthazwa ukuba awugijime ngokukhuthazela?
3 Ngemva kokubukeza izenzo zokholo zangaphambi kobuKristu (kumaHeberu, isahluko 11), uPawulu wanxusa: “Lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo [okungasikhubaza ngokomoya] nesono [ukuntula ukholo] esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana [kokuphila okuphakade] esikumiselweyo.” (Heberu 12:1) Ukubukeza kukaPawulu izenzo zokholo kuqokomisa izici zalo ezihlukahlukene futhi kuzosisiza, kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu agcotshiwe agijima emncintiswaneni wokungafi ezulwini noma siyingxenye ‘yesixuku esikhulu’ esinomgomo wokuphila okungapheli emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 7:4-10; Luka 23:43; Roma 8:16, 17) Kodwa luyini ukholo? Ziyini ezinye izici zaleligugu elingokomoya? Futhi siyokwenza kanjani uma sinokholo? Njengoba ufuna izimpendulo zemibuzo enjalo, siza ufunde amavesi acashuniwe amaHeberu izahluko 11 no-12 lapho uyitadisha ngokwakho noma ifundwa ebandleni.
Lokho Ukholo Oluyikho
4. Luyini ukholo?
4 UPawulu waqala wachaza ukholo. (Funda amaHeberu 11:1-3, qhathanisa neNW.) Ngokwengxenye, ukholo “luwukulindela izinto ezithenjwayo ngokuqiniseka.” Umuntu onokholo unesiqiniseko sokuthi yonke into uNkulunkulu ayithembisayo ifana nesigcwalisekile. Ukholo futhi ‘luwukubonakaliswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingakabonakali.’ Ubufakazi obuqand’ ikhanda bezinto ezingokoqobo ezingabonwayo bunamandla kangangokuthi kuthiwa ukholo luyefana nalobobufakazi.
5. Yini esiyiqondayo ngokholo?
5 Ngokholo “okhokho bafakazelwa” ukuthi bamthokozisa uNkulunkulu. Futhi, “ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke”—umhlaba, ilanga, inyanga, nezinkanyezi—“ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.” Siyakholelwa ukuthi uJehova unguMdali wezinto ezinjalo, nakuba singenakumbona ngoba unguMoya ongabonwayo.—Genesise 1:1; Johane 4:24; Roma 1:20.
Ukholo “Nezwe Lamandulo”
6. Kungani uAbela aba ‘nokulindela ngokuqiniseka’ ukuthi amazwi kaJehova angokwesiprofetho ‘ngenzalo yomfazi’ ayezogcwaliseka?
6 Esinye sezici eziningi zokholo siwukwazisa isidingo somhlatshelo wezono. (Funda amaHeberu 11:4.) ‘Ezweni lamandulo,’ ukholo emhlatshelweni oyigazi lwaboniswa nguAbela, indodana yesibili yabantu ababili bokuqala, uAdamu noEva. (2 Petru 2:5) Akungabazeki ukuthi uAbela wazibonela kuye ngokwakhe imiphumela ebulalayo yesono esizuzwe njengefa. (Genesise 2:16, 17; 3:6, 7; Roma 5:12) Ngokusobala waphawula futhi ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu aletha ukusebenza kanzima kuAdamu nobuhlungu obukhulu phakathi nokukhulelwa kukaEva. (Genesise 3:16-19) Ngakho uAbela ‘wayenokulindela ngokuqiniseka’ ukuthi ezinye izinto ezikhulunywe nguJehova zazizogcwaliseka. Lezi zahlanganisa amazwi angokwesiprofetho ayeqondiswe kumkhohlisi omkhulu uSathane lapho uNkulunkulu ethi enyokeni: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”—Genesise 3:15.
7. (a) UAbela wakubonisa kanjani ukwazisa ngesidingo somhlatshelo wezono? (b) Kungayiphi indlela uNkulunkulu ‘afakaza ngezipho zika-Abela’?
7 UAbela wabonisa ukholo eNzalweni ethenjisiwe ngokunikela kuNkulunkulu umhlatshelo wesilwane owawungathatha ngokoqobo indawo yokuphila kuka-Abela. Kodwa umfowabo omdala ongenalukholo uKayini wanikela ngezithelo ezingenagazi. Njengombulali, kamuva uKayini wachitha igazi lika-Abela. (Genesise 4:1-8) Nokho uAbela wafa azi ukuthi uJehova wayembheka njengolungile, ‘uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe.’ Kanjani? Ngokwamukela umhlatshelo ka-Abela owanikelwa ngokholo. Ngenxa yokholo lwakhe nokuvunyelwa kwaphezulu, uMbhalo Ophefumlelwe uqhubeka ufakaza ngakho, ‘nakuba uAbela afa, nokho usakhuluma.’ Wasibona isidingo somhlatshelo wezono. Ingabe unalo ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu Jesu obaluleke kakhulu ngokwengeziwe?—1 Johane 2:1, 2; 3:23.
8. (a) Yini esiyifundayo ngokholo ekufakazeni kukaEnoke ngesibindi? (b) Kukanjani uEnoke “athathwa, ukuze angaboni ukufa”?
8 Ukholo luyosishukumisela ukuba sikhulume isigijimi sikaNkulunkulu ngesibindi. (Funda amaHeberu 11:5, 6.) Ufakazi kaJehova wokuqala uEnoke wabikezela ngesibindi ukukhishwa kwaphezulu kwesahlulelo kwabangamesabi uNkulunkulu. (Juda 14, 15) Akungabazeki ukuthi izitha zikaEnoke zafuna ukumbulala, kodwa uNkulunkulu “wayemthabathile” ukuze angayizwa iminjunju yokufa. (Genesise 5:24) Nokho, okokuqala ‘wayefakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu.’ Kanjani? “Ngokukholwa uEnoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa.” Ngokufanayo, uPawulu wathathwa, noma “wahlwithwa wayiswa eParadisi,” ngokusobala amukela umbono wepharadesi elingokomoya lesikhathi esizayo lebandla lobuKristu. (2 Korinte 12:1-4) Ngakho ngokusobala uEnoke wayejabulela umbono wePharadesi lasemhlabeni elizayo lapho uJehova emlalisa ekufeni, elondekile ezandleni zezitha. Ukuze sibe ngabathokozisayo kuNkulunkulu nathi, njengoEnoke, kumelwe sikhulume isigijimi sikaNkulunkulu ngesibindi. (IzEnzo 4:29-31) Kumelwe sikholelwe futhi ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi “ungumvuzi walabo abamfunayo.”
9. Inkambo kaNowa yabonisa kanjani ukuthi ukulandela eduze iziyalezo zikaNkulunkulu kungesinye isici sokholo?
9 Ukulandela iziyalezo zikaNkulunkulu ngokuseduze kungesinye isici sokholo. (Funda amaHeberu 11:7.) Enza ngokholo, uNowa wenza “njengalokho uNkulunkulu emyalile.” (Genesise 6:22; 7:16) UNowa wamukela ‘isixwayiso saphezulu ngezinto ebezingakabonwa’ futhi wakholelwa amazwi kaJehova okuthi kwakuyoba nozamcolo womhlaba wonke. Ngokholo nangokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, uNowa “wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe.” Ngokulalela nezenzo zokulunga, kanjalo walahla izwe elingakholwa ngenxa yemisebenzi yalo emibi futhi wabonisa ukuthi lalifanelwe ukubhujiswa.—Genesise 6:13-22.
10. Nakuba uNowa ayakha umkhumbi, isikhathi samuphi omunye umsebenzi azinika sona?
10 UNowa wayengomunye futhi woFakazi BakaJehova ngoba ‘wayengumshumayeli wokulunga.’ (2 Petru 2:5) Nakuba ayematasa akha umkhumbi, wazinika isikhathi sokushumayela, njengoba oFakazi BakaJehova benza namuhla. Ngempela, uNowa wakhuluma ngesibindi njengommemezeli wesixwayiso sikaNkulunkulu kulabo bantu bangaphambi kukazamcolo, kodwa “abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.”—Mathewu 24:36-39.
Ukholo Phakathi Kwezinzalamizi Zangaphambi Kukazamcolo
11. (a) UAbrahama wabonisa kanjani ukuthi ukholo luhlanganisa ukuthembela okuphelele ezithembisweni zikaJehova? (b) Ngokholo, imuphi “umuzi” uAbrahama ayewulindele?
11 Ukholo luhlanganisa ukuzethemba ngokuphelele izithembiso zikaJehova. (Funda amaHeberu 11:8-12.) Ngokholo uAbrahama (uAbrama) walalela umyalo kaNkulunkulu futhi washiya iUri lamaKaledi, umuzi owawunezinto eziningi ezibonakalayo. Wakholelwa isithembiso sikaJehova sokuthi “yonke imindeni yomhlaba” yayiyobusiswa ngaye nokuthi inzalo yakhe yayiyonikezwa izwe. (Genesise 12:1-9; 15:18-21) Indodana ka-Abrahama uIsaka nomzukulu uJakobe baba “yizindlalifa kanye naye zalesosithembiso.” Ngokholo uAbrahama “waba-ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe.” Walangazelela “umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.” Yebo, uAbrahama wayelindele uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini okwakuyothi ngaphansi kwawo avuselwe ekuphileni emhlabeni. Ingabe uMbuso unendawo ebaluleke kanjalo ekuphileni kwakho?—Mathewu 6:33.
12. Yini eyenzeka ngenxa yokuthi uSara wayenokholo ezithembisweni zikaJehova?
12 Abafazi bezinzalamizi ezesaba uNkulunkulu nabo babenokholo ezithembisweni zikaJehova. Ngokwesibonelo, ngokholo umka-Abrahama uSara, nakuba ayeyinyumba waze waba cishe neminyaka engama-90 futhi “esedlulelwe yisikhathi,” wanikwa amandla “okukhulelwa [“inzalo,” NW], . . . ngokuba wathi ukholekile [uNkulunkulu] owethembisayo.” Ngesikhathi esifanele, uSara wazala uIsaka. Ngakho kuAbrahama owayeseneminyaka eyi-100, “enjengosewafa” ngokwamandla okuzala, ekugcineni “kwavela . . . abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi.”—Genesise 17:15-17; 18:11; 21:1-7.
13, 14. (a) Nakuba uAbrahama, uIsaka, noJakobe “bengazamukeliswanga izithembiso,” basabela kanjani? (b) Singazuza kanjani ngokucabangela ukwethembeka kwezinzalamizi kuJehova ngisho noma singakuboni ngokushesha ukugcwaliseka kwezithembiso zakhe?
13 Ukholo luyosigcina sithembekile kuJehova ngisho noma singakuboni ngokushesha ukugcwaliseka kwezithembiso zakhe. (Funda amaHeberu 11:13-16.) Zonke izinzalamizi ezithembekile zafa zingakubonanga ukugcwaliseka okuphelele kwezithembiso zikaNkulunkulu kuzo. Kodwa ‘zizibonile [izinto ezithenjisiwe], zizithakazele zikude, zivumile ukuthi zingabafokazi nezihambi emhlabeni.’ Yebo, ukuphila kwazo zakuphila ngokholo, ngoba izizukulwane zafa ngaphambi kokuba iZwe leSithembiso libe yifa lenzalo ka-Abrahama.
14 Iqiniso lokuthi abazange bakuthole ukugcwaliseka kwezithembiso zaphezulu esikhathini sokuphila kwabo alizange libacasule oAbrahama, oIsaka, noJakobe noma libenze babe yizihlubuki. Abazange bamshiye uJehova futhi, babuyele emuva eUri, bazifake emisebenzini yezwe. (Qhathanisa noJohane 17:16; 2 Thimothewu 4:10; Jakobe 1:27; 1 Johane 2:15-17.) Cha, lezo zinzalamizi ‘zalangazelela’ indawo engcono kakhulu kuneUri, ‘okungukuthi eyasezulwini.’ Ngakho uJehova ‘akanamahloni okuba abizwe ngokuthi nguNkulunkulu wazo.’ Zalondoloza ukholo koPhezukonke kwaze kwaba sekufeni futhi ngokushesha zizovuselwa ekuphileni emhlabeni, ingxenye yoMbuso ‘womuzi,’ uMbuso wobuMesiya uNkulunkulu azilungiselela wona. Kodwa kuthiwani ngawe? Ngisho noma usuneminyaka eminingi ‘uhamba eqinisweni,’ ukhula ngeminyaka enkonzweni kaJehova, kumelwe uzigcine unethemba esimisweni sakhe esisha esithenjisiwe. (3 Johane 4; 2 Petru 3:11-13) Yeka umvuzo wena nezinzalamizi ezithembekile eniyowuthola ngenxa yokholo olunjalo!
15. (a) Yini eyenza uAbrahama wacishe wanikela ngoIsaka njengomhlatshelo? (b) Isenzakalo esihilela uAbrahama noIsaka kumelwe siluthinte kanjani ukholo lwethu? (c) Sasifanekiselani lesosenzakalo ngokwesiprofetho?
15 Ukulalela uNkulunkulu ngokungathandabuzi kuyisici esibalulekile sokholo. (Funda amaHeberu 11:17-19.) Ngenxa yokuthi uAbrahama walalela uJehova ngaphandle kokuthandabuza, “wanikela ngoIsaka, ” “ozelwe yedwa wakhe”—okungukuphela kwakhe amthola kuSara. Wayengakwenza kanjani lokhu uAbrahama? Ngoba “wathi uNkulunkulu unamandla okuvusa [uIsaka] nakwabafileyo,” uma kudingekile, ukuze agcwalise ngaye isithembiso senzalo. Ummese owawusesandleni sika-Abrahama wawuyokuqeda ngomzuzwana ukuphila kukaIsaka, kodwa izwi lengelosi lakuvimbela lokhu. Ngakho-ke, “ngokulinganisa [“ngendlela engokomfanekiso,” NW]” uAbrahama wamukela uIsaka evela kwabafileyo. Nathi kumelwe sishukunyiselwe ngokufanayo ukulalela uNkulunkulu ngokholo ngisho noma ukuphila kwethu noma lokho kwabantwana bethu kusengozini. (1 Johane 5:3) Futhi, kungokuphawulekayo ukuthi ngalesosikhathi uAbrahama noIsaka babonisa ngokwesiprofetho indlela uJehova uNkulunkulu ayeyolungiselela ngayo iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, njengesihlengo ukuze labo abanokholo kuyo babe nokuphila okuphakade.—Genesise 22:1-19; Johane 3:16.
16. Ngokuqondene nabantwana bethu nokholo ezithembisweni zikaNkulunkulu, isiphi isibonelo izinzalamizi ezasibeka?
16 Uma sinokholo, siyosiza abantwana bethu babeke ithemba labo kulokho uNkulunkulu akuthembisela isikhathi esizayo. (Funda amaHeberu 11:20-22.) Ukholo lwezinzalamizi lwaluqine kangangokuthi nakuba izithembiso zikaJehova kuzo zingagcwalisekanga ngokuphelele esikhathini sokuphila kwazo, zazidlulisela kubantwana bazo njengefa eliyigugu. Ngakho, “uIsaka wabusisa oJakobe noEsawu ngezinto ebezizakuza,” futhi uJakobe owayefa wabusisa amadodana kaJosefa oEfrayimi noManase. Ngenxa yokuthi uJosefa ngokwakhe wayenokholo oluqinile lokuthi amaIsrayeli ayeyohamba eGibithe aye ezweni lesithembiso, wafungisa abafowabo ukuba bathathe amathambo akhe lapho sebehamba. (Genesise 27:27-29, 38-40; 48:8-22; 50:24-26) Ingabe usiza umkhaya wakho ukuba uhlakulele ukholo olunjalo kulokho uJehova akuthembisile?
Ukholo Lusenza Sibeke UNkulunkulu Kuqala
17. Abazali bakaMose benza kanjani ngokholo?
17 Ukholo lusishukumisela ukuba sibeke uJehova nabantu bakhe ngaphambi kwanoma yini lelizwe eliyinikezayo. (Funda amaHeberu 11:23-26.) AmaIsrayeli ayeyizigqila ezazidinga ukukhululwa ebugqilini baseGibithe lapho abazali bakaMose benza ngokholo. “Abawesabanga umyalo wenkosi” wokubulala abesilisa abangamaHeberu lapho bezalwa. Kunalokho bafihla uMose izinyanga ezintathu, ekugcineni bambeka ebhokisini lebungu emhlangeni ngasogwini loMfula iNayile. Lapho indodakazi kaFaro imthola, ‘wakhuliswa njengendodana yayo.’ Nokho, okokuqala uMose wanakekelwa futhi waqeqeshwa ngokomoya ekhaya likayise nonina, uAmramu noJokebedi. Khona-ke, njengelungu lendlu kaFaro, “wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe” futhi “wabanamandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe,” waba namandla ngamakhono angokwengqondo nangokomzimba.—IzEnzo 7:20-22; Eksodusi 2:1-10; 6:20.
18. Ngenxa yokholo lwakhe, isiphi isimo uMose asithatha ngokuqondene nokukhulekelwa kukaJehova?
18 Nokho, imfundo yaseGibithe nobucwebecwebe bezinto ezibonakalayo zendlu yobukhosi akuzange kwenze uMose ashiye ukukhulekela uJehova futhi abe yisihlubuki. Kunalokho, “ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro,” okuyinkambo ayibonisa lapho evikela umfowabo ongumHeberu. (Eksodusi 2:11, 12) UMose wakhetha “ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu [abakhulekeli bakaJehova abangamaIsrayeli akanye nawo] kunokuba athokoze isikhashana esonweni.” Uma uyinceku kaJehova ebhapathiziwe enesizinda esiqinile sokuqeqeshwa okufanelekile okungokomoya, ingabe uyolandela isibonelo sikaMose futhi ukumelele ngokuqinile ukukhulekela kweqiniso?
19. (a) Kukanjani kusobala ukuthi uMose wayebeka uJehova nabantu baKhe kuqala ekuphileni? (b) UMose walangazelela ukukhishwa kwamuphi umvuzo?
19 UMose wazihlanganisa nabantu bakaJehova ngoba “wathi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe.” Cishe uMose ‘wabheka isihlamba sokuba umlingisi wasendulo kaKristu, noma oGcotshiweyo kaNkulunkulu, njengengcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe.’ Njengelungu lasebukhosini, wayengajabulela ingcebo nodumo eGibithe. Kodwa waba nokholo futhi ‘wabheka umvuzo’—ukuphila okuphakade ngokuvuselwa emhlabeni esimisweni esisha sikaNkulunkulu esithenjisiwe.
20. Yini ekhona ngokuhlangenwe nakho kukaMose ebonisa ukuthi ukholo lusenza singesabi njengezinceku zikaJehova?
20 Ukholo lusenza singesabi ngoba sinethemba kuJehova njengomkhululi. (Funda amaHeberu 11:27-29.) Ngemva kokuzwa ukuthi uMose wayebulale umGibithe, uFaro wafuna ukumbulala. “Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani.” (Eksodusi 2:11-15) Ngakho uPawulu ubonakala ebhekisela oHambweni lwamaHeberu kamuva esuka eGibithe lapho ethi: “Ngokukholwa [uMose] washiya iGibithe engesabi ulaka lweNkosi [eyamsongela ngokufa ngenxa yokuba ummeleli kaNkulunkulu ngenxa yamaIsrayeli]; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” (Eksodusi 10:28, 29) Nakuba uMose engazange ambone ngokoqobo uNkulunkulu, ukusebenzelana kukaJehova naye kwakungokoqobo kangangokuthi wenza sengathi wayembona “ongabonwayo.” (Eksodusi 33:20) Ingabe ubuhlobo bakho noJehova buqine kangako?—IHubo 37:5; IzAga 16:3.
21. Ngokuqondene nokuhamba kukaIsrayeli eGibithe, yini eyenzeka “ngokukholwa”?
21 Ngaphambi nje kokusuka kukaIsrayeli eGibithe, “ngokukholwa [uMose] wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuthi umbhubhisi angathinti amazibulo abo [amaIsrayeli].” Yebo, kwakudinga ukholo ukugubha iPhasika ngesiqiniseko sokuthi amadodana amaIsrayeli angamazibulo ayeyosinda lapho lawo aseGibithe efa, futhi lolukholo lwavuzwa. (Eksodusi 12:1-39) Futhi “ngokukholwa [abantu bakwaIsrayeli] badabula uLwandle oLubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.” Yeka umkhululi omangalisayo uNkulunkulu azibonakalisa enguye! Futhi ngenxa yalokhu kukhulula, abakwaIsrayeli “base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.”—Eksodusi 14:21-31.
22. Ngokuqondene nokholo, imiphi imibuzo esadinga ukucatshangelwa?
22 Ngempela ukholo lukaMose nezinzalamizi luyisibonelo koFakazi BakaJehova namuhla. Kodwa yini eyenzeka lapho uNkulunkulu esebenzelana ngokuqhubekayo nenzalo ka-Abrahama njengesizwe esihlelwe ngokwasezulwini? Yini esingayifunda kwezinye izenzo zokholo ezikhathini zasendulo?
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Luyini ukholo?
◻ Isibonelo sikaEnoke sisifundisani ngokholo?
◻ Izinzalamizi ezesaba uNkulunkulu zabonisa kanjani ukuthi ukholo luhlanganisa ukuthembela ngokuphelele ezithembisweni zikaJehova?
◻ Isiphi isenzo sika-Abrahama esibonisa ukuthi ukulalela uNkulunkulu ngokungathandabuzi kuyisici esibaluiekile sokholo?
◻ Iziphi izenzo zikaMose ezibonisa ukuthi ukholo lusho ukubeka uJehova nabantu baKhe ngaphambi kwanoma yini izwe eliyinikezayo?