ISihloko Sonyaka Ka-2016
“Uthando lwenu lobuzalwane maluqhubeke.”—Hebheru 13:1
‘Abaningi bayozondana. Uthando lwabaningi luyophola.’ (Math. 24:10, 12) La mazwi kaJesu abikezela ukuthi abantu ababeyobe bephila phakathi neminyaka eholela ekubhujisweni kweJerusalema ngo-70 C.E., babeyobonakala ngokuntula uthando. Ngokungafani nalaba bantu, abafundi bakaKristu babeyobonakala ngothando abalubonisayo. (Joh. 13: 35) Yeka indlela okumelwe ukuba kwawakhuthaza ngayo amaKristu angamaHebheru ayehlala eJerusalema ukufunda amazwi kaPawulu ayebonisa ukuthi uyaluqaphela uthando lwawo lobuzalwane futhi ewakhuthaza ukuba aqhubeke elubonisa!
Namuhla, sesisondele ekubhujisweni kwaso sonke isimiso sezinto sikaSathane. Njengabafowethu bekhulu lokuqala, siphila phakathi kwabantu abathanda imali, injabulo nabazithanda bona kodwa abangamthandi uNkulunkulu nomakhelwane. (2 Thim. 3:1-4) Noma kunjalo, uthando lobuzalwane luyachuma phakathi koFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Kwangathi singadumisa uJehova, owuthando uqobo lwalo, ngokuvumela uthando lwethu lobuzalwane luqhubeke.