UJehova Akasoze Akushiya
AMAKRISTU eJudiya ayeshushiswa ngonya futhi kwakudingeka alwe nomoya wokuthanda izinto ezibonakalayo wabantu ayephila nabo. Ukuze awakhuthaze, umphostoli uPawulu wacaphuna amazwi uJehova awasho kuma-Israyeli lapho engena eZweni Lesithembiso. UPawulu wabhala: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5; Duteronomi 31:6) Akungabazeki ukuthi lesi sithembiso sawaqinisa amaKristu ekhulu lokuqala angamaHebheru.
Nathi kufanele sisiqinise lesi sithembiso ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nezinkathazo zokuphila kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Uma sithembela kuJehova futhi senza ngokuvumelana nakho, uzosisekela ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu. Ukuze sibone indlela uJehova angasifeza ngayo lesi sithembiso, ake sicabangele isibonelo sokulahlekelwa umsebenzi ngokuzumayo.
Ukubhekana Nesimo Obungasilindele
Liyanda inani labantu abangasebenzi emhlabeni wonke. Ngokukamagazini wasePoland, ukungasebenzi kubhekwa “njengenye yezinkinga ezinzima kakhulu kwezenhlalo nakwezomnotho.” Amazwe athuthukile nawo ayathinteka. Ngokwesibonelo, ngo-2004, ngisho nasemazweni angamalungu e-Organization for Economic Cooperation and Development, inani labantu abangasebenzi “lakhuphuka laba ngaphezu kwezigidi ezingu-32, okwaba yinani eliphakeme kakhulu kunangesikhathi soKuwohloka Okukhulu Kwezomnotho ngawo-1930.” Uhlu lwe-Central Statistical Office ePoland lwabonisa ukuthi babeyizigidi ezintathu abantu ababengasebenzi ngo-December 2003, “okungamaphesenti angu-18 abantu abaseminyakeni yokusebenza.” Omunye umbiko wathi ngo-2002 babengamaphesenti angu-47,8 abantu abansundu abangasebenzi eNingizimu Afrika!
Ukulahlekelwa umsebenzi ngokuzumayo nokudilizwa kungazelelwe kuhlale kuwusongo lwangempela kubantu abaningi, kuhlanganise nezinceku zikaJehova. “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” kwehlela noma ubani. (UmShumayeli 9:11) Singase sizithole sisho amazwi omhubi uDavide: “Izingcindezi zenhliziyo yami zandile.” (IHubo 25:17) Ungakwazi yini ukubhekana ngokuphumelelayo nezimo ezimbi kanjalo? Zingathinta inhlalakahle yakho engokomzwelo nengokomoya kanye nesimo sakho sezomnotho. Uma ungasasebenzi, ungakwazi yini ukubuye usimame?
Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokucindezeleka Ngokomzwelo
Udokotela wengqondo uJanusz Wietrzyński uyachaza: “Ukulahlekelwa umsebenzi kunzima kakhulu emadodeni” ngoba yiwona abhekwa njengabondli bemikhaya. Lo dokotela wathi ukungasebenzi kungenza indoda “ibe nemizwelo ehlukahlukene,” kusukela emizwelweni yokuthukuthela kuye kweyokuphelelwa ithemba. Ubaba odiliziwe angase aphelelwe ukuzihlonipha aqale “ukulwa nomkhaya wakhe.”
U-Adam, ubaba ongumKristu onezingane ezimbili, uchaza indlela azizwa ngayo lapho ephelelwa umsebenzi: “Ngaba nenhliziyo encane; ngangicasulwa yiyo yonke into. Ngisho nasebusuku ngangiphupha ngomsebenzi nangendlela yokondla izingane zami nomkami, naye owadilizwa kungazelelwe.” Ngesikhathi uRyszard noMariola, umbhangqwana oshadile onengane eyodwa, bephelelwa umsebenzi ababeziphilisa ngawo, babenesikweletu esikhulu ebhange. Inkosikazi iyalandisa: “Ngangihlale ngikhathazekile, unembeza wami ungitshela ukuthi sasenze iphutha elikhulu ngokuboleka imali ebhange. Ngangihlale ngizisola, ngithi konke kungenxa yami.” Lapho sibhekene nezimo ezinje, singase sicasuke kalula, sikhathazeke, noma sithukuthele, futhi singanqotshwa imizwelo yethu. Singayilawula kanjani-ke imizwelo engafanele esingazithola sesinayo?
IBhayibheli linikeza iseluleko esisebenzayo mayelana nendlela yokulondoloza isimo sengqondo esifanele. Umphostoli uPawulu wayala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ukuthandaza kuJehova kuyosinika “ukuthula kukaNkulunkulu,” ingqondo ezolile ngenxa yokuthi sinokholo kuye. Inkosikazi ka-Adam, u-Irena ithi: “Satshela uJehova emithandazweni yethu ngesimo sethu nangendlela esasiyokwenza ngayo ukuphila kwethu kube lula kakhudlwana. Umyeni wami, osheshayo ukukhathazeka, waqala ukuba nethemba lokuthi kuyogcina kube nekhambi.”
Uma uphelelwa umsebenzi kungazelelwe, kuvuleka ithuba lokusebenzisa isiyalo sikaJesu Kristu saseNtshumayelweni YaseNtabeni: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani. . . . Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Mathewu 6:25, 33) URyszard noMariola basisebenzisa lesi seluleko ukuze babhekane ngokuphumelelayo nemizwelo yabo. UMariola uyakhumbula: “Umyeni wami wayengiduduza njalo futhi agcizelele ukuthi uJehova akazose asishiya.” Umyeni wakhe uyanezela: “Ngokuthandaza ndawonye singaphezi, siye sasondelana noNkulunkulu, nathi ngokwethu sasondelana, futhi lokho kuye kwasinika induduzo esiyidingayo.”
Umoya ongcwele kaNkulunkulu nawo uyosisiza ukuba sikwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nesimo. Imfanelo yokuzithiba, umoya ongcwele ongayiveza kithi, ingasisiza sihlale sizolile. (Galathiya 5:22, 23) Kungase kungabi lula, kodwa singakwazi ukukwenza lokhu ngoba uJesu wathembisa ukuthi ‘uBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!’—Luka 11:13; 1 Johane 5:14, 15.
Ungazidebeseleli Izidingo Zakho Ezingokomoya
Ekuqaleni, ukuxoshwa emsebenzini kungase kushaqise ngisho nomKristu ozinzile impela, kodwa akufanele sidebeselele izidingo zethu ezingokomoya. Cabanga ngesibonelo sikaMose owayeneminyaka engu-40 ubudala. Ukuphila kwakhe kwashintsha lapho elahlekelwa isikhundla sakhe ebukhosini futhi kwadingeka abe umalusi wezimvu, umsebenzi abaseGibhithe ababeweya. (Genesise 46:34) Kwadingeka uMose avumelane nezimo zakhe ezintsha. Eminyakeni engu-40 eyalandela, wavumela uJehova ukuba amlolonge futhi amqeqeshele imisebenzi emisha ayezoyenza. (Eksodusi 2:11-22; IzEnzo 7:29, 30; Hebheru 11:24-26) Naphezu kobunzima ayebhekene nabo, uMose wayegxilile ezintweni ezingokomoya, ekulungele ukwamukela ukuqeqeshwa uJehova. Kwangathi singevumele izimo ezimbi zisithibeze amagugu angokomoya esinawo!
Nakuba ukuphelelwa umsebenzi ngokuzumayo kungase kuhlukumeze impela, leso isikhathi esihle sokuqinisa ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu nabantu bakhe. U-Adam, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wazizwa ngaleyo ndlela. Uthi: “Lapho mina nomkami siphelelwa umsebenzi, asikucabanganga nokukucabanga ukungayi emihlanganweni yobuKristu noma ukungahlanganyeli ngokugcwele emsebenzini wokushumayela. Lowo mbono wasivikela sangakhathazeka ngokweqile ngekusasa.” URyszard naye uzizwa ngendlela efanayo: “Ukube sasingayi emihlanganweni nasenkonzweni, ngabe kwaba nzima ukubhekana ngokuphumelelayo nesimo; impela ukukhathazeka kwakuyozenzela. Ukuxoxa ngezinto ezingokomoya nabanye kuyakhuthaza ngoba izingxoxo ezinjalo zenza ucabangele izidingo zabo, hhayi ezakho.”—Filipi 2:4.
Yebo, esikhundleni sokukhathazeka ngomsebenzi, zama ukusisebenzisela izinto ezingokomoya isikhathi esengeziwe osunaso, wenze isifundo somuntu siqu, uhlanganyele emisebenzini yebandla noma wandise inkonzo yakho. Kunoba umahlalela, uyoba “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi”—okuyojabulisa wena nanoma ibaphi abantu abaqotho abasabela esigijimini soMbuso osishumayelayo.—1 Korinte 15:58.
Ukondla Umkhaya Wakho
Nokho, ukudla okungokomoya ngeke kuyiqede indlala kumuntu olambile. Kufanele sikhumbule lesi simiso esilandelayo: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) U-Adam uyavuma: “Nakuba abazalwane ebandleni besukumela phezulu lapho siswele, njengamaKristu sinesibopho sokuzikhandla sifune umsebenzi.” Singaqiniseka ukuthi uJehova nabantu bakhe bayosisekela, kodwa akufanele sikhohlwe ukuthi kufanele sithathe isinyathelo sokuyofuna umsebenzi.
Sinyathelo sini ongasithatha? U-Adam uyachaza: “Ungasongi izandla ulindele izimangaliso ezivela kuNkulunkulu. Lapho ufuna umsebenzi ungesabi ukusho ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Abaqashi bavame ukukwazisa lokho.” URyszard uyeluleka: “Buza nakwabanye obaziyo ukuthi kukhona yini lapho kuqashwa khona, damane uya ezikhungweni zabafunelana imisebenzi, funda izaziso emithonjeni yezindaba, ezifana nezithi: ‘Kufuneka owesifazane onganakekela okhubazekile,’ noma, ‘Kunetoho Lokuvuna Izithelo.’ Funa ungaphezi! Ungaqhenyi ukhethe imisebenzi, ngisho noma kufanele wenze umsebenzi ophansi noma ongafezi izifiso zakho.”
Yebo, “uJehova ungumsizi [wakho].” ‘Akasoze akushiya noma akulahle nganoma iyiphi indlela.’ (Hebheru 13:5, 6) Akudingeki ukuba ukhathazeke ngokweqile. Umhubi uDavide wabhala: “Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye, yena uyothatha isinyathelo.” (IHubo 37:5) ‘Ukugingqela indlela yethu kuJehova’ kusho ukuthembela kuye futhi senze izinto ngendlela yakhe, ngisho nalapho kubonakala kusinda kwehlela.
U-Adam no-Irena bakwazi ukuziphilisa ngokuhlanza amafasitela nezitebhisi nangokonga lapho bethenga izinto. Babevame nokuya njalo esikhungweni sabafunelana imisebenzi. U-Irena uthi: “Sasithola usizo njalo lapho siludinga.” Umyeni wakhe uyanezela: “Izinto ezenzekile zisibonise ukuthi izinto esasizithandazela zazingavumelani ngempela nentando kaNkulunkulu. Lokhu kuye kwasifundisa ukuba sincike ekuhlakanipheni kwakhe futhi singenzi ngendlela thina esibona ngayo. Kungcono ukulindela uJehova ngesineke ukuba alethe isisombululo.”—Jakobe 1:4.
URyszard noMariola babenza imisebenzi ehlukahlukene eyayithuka ivela, kodwa ngesikhathi esifanayo babe matasa ngokushumayela emasimini anendingeko enkulu. URyszard uthi: “Kwakuthi nje lapho singasenalutho siyithole imisebenzi. Sasiyibonga imisebenzi ekhokhelayo kodwa eyayizophazamisa imithwalo yethu yemfanelo engokwasezulwini. Sasikhetha ukulindela uJehova.” Bakholelwa ukuthi uJehova waqondisa izinto ukuze bakwazi ukuqasha ifulethi elishibhile futhi ekugcineni uRyszard wathola umsebenzi.
Ukuphelelwa umsebenzi kungaba yinto ebuhlungu kakhulu, kodwa kungani ungakubheki njengethuba lokuzibonela ngawakho ukuthi uJehova akasoze akushiya? UJehova uyakukhathalela. (1 Petru 5:6, 7) Ngomprofethi u-Isaya uye wathembisa: “Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.” (Isaya 41:10) Ungavumeli izinto ezenzeka kungazelelwe, kuhlanganise nokuphelelwa umsebenzi, zikuthene amandla. Yenza konke okusemandleni, bese ushiyela konke ezandleni zikaJehova. Lindela uJehova, “yebo buthule.” (IsiLilo 3:26) Uyothola izibusiso ezinkulu!—Jeremiya 17:7.
[Isithombe ekhasini 9]
Sisebenzisele imisebenzi engokomoya isikhathi onaso
[Izithombe ekhasini 10]
Funda ukonga, futhi ungaqhenyi ukhethe imisebenzi