U-Isaya
Mazisondele; nizivumele zikhulume. +
Masihlangane ndawonye ngenjongo yokwahlulela.
2 Ngubani ovuse othile empumalanga, +
Owambiza ngokulunga ukuba eze ezinyaweni zaKhe,*
Ukuze anikele izizwe kuye,
Amenze anqobe amakhosi? +
Ngubani ozenza zibe uthuli phambi kwenkemba yakhe,
Njengezinhlanga ezipheshulwa umoya phambi komnsalo wakhe?
3 Uyazijaha, adlule ngokuthula
Ezindleleni angakaze alubhade kuzo.
4 Ngubani othathe isinyathelo wenza lokhu,
Obize izizukulwane kusukela ekuqaleni?
5 Iziqhingi zikubonile lokhu zesaba.
Imikhawulo yomhlaba yaqala ukuthuthumela.
Izizwe zibuthana ndawonye ziyasondela.
6 Yilowo nalowo usiza umngani wakhe
Uthi kumfowabo: “Yiba nesibindi.”
7 Ngakho ingcweti iqinisa osebenza ngensimbi; +
Oqondisa ngesando sokukhanda
Uqinisa oshaya ngesando ensimbini okukhandelwa kuyo.
Uthi ngokushiselwe ngomthofu: “Kuhle.”
Isithombe sibe sesiqiniswa ngezipikili ukuze singawi.
8 “Kodwa wena Israyeli, uyinceku yami, +
Wena Jakobe, nceku yami engiyikhethile, +
Nzalo* ka-Abrahama umngani wami, +
9 Wena engakuthatha emikhawulweni yomhlaba, +
Wena engakubiza emajukujukwini awo.
Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. +
Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, +
Impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.’
11 Bheka! Bonke abakuthukuthelelayo bayohlazeka balulazeke. +
Labo abalwa nawe bayokwenziwa ize bashabalale. +
12 Uyobafuna abantu abalwa nawe, kodwa ngeke ubathole;
Abantu abalwa nawe bayoba njengento engekho nanjengeze. +
13 Ngoba mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla,
Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’ +
14 Ungesabi, wena sibungu* esinguJakobe, +
Nina madoda akwa-Israyeli, ngizokusiza,” kusho uJehova, uMhlengi wakho, + oNgcwele ka-Israyeli.
15 “Bheka! Ngikwenze waba yisihlibhi sokubhula, +
Isibhulo esisha esinamazinyo asika nhlangothi zombili.
Uyonyathela izintaba uzicolisise
Wenze amagquma abe njengamakhoba.
17 “Abahluphekayo nabampofu bafuna amanzi, kodwa awekho.
Ulimi lwabo lomile ngenxa yokoma. +
Mina Jehova, ngizobaphendula. +
Mina, Nkulunkulu ka-Israyeli, ngeke ngibashiye. +
Ngizokwenza ihlane libe yichibi lamanzi elinomhlanga
Nezwe elingenamanzi libe yiziphethu zamanzi. +
Ethafeni eliwugwadule ngizotshala isihlahla somjunipha,
Kanye nesihlahla somthidari nesomsayipuresi, +
20 Ukuze bonke abantu babone futhi bazi
Banake futhi baqonde
Ukuthi yisandla sikaJehova esikwenzile lokhu,
ONgcwele ka-Israyeli ukudalile.” +
21 “Lethani udaba lwenu,” kusho uJehova.
“Vezani izizathu zenu,” kusho iNkosi kaJakobe.
22 “Vezani ubufakazi nisitshele nezinto ezizokwenzeka.
Noma sitsheleni ngezinto ezizayo. +
Yebo, yenzani okuthile, okuhle noma okubi,
Ukuze simangale lapho sikubona. +
Noma ubani onikhethayo uyinto enengekayo. +
26 Ubani owakhuluma ngalokhu kusukela ekuqaleni, ukuze sazi,
Noma ezikhathini ezidlule, ukuze sithi, ‘Uqinisile’? +
Ngempela akekho owakumemezela!
Akekho owakusho!
Akukho muntu owezwa okuthile kini!” +
27 Ngaba owokuqala owathi kulo iZiyoni: “Bheka! Naba!” +
NaseJerusalema ngizothumela isithunywa sezindaba ezinhle. +
28 Kodwa ngaqhubeka ngibhekile, kwakungekho muntu;
Kwakungekho noyedwa phakathi kwabo onganikeza iseluleko.
Ngangilokhu ngibacela ukuba baphendule.
29 Bheka! Bonke bayinto engekho.
Imisebenzi yabo iyize.