ISAHLUKO 3
“Khumbulani Abaholayo Phakathi Kwenu”
LA MAZWI omphostoli uPawulu, akweyamaHebheru 13:7, angahunyushwa nakanje: “Khumbulani labo abangababusi benu.” Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke, abaphostoli abathembekile beNkosi uJesu Kristu bafeza le ndima njengendikimba ebusayo eyayihola ekunikezeni isiqondiso ebandleni lobuKristu elalisanda kumiswa. (IzE. 6:2-4) Ngonyaka cishe ka-49 C.E., le ndikimba ebusayo yayisiyandisiwe isihlanganisa nabanye ngaphandle kwabaphostoli bakaJesu. Ngesikhathi kwenziwa isinqumo ngodaba lokusoka, indikimba ebusayo yayisihlanganisa ‘nabaphostoli namadoda amadala eJerusalema.’ (IzE. 15:1, 2) Kwakuwumthwalo wabo wemfanelo ukudingida izindaba ezithinta amaKristu yonke indawo. Babethumela izincwadi nezinqumo, konke okwakuqinisa amabandla futhi kwenze abafundi bahlale bemunye endleleni abacabanga nabenza ngayo izinto. Amabandla ayelalela futhi ezithoba esiqondisweni sendikimba ebusayo, ngenxa yalokho, uJehova wawabusisa futhi anda.—IzE. 8:1, 14, 15; 15:22-31; 16:4, 5; Heb. 13:17.
2 Ngemva kokufa kwabaphostoli, kwaba khona ukuhlubuka okukhulu. (2 Thes. 2:3-12) Njengoba uJesu abikezela emfanekisweni wakhe kakolweni nokhula, ukolweni (amaKristu agcotshiwe) wahlwanyelwa nokhula (amaKristu mbumbulu). Phakathi namakhulu eminyaka, la maqembu ayekwa akhula ndawonye kwaze kwaba sekuvuneni, “isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 13:24-30, 36-43) Ngamunye kumaKristu agcotshiwe waqhubeka ethola umusa kaJesu phakathi nalesi sikhathi, kodwa yayingekho indikimba ebusayo, ungekho umzila ocacile emhlabeni uJesu ayewusebenzisela ukunikeza isiqondiso kubalandeli bakhe. (Math. 28:20) Nokho, wabikezela ukuthi phakathi nokuvuna kwakuyokwenzeka ushintsho.
3 “Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo?” Ngalo mbuzo, uJesu Kristu wethula umzekeliso, noma umfanekiso, owawuyingxenye ‘yesibonakaliso’ asinikeza mayelana ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ (Math. 24:3, 42-47) UJesu wabonisa ukuthi le nceku ethembekile yayiyoba matasa yondla abantu bakaNkulunkulu ngokudla okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” Njengoba nje uJesu asebenzisa iqembu lamadoda—kunokuba kube umuntu oyedwa—ukuba lihole ekhulwini lokuqala, inceku ethembekile uJesu ayisebenzisayo phakathi nesiphelo salesi simiso sezinto ayiyena umuntu oyedwa.
UKUTHOLA UKUTHI INGUBANI “INCEKU ETHEMBEKILEYO NEQONDAYO”
4 Ubani uJesu ammisa ukuba ondle abalandeli bakhe? Kuyafaneleka ukuthi wayezosebenzisa amaKristu agcotshiwe emhlabeni. IBhayibheli liwabiza ngokuthi “ubupristi bobukhosi” obuthunywe ukuba ‘bumemezele kabanzi ubuhle balowo owabubiza ukuba buphume ebumnyameni bungene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ (1 Pet. 2:9; Mal. 2:7; IsAm. 12:17) Ingabe bonke abagcotshiwe emhlabeni bakha inceku ethembekileyo? Cha. Ngesikhathi uJesu esuthisa ngokuyisimangaliso isixuku samadoda abalelwa ku-5 000, ngaphandle kwabesifazane nabantwana, ukudla wakunika abafundi, bona bakunika izixuku. (Math. 14:19) Wondla abaningi ngezandla zabambalwa. Namuhla, ulungiselela ukudla okungokomoya ngendlela efanayo.
5 Ngakho “umphathi othembekile, oqondayo” wakhiwa iqembu elincane labafowethu abagcotshiwe abahileleke ngokuqondile ekulungiseleleni nasekwabeni ukudla okungokomoya phakathi nokuba khona kukaKristu. (Luka 12:42) Phakathi nalezi zinsuku zokugcina, abafowethu abagcotshiwe abakha “inceku ethembekileyo neqondayo” bebelokhu bekhonza ndawonye endlunkulu. Namuhla, laba bazalwane abagcotshiwe bakha iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova.
6 UKristu usebenzisa le ndikimba ukuze asakaze ukwaziswa okuphathelene nokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, futhi anikeze isiqondiso esifika ngesikhathi mayelana nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwansuku zonke. Lokhu kudla okungokomoya kudluliselwa kubantu ngelungiselelo lamabandla oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10; Gal. 6:16) Ezikhathini zeBhayibheli inceku ethenjwayo, noma umphathi, yayiphatha indlu. Ngokufanayo, inceku ethembekile neqondayo iye yaphathiswa umsebenzi wokuphatha indlu yokholo. Ngakho, le nceku ethembekile yengamela zonke izimpahla, umsebenzi wokushumayela, izimiso zemihlangano emincane nemikhulu, ukumiswa kwababonisi ukuba bakhonze emikhakheni ehlukahlukene enhlanganweni nokukhiqizwa kwezincwadi zeBhayibheli, konke okuzuzisa ‘abendlu.’—Math. 24:45.
7 Bangobani-ke ‘abendlu’? Kalula nje, yilabo abondliwayo. Ekuqaleni, bonke abendlu kwakungabagcotshiwe. Kamuva, abendlu bahlanganisa nesixuku esikhulu ‘sezinye izimvu.’ (Joh. 10:16) Womabili la maqembu adla ukudla okungokomoya okukhishwa inceku ethembekile.
8 Ngosizi olukhulu, lapho uJesu efika ezokwahlulela lesi simiso esonakele, uyomisa inceku ethembekile “phezu kwakho konke [okungokwakhe].” (Math. 24:46, 47) Labo abakha inceku ethembekile bayothola umvuzo wabo wasezulwini. Bekanye nabo bonke abanye babangu-144 000, bayohlanganyela igunya likaKristu lasezulwini. Nakuba ingeke isaba khona inceku ethembekile neqondayo emhlabeni, uJehova noJesu bayozinikeza isiqondiso izikhonzi zasemhlabeni zoMbuso KaMesiya besebenzisa labo abayomiswa ukuba bakhonze ‘njengezikhulu.’—IHu. 45:16.
KUNGANI KUMELWE ‘SIKHUMBULE ABAHOLAYO’?
9 Ziningi izizathu zokuba ‘sikhumbule abaholayo’ nezokubonisa ukuthi siyabethemba. Kungani kusizuzisa lokhu? Umphostoli uPawulu wathi: “Baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.” (Heb. 13:17) Kusemqoka ukuba silalele futhi sizithobe esiqondisweni salabo abaholayo ngoba baqaphe imiphefumulo yethu ukuze sivikeleke futhi siphile kahle ngokomoya.
10 Njengoba kulotshwe kweyoku-1 Korinte 16:14, uPawulu wathi: “Zonke izindaba zenu mazenzeke ngothando.” Izinqumo ezenziwayo ezithinta abantu bakaNkulunkulu zisekelwe kule mfanelo ephakeme yothando. Mayelana nothando, eyoku-1 Korinte 13:4-8 ithi: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alunamagqubu. Alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabulela iqiniso. Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto. Uthando alusoze lwaphela nanini.” Ngenxa yokuthi uthando yilona okusekelwe kulo zonke izinqumo ezenzelwa ukuzuzisa izinceku zikaJehova, sinazo zonke izizathu zokuzizwa silondekile ngaphansi kwesiqondiso esinjalo. Ngaphezu kwalokho, lokhu kumane kuwukubonakaliswa kothando lukaJehova.
Kusemqoka ukuba silalele futhi sizithobe kulabo abaqaphe imiphefumulo yethu ukuze siphile kahle ngokomoya
11 Njengasekhulwini lokuqala, abantu uJehova abasebenzisela ukuphatha abantu bakhe abaphelele. Ubasebenzisile abantu abangaphelele esikhathini esidlule ukuze afeze intando yakhe. UNowa wakha umkhumbi washumayela nangembubhiso eyayizoza osukwini lwakhe. (Gen. 6:13, 14, 22; 2 Pet. 2:5) UMose wamiswa ukuba ahole abantu bakaJehova abakhiphe eGibhithe. (Eks. 3:10) Abantu abangaphelele baphefumulelwa ukuba balobe iBhayibheli. (2 Thim. 3:16; 2 Pet. 1:21) Ukusebenzisa kukaJehova abantu abangaphelele namuhla ukuba baqondise umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi akusenzi singabe sisayethemba inhlangano yakhe. Kunalokho, siqina idolo ngoba siyazi ukuthi ukube uJehova ubengayisekeli, ibingeke ikufeze konke ekufezayo. Ngobunzima nokukhuthazela okukhulu, inceku ethembekile iye yabonisa ukuthi ngumoya kaNkulunkulu oqondisa izinto. Intilibathwa yezibusiso iye yathululelwa engxenyeni ebonakalayo yenhlangano kaJehova namuhla. Ngakho-ke, siyisekela futhi siyethembe ngenhliziyo yonke.
INDLELA ESIBONISA NGAYO UKUYETHEMBA
12 Labo abamiswe ezikhundleni zemithwalo yemfanelo ebandleni babonisa ukuthi bayayethemba inhlangano ngokwamukela ngenjabulo imisebenzi abayiphathisiwe nangokuyenza ngokwethembeka. (IzE. 20:28) Njengabamemezeli boMbuso, thina sihlanganyela ngentshiseko enkonzweni yendlu ngendlu, senze izimpindelo, siqhube nezifundo zeBhayibheli zasekhaya. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ukuze sizuze ngokugcwele ekudleni okungokomoya okucebile okukhishwa inceku ethembekile neqondayo, silungiselela imihlangano yethu yobuKristu, ehlanganisa nemihlangano emincane nemikhulu, bese siba khona kuyo. Sizuza kakhulu ngokukhuthazana lapho sixoxa nabafowethu kule mibuthano yobuKristu.—Heb. 10:24, 25.
13 Lapho sisekela inhlangano ngokunikela ngemali nangezinto esinazo, sisuke sinikeza ubufakazi bokuthi siyayethemba. (IzAga 3:9, 10) Lapho sibona ukuthi abafowethu baswele, asipholisi maseko, sithatha isinyathelo. (Gal. 6:10; 1 Thim. 6:18) Lokhu sikwenza ngomoya wothando lobuzalwane, sihlale siphaphamele amathuba okubonisa uJehova nenhlangano yakhe ukuthi siyabazisa ubuhle asenzele bona.—Joh. 13:35.
14 Sibonisa ukuthi siyayethemba inhlangano nangokusekela izinqumo zayo. Lokhu kuhlanganisa ukulandela ngokuthobeka isiqondiso salabo ababekwe ezikhundleni zokwengamela, njengababonisi besigodi nabadala bebandla. Laba bafowethu baphakathi ‘kwalabo abaholayo’ okufanele sibalalele futhi sizithobe kubo. (Heb. 13:7, 17) Ngisho noma singaziqondi ngokugcwele izizathu zezinqumo ezithile, siyazi ukuthi ukuzisekela kuyosizuzisa njalo. Ngenxa yalokho, uJehova uyasibusisa ngokulalela kwethu iZwi lakhe nenhlangano yakhe. Ngokwenza kanjalo sibonisa ukuzithoba eNkosini uJesu Kristu.
15 Yebo, sinazo zonke izizathu zokwethemba inceku ethembekile neqondayo. USathane, unkulunkulu walesi simiso sezinto, ubhidlangile uzama ukuhlazisa igama likaJehova nenhlangano yakhe. (2 Kor. 4:4) Ungabanjwa amaqhinga amabi kaSathane! (2 Kor. 2:11) Uyazi ukuthi akusensuku zatshwala avalelwe kwalasha, futhi ubhukulile ufuna ukwenza abaningi ngangokunokwenzeka bafulathele uNkulunkulu. (IsAm. 12:12) Nokho, njengoba uSathane eqinisa imizamo yakhe, kwangathi singasondela eduze nakakhulu kuJehova. Kwangathi singamethemba uJehova nomzila awusebenzisela ukuqondisa abantu bakhe namuhla. Ukwenza kwethu kanjalo kusenza sibe munye nabafowethu.