Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kumelwe Wesabe Iso Elibi?
OWESIFAZANE othile edolobhaneni laseAmazon ulalisa ingane yakhe ngesineke embhedeni. Khona-ke, ngemva kokubopha ngokunakekela intambo ebomvu esihlakaleni sayo esincane, ubopha enye intambo okhalweni lwayo. Lapho lomkhuba usuqediwe, uhlehlela emuva ephefumula ebonisa ukukhululeka: “Manje, ingane isivikelekile esweni elibi.”
Ukwesaba iso elibi akukhona okwabantu bezinhlanga eNingizimu Melika kuphela. Abameli eItaly nabalimi eNdiya, kanye nosomabhizinisi eNyakatho Melika, nabo bayaliqhaqhazelela iso elibi.
Liyini iso elibi? Yinkolelo yokuthi abanye abantu banamandla okukulimaza futhi ngisho nokukubulala ngokumane nje bakubheke. Bangase basebenzise lokhu kubheka kobuthakathi lapho benomona ngokuchuma kwakho. Ngaphezu kwalokho, kunenkolelo yokuthi ezikhathini eziningi abantu abaningi abanezinhloso ezinhle baneso elibi nokuthi ukubheka kwabo kungase kulimaze abanye bengahlosile.
Ingabe nawe unalokhu kwesaba? Uma unjalo, ingabe lokhu kwesaba kuyakusiza noma kuyakulimaza?
Iqiniso Noma Inganekwane?
Izincwadi eziningi ezikhuluma ngalendaba zichaza ukwesaba iso elibi ngokuthi inkoleloze. Njengoba inkoleloze ichazwa ngokuthi inkolelo “engasekelwe kokunengqondo noma eqinisweni,” abanye abantu bakholelwa ukuthi ukwesaba iso elibi kumane nje kuwumkhiqizo wezingqondo ezingathathi kahle.
Yebo, izindaba eziningana ngeso elibi ziyinganekwane. Ngokwesibonelo, ukwesaba ukuthi abantu abayizingxemu, abanomlanga emehlweni, noma abanezinwele ezikhula ziphambene nezinye ngokunokwenzeka baneso elibi kwakhiwa umcabango. Noma ukukholelwa ukuthi usuke ubhekwe kabi noma nini lapho ingane yakho igula, inkomo yakho ifa, noma izinkukhu zakho zingazaleli kuwukulisola ngaphezu kokudingekile.
Nokho, njengoba nje indlubu eqinile ifihlwe ngaphansi kwekhoba eliwugqinsi, kunamaqiniso futhi aqand’ ikhanda afihlwe ngaphansi kolwelwesi oluwugqinsi lwezinganekwane ngeso elibi. Ngakho ake siphenye lenganekwane sembule amanye amaqiniso.
Umsuka Weso Elibi
IEncyclopædia of Religion and Ethics iphendula ngokuthi abaseBabiloni lasendulo babesaba ithonya leso elibi. Obani ababangela lokho kwesaba? Abalumbi noma abathakathi baseBabiloni. Babeqashelwa ngokubangela ukuhlupheka okukhulu ngokuphonsa ngokubheka ngamehlo abo. Nokho, labalumbi babengazenzeli lokhu ngokwabo. Ubani owayebanikeza amandla? Izidalwa zomoya ezibizwa ngokuthi amademoni. Incwadi ethi The Religion of Babylonia and Assyria iyachaza: “Abathakathi babenganxusa amandla emademonini ngokuthanda kwabo futhi bafake labobantu ababakhethayo emandleni amademoni.”
IBhayibheli ngokufanayo likhomba ezingelosini ezazenza amademoni njengomthombo “wamandla angaphezu kwawomuntu.” (1 Samuweli 15:23, NW; 1 Thimothewu 4:1; Juda 6) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu liqinisekisa ukuthi amademoni ahlanganyela amandla awo okulimaza nabalumbi kanye nabantu abalawulwa amademoni. (IzEnzo 16:16-18; IsAmbulo 22:15) Ngenxa yalokho, abantu abanjalo bayakwazi ‘ukuphonsa abanye,’ ngezinye izikhathi besebenzisa amehlo abo. (Duteronomi 18:10-12) Ngaleyondlela, iso elibi ngempela lisekelwe emaqinisweni athile.
Ngakho uma uhlala emphakathini lapho iziphonso zezangoma ziyingxenye yokuphila kwansuku zonke, akumangalisi ukuthi ukwesaba kwakho iso elibi bekulokhu kugcinwa kuphila. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi lezoziphonso zingasongela kangakanani, akumelwe ube nokwesaba omakhelwane bakho abanakho. Ngani? Okokuqala, ukwesaba iso elibi kungakuholela kalula ekubeni isigqila samademoni—into eyenqatshelwa yiBhayibheli. (Bheka eyoku-1 Korinte 10:20, 21.) Okwesibili, ungazenza uthole uhlobo lwesivikelo esinqoba imiphumela yeso elibi futhi sisuse zonke izizathu zokwesaba. Isivikelo esinjani? Ingabe esokugqoka okuthile okuyisivikelo?
Isivikelo Esisebenzayo
Ukuze sinikeze impendulo, cabangela lesibonelo: Yini oyoyenza uma wesaba ukuthi isihlahla esikhulu sizowela phezu kwendlu yakho siyiphahlaze? Ingabe ubuyoqinisa uphahla, unethemba lokuthi luyomelana nokushaya kwesihlahla esiwayo? Noma ingabe ubuyocela usizo lomgawuli wezihlahla noma isazi sezihlahla esinomlando wokugawula izihlahla ngokuphephile? Ukugawula isihlahla kususa umthombo wengozi futhi ngaleyondlela kuqeda ukwesaba kwakho.
Ngokufanayo, yini eyoxosha ukwesaba kwakho uma umlumbi esongela ukusebenzisa iso lakhe elibi kuwe? Ingabe uyozama ukuziqinisa ngokubophela izinto eziyisivikelo entanyeni yakho? Noma ingabe uyocela usizo lomuntu onomlando wokwenza amademoni angabi namandla? Ngokusobala, okuphawulwe kamuva kuyinkambo yokuhlakanipha, ngoba lowomuntu ususa umthombo wengozi futhi ngaleyondlela eqeda ukwesaba kwakho.
Kodwa njengomhubi, ungase ubuze: “Usizo lwami luyakuvelaphi na?” Ephefumlelwe uNkulunkulu, uyaphendula: “Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.” Ingabe usizo loMdali luhlanganisa isivikelo esweni elibi? Yebo, ngoba umhubi uyaqhubeka esiqinisekisa: “UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke.” (IHubo 121) Ukuze uqinise ukwethembela kwakho emandleni kaJehova okuvikela, cabangela umlando wokusebenzelana kwakhe namademoni osenza sethembele kuye.
‘Amademoni Ayathuthumela’—Kungani?
Osukwini lukaNowa, uJehova waxosha izingelosi ezingalaleli ezikhundleni zazo zokuba semseni ngokuzifaka ‘ekuboshweni’ kobumnyama obungokomoya. (1 Petru 3:19; Genesise 6:1-4) Khona-ke, ekhulwini lokuqala leminyaka, uJesu, esebenza njengommeleli kaNkulunkulu, waxosha amademoni anamandla ngokuthanda kwakhe. (Mathewu 8:31, 32; Marku 1:39) Futhi, phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka, uJesu wasebenzisa amandla akhe awanikezwe uNkulunkulu ukuba axoshe uSathane namademoni akhe ezulwini. (IsAmbulo 12:7-9) Ngakho, amademoni afunda ngendlela ebuhlungu ukuthi amandla awo awalutho uma eqhathaniswa namandla kaNkulunkulu. Nokho, uJehova usazonezela elinye ikhasi kulomlando. Ngokushesha, uSathane nalezihlubuki ezixoshiwe bayolahlelwa kwalasha iminyaka eyinkulungwane.—IsAmbulo 20:1-3.
Lolulwazi luwathinta kanjani? IBhayibheli liyembula: “Namademoni ayakholwa, athuthumele.” (Jakobe 2:19) Lolulwazi lukuthinta kanjanike wena? Ingabe usayowesaba lawomademoni ‘athuthumelayo’ nabalandeli bawo abangabantu? Noma ingabe ‘uyokwesaba uJehova kuphela’ ngokuthembela ngokugcwele esivikelweni sakhe esingabonakali esweni elibi?—1 Samuweli 12:24.
Ngempela, uma ukholo lukushukumisela ukuba ukhumule izinto zakho eziyizivikelo nokuba uqinise ukusondelana kwakho noFakazi BakaJehova emphakathini wakini, ngokushesha uyohlanganyela nabo ekwenaneleni amazwi amadodana asendulo kaKora. Amemeza: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba.”—IHubo 46:1, 2; qhathanisa namaRoma 8:31.