Isibusiso SikaJehova Siyacebisa
“Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.”—MATHEWU 19:23.
1, 2. Yimuphi umehluko okhona phakathi kwezinhlobo zengcebo?
KUTHIWANI uma othile ekwazisa, “Unothile”? Abaningi bebeyokujabulela ukutshelwa lokhu uma kwakuyosho ukuthi babenothe ngemali, ngendawo, noma ngokuba nezinto zokunethezeka. Kodwa cabangela indaba yokunotha ngalombono: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.”—IzAga 10:22.
2 Njengoba uNkulunkulu asebenzelana nezinzalamizi zasendulo nesizwe sakwaIsrayeli, wabusisa ukwethembeka kwazo ngokuchuma. (Genesise 13:2; Duteronomi 28:11, 12; Jobe 42:10-12) INkosi uSolomoni yayingomunye wababusiswa kanjalo. Yaceba kakhulu. Nokho yafunda kokuhlangenwe nakho ukuthi ukuphila okugxiliswe engcebweni ebonakalayo “kwakuyize nokufuna umoya.” (UmShumayeli 2:4-11; 1 AmaKhosi 3:11-13; 9:14, 28; 10:10) Ngakho lapho uSolomoni ebhala, “Isibusiso sikaJehova siyacebisa,” wayengagcizeleli ingcebo ebonakalayo. Wayesho iqiniso lokuthi uma unesibusiso sikaNkulunkulu, ukuphila kwakho kucebe kakhulu ngokungenakuqhathaniswa kunokwalabo abangamkhonzi. Kanjani?
3. Eqinisweni kungaziphi izindlela onothe ngazo ngempela uma unezibusiso zikaJehova?
3 Uma ungumKristu, ungajabulela ukuvunyelwa uJehova manje futhi uthole izibusiso ezivela kuye ezinjengokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Ungemukelwa ebandleni lamaKristu elinjengomkhaya, ngokuyisisekelo ajabulayo, athembanayo, futhi anesithakazelo kuwe. Imithetho kaNkulunkulu ikuvikela ezifweni nasezingozini eziningi. Unesizathu futhi sokuthemba ukuthi uzothola isivikelo saphezulu “osizini olukhulu” olungaphambi kwalesimiso esibi—bese uthola ukuphila ePharadesi laphakade emhlabeni eliyoza ngemva kwalokho. Ngakho, uyabona ukuthi ngalezibusiso namathemba amangalisayo, ungasho ngokuqinisekile ukuthi, “Nginothile!”—Mathewu 24:21, 22.
4. Ungakulimaza kanjani ukunotha kwakho okungokomoya? (IsAmbulo 3:17, 18)
4 Nokho, ‘ukuceba’ kwabo ngesibusiso sikaJehova kungalinyazwa enye ingcebo—imali noma ingcebo ebonakalayo. Abayingcosana kithi (kungakhathaliseki ukuthi balondekile ngokwezimali noma bampofu) bayovuma kalula, ‘Ngibhekene nengozi yangempela yokudukiswa ukuthanda imali.’ Nokho, khumbula isixwayiso: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Lokho kwabhalwa ngesikhathi lapho onke amaKristu avunyelwe ayegcotshwe ngomoya kaNkulunkulu njengesibonakaliso sokuthi ayengaba ababusi basezulwini noKristu. Kungenzeka ukuthi abaningi babo babeye bababona ngokoqobo abaphostoli nabanye ababehamba noJesu. Uma imali ‘yadukisa’ abanye babo, yeka ukuthi kunengozi enkulu kangakanani ngathi!—2 Korinte 5:5; Roma 8:17, 23.
Onothileyo Nekamela
5. Wawuyini umbono kaJesu ngengcebo?
5 UJesu wayevame ukukhuluma ngengozi yengcebo, ngoba iyingozi ebhekene nawo wonke umuntu, abacebile nabangacebile. (Mathewu 6:24-32; Luka 6:24; 12:15-21) Njengesisekelo sokuzihlola komuntu siqu, cabangela lokho uJesu akusho ngesinye isikhathi, njengoba kulandiswe kuMathewu 19:16-24; Marku 10:17-30; nakuLuka 18:18-30. Eqinisweni, kungani ungemi kancane manje ukuze ufunde eyodwa noma zonke lezozindaba?
6, 7. (a) Iyiphi ingxoxo eyaba khona phakathi kukaJesu nensizwa ethile? (b) Kamuva, yisiphi iseluleko uJesu asinikeza?
6 Umbusi osemusha weza kuJesu futhi wambuza: “Ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” UJesu wamkhomba eMthethweni, ngaleyondlela ebonisa ukuthi uJehova akehlulekanga ukubonisa lokho okwakudingeka. Lendoda yaphendula ngokuthi yayiyigcinile imithetho kaNkulunkulu ‘kwasebusheni bayo.’ Kwakunjengokungathi yayisemnyango, oya ekuphileni kodwa yaba nomuzwa wokuthi kwakusekhona lapho yayisasilela khona. Mhlawumbe yayicabanga ukuthi kwakusenokulunga okuthile okwengeziwe, isenzo esithile sobuqhawe, okwakuyoba isinyathelo sokugcina sokungena emnyango wokuphila okuphakade. Impendulo kaJesu ihilela okuningi: “Thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Yini eyenzeka? “Kuthé ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu [noma, wayenengcebo enkulu].” Ngakho lendoda yahamba.—Luka 18:18, 21-23; Marku 10:22.
7 Ngemva kwalokho uJesu wathi: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” (Luka 18:24, 25) Ingabe lesoseluleko sasingesalowombusi onothile kuphela? Noma ingabe uhilelekile, kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu? Ake sibone.
8. (a) Wayeluhlobo luni umbusi osemusha ongumJuda? (b) Yiliphi iphutha ayenalo, futhi kungani lokho kumelwe kusithinte?
8 Ungase usizwe ukuba uqonde isimo salowombusi osemusha uma ucabanga ngokufana kwanamuhla—umKristu osemusha ohlanzekile onolwazi oluhle lweBhayibheli, onokuziphatha okuhle, futhi ovela emkhayeni ocebile. Ungase ube nomona ngomuntu onjalo namuhla. Kodwa uJesu wathola ukusikisela okukhulu ensizweni engumJuda: umcebo wayo noma impahla yayo yayibaluleke kakhulu ekuphileni kwayo. Ngakho uJesu weluleka njengoba enza. Ungabona ukuthi kungani lendaba yeBhayibheli ingeyethu sonke, kungakhathaliseki ukuthi sinothile noma simpofu. Imali nengcebo kungaba izinto ezibaluleke kakhulu kunoma ubani wethu, kungakhathaliseki ukuthi sesinazo kakade noma simane sifisa ukuba nazo.
9. Sazi kanjani ukuthi uJesu wayengasoli ukuceba ngokwakho?
9 UJesu wayengasho ukuthi umuntu onengcebo ebonakalayo wayengenakumkhonza uNkulunkulu. Abaningi baye bamkhonza. Leyonsizwa yomJuda yayimkhonza—ngezinga elithile. Kwakukhona noZakewu umthelisi, ‘owayecebile.’ (Luka 19:2-10) Amanye amaKristu agcotshiwe ekhulu lokuqala ayecebile futhi ngalokho aba nenselele ekhethekile yokuba ‘aphane, abelane.’ (1 Thimothewu 6:17, 18; Jakobe 1:9, 10) Futhi nanamuhla asekhona amaKristu athile acebile. Ngokuvamile aye anikela ngokungagodli ekusekeleni umsebenzi woMbuso, avula izindlu zawo ukuba kuhlanganyelwe kuzo imihlangano, futhi asebenzisa izimoto zawo enkonzweni. Khona-ke, kungani uJesu asho lokho akusho ngonothileyo nekamela? Singafunda kukho?
10. Yini esingaphetha ngayo ngeseluleko sikaJesu sangalesosikhathi?
10 Njengoba ungabona, kungenye into ukuqala ukukhonza uNkulunkulu; kungenye into ukuzibonakalisa uthembekile kuze kube sekupheleni. (Mathewu 24:13; Filipi 3:12-14) Kungenzeka uJesu wayenalokhu engqondweni lapho ethi: “Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” (Marku 10:25) Alikho ikamela elingazimpintsha lingene entunjeni encane yosungulo, ngakho uJesu wayesebenzisa ihaba, ukweqisa ayengahlosile ukuba kuthathwe ngokoqobo. Nokho, kuyabonisa ukuthi kulukhuni kangakanani ngonothileyo ukuba enze okuthile. Okuyini? Hhayi nje ukuqala ukukhonza uNkulunkulu, cha, kodwa ‘ukungena embusweni,’ eqinisweni ukuzuza ukuphila okuphakade. Kungakhathaliseki ukuthi umi kanjani ngokwezimali, iseluleko sikaJesu singaqondisa ukucabanga kwakho, intuthuko yakho engokomoya, nokuzuza kwakho ukuphila okuhlala njalo.
Kungani Kunzima Kangaka Ngonothileyo?
11. Ukushumayela kukaJesu kwabathinta kanjani abampofu nabacebile?
11 Ngokushumayela okwenziwa uJesu nabaphostoli bakhe, ‘abampofu bashunyayezwa ivangeli.’ (Mathewu 11:5) Abanothileyo babengabandlululwa. Nokho kubonakala sengathi iningi labampofu lasiqaphela isidingo salo esingokomoya futhi lasabela esigijimini sethemba. (Mathewu 5:3, 6; 9:35, 36) AmaJuda anothile ayeneliseke kakhulu ngendlela izinto ezaziqhubeka ngayo. (Qhathanisa noLuka 6:20, 24, 25.) Nokho, emuva ngalesosikhathi ayekhona ayehlukile, futhi akhona ehlukile nanamuhla. Abanye abantu abacebile bayasamukela isigijimi seBhayibheli futhi bakhonze uJehova. Umphumela ungamangalisa ngabo. Kwakunjalo endabeni kaPawulu, ongazange avumele ukuba isikhundla sakhe ekuphileni simvimbele. (Filipi 3:4-8) Nokho, uJesu wathi kwakuyoba nzima kakhulu ngonothileyo.
“Ukukhohlisa Kwengcebo”
12, 13. (a) Emfanekisweni, uJesu waveza liphi iphuzu ngezinkathazo? (b) Kungani abacebileyo bebhekene nezihibe ezengeziwe?
12 Emfanekisweni wakhe wezimbewu ezawela emihlabathini ehlukahlukene, uJesu wathi enye “yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.” Wachaza: “ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako [“izinkathazo,” NW] yalesisikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abengongatheliyo.” (Mathewu 13:7, 22) Cishe bonke abantu bayazithola ezinye ‘zezinkathazo zalesisikhathi.’ Kulula ukubona ukuthi kungani kunjalo ngomuntu ompofu, ongasebenzi, noma okhubazekile. Umuntu olondekile ngokwezimali angase angabi nezinkathazo ezifanayo, nokho ngisho naye angakhathazeka kakhulu ngokomphumela wokwehla kwamandla emali, ukwenyuka kwentela, noma ingozi yokweba. Ngakho abacebile nabampofu ngokufanayo bangase babe nezinkathazo.—Mathewu 6:19-21.
13 UJesu wabonisa ukuthi abanye babeyovinjelwa futhi “ukukhohlisa kwengcebo.” Ukuphumelela ngokwezimali kungakwenza ulahlekelwe izinto eziningi. Usozimali uAristotle Onassis wake wathi: “Ngemva kokuba usufinyelele izinga elithile, imali iba engabalulekile. Impumelelo yiyona ebalulekile. Kungokunengqondo ukuba ngiyeke manje. Kodwa angikwazi. Kumelwe ngiqhubeke ngizibekela umgomo ophakeme—ukuze nje ngizijabulise.” Ngokufanayo, umKristu angakuthola kujabulisa ukuphishekela izikhundla eziphezulu. Noma angayengelwa ekubeni andise ibhizinisi lakhe esikhathini eside ngemva kokuba esefinyelele lokho ngaphambili ayengakubheka ‘njengokwanele.’ Kunokuba anciphise umsebenzi wakhe (noma athathe umhlalaphansi) ukuze abe isikhonzi sesikhathi esigcwele, ‘udiliza izinqolobane zakhe [noma izindlu] zakhe ezinkulu.’ (Bheka uLuka 12:15-21.) Ingabe lokho kungenzeka kuwe? Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu angabheka umuntu okulesosimo njengomkhonza ngomphefumulo wonke?—Mathewu 22:37.
14. Kungafanekiswa kanjani ukuthi ingcebo ingamkhinyabeza umKristu? (IzAga 28:20)
14 Nokho kusekhona ezinye izindlela ingcebo (noma isifiso sokuyizuza) engavimbela ngazo umKristu ‘ekudleni ifa lomhlaba.’ Enye iwukuthi ukuthanda ingcebo kungase kumshukumisele ukuba athathe izindlela zezwe, ezinjengokukhwabanisa izinzuzo noma ukusebenzisa ezinye izindlela zokungathembeki kodwa ezijwayelekile. Noma uma eqasha amaKristu akanye nawo athembekile nasebenza ngokuzikhandla, angase abeke izinzuzo zakhe siqu kuqala kunengokomoya lawo. Ngokwesibonelo, ukuze awavalele emsebenzini wawo, angase awakhuthazele nokuba aqale indlela yokuphila ebiza kakhulu (noma ngisho nokuba angene ezindlekweni ngenxa yezinto ezinethezekile.) Futhi njengoba engumqashi wawo, lobuhlobo bungase budlulele ekuqhubeni ibhizinisi ebandleni.
15. Ngokunokwenzeka, amaKristu athile akuqala awuzwa kanjani umphumela olimazayo wengcebo? (IHubo 73:3-8, 12, 27, 28)
15 AmaKristu athile acebile ekhulu lokuqala leminyaka kungenzeka ayengaphakathi kwalabo ababa yizisulu ‘zokukhohlisa kwengcebo.’ UJakobe wabhala ‘ngezinhlupheko eziyakwehlela abacebileyo.’ Ayenezingubo ezibizayo, ayeqongelele igolide nesiliva ngokugodla inkokhelo yezisebenzi, futhi ayenethezeke ngempela. (Jakobe 5:1-5) Kungokufanayo namuhla. Ngokuvamile umcebo uvumela umuntu ukuba adle ukudla okunothile neziphuzo ezingalimaza umzimba wakhe. Kungase futhi kumvumele ukuba ahambe njalo okungamhlukanisa nebandla lakubo. Lokhu akusho ukuthi izingubo ezinhle, amatshe ayigugu, ukudla, nokuhamba izindawo kuyalimaza khona ngokwakho. Nokho, ‘abacebileyo’ uJakobe abhala ngabo abazange basizwe yilokho; benesimo esiphansi esingokomoya nokuma kwabo kuNkulunkulu, babenesizathu ‘sokukhala, balile ngezinhlupheko eziyakwehla.’
16. Kungani uJesu anikeza iseluleko esicace kangaka ngengcebo, futhi yini okumelwe uzibuze yona?
16 Ngokuqinisekile uJesu wayebazi ubuhlungu nezihibe ezintweni ezingokomoya abacebile abavame ukuhlangana nazo. Wayazi futhi ukuthi amagugu ayengonakala ngokoqobo noma aphenduke ize, okungasoze kwenzeka engcebweni yobuKristu. (IzAga 11:28; Marku 10:29, 30) Ngakho-ke, uJesu wayesisiza ngempela ngokusixwayisa: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.” (Luka 18:24) Isixwayiso sakhe singasizuzisa ngisho noma sinengcebo elinganiselwe kakhulu. Kanjani? Ngokuvimbela kwethu noma yikuphi ukulangazelela esinakho kokuba sibe abacebile manje. AmaKristu akholelwa ukuthi uJesu wayekhuluma iqiniso. Siyakukholelwa futhi siphila ngakho lokho uJesu akusho ngoYise, ngokuphela kwalesimiso sezinto, nangokuhlakulela uthando. LeSikhulumi esikhuluma iqiniso futhi sathi: “Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” (Mathewu 19:24) Ingabe ukukholelwa ngempela lokho? Ingabe izenzo zakho, indlela yokuphila, nesimo sengqondo kubonisa ukuthi uyakukholelwa?
Qhubeka Uba Onothile—Ngendlela KaNkulunkulu
17. AmaKristu amaningi azilungiselela kanjani ukuba acetshiswe uJehova?
17 Ubufakazi bokuthi izinceku eziningi zikaNkulunkulu zithatha ngokungathí sina iseluleko esinjengaleso esitholakala kuMathewu 19:16-24 sibuthola buvela kuwo wonke umhlaba. AmaKristu amaningi asemasha azinqumela ukuthi uma eqeda nje iminyaka evamile yesikole, ayophishekela inkonzo yesikhathi esigcwele. Amakhosikazi abengasebenza ukuze andise iholo lomkhaya, kunalokho, anikela isikhathi esengeziwe emisebenzini yobuKristu, ezinothisa ngokomoya wona siqu kanye nabanye. Ngisho namanye amadoda anomthwalo wemfanelo ongokomBhalo wokunakekela imikhaya yawo ngokwezinto ezibonakalayo athola izindlela zokuhlanganyela ngokwengeziwe enkonzweni.
18, 19. Yiziphi izinyathelo eziye zathathwa abanye abaye bafuna isibusiso sikaJehova?
18 Omunye umdala oneminyaka eyeve kwengama-30 uyavuma ukuthi “ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele kwakumane kungamazwi engangivame ukuwakhuluma.” Wayehola imali engaphezu kwamarandi ayizi-50 000 ngonyaka, ngaphandle kwalokho wayenemali yezindleko futhi esebenzisa imoto yenkampani. Khona-ke wacelwa ukuba abeke inkulumo yomhlangano omkhulu ka-1983 eyayithi “Ukubeka Nokufinyelela Imigomo Efanelekile.” Uyavuma: “Njengoba ngangifunda indaba ngentshiseko, ngadumala futhi ngazizwa nginamahloni kangangokuba unembeza wami wawungidla.” Ngaphambi kokuba umhlangano omkhulu ufike, yena nomkakhe baxoxa ngesimo sabo. Ngokushesha wathola itoho futhi wahlanganyela nomkakhe njengephayona. Namanje basaphayona, bejabulela izibusiso eziningi ezingokomoya.
19 Abanye baye basuka ezindaweni lapho kunezindlela eziningi zokuzuza imali baya ezindaweni ababengandisa kuzo imisebenzi yabo engokomoya. Umbhangqwana waseCanada wabhala ngokuqondene nokuphayona kwawo eLatin America: “Nakuba abazalwane lapha bempofu kakhulu, banentshiseko emangalisayo ngeqiniso. Bangase babe mpofu ngendlela engokwezwe, kodwa bayizicebi ngokomoya. Sinabamemezeli abangama-38, abayi-10 babo bangamaphayona avamile. Kudingeka ukuba yenziwe kabili imihlangano ngenxa yokuthi kunabaningi ababa khona—isilinganiso sabayi-110 kuya kwabayi-140. Yonke lemihlangano kumelwe inakekelwe abadala ababili nezinceku ezikhonzayo ezintathu. Siyafunda kubazalwane bethu balapha abathobekile ukuthi eqinisweni kusho ukuthini ukubeka uJehova kuqala ekuphileni kwethu. Bayasibonisa ukuthi singamkhonza uJehova ngomphefumulo wonke kungakhathaliseki ukuthi zingase zibe yini izimo zethu.”
20. Kumelwe sizizwe kanjani ezinhliziyweni zethu ngokuba nengcebo ebonakalayo?
20 AmaKristu anjalo awanaso isizathu esizwakalayo sokuba nomhawu ngomuntu ocebile, kungakhathaliseki ukuthi ungaphandle noma ungaphakathi ebandleni, noma ukuba agcwaliswe ukulangazelela izinto ezibonakalayo. Ayaqaphela ukuthi imali ethile iyadingeka ekuphileni okuvamile. (UmShumayeli 5:3; 7:12) Kodwa ayaqaphela futhi ukuthi uJesu wakhuluma iqiniso—abacebile babhekene nezihibe eziningi, izinselele, nezingozi ezingokomoya. Enye inselele enzima iwukuba ‘abacebileyo kulelizwe lamanje bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha bathembele kuNkulunkulu.’—1 Thimothewu 6:17.
21. Yini egcinelwe labo abaphishekela ingcebo engokomoya?
21 Ngokudabukisayo, umbusi osemusha owayekhuluma noJesu wehluleka ukuhlangabezana naleyonselele. Abanye abafana naye baye bamkhonza uNkulunkulu isikhashana esithile kodwa kamuva baye bezwa ubuhlungu nokwehluleka okungokomoya okwakuhlobene nengcebo yabo. Ngokuphambene kunezigidi zamaKristu athembekile aqhubeka ebonisa ukuthi “isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” (IzAga 10:22) Ukuphila kwawo kunenjongo; anemigomo ebalulekile nomuzwa wokuthi aye afeza okuthile. Imisebenzi yawo emihle iyohlala phakade, iwanikeze injabulo enkulu manje nasesikhathini esizayo. Masizame ngabanye ukuba sibe abanothile ngaleyondlela.—Filipi 4:1; 1 Thesalonika 2:19, 20.
Amaphuzu Okucatshangelwa
◻ Luhlobo luni lwengcebo olachazwa yizAga 10:22?
◻ Yini uJesu ayeyiqondile ngenkulumo yakhe ngonothileyo nekamela?
◻ Kungani ngokuvamile ukuphila kunzima ngokwengeziwe ngabacebile?
◻ Singazama kanjani ukuba ngabanothile ngendlela kaNkulunkulu?
[Ibhokisi ekhasini 10]
Ingcebo Nomkhaya
LAPHO ucabanga ngemiphumela engaba khona yengcebo, ungawubekeli eceleni umkhaya wakho. Cabangela lokhu:
Umbiko ovela ezazini zezifo zengqondo eCanada eziye zahlola abantwana bosozimali uthi: “Ukuphila kuyisicefe kubo. Abanayo imigomo ngaphandle kokuzijabulisa bona ngokwabo futhi abakwazi ukubekezelela ngisho nokukhungatheka okuncane. Zimbalwa izikhathi ababa nemizwelo ethile ngazo. Ngokuyinhloko baphishekela ukuthenga izinto, ukuhamba izindawo, nokufuna imithombo emisha yokuzijabulisa.”
IThe New York Times yathi ngowayengusozimali: “Njengoba ayephumelela ngokwengeziwe ebhizinisini futhi ezuza umcebo, uthi wabona umkhaya wakhe ushintsha. ‘Umkami nendodakazi yami babebheka abantu ngokwemali ababenayo, futhi uma nganginikeze enye indodakazi yami indlu ebiza [R600 000] kwakumelwe nginikeze enye imali [engu-R600 000].’” Ngemva kokuphathwa yisifo senhliziyo, “kuhlanganise nokubona lokho umcebo oye wakwenza kumkakhe nakubantwana,” washintsha indlela yakhe yokuphila.
Ngokuqondene nezwe eliseMpumalanga ePhakathi elicebe ngowoyela, uArnold Hottinger waphawula: “Ngokufanayo nezifo zemizwelo, umcebo ungokuthile futhi okujwayelekile kodokotela abaningi bakwamanye amazwe abeza lapha ukuze bazothola amaholo aphakeme. Babika ukuthi, ayikho indawo evame izifo ezibangelwa ukuphazamiseka kwengqondo njengalena—izifo ezibangela ukugula okungokoqobo kodwa ezingabangelwa ukwehluleka okubonakalayo kwezitho zomzimba. Bathi, kunentsha ebonisa zonke izimpawu zokuguga, nabantu asebegugile abaziphathisa okwentsha.”