Isahluko 5
Impikiswano Ehilela Wena
NAPHEZU kwesifiso esivamile sokuthula nokulondeka, umlando womuntu uye wonakaliswa ukuchitheka kwegazi nokuhlupheka. Njengoba iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uyazenyanya izinto ezinjalo, kungani engakaziqedi lezizimo kuze kube manje? Ngokuqinisekile akunakuba ngenxa yokuntula isithakazelo. IBhayibheli, kanye nobuhle bomsebenzi wezandla zikaNkulunkulu wasemhlabeni, kunikeza ubufakazi obanele bothando lwakhe nokukhathalela ngesintu. (1 Johane 4:8) Okubaluleke ngaphezulu, udumo lwegama likaNkulunkulu luhilelekile, ngoba lezizimo ziye zabangela abantu ukuba bamhlambalaze. Khona-ke, isiphi isizathu esingaba khona sokubekezelela kwakhe iziphithiphithi nobudlova izinkulungwane zeminyaka?
2 Impendulo itholakala emazwini okuqala eBhayibheli alandisa ngoAdamu noEva. Lokhu akuwona nje umfanekiso. Iqiniso elingokomlando. IBhayibheli linikeza umbhalo ophelele, obhalwe phansi wezizukulwane kusukela ekhulwini lokuqala lesiKhathi Esivamile kuze kufinyelele kubantu bokuqala. (Luka 3:23-38; Genesise 5:1-32; 11:10-32) Njengokhokho bethu bokuqala, uAdamu noEva baba nethonya kithina. Futhi lokho iBhayibheli elisitshela khona ngabo kuyasisiza ukuba siqonde izimo ezithinta ukuphila kwethu namuhla.
3 IBhayibheli lembula ukuthi wonke amalungiselelo kaNkulunkulu ngabantu bokuqala ababili ayemahle kakhulu. Babenakho konke okwakwenza ukuphila kujabulise—ikhaya elifana nepaki e-Edene, izinhlobo eziningi zokudla, umsebenzi owanelisayo, ithemba lokubona umkhaya wabo ukhula futhi ugcwalisa umhlaba, nesibusiso soMdali wabo. (Genesise 1:28, 29; 2:8, 9, 15) Ubani onengqondo owayengafuna okungaphezulu?
4 Umbhalo ophefumlelwe kuGenesise wembula ukuthi abantu babenesikhundla esihlukile emhlabeni. Ngokungafani nezilwane, babenomqondo wokuziphatha futhi banikezwa inkululeko yokuzikhethela. Kungakho babehlonyiswe ngamandla okucabanga ngento nawokwahlulela. Ukuze abaqondise, uNkulunkulu wafaka endodeni nakowesifazane unembeza, ukuze, njengabantu abaphelele, ukuthambekela kwabo kube ngakokuhle. (Roma 2:15) Ngaphandle kwakho konke lokhu, uNkulunkulu wabatshela ukuthi kungani babephila, okwakumelwe bakwenze, nokuthi ubani owayelungiselele zonke izinto ezinhle ezazibazungezile. (Genesise 1:28-30) Khona-ke, sichaza kanjani ukuthi kungani kunezimo ezimbi kangaka manje?
5 Umlando ongokomBhalo ubonisa ukuthi kwaphakama impikiswano—leyo ehilela ngamunye wethu namuhla. Yaba khona ngezimo ezaphakama esikhathini esingeside ngemva kokudalwa kwabantu bokuqala ababili. UNkulunkulu wanikeza indoda nowesifazane ithuba lokubonisa ukwazisa kothando kuMdali wabo ngokulalela emfunekweni ethile. Lemfuneko yayingekhona okwakuzosikisela ukuthi babenezijwayezi ezimbi okwakumelwe zinqandwe. Kunalokho, yayihilela okuthile khona ngokwakho okwakulungile futhi kufanelekile—ukudla ukudla. Njengoba uNkulunkulu atshela indoda: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Lemfuneko ayizange incishe labantu bokuqala ababili noma yini edingekile ukuze baphile. Babengadla kuyo yonke eminye imithi ensimini. Kodwa amathemba abo okuphila ekusasa ngokuqinisekile ayehilelekile, futhi ngokufanelekile. Ngani? Ngoba Lowo owayefuna ukulalelwa wayeyiwo kanye uMthombo noMsekeli wokuphila kwabantu.
6 Injongo kaNkulunkulu kwakungeyona eyokuba abantu bafe. Akuzange kukhulunywe ngokufa kuAdamu noEva ngaphandle kwalapho kunokungalaleli. Abazali bethu bokuqala phambi kwabo babenethemba lokuphila phakade ekhaya labo elinokuthula, nelinjengepaki. Ukuze bathole lokhu, yini eyayidingeka kubo? Kwakumelwe baqaphele ukuthi umhlaba ababephila kuwo ungowaLowo owawenza, nokuthi, njengoMdali, uNkulunkulu ngokufanelekile unegunya phezu kwendalo yakhe. (IHubo 24:1, 10) Ngokuqinisekile Lona, owayenike umuntu konke ayekudinga, kuhlanganise nokuphila ngokwakho, wayekufanele ukulalelwa kunoma yini ayeyifuna kubo. Nokho, akathandanga ukuba lokho kulalela kuphoqelelwe. Kunalokho, kumelwe kuvele ezinhliziyweni ezivumayo, ezishukunyiswa uthando. (1 Johane 5:3) Kodwa abazali bethu bokuqala abangabantu bahluleka ukubonisa uthando olunjalo. Kwenzeka kanjani lokhu?
Indabuko Yokumelana Nokubusa Kwaphezulu
7 IBhayibheli libonisa ukuthi ukuphikisana noMbuso kaNkulunkulu okokuqala akuqalanga emhlabeni, kodwa endaweni engabonakali emehlweni omuntu. Ingabe nathi, njengabanye abaningi, kumelwe singabaze ukuthi indawo enjalo ikhona ngenxa nje yokuthi asinakuyibona? Nokho, amandla okudonsela phansi awabonakali, ngokufanayo nomoya. Kodwa imiphumela yakho ingeyoqobo. Kanjalo-ke, imiphumela yalendawo engabonakali ingaphawuleka. Nakuba ‘uNkulunkulu enguMoya,’ imisebenzi yakhe yendalo ingabonakala kuyo yonke indawo esizungezile. Uma simkholelwa, sibophekile ukuba sikholelwe endaweni yomoya. (Johane 4:24; Roma 1:20) Kodwa ingabe ukhona omunye ohlala kuleyondawo?
8 NgokweBhayibheli, izigidi zabantu bomoya, izingelosi, zaba khona ngaphambi komuntu. (Jobe 38:4, 7; IHubo 103:20; Daniyeli 7:10) Zonke lezi zadalwa ziphelele, zingenakho ukuthambekela okubi. Nokho, njengendalo kaNkulunkulu yamuva, umuntu, nazo zanikezwa inkululeko yokuzikhethela. Ngakho-ke zazingase zikhethe inkambo yokwethembeka noma yokungathembeki kuNkulunkulu.
9 Kodwa umbuzo obuzwa ngabaningi uwukuthi: Njengezidalwa eziphelele, kwakungenzeka kanjani nganoma iziphi zazo ukuba zibe nomuzwa wokuthambekela kokwenza okubi? Nokho, kukangaki ekuphileni kwethu kuphakama izimo ezenza sibhekane nezinto ezihlukahlukene esingazenza—ezinye ezinhle, ezinye ezimbi? Ukuba nokuhlakanipha kokubona izinto ezimbi ezingenzeka akusenzi ngokuzenzekelayo sibe babi, akunjalo? Umbuzo wangempela uwukuthi: Iyiphi inkambo esiyogxilisa kuyo ingqondo yethu nenhliziyo? Uma sigxila emicabangweni elimazayo, singase sidonsekele ekuhlakuleleni isifiso esibi ezinhliziyweni zethu. Isifiso esinjalo ekugcineni singasishukumisela ukuba senze izenzo ezimbi. Lomjikelezo owonakalisayo wachazwa umlobi weBhayibheli uJakobe: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.”—Jakobe 1:14, 15.
10 ImiBhalo yembula ukuthi lokhu kwenzeka kwenye yamadodana kaNkulunkulu omoya. Yayengwa izinkanuko zayo. Yabona izinto ezazingenzeka endalweni kaNkulunkulu engabantu. Ingabe babengazithoba kuyo kunokuzithoba kuNkulunkulu? Ngokusobala yaqala ukukhanukela okungenani ingxenye yokukhulekela okwakungokukaNkulunkulu. (Luka 4:5-8) Yenza ngokwenkanuko yayo, yaba umphikisi kaNkulunkulu. Ngenxa yalesosizathu kubhekiselwa kuyo eBhayibhelini ngokuthi uSathane, okusho uMphikisi.—Jobe 1:6.
11 Kulelikhulu lama-20 lezinto ezibonakalayo, ukukholelwa kumuntu womoya onjengoSathane akuthandwa. Kodwa-ke, ingabe ukucabanga okuthandwayo kwake kwaba umqondisi oqinisekile oyisa eqinisweni? Phakathi kwalabo abahlola izifo, kwake kwaba yinto engathandwa ukukholelwa ukuthi amagciwane angabonakali ayeyinto engokoqobo. Kodwa manje ithonya lawo laziwa kahle. Ngokuqinisekile-ke, ukungathandwa kwento akusho ukuthi ingase inganakwa. UJesu Kristu ngokwakhe wayevela endaweni yomoya ngakho-ke wayengase akhulume ngegunya ngokuphila kwakhona. Wamchaza ngokuqondile uSathane njengomuntu omubi womoya. (Johane 8:23; Luka 13:16; 22:31) Kuphela kungokucabangela ukuba khona kwalesisitha somoya lapho kungenzeka khona ukuqonda indlela izimo ezimbi kangaka ezaqala ngayo kulomhlaba.
12 Umbhalo ophefumlelwe, kuGenesise isahluko 3, uchaza indlela uSathane aqhubeka ngayo anelisa isifiso sakhe esibi. Ensimini yase-Edene waya kowesifazane uEva ngendlela eyafihla ubunjalo bakhe. Wasebenzisa isilwane esasivame ukubonakala kulabantu ababili—inyoka. Ngokusobala esebenzisa lokho esingakubiza ngokuthi ubulozi, wenza kwabonakala sengathi amazwi akhe ayevela kulesidalwa. Isimo saso semvelo sokuqapha safanelana kahle nomqondo uSathane ayefuna ukuwuveza.—Genesise 3:1; IsAmbulo 12:9.
13 Kunokulimisa ngesihloko elokuba owesifazane abheke kuye njengombusi wakhe, uSathane okokuqala wafuna ukufaka ukungabaza engqondweni yakhe, wambuza: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?” Ngamanye amazwi, wayethi: ‘Kwaze kwakubi ukuthi uNkulunkulu uye wathi ningadli kuyo yonke imithi yasensimini.’ Ngalokhu wayebonisa ukuthi uNkulunkulu ngokunokwenzeka wayegodla okuthile okuhle. UEva waphendula ngokucaphuna umyalo kaNkulunkulu wokwenqaba, owawuhilela umuthi owodwa kuphela, futhi ephawula nokuthi isijeziso sokungalaleli sasiwukufa. Kulokho, uSathane wazama ukululaza ukuhlonipha kwakhe umthetho kaNkulunkulu, ethi: “Aniyikufa nokufa; kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:1-5) Ubhekene nesimo esinjalo, yini wena owawuyoyenza?
14 UEva wazivumela ukuba ahungwe inkanuko yobugovu. Wadla lokho uNkulunkulu ayekwenqabele. Kamuva, ngenxa yokuncenga kwakhe, umyeni wakhe uAdamu naye wadla. Wakhetha ukuhambisana nomkakhe kunokuba ngakuMdali wakhe. (Genesise 3:6; 1 Thimothewu 2:14) Waba yini umphumela?
15 Wonke umkhaya wesintu wafakwa esonweni nokungapheleli. Manje uAdamu noEva babengenakukwazi ukudlulisela enzalweni yabo ukuphelela ababeke baba nakho. Njengoba nje izinto ezenziwe ngephethini enesici zonke ziba nesici esifanayo, khona-ke yonke inzalo yabo yazalelwa esonweni, inokuthambekela ebugovwini eyazalwa nakho. (Genesise 8:21) Lokhu kuthambekela, ngenxa yokunganakwa, kuye kwaholela ezenzweni ezimbi eziye zaphuca isintu ukuthula nokulondeka. Yilelifa lesono futhi eliye laphumela ezifweni nokufa.—Roma 5:12.
Izimpikiswano Ezaphakanyiswa
16 Ngokucabangela lamaqiniso, izingqondo zethu zibuyela embuzweni wokuthi kungani uNkulunkulu eye wabekezelela lesisimo, esivumela ukuba siqhubeke kuze kube sezingeni esikulo. Kungenxa yempikiswano enkulu eyaphakanyiswa nomphumela wayo endaweni yonke. Kukanjani lokho?
17 Ngokuphikisa kwakhe kokuthi umthetho kaNkulunkulu kuAdamu noEva wawungalungile kubona nangokubeka inselele kulokho uNkulunkulu ayethe kuyoba umphumela wokungalaleli, uSathane wayengabaza ukubusa kukaNkulunkulu. Cha, akazange alingabaze iqiniso lokuthi uNkulunkulu ungumbusi. Kunalokho, impikiswano eyaphakanyiswa uSathane yayigxile elungelweni lokubusa kukaJehova, ubukhosi baKhe, nokulunga kwezindlela zaKhe. Ngokukhohlisa, uSathane waphikisa ngokuthi abantu babeyophumelela kangcono uma bezenzela ngokukhululekile, bezenzela izinqumo zabo kunokuba bazithobe ekuqondiseni kukaNkulunkulu. (Genesise 3:4, 5) Nokho, ngokwenza kanjalo, eqinisweni babeyobe balandela ukuhola kwesitha sikaNkulunkulu.
18 Kunenye impikiswano eyayihilelekile. Njengoba lezidalwa zikaNkulunkulu zamphendukela lapho e-Edene, zazizokwenzenjani ezinye? Kamuva, ezinsukwini zendoda okwakuthiwa uJobe, uSathane wamangala ngokusobala ngokuthi abakhonza uJehova abenzi kanjalo ngenxa yokuba bemthanda uNkulunkulu nokubusa kwakhe, kodwa ngenxa yobugovu, ngoba uNkulunkulu ubanikeza yonke into. USathane wayebonisa ukuthi akekho umuntu okwakungathi engaphansi kokucindezelwa asekele ubukhosi bukaJehova ngokwethembeka. Ngakho-ke ukwethembeka nobuqotho bazo zonke izidalwa ezihlakaniphile ezulwini nasemhlabeni kwangatshazwa. Ngaleyondlela lempikiswano ihilela wena.—Jobe 1:8-12; 2:4, 5.
19 Ebhekene nenselele enjalo, yini uJehova ayengayenza? Wayengababhubhisa kalula nje uSathane noAdamu benoEva. Lokho kwakuyobonisa amandla kaJehova obukhosi. Kodwa kwayiphendula yini imibuzo manje ephakama ezingqondweni zazo zonke izidalwa zikaNkulunkulu ezazibone lezizenzakalo? Ukuthula nokulondeka kwaphakade kwendawo yonke kwakudinga ukuba lemibuzo iphendulwe ngokuphelele, iphendulelwe iphakade. Ngaphandle kwalokho, ubuqotho nokwethembeka kwayo yonke indalo kaNkulunkulu ehlakaniphile kwakungatshaziwe. Uma imthanda, yayiyofuna ukuziphendulela kulokho kumangalelwa kwamanga. UJehova wayinikeza ithuba lokwenza lokho kanye. Futhi, ngokuvumela uAdamu noEva ukuba baveze inzalo (nakuba ingaphelele), uNkulunkulu wayegwema ukuqedwa komkhaya wesintu—umkhaya oye wahlanganisa sonke thina esiphilayo namuhla. Lokhu kwakuyonikeza lenzalo ithuba lokuzikhethela ngokwayo noma iyolalela ukubusa kwaphezulu yini. Lokho kukhetha yikhona obhekene nakho manje!
20 Ngakho-ke, esikhundleni sokukhipha isahlulelo sokufa ngalesosikhathi, uJehova wavumela labo abahlubukayo ukuba bahlale isikhashana. UAdamu noEva baxoshwa e-Edene, ukuba bafe ngaphambi kokuphela kweminyaka eyinkulungwane. (Genesise 5:5; qhathanisa noGenesise 2:17 neyesi-2 Petru 3:8.) NoSathane futhi wayezobhujiswa ngesikhathi esifanele, njengokungathi uyinyoka echotshozwe ikhanda.—Genesise 3:15; Roma 16:20.
Okuye Kwembulwa Ukuhamba Kwesikhathi
21 Yini eye yaba umphumela wenselele yelungelo lokubusa kukaNkulunkulu? Ingabe umuntu uye wazuza ngokuzama ukuziphathela izindaba zakhe? Isintu siye savunyelwa ukuba sizame lonke uhlobo lukahulumeni olungacatshangwa. UJehova akazange ayivimbele imizamo yomuntu ngokushesha ukuze kubonakale imiphumela egcwele. Ngisho naseminyakeni eyikhulu edlule kwakuyobe kusheshe kakhulu. Ngalesosikhathi umuntu wayesangena nje “esikhathini sezobuchwepheshe” futhi wayesaqala nje ukusho izinto ezinkulu ngalokho ayezokufeza.
22 Kodwa ingabe kudingeka elinye ikhulu leminyaka ukuze kubonakale ukuthi umphumela wenkambo yomuntu yokukhululeka kuNkulunkulu uyoba yini? Ngisho nabantu abavelele kuhulumeni nakwezesayensi bayavuma ukuthi umhlaba ubhekene nengozi enkulu yokubhubha. Ngokuqinisekile uNkulunkulu akudingekile avumele ukubhujiswa okuphelele ukuze abonise ukuhluleka okuphelele kokuzibusa komuntu ngokukhululekile. Njengoba kunobufakazi beminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha efakazela okwenzekayo lapho uhulumeni engamnaki uNkulunkulu, akunakushiwo ukuthi asizange sibe khona isikhathi esanele sokuphelelisa ukubusa komuntu. Amaqiniso abonisa ukuthi akukho hulumeni ongaqondiswa uNkulunkulu ongalethela sonke isintu ukuthula koqobo nokulondeka.
23 Njengoba sizobona kamuva, esikhathini eside ngaphambili nangokunemba okuqondile kwesikhathi, uJehova uNkulunkulu waphawula isizukulwane esithile esasiyombona ehlanza indawo yonke kukho konke ukuhlubuka ekubuseni kwakhe kwaphezulu. Ngeke nje kuphela kubhujiswe abantu ababi kodwa uSathane namademoni akhe bayoboshwa njengokungathi kwalasha, bangakwazi ukuba nethonya ezindabeni zabantu noma zezingelosi. Lokhu kuyovula indlela yokubuswa okulungileyo kwalomhlaba ngohulumeni weNdodana kaNkulunkulu. Phakathi nesikhathi seminyaka eyinkulungwane, lowohulumeni uyolungisa wonke umonakalo oye walethwa ukubusa komuntu kobugovu izinkulungwane zeminyaka. Uyobuyisela lomhlaba ekubukekeni kwepharadesi futhi ubuyisele isintu esilalelayo ekupheleleni okwakujatshulelwa e-Edene.—IsAmbulo 20:1, 2; 21:1-5; 1 Korinte 15:25, 26.
24 IBhayibheli liphawula ukuthi ekupheleni kwalokho kubusa kweminyaka eyinkulungwane uSathane namademoni akhe bayokhululwa isikhashana ekuboshweni kwabo. Ngani? Ukuze bonke labo abayobe bephila ngalesosikhathi babe nethuba lokuzibonakalisa bethembekile ekubuseni kobukhosi bukaJehova. Inani elingenakulinganiswa liyobe libuye ngovuko. Kwabaningi babo leli kuyobe kuyithuba lokuqala lokubonisa uthando lwabo ngoNkulunkulu ngaphansi kokuvivinywa. Impikiswano iyobe ingefanayo nenye yalezo ezaphakanyiswa e-Edene—ukuthi bayobusekela yini ubukhosi bukaJehova ngokulalela ngokwethembeka. UJehova uthanda ukuba izikhonzi zakhe kube kuphela yilabo abashukunyiswa uthando lwabo ekwethembekeni okunjalo. Labo abafisa ukuba ngasohlangothini lwesitha sikaNkulunkulu namademoni aso kunoma imiphi imizamo ayenzayo ekuphazamiseni kabusha ukuthula kwendawo yonke kaNkulunkulu bayokhululeka ukwenza lokho kukhetha. Kodwa ngokudelela kanjalo uhulumeni kaNkulunkulu, bayofanelwa ukubhujiswa. Futhi ngalesikhathi kuyofika ngokushesha, njengokungathi ngomlilo ovela ezulwini. Zonke izihlubuki, ezomoya nezingabantu, ngalesosikhathi ziyobhujiswa zingaphinde zibe khona.—IsAmbulo 20:7-10.
25 Kuyiqiniso, sekuyizinkulungwane zeminyaka isintu sihlupheka kakhulu. Kodwa lokhu kwakungenxa yokukhetha kwabazali bethu bokuqala, hhayi okukaNkulunkulu. UNkulunkulu uye wabekezelela ukuhlanjalazwa futhi wabekezelela izinto ezinyanyekayo kuye kuso sonke lesikhathi. Kodwa uNkulunkulu, lowo ‘iminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa’ kuye, unombono wesikhathi eside ngezinto, futhi lokhu kuphumela enzuzweni yezidalwa zakhe. Njengoba umphostoli ophefumlelwe eloba: “INkosi [uJehova] ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (2 Petru 3:8, 9) Ukuba kwakungeve kungenxa yokubekezela nokubheka-kade kukaNkulunkulu, abekho kithi ababeyoba nethuba lokusinda.
26 Nokho, akumelwe siphethe ngokuthi eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha edlule uNkulunkulu ubemane engenzi lutho nje. Cha, ubengabubekezelele nje kuphela ububi, elindele isikhathi sakhe engenzi lutho yena ngokwakhe. Njengoba sizobona, amaqiniso abonisa okuphambene nalokho.
[Imibuzo Yesifundo]
1. Kungani abantu beye bakuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi phakathi kwesintu?
2. (a) Kukuphi eBhayibhelini lapho sithola khona ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela izimo ezimbi isikhathi eside kangaka? (b) Yini eyenza kube sobala ukuthi umlando weBhayibheli ngoAdamu noEva uyiqiniso elingokomlando?
3. Luhlobo luni lwamalungiselelo uNkulunkulu awenzela isintu ekuqaleni?
4. (a) Ekudalweni kwabo, abantu babehluke ngaziphi izindlela kwezinye izidalwa zasemhlabeni? (b) Kungayiphi indlela ukuqondisa okwakudingeka abakulungiselelwa ngayo?
5. (a) Iyiphi imfuneko elula uNkulunkulu ayibekela abantu bokuqala ababili, futhi ngenxa yasiphi isizathu? (b) Kungani amathemba abo okuphila esikhathi esizayo ayehileleke ngokufanelekile?
6. (a) Abazali bethu bokuqala babeyophila phakade ukuba benza ngokuvumelana naliphi iqiniso eliyisisekelo ngokuqondene nokubusa? (b) Kungani kwakumelwe bazizwe beshukunyiselwa ukuba balalele uNkulunkulu?
7. (a) NgokweBhayibheli, ukumelana nokubusa kukaNkulunkulu kwaqalaphi? (b) Kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi kunendawo yomoya?
8. Izingelosi ziluhlobo luni lwabantu?
9, 10. (a) Kungenzeka kanjani ngesidalwa somoya esiphelele ukuba sizizwe sithambekele ekwenzeni okungalungile? (b) Ngakho-ke, kwenzeka kanjani ngenye yezingelosi ukuba ibe uSathane?
11. Isiphi isizathu esizwakalayo esikhona sokukholelwa ukuthi uSathane ukhona ngempela?
12. USathane wakhuluma kanjani nowesifazane uEva, futhi kungani kwaba ngaleyondlela?
13. Wathini uSathane kuEva, futhi enayiphi inhloso esobala?
14. (a) Kungani uEva aba isisulu sikaSathane? (b) UAdamu yena wenzani?
15. Pho-ke, yini ebangela ubugebengu nobudlova, kanye nezifo nokufa, okuye konakalisa ukuphila komuntu?
16, 17. (a) Ukuze siqonde ukuthi kungani uNkulunkulu eye wabekezelela lesisimo isikhathi eside kangaka, yini okumelwe siyiqaphele? (b) Yini ngempela eyimpikiswano eyaphakanyiswa?
18. (a) Iyiphi enye impikiswano eyayihilelekile, futhi lokhu kuboniswe kuphi eBhayibhelini? (b) Lempikiswano isihilela kanjani thina?
19, 20. Ngokungazibhubhisi ngokushesha izihlubuki, yiliphi ithuba uJehova alinikeza izidalwa zakhe, kokubili ezomoya, nezingabantu?
21, 22. (a) Ngokuqondene nokubusa, uSathane nabantu bebenzani phakathi nesikhathi esivunyelwe uNkulunkulu? (b) Umlando wesintu ubonisani ngokuqondene nohulumeni ozama ukungamnaki uNkulunkulu?
23. Yini ezokwenzeka ngokushesha ezovula indlela yokubuswa okulungileyo komhlaba yiNdodana kaNkulunkulu?
24. (a) Kungani uSathane namademoni akhe beyokhululwa ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane? (b) Uyoba yini umphumela?
25, 26. Ukusingatha kukaJehova izindaba kuye kwaphumela kanjani ekuzuziseni ngamunye wethu?
[Isithombe ekhasini 51]
USathane waphikisa ngokuthi ngaphansi kokuvivinywa bonke abantu babeyophula ubuqotho futhi benze ngokukhululekile ekubusweni uNkulunkulu