‘Ukuhluzeka Kwengqondo’ Njengoba Ukuphela Kusondela
“Ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho-ke, yibani abahluzekile engqondweni.”—1 PETRU 4:7.
1. Yini ehilelekile ekubeni ‘ohluzekile engqondweni’?
LAMAZWI angenhla omphostoli uPetru kufanele ayithonye ngokunamandla indlela amaKristu aphila ngayo ukuphila kwawo. Nokho, uPetru akazange atshele abafundi bencwadi yakhe ukuba bayeke imithwalo yemfanelo nezinto ezivamile ezidinga ukunakekelwa ekuphileni; futhi akazange akhuthaze umbono wokuthuthumela ngenxa yembubhiso eseduze. Kunalokho, wanxusa: “Yibani abahluzekile engqondweni.” Ukuba ‘ohluzekile engqondweni’ kuhilela ukubonisa ukwahlulela okuhle, ukuba nengqondo, ukuqonda, ukuba nengqondo enkulumweni nasezenzweni zethu. Kusho ukuvumela iZwi likaNkulunkulu libuse ukucabanga nezenzo zethu. (Roma 12:2) Njengoba siphila “phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile,” kudingeka ingqondo ehluzekile ukuze sigweme izinkinga nobunzima.—Filipi 2:15.
2. Ukubekezela kukaJehova kuwazuzisa kanjani amaKristu namuhla?
2 ‘Ukuhluzeka kwengqondo’ kusisiza futhi ekubeni sibe nombono osangulukile, nongokoqobo ngathi ngokwethu. (Thithu 2:12; Roma 12:3) Lokhu kubalulekile uma kucatshangelwa amazwi alotshwe kweyesi-2 Petru 3:9: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” Phawula ukuthi uJehova akabekezeleli abangakholwa nje kuphela, kodwa nani “uyanibekezelela”—malungu ebandla lobuKristu. Ngani? Ngoba “akafisi ukuba noma ubani abhujiswe.” Mhlawumbe abanye kusadingeka benze izinguquko nokulungisa ukuze bafanelekele isipho sokuphila okumi phakade. Ngakho-ke ake sihlole izici okungase kudingeke ukulungisa okuthile kuzo.
‘Ukuhluzeka Kwengqondo’ Ebuhlotsheni Bethu Nabanye
3. Yimiphi imibuzo abazali abangazibuza yona ngokuqondene nezingane zabo?
3 Ikhaya kufanele libe yindawo elondekile yokuthula. Kodwa kwabanye ‘liyindlu egcwele ukuxabana.’ (IzAga 17:1) Kuthiwani ngomkhaya wakho? Ingabe ikhaya lakho alinalo ‘ulaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo’? (Efesu 4:31) Kuthiwani ngezingane zakho? Ingabe zizizwa zithandwa futhi zaziswa? (Qhathanisa noLuka 3:22.) Ingabe uyazinika isikhathi sokuzifundisa nokuziqeqesha? Ingabe ‘uyala ngokulunga’ esikhundleni solaka nentukuthelo? (2 Thimothewu 3:16) Njengoba abantwana ‘beyifa elivela kuye,’ uJehova unesithakazelo esijulile endleleni abaphathwa ngayo.—IHubo 127:3.
4. (a) Yini engaba umphumela uma indoda iphatha umkayo ngokhahlo? (b) Amakhosikazi angakuthuthukisa kanjani ukuthula noNkulunkulu nenjabulo emkhayeni wonke?
4 Kuthiwani ngomngane wakho womshado? “Amadoda kufanele abe athanda omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe siqu; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla.” (Efesu 5:28, 29) Indoda exhaphazayo, engumakhonya noma engaboneleli ayifaki nje engozini ukuthula kwekhaya layo kodwa futhi ilimaza ubuhlobo bayo noNkulunkulu. (1 Petru 3:7) Kuthiwani ngabafazi? Nabo ngokufanayo kufanele “bazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini.” (Efesu 5:22) Ukucabanga ngokujabulisa uNkulunkulu kungasiza inkosikazi ukuba ingakunaki ukushiyeka komyeni wayo futhi imthobele ngaphandle kwegqubu. Ngezinye izikhathi, inkosikazi ingase izizwe ibophekile ukuveza umuzwa wayo. IzAga 31:26 zithi ngenkosikazi efanelekayo: “Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.” Ngokuphatha umyeni wakhe ngendlela enomusa nenenhlonipho, ulondoloza ukuthula noNkulunkulu, futhi uthuthukisa injabulo yomkhaya wonke.—IzAga 14:1.
5. Kungani abasha kufanele balandele iseluleko seBhayibheli ngokuqondene nokuphatha abazali babo?
5 Basha, nibaphatha kanjani abazali benu? Ingabe nisebenzisa inkulumo ebhuqayo nengenanhlonipho, ngokuvamile evunyelwa yizwe? Noma ingabe nilalela umyalo weBhayibheli: “Bantwana, lalelani abazali benu ebunyeni neNkosi, ngoba lokhu kulungile: ‘Dumisa uyihlo nonyoko’; okuwumyalo wokuqala onesithembiso: ‘Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni’”?—Efesu 6:1-3.
6. Singakufuna kanjani ukuthula nabakhulekeli esikanye nabo?
6 Sibonisa ‘ukuhluzeka kwengqondo’ futhi lapho ‘sifuna ukuthula’ nesikhulekela kanye nabo ‘futhi sikuphishekela.’ (1 Petru 3:11) Ukungavumelani nokungaqondani kuba khona ngezikhathi ezithile. (Jakobe 3:2) Uma ubutha buvunyelwa ukuba bukhule, ukuthula kwebandla lonke kungaba sengozini. (Galathiya 5:15) Ngakho lungisa izingxabano ngokushesha; zixazulule ngokuthula.—Mathewu 5:23-25; Efesu 4:26; Kolose 3:13, 14.
‘Ukuhluzeka Kwengqondo’ Nemithwalo Yomkhaya
7. (a) UPawulu wakukhuthaza kanjani ukubonisa ‘ukuhluzeka kwengqondo’ ezintweni ezivamile? (b) Yisiphi isimo sengqondo amadoda angamaKristu nawomkawo okufanele babe naso ngemithwalo yasekhaya?
7 Umphostoli uPawulu waluleka amaKristu ukuba ‘aphile ngokuhluzeka kwengqondo.’ (Thithu 2:12) Kuyathakazelisa ukuthi kulomongo uPawulu unxusa abesifazane ukuba “bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa, abasebenzayo ekhaya.” (Thithu 2:4, 5) UPawulu wabhala lokho eminyakeni yawo-61-64 C.E., eminyakeni embalwa ngaphambi kokuphela kwesimiso sezinto sobuJuda. Nokho, izinto ezivamile, njengomsebenzi wasekhaya, zazisabalulekile. Ngakho-ke, kokubili amadoda nawomkawo kufanele balondoloze umbono onempilo noqondile ngemithwalo yabo yasekhaya ukuze “izwi likaNkulunkulu kungakhulunywa ngalo ngokuchapha.” Enye inhloko yomkhaya yaxolisa esivakashini ngokubukeka kwekhaya layo okwakubangela amahloni. Yachaza ukuthi lalingalungisiwe “ngenxa yokuthi iyaphayona.” Kuyatuseka lapho sidela okuthile ngenxa yoMbuso, kodwa kumelwe siqaphele ukuba singadeli inhlalakahle yemikhaya yethu.
8. Izinhloko zemikhaya zingazinakekela kanjani izidingo zemikhaya yazo ngendlela enokulinganisela?
8 IBhayibheli linxusa obaba ukuba bacabangele imikhaya yabo kuqala, lithi ongawondli umkhaya wakhe “uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Izinga lokuphila liyahlukahluka emhlabeni wonke, futhi kuhle ukugcina umbono ongeqisi ngezinto ezibonakalayo. “Unganginiki ubumpofu nengcebo,” kuthandaza umlobi wezAga 30:8. Nokho, abazali akufanele bangazinaki izidingo zezinto ezibonakalayo zezingane zabo. Ngokwesibonelo, bekungaba ukuhlakanipha yini ngomuntu ukuba ancishe umkhaya wakhe ngamabomu izidingo eziyisisekelo zokuphila ukuze aphishekele amalungelo angokwasezulwini? Bekungeke yini lokhu kuzidikibalise izingane zakhe? Ngakolunye uhlangothi, izAga 24:27 zithi: “Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini, wakhe ngasemuva indlu yakho.” Yebo, nakuba ukukhathalela izinto ezibonakalayo kunendawo yako, ‘ukwakha indlu yakho’—ngokomoya nangokomzwelo—kubalulekile.
9. Kungani kuwukuhlakanipha ngezinhloko zemikhaya ukucabangela ukuthi kungenzeka zife noma zigule?
9 Uye wawenza yini amalungiselelo okunakekela umkhaya wakho uma kwenzeka uficwa ukufa kungazelelwe? IzAga 13:22 zithi: “Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa.” Ngaphezu kwefa lolwazi ngoJehova nobuhlobo naye, abazali bangaba nesithakazelo sokulungiselela izingane zabo ngokwezinto ezibonakalayo. Emazweni amaningi izinhloko zemikhaya eziqotho emithwalweni yazo zizama ukulondoloza imali, ukuba nencwadi yefa engokomthetho nomshuwalense. Kakade abantu bakaNkulunkulu abagomekile ‘ekuhlangabezaneni nesikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) Imali ‘iwumthunzi,’ futhi ngokuvamile ukuhlela ngokucophelela kungagwema ubunzima. (UmShumayeli 7:12) Emazweni lapho uhulumeni engakukhokheli ukunakekelwa kokwelashwa, abanye bangase bakhethe ukubekela eceleni izimali zezidingo zempilo noma bahlele uhlobo oluthile lomshuwalense wempilo.a
10. Abazali abangamaKristu ‘bangaziqongelelela’ kanjani izingane zabo?
10 ImiBhalo ithi futhi: “Abantwana akufanele baqongelelele abazali babo, kodwa abazali okufanele baqongelelele abantwana babo.” (2 Korinte 12:14) Ezweni kuvamile ngabazali ukuqongelelela izingane zabo imali yemfundo yesikhathi esizayo nokushada ukuze bazenzele isiqalo esihle ekuphileni. Ingabe uye wakucabangela ukuqongelelela ikusasa elingokomoya lengane yakho? Ngokwesibonelo, ake sithi ingane esikhulile iphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele. Nakuba izinceku zesikhathi esigcwele kungafanele zifune noma zilindele usizo lwabanye ngokwezimali, abazali abanothando bangase bakhethe ‘ukuhlanganyela’ nengane yabo ‘ngokwezidingo zayo’ ukuze bayisize ihlale enkonzweni yesikhathi esigcwele.—Roma 12:13; 1 Samuweli 2:18, 19; Filipi 4:14-18.
11. Ingabe ukuba nombono ongokoqobo ngemali kubonisa ukuntula ukholo? Chaza.
11 Ukuba nombono ongokoqobo ngemali akubonisi ukuntula ukholo ekutheni isimiso esibi sikaSathane siseduze nokuphela. Kumane nje kuyindaba yokubonisa “ukuhlakanipha okusebenzayo,” nokwahlulela okuhluzekile. (Izaga 2:7; 3:21, qhathanisa ne-NW.) UJesu wake wathi “amadodana alesisimiso sezinto ahlakaniphe kakhulu ngendlela esebenzayo . . . kunamadodana okukhanya” ekusebenziseni imali. (Luka 16:8) Khona-ke, akumangalisi ukuthi abanye baye babona isidingo sokwenza ukulungisa endleleni abasebenzisa ngayo izinto abanazo, ukuze bakwazi kangcono ukunakekela izidingo zemikhaya yabo.
‘Ukuhluzeka Kwengqondo’ Embonweni Wethu Ngemfundo
12. UJesu wabafundisa kanjani abafundi bakhe ukuba bazivumelanise nezimo ezintsha?
12 “Isimo salelizwe siyashintsha,” futhi izinguquko ezinkulu kwezomnotho nentuthuko yezobuchwepheshe kwenzeka ngokushesha. (1 Korinte 7:31) Nokho, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bavumelane nezimo. Lapho ebathuma emkhankasweni wabo wokushumayela wokuqala, wabatshela: “Ningatholeli imixhaka yenu eboshelwa ebhandeni igolide noma isiliva noma ithusi, noma nizitholele isikhwama sokudla sohambo, noma izingubo zangaphansi ezimbili, noma izimbadada noma udondolo; ngoba isisebenzi sifanelwe ukudla kwaso.” (Mathewu 10:9, 10) Nokho, kamuva uJesu wathi: “Lowo onomxhaka makawuthathe, ngokufanayo nesikhwama sokudla.” (Luka 22:36) Yini eyayisishintshile? Izimo. Isimo esingokwenkolo sase sinobutha ngokwengeziwe, futhi manje kwase kudingeka bazenzele imiphako.
13. Iyini injongo eyinhloko yemfundo, futhi abazali bangazisekela kanjani izingane zabo kulokhu?
13 Ngokufanayo namuhla, kungase kudingeke ukuba abazali bacabangele izimo zangempela zomnotho zanamuhla. Ngokwesibonelo, ingabe uyaqikelela ukuthi izingane zakho zithola imfundo eyanele? Injongo eyinhloko yemfundo kufanele kube ukuhlomisela omusha ukuba abe yisikhonzi sikaJehova esiphumelelayo. Futhi imfundo ebaluleke kunayo yonke yimfundo engokomoya. (Isaya 54:13) Abazali bayakukhathalela nokuthi izingane zabo ziyakwazi yini ukuzinakekela ngokwezimali. Ngakho nikeza izingane zakho isiqondiso, zisize zikhethe izifundo ezifanele esikoleni, futhi uxoxe nazo ngokuthi kuhlakaniphile yini ukuphishekela imfundo yokwenezela noma cha. Izinqumo ezinjalo ziwumthwalo womkhaya, futhi abanye akufanele bagxeke inkambo ethathiwe. (IzAga 22:6) Kuthiwani ngalabo abaye bakhetha ukufundisela izingane zabo ekhaya?b Nakuba abaningi beye benza umsebenzi otusekayo, abanye baye bathola lomsebenzi unzima kunalokho ababekucabanga, futhi izingane zabo ziye zahlupheka. Ngakho uma ucabangela ukuzifundisela, qiniseka ukuthi uyazibala izindleko, uhlaziye ngombono ongokoqobo ukuthi unalo yini ikhono nokuzithiba okudingekayo ukuze ukufeze.—Luka 14:28.
‘Ungafuni Izinto Ezinkulu’
14, 15. (a) UBaruki walahlekelwa kanjani ukulinganisela okungokomoya? (b) Kungani kwakuwubuwula ngaye ‘ukufuna izinto ezinkulu’?
14 Njengoba ukuphela kwalesi simiso kungakafiki, abanye bangase bathambekele ekufuneni lokho izwe elingabanika khona—imisebenzi ehloniphekile, imisebenzi echumayo nengcebo. Cabanga ngonobhala kaJeremiya, uBaruki. Wabubula: “Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.” (Jeremiya 45:3) UBaruki wayekhathele. Ukukhonza njengonobhala kaJeremiya kwakuwumsebenzi onzima nobangela ukucindezeleka. (Jeremiya 36:14-26) Futhi akukho okwakunikeza ithemba lokuphela kokucindezeleka. Kwakusazophela iminyaka engu-18 ngaphambi kokuba iJerusalema libhujiswe.
15 UJehova watshela uBaruki: “Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke. Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni.” UBaruki wayeselahlekelwe ukulinganisela. Wayeseqale ‘ukuzifunela izinto ezinkulu,’ mhlawumbe ingcebo, ukuvelela, noma ukulondeka ngokwezinto ezibonakalayo. Njengoba uJehova ‘ayesiphula izwe lonke,’ ingabe kwakunengqondo ukufuna izinto ezinjalo? Ngakho-ke uJehova wakhumbuza uBaruki ngendlela esangulukisayo: “Ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, . . . , ngikunike ukuphila kwakho kube-yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.” Izinto ezibonakalayo zazingeke zisinde lapho iJerusalema libhujiswa! UJehova waqinisekisa kuphela ukusindiswa ‘kokuphila kwakhe kube-yimpango.’—Jeremiya 45:4, 5.
16. Yisiphi isifundo abantu bakaJehova namuhla abangasifunda kokuhlangenwe nakho kukaBaruki?
16 UBaruki walalela lapho uJehova emlungisa, futhi ngokuvumelana nesithembiso sikaJehova, uBaruki wasinda. (Jeremiya 43:6, 7) Yeka isifundo esinamandla kubantu bakaJehova namuhla! Lesi akusona isikhathi ‘sokuzifunela izinto ezinkulu.’ Ngani? Ngoba “izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo.”—1 Johane 2:17.
Ukusisebenzisa Kangcono Kakhulu Isikhathi Esisele
17, 18. (a) Wasabela kanjani uJona lapho abaseNineve bephenduka? (b) Yisiphi isifundo uJehova asifundisa uJona?
17 Khona-ke, singasisebenzisa kanjani kangcono kakhulu isikhathi esisele? Funda kokuhlangenwe nakho komprofethi uJona. “Waya eNineve . . . , wamemeza wathi: Kusezakuba-yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.” UJona wamangala lapho abaseNineve besabela esigijimini sakhe futhi bephenduka! UJehova akabange esawubhubhisa lomuzi. Wasabela kanjani uJona? “Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”—Jona 3:3, 4; 4:3.
18 UJehova wabe esemfundisa isifundo esibalulekile uJona. “Walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube-ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe . . . UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.” Nokho, ukuthokoza kukaJona kwaba okwesikhashana ngoba lesi sitshalo soma ngokushesha. UJona ‘wathukuthela’ ngenxa yokusha. UJehova wagcizelela iphuzu laKhe, ethi: “Wena wawuhawukela umhlakuva . . . bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”—Jona 4:6, 7, 9-11.
19. Yikuphi ukucabanga kobugovu esiyofuna ukukugwema?
19 Yeka indlela ukucabanga kukaJona okwakunobugovu ngayo! Wayedabukela isitshalo, kodwa sasingathi díki isihawu sakhe ngabantu baseNineve—abantu, ngomqondo ongokomoya, ‘ababengakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo.’ Ngokufanayo singase silangazelele ukubhujiswa kwalelizwe elibi, futhi kufanele! (2 Thesalonika 1:8) Nokho, njengoba sisalindile, sinomthwalo wokusiza abantu abanhliziyo-ziqotho “abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo,” ngomqondo ongokomoya. (Mathewu 9:36; Roma 10:13-15) Ingabe uyosisebenzisa isikhathi esifushane esisele ukuze usize abaningi ngangokunokwenzeka bazuze ulwazi oluyigugu ngoJehova? Yimuphi nje umsebenzi onganikeza injabulo elingana neyokusiza umuntu azuze ukuphila?
Qhubeka Uphila “Ngokuhluzeka Kwengqondo”
20, 21. (a) Yiziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo ‘ukuhluzeka kwengqondo’ phakathi nezinsuku ezizayo? (b) Yiziphi izibusiso eziyotholakala ngenxa yokuphila “ngokuhluzeka kwengqondo”?
20 Njengoba isimiso sikaSathane siqhubeka siphuphuthekela ekubhujisweni, ngokuqinisekile siyobhekana nezinselele ezintsha. Eyesi-2 Thimothewu 3:13 iyabikezela: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.” Kodwa “ningakhathali futhi niphele amandla emiphefumulweni yenu.” (Heberu 12:3) Ncika kuJehova ukuze uthole amandla. (Filipi 4:13) Funda ukuba okwaziyo ukuguquguquka, ukuvumelana nalezi zimo eziya ziwohloka, kunokuba ugxile kokudlule. (UmShumayeli 7:10) Sebenzisa ukuhlakanipha okusebenzayo, uhambisane nesiqondiso “isigqila esikholekile nesiqondayo” esisinikezayo.—Mathewu 24:45-47.
21 Ukuthi singakanani isikhathi esisele asazi. Nokho, singasho ngokuqiniseka ukuthi “ukuphela kwezinto zonke sekusondele.” Kuze kube yilapho kufika lokho kuphela, masiphile “ngokuhluzeka kwengqondo” ekusebenzelaneni kwethu nabanye, endleleni esinakekela ngayo imikhaya yethu, nasemithwalweni yethu evamile. Ngokwenza kanjalo, sonke singaqiniseka ukuthi ekugcineni siyotholakala ‘singenabala, singenasici futhi sisekuthuleni’!—2 Petru 3:14.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwesibonelo, e-United States, abaningi banomshuwalense wempilo, nakuba uthanda ukumba eqolo. Eminye imikhaya yoFakazi iye yathola ukuthi odokotela abathile bayazimisela ukucabangela izindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi lapho imikhaya inomshuwalense wokwelashwa. Odokotela abaningi bayalamukela inani lemali elivunyelwe ngaphansi komshuwalense wohlobo olulinganiselwe noma umshuwalense wempilo onikezwa nguhulumeni.
b Ukuthi umuntu uphishekela ukuzifundisela yini kuyisinqumo somuntu siqu. Bheka isihloko esithi “Isikole Sasekhaya—Ingabe Sikufanele?,” esikuyi-Phaphama! ka-April 8, 1993.
Amaphuzu Okubukezwa
◻ Singakubonisa kanjani ‘ukuhluzeka kwengqondo’ ebuhlotsheni bethu nabanye?
◻ Singakubonisa kanjani ukulinganisela ekunakekeleni imithwalo yethu yomkhaya?
◻ Kungani abazali kumelwe babe nesithakazelo emfundweni yezwe yezingane zabo?
◻ Yiziphi izifundo esizifunda kuBaruki nakuJona?
[Isithombe ekhasini 18]
Lapho indoda nomkayo bephathana kabi, balimaza ubuhlobo babo noJehova
[Isithombe ekhasini 20]
Abazali kufanele babe nesithakazelo emfundweni yezingane zabo