Ukulungisiswa “Kukho Ukuphila”
“Ngasenzo sinye sokulunga kwaba-khona ukulungisiswa kukho ukuphila.”—ROMA 5:18.
1. Obani abalambele bomele ukulunga, futhi isifiso sabo siyogcwaliswa kanjani?
“BABUSISIWE abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.” (Mathewu 5:6) Okunjalo ukomela ukulunga akunakwaneliswa ngokugcwele kulabo kuphela ‘umbuso wezulu ongowabo’ kodwa futhi nangalabo ‘abayokudla ifa lomhlaba.’ (Mathewu 5:10; IHubo 37:29) Zombili lezigaba zihlanganyela ithemba elashiwo umphostoli uPetru lapho ebhala: “Siyalindela ngesithembiso sakhe [sikaNkulunkulu] amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” (2 Petru 3:13) Yebo, uJehova uNkulunkulu uye wathembisa uhulumeni wasezulwini omusha wokulunga, “umbuso wezulu” “nomhlaba omusha” wokulunga, noma umphakathi wesintu emhlabeni oyipharadesi.
2. Ibuphi ubuhlobo obukhona phakathi kukaJehova, ukulunga, nethemba lethu loHlelo Olusha lokuthula?
2 Kodwa yini okumelwe iqondwe ngokuthe ngqó ngamazulu amasha okulunga nomhlaba omusha wokulunga? Kusho ukuthi kokubili uhulumeni wasezulwini omusha nesintu esibuswa yiwo emhlabeni kumelwe kuqaphele indinganiso kaNkulunkulu yokulungile nokungalungile. UJehova ‘uyikhaya lokulunga.’ (Jeremiya 50:7) Ukulunga kuyiso kanye isisekelo sobukhosi bakhe, noma isikhundla sesihlalo sobukhosi endaweni yonke. (Jobe 37:23, 24; IHubo 89:14) Ukuze kube nokuthula endaweni yonke, izidalwa zikaJehova kumelwe ziqaphele ilungelo lakhe lokubeka izindinganiso zokulungile nokubi. Ngokuphambene, ithemba lethu loHlelo Olusha lokulunga lixhomeke ekubambeleleni kukaJehova ezindinganisweni zakhe.—IHubo 145:17.
3. Ngokucabangela ukulunga okuphelele kukaJehova, imuphi umbuzo ofika engqondweni?
3 Kanjalo umbuzo uyaphakama ngokuthi uNkulunkulu uJehova ongcwele nolungile angasebenzelana kanjani nezoni ezingalungile. (Qhathanisa noIsaya 59:2; Habakuki 1:13.) Angakhetha kanjani phakathi kwezoni, labo abayoba nengxenye ‘emazulwini amasha’ anguhulumeni wokulunga futhi amukele njengabangane bakhe labo abayoba yingxenye ‘yomhlaba omusha’ wokulunga nakuba ehlala ethembekile endinganisweni yakhe yokulunga ephakanyisiwe? Ukuze siphendule lokhu, kumelwe siqonde imfundiso engokweBhayibheli yokuhlangulwa, noma ukulungisiswa.
Ilungiselelo Lomusa Lenhlawulo
4. Kungani isintu esinesono sisesikweletini esikhulu kuNkulunkulu, futhi kungani singenakuzikhulula kulesisikweleti?
4 EmiBhalweni, izono zifaniswa namacala [izikweleti]. (Bheka uMathewu 6:12, 14; 18:21-35; Luka 11:4.) Ngakho-ke, bonke abantu bayizoni futhi banezikweleti ezinkulu phambi kukaNkulunkulu. “Inkokhelo yesono ingukufa.” (Roma 6:23) Njengoba ukhokho wayo uAdamu ‘ayithengisa phansi kwesono,’ inzalo yakhe ibingenakwenza lutho ukuzikhulula kulesikweleti esicindezelayo. (Roma 7:14) Ukufa kwalowo okweletayo kuphela obekungasisusa, “ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.” (Roma 6:7) Ayikho imisebenzi emihle eyenziwe phakathi nesikhathi sokuphila kwesoni ebingahlawula lokho uAdamu akulahla, noma inikeze ukuma okulungile phambi kukaNkulunkulu.—IHubo 49:7, 9; Roma 3:20.
5. UJehova wakulungiselela kanjani ukukhululeka kwesintu esinesono kodwa esabambelele ekwahluleleni kwakhe ngokulunga okuphelele?
5 UJehova angakulungiselela kanjani ukukhululeka ngesintu esinesono ngaphandle kokuhlehla ezindinganisweni zakhe zokulunga? Impendulo iqokomisa ukuhlakanipha kukaJehova nomusa wakhe ongasifanele. Umphostoli uPawulu ukuchaza kahle lokhu encwadini yakhe eya kwabaseRoma. Uyabhala: “Balungisisiwe [abayizoni] ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, ammisileyo uNkulunkulu abe-yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe-ngolungileyo abe-ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.”—Roma 3:24-26.
6. (a) Umhlatshelo kaKristu wazanelisa kanjani izindinganiso zikaJehova zokwahlulela ngokulunga, futhi kanjalo yini uJehova azimisele ukuyenza? (b) UNkulunkulu angakubalela kanjani ukulunga esikweletini somuntu onokholo?
6 Ngomusa wakhe ongafanelekanga, uJehova wamukela umhlatshelo kaJesu ngenxa yenzalo ka-Adamu. (1 Petru 2:24) Kwakungomhlatshelo olinganayo, noma ohambisanayo, ngoba njengomuntu ophelele, uJesu wabuyisa lokho umuntu ophelele uAdamu akulahla. (Bheka uEksodusi 21:23; 1 Thimothewu 2:6.) Njengoba ukwahlulela ngokulunga sekwenziwe, uJehova ngothando uzimisele ‘ukwesula,’ noma ‘ukuhlangula,’ izono ezikweletwa ‘umuntu onokholo kuJesu.’ (Isaya 44:22; IzEnzo 3:19) Uma lowomuntu ehlala ethembekile, uJehova akayeki nje kuphela ‘ukumbalela iziphambeko zakhe’ kodwa empeleni ubalela ukulunga esikweletini sakhe. (2 Korinte 5:19) Ngalelolungiselelo lomusa lenhlawulo, ‘abaningi baye benziwa abalungileyo.’ (Roma 5:19) Lesi esinye isici sokuhlangulwa, isenzo sikaNkulunkulu esenza umuntu abalwe njengongenacala. (IzEnzo 13:38, 39) Obani abaye bahlangulwa, noma balungisiswa, phakathi nalesimiso sezinto?
“Abangcwele” Abayizi-144 000
7. Kungayiphi indlela uKristu alungisiswa ngayo, futhi ngalokho yini eyaba nokwenzeka?
7 Ngokwemvelo, uKristu ngokwakhe wayengadingi inhlawulo yokulunga, njengoba ngokoqobo wayelungile. (1 Petru 3:18) Esezibonakalise ethembekile kwaze kwaba sekufeni njengomuntu ophelele (“uAdamu wokugcina”) futhi esenikele ngelungelo lakhe lokuphila emhlabeni, uJesu wavuswa uYise, uJehova. UJesu “walungisiswa emoyeni,” okungukuthi waqashelwa ngokuyisisekelo njengolungile ngobuhle bakhe siqu futhi wavuswa ‘njengomoya ophilisayo.’ (1 Korinte 15:45; 1 Thimothewu 3:16) Ngokufa kwakhe komhlatshelo, wanikeza isisekelo uJehova ayeyohlawulela ngaso ukulunga emadodeni nakwabesifazane bokholo.—Roma 10:4.
8, 9. (a) Obani abokuqala abayozuza ngenhlawulo yokulunga, futhi ngani? (b) Obani abakha “amazulu amasha,” futhi bayobusa phezu kwani?
8 Ngokunengqondo, labo uJehova abakhethayo ukuba bakhe “amazulu amasha” okulunga, noma uhulumeni woMbuso ngaphansi kweNkosi uJesu Kristu, bangabokuqala abayozuza ngokugcwele kulelilungiselelo lomusa kulesimiso sezinto. Incwadi kaDaniyeli ichaza isenzakalo emazulwini leso uKristu, iNdodana yomuntu, athola ngaso “ukubusa, nobukhosi, nombuso,” ukuze “bonke abantu, nezizwe, nezilimi [emhlabeni] bayikhonze.” Khona-ke uDaniyeli ubonisa ukuthi “umbuso nokubusa” kunikezwa futhi “abangcwele boPhezukonke,” uJehova.—Daniyeli 7:13, 14, 18, 27; qhathanisa nesAmbulo 5:8-10.
9 Isibalo salabo “abangcwele” abakhethelwa ukubusa neWundlu uJesu Kristu eNtabeni yasezulwini iSiyoni sembulwa njengesiyizi-144 000, ‘abathengwa ebantwini.’ (IsAmbulo 14:15) Laba, kanye noKristu, bakha “amazulu amasha” okulunga esimiso sezinto esisha sikaJehova.
Babalwa Njengabalungile—Kanjani Futhi Ngani?
10. (a) Iyiphi incwadi yeBhayibheli ekuchaza kahle kakhulu ukuhlangulwa, futhi yayibhalelwa bani? (b) Obani abahileleke ngokuyinhloko emfundisweni yeBhayibheli yokuhlangulwa?
10 Incwadi yeBhayibheli ngokungangabazeki echaza kahle kakhulu ngokulungisisa kukaNkulunkulu abantu incwadi kaPawulu eya kwabaseRoma. Ngokuthakazelisayo, lencwadi wayibhalela labo “ababiziweyo, abangcwele.” (Roma 1:1, 7) Lokhu kuyisizathu sokuthi kungani imfundiso “yokuhlangulwa,” noma ukulungisiswa, njengoba yachazwa uPawulu, isetshenziswa ngokuphathelene nabayizi-144 000 “abangcwele.”
11. Ibuphi ubuhlobo obukhona phakathi kokholo, imisebenzi, nokuhlangulwa?
11 Umongo wephuzu likaPawulu kwabaseRoma uwukuthi akukho-mJuda noma oweZizwe ongathola ukuma okulungile phambi kukaNkulunkulu ngemisebenzi, kungakhathaliseki ukuthi yenziwa ukuze kugcwaliswe uMthetho kaMose noma ngenxa nje yokungayihloniphi imithetho engokwemvelo yokuziphatha. (Roma 2:14, 15; 3:9, 10, 19, 20) UmJuda ngokufanayo noweZizwe bangalungisiswa kuphela ngesisekelo sokholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu. (Roma 3:22-24, 29, 30) Nokho, iseluleko esisezahlukweni zokugcina zabaseRoma (12–15) zibonisa ukuthi ukholo olunjalo kumelwe lusekelwe ngemisebenzi yokwesaba uNkulunkulu, njengoba noJakobe echaza. (Jakobe 2:14-17) Imisebenzi enjalo imane ibonisa ukuthi umKristu ohlanguliwe unokholo oludingekile ukuze ahlangulwe nguNkulunkulu.
12, 13. (a) Kungani “abangcwele” abayizi-144 000 bedinga ukulungisiswa? (b) Yini abayenzayo ngamalungelo okuphila abawatholayo?
12 Nalapha, siyini isizathu sangempela sokuba amaKristu ‘abizwa ngokuthi abangcwele’ adinge ukulungisiswa? Kulapha lapho isici sesibili sokuhlangulwa singena khona, okungukuthi, ukubala kukaNkulunkulu umuntu njengokufanelekele ukuphila njengendodana yaKhe ephelele. Ngenxa yendima ababizelwa ukuba bayifeze ‘emazulwini amasha’ okulunga, abayizi-144 000 kumelwe benqabe futhi badele phakade noma iliphi ithemba lokuphila phakade emhlabeni. (IHubo 37:29; 115:16) Ngalomqondo bafa ukufa okungumhlatshelo. ‘Bazinikela ekufeni okunjengokukaKristu.’—Filipi 3:8-11.
13 Manje, ngokuvumelana nesimiso esibekwe eMthethweni kaMose, noma imuphi umhlatshelo oyiswa kuJehova kumelwe ungabi nasici. (Levitikusi 22:21; Duteronomi 15:21) “Abangcwele” abayizi-144 000 kukhulunywa ngabo ‘njengabalungileyo abaphelelisiweyo.’—Heberu 12:23.
Bamukelwa Njengamadodana Angokomoya
14, 15. (a) Iluphi ushintsho olwenziwa abayizi-144 000 ngokuqondene nesono? (b) Kungayiphi indlela bevuselwa “ekuphileni okusha”?
14 Besaphila ngokwenyama, laba “abalungileyo” bafa ukufa okungokomfanekiso. Umphostoli uPawulu uyachaza: “Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na? Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha . . . sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono. Ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.”—Roma 6:2-7.
15 Phakathi nokuphila kwabo kobuntu, “abangcwele” abayizi-144 000, okusele kubo insali encane kuphela emhlabeni kulesikhathi sokuphela, ‘bayafa maqondana nesono.’ Ngemva kokufa kwabo okungokomfanekiso, labo “ababiziweyo, abangcwele” bavuselwa “ekuphileni okusha.” Esebalungisisile, uJehova uzimisela ukubazala ngomoya wakhe ukuba babe “abantwana” bakhe abangokomoya. ‘Bazalwa ngokusha’ futhi bamukelwe ‘njengamadodana kaNkulunkulu.’ (Johane 3:3; Roma 8:9-16)a Baba amaIsrayeli angokomoya futhi bangeniswa esivumelwaneni esisha.—Jeremiya 31:31-34; Luka 22:20; Roma 9:6.
Izindlalifa Zobupristi Nobukhosi
16. “Abangcwele” abayizi-144 000 baba yizindlalifa zani?
16 ‘Njengamadodana’ kaNkulunkulu angokomoya akhethiwe, “abangcwele” abayizi-144 000 nabo baba ‘izindlalifa.’ (Galathiya 4:5-7) UPawulu wabhalela amaKristu azelwe ngomoya ayekanye nawo: “Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.” (Roma 8:17) Liyini ifa likaKristu? UJehova uye wamenza umPristi oyiNkosi “kuze kube-phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.” (Heberu 6:19, 20; 7:1) ‘Njengezindlalifa’ kanye noKristu, amaKristu azelwe ngomoya nawo agcotshwa uJehova njengabapristi abangokomoya. (2 Korinte 1:21; 1 Petru 2:9) Ngokungaphezulu, enye yezinjongo eziyisisekelo zokulungisiswa kwabo uJehova ukuba kamuva ‘babuse ekuphileni ngamuntu munye, uJesu Kristu.’—Roma 5:17.
17. (a) Nakuba elungisiswa, yini amaKristu agcotshiwe okudingeka ayenze nsuku zonke? (b) Awuthola kanjani umvuzo wawo?
17 Esesemhlabeni, lamaKristu agcotshiwe, nakuba elungisiswa, kusamelwe alwe nokuthambekela kwawo esonweni. (Roma 7:15-20) Adinga igazi likaKristu ukuba liwahlanze ezonweni zawo zansuku zonke zokungapheleli. (1 Johane 1:7; 2:1, 2) Uma behlala bethembekile kuze kube sekupheleni kokuphila kwabo kwasemhlabeni, bafa ngokoqobo futhi bavuselwe ‘ukuthola ifa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo’ njengengxenye ‘yamazulu amasha’ okulunga.—1 Petru 1:3, 4; 2 Petru 3:13.
‘Ukulindela Ukwambulwa Kwabantwana BakaNkulunkulu’
18, 19. (a) ‘Indalo’ engabantu ilindeleni? (b) “Abantwana bakaNkulunkulu” ‘bayokwambulwa’ kanjani, futhi kungani ‘indalo’ engabantu iphila ngokulangazelela lokhu?
18 Ingabe konke lokhu kubathinta kanjani labo—abaningi kakhulu ‘kunamadodana kaNkulunkulu’ angokomoya ayizi-144 000—abalambele futhi bomele ukulunga kodwa abathemba labo liwukudla ifa lomhlaba? Ngalaba, umphostoli uPawulu uyabhala: “Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze . . . ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:19-21.
19 Leyo‘ndalo’ engabantu abanethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi iphila “ngokulangazela” isikhathi—manje esesiseduze—lapho iNkosi uJesu Kristu ‘nabantwana bakaNkulunkulu’ abavusiwe ‘beyokwambulwa’ ekubhubhiseni lesimiso esibi sezinto futhi ngemva kwalokho babuse njengamakhosi nabapristi “iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:4, 6) Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, ‘indalo engabantu iyokhululwa ebugqilini bokubhubha.’
20. Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
20 Esihlokweni esilandelayo kuzocatshangelwa ukuthi abantu abaphila ‘emhlabeni omusha’ wokulunga bayokufinyelela kanjani ekugcineni “ukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu,” nokuthi imfundiso engokweBhayibheli yokulungisiswa ibathinta kanjani ngisho kwamanje.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ‘ngokuzalwa ngokusha,’ siza ubheke INqabayokulinda ka-April 1, 1982, amakhasi 18-30.
Ngokuqondene nokulungisisa kukaNkulunkulu abantu—
◻ Lichazani iBhayibheli ngamazulu amasha okulunga nomhlaba omusha wokulunga?
◻ Kungani isintu sidinga ukwenziwa sibe ngesilungile kuJehova?
◻ Zaneliswa kanjani izindinganiso zokulunga zikaJehova?
◻ Kungani abayizi-144 000 bengabokuqala ukuba balungisiswe, futhi benzani ngamalungelo okuphila abawatholayo?
◻ Abayizi-144 000 baba yizindlalifa zani noKristu?
[Ibhokisi ekhasini 11]
Kunezici ezimbili zokuhlangulwa, noma zokulungisiswa:
(1) Ukubala kukaNkulunkulu lowomuntu njengongenacala
(2) Ukubala kukaNkulunkulu lowomuntu njengophelele nokufanelekele ukuphila phakade emhlabeni
AmaKristu agcotshiwe ayizi-144 000 alungisiswa kuzo zombili lezici. Anikela ngamalungelo awo okuphila kobuntu futhi azalwa ‘njengabantwana’ abangokomoya ababizelwa ukuba amakhosi nabapristi noKristu ‘emazulwini amasha’