Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 60 k. 144-k. 145 isig. 7
  • Ukuguqulwa Isimo—Ukubona UKristu Esenkazimulweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuguqulwa Isimo—Ukubona UKristu Esenkazimulweni
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuboniswa Kusengaphambili Kwenkazimulo KaKristu YoMbuso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukubonakaliswa Kusengaphambili Kwenkazimulo YoMbuso KaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indlela Ukuguqulwa Isimo KukaKristu Okukuthinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Lapho UJesu Eza Enkazimulweni YoMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 60 k. 144-k. 145 isig. 7
UJesu uguqulwa isimo phambi kukaPetru, uJakobe, noJohane; kubonakala abantu okuthiwa uMose no-Eliya

ISAHLUKO 60

Ukuguqulwa Isimo—ukubona UKristu Esenkazimulweni

MATHEWU 16:28–17:13 MARKU 9:1-13 LUKA 9:27-36

  • UMBONO WOKUGUQULWA ISIMO

  • ABAPHOSTOLI BEZWA IZWI LIKANKULUNKULU

Ngesikhathi uJesu efundisa abantu esifundeni saseKhesariya Filiphi, esiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-25 ukusuka eNtabeni iHermoni, wenza isaziso esimangalisayo kubaphostoli bakhe, uthi: “Ngiqinisile ngithi kini kukhona abanye kulaba abami lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa bengakayiboni iNdodana yomuntu iza eMbusweni wayo.”—Mathewu 16:28.

Kumelwe ukuba abafundi bayazibuza ukuthi uJesu usho ukuthini. Esikhathini esingaba yisonto kamuva, uthatha abaphostoli abathathu—uPetru, uJakobe noJohane—aye nabo entabeni ephakeme. Kungenzeka sekusebusuku ngoba la madoda amathathu ayozela. Njengoba uJesu ethandaza, isimo sakhe siyaguqulwa phambi kwabo. Abaphostoli babona ubuso bakhe bukhanya njengelanga, babone nezingubo zakhe zikhazimula njengokukhanya, zimhlophe zicwebezela.

Kube sekuvela abantu ababili, okuthiwa ‘uMose no-Eliya.’ Baqala ukukhuluma noJesu “ngokuhamba kwakhe okwase kuzokwenzeka eJerusalema.” (Luka 9:30, 31) Ukuhamba kwakhe ngokusobala kubhekisela ekufeni kukaJesu nokuvuswa kwakhe okuzolandela, asanda kukhuluma ngakho. (Mathewu 16:21) Le ngxoxo ifakazela ukuthi ngokuphambene nalokho okwashiwo uPetru, ukufa kukaJesu okuhlazisayo akunakugwenywa.

Manje njengoba sebephapheme ngokuphelele, abaphostoli abathathu bayabukela futhi balalele bemangele. Lona umbono, kodwa ubonakala ungokoqobo kangangokuba uPetru uqala ukuhlanganyela kuwo, athi: “Rabi, kuhle ukuba lapha. Ngenxa yalokho masimise amatende amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” (Marku 9:5) Ingabe uPetru ufuna kumiswe amatende ukuze lo mbono uqhubeke isikhathi esithile?

Lapho uPetru esakhuluma, bambozwa yifu elikhanyayo bese kuzwakala izwi kulelo fu lithi: “Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. Yilaleleni.” Lapho bezwa izwi likaNkulunkulu, abaphostoli abethukile bawa phansi ngobuso, kodwa uJesu uyabakhuthaza athi: “Sukumani. Ningesabi.” (Mathewu 17:5-7) Lapho besukuma, laba baphostoli abathathu abasaboni muntu ngaphandle kukaJesu. Umbono usuphelile. Lapho sekusile njengoba behla entabeni, uJesu uyabayala: “Ningatsheli muntu ngalo mbono ize ivuswe iNdodana yomuntu kwabafile.”—Mathewu 17:9.

Ukubonakala kuka-Eliya embonweni kuphakamisa umbuzo. Abaphostoli bayabuza: “Kungani ababhali bethi kumelwe kufike u-Eliya kuqala?” UJesu uyabaphendula: “U-Eliya usefikile kakade kodwa abamazanga.” (Mathewu 17:10-12) UJesu ukhuluma ngoJohane uMbhapathizi, owafeza indima efana neka-Eliya. U-Eliya walungisela u-Elisha indlela, noJohane walungisela uKristu indlela.

Lo mbono umqinisa ngempela uJesu nabaphostoli bakhe! Ubonisa ukuthi iyoba njani inkazimulo yoMbuso kaKristu. Ngale ndlela abafundi bayibona “iNdodana yomuntu iza eMbusweni wayo,” njengoba nje uJesu ayethembisile. (Mathewu 16:28) Lapho besentabeni, ‘bazibonela mathupha ubukhazikhazi bakhe.’ Nakuba abaFarisi babefuna isibonakaliso esifakazela ukuthi uJesu wayezoba yiNkosi ekhethwe uNkulunkulu, akazange abanikeze. Kodwa abalandeli bakaJesu ababesondelene naye bavunyelwa ukubona ukuguqulwa kukaJesu isimo, okuqinisekisa ukugcwaliseka kweziprofetho zoMbuso. Ngakho uPetru wayengabhala kamuva: “Sinezwi lesiprofetho eliqinisekiswe ngokwengeziwe.”—2 Petru 1:16-19.

  • Ngaphambi kokuba bafe, abanye bambona kanjani uJesu eza eMbusweni wakhe?

  • Embonweni, uMose no-Eliya bakhuluma ngani noJesu?

  • Kungani umbono wokuguqulwa isimo ubaqinisa abalandeli bakaKristu?

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela