Qhubekani Nihamba Ekukhanyeni Kwaphezulu
Phakathi nokufundwa kwalesihloko nezimbili ezilandelayo ebandleni, umqhubi kumelwe afunde izingxenye ezicashuniwe ezikweyokuQala kaJohane njengoba isikhathi sivuma
“UNkulunkulu ungukukhanya.”—1 JOHANE 1:5.
1, 2. Incwadi yokuQala kaJohane yabhalwa ngasiphi isikhathi futhi kuyiphi indawo, futhi isebenza kobani?
OFAKAZI BAKAJEHOVA bayabonga ngokukhanya kwaphezulu futhi bahlose ukuqhubeka behamba kukho. Nokho, ukwenza kanjalo akulula, ngoba ngisho nabafundi bakuqala bakaJesu Kristu babhekana nokuhlubuka. Kodwa abaphostoli abathembekile bakaJesu bakuvimbela ukusakazeka kwakho futhi umphostoli uJohane ‘wasebenza njengomvimbeli.’ (2 Thesalonika 2:1-12, NW) Njengendoda eyayisiguge kakhulu eyayihlala e-Efesu noma eduze kwakhona cishe ngo-98 C.E., wabhala incwadi yakhe yokuqala eyayiphefumlelwe uNkulunkulu. Iseluleko sakhe sasiza amaKristu ekhulu lokuqala ukuba aqhubeke ehamba ekukhanyeni kwaphezulu. Kuthiwani ngathi?
2 Amazwi kaJohane asiza ngokufanayo kumaKristu ekhulu lama-20 leminyaka. Ngakho lapho uzifundela wedwa lesihloko kanye nezimbili ezisilandelayo, qiniseka ukuba ufunde zonke izingxenye ezicashuniwe zencwadi yakhe yokuqala ephefumlelwe njengoba zikhulunyelwa. Encwadini kamphostoli nasekuyikhulumeleni kwethu, isabizwana esinjengokuthi “thina” ngokuyinhloko sibhekisela kubalandeli bakaJesu abagcotshiwe. Kodwa izimiso eziyisisekelo ezibhekisela ekulungeni, uthando, ukholo, nokufanayo, ziyasebenza futhi kumaKristu anamathemba asemhlabeni.
Inhlanganyelo Eletha Injabulo
3. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi iNdodana kaNkulunkulu yake yaphila, yahlupheka, futhi yafa njengomuntu, futhi kungani ibizwa ngokuthi ‘iyizwi lokuphila’?
3 Okokuqala uJohane ukhuluma ‘ngenhlanganyelo’ ejabulisayo. (Funda eyoku-1 Johane 1:1-4.) UJesu, ‘izwi lokuphila,’ wayenoJehova “kwasekuqaleni” njengendalo yokuqala kaNkulunkulu, ‘okwadalelwa kuye konke.’ (Kolose 1:15, 16) Izihlubuki ezithile zekhulu lokuqala zathi zazingenasono futhi zenqaba isikhundla sikaJesu esifanele elungiselelweni laphezulu. Kodwa abaphostoli bakaJesu bamuzwa lapho ekhuluma, bambhekisisa, futhi bamthinta. Babazi ukuthi amandla kaNkulunkulu ayesebenza ngaye. Ngakho kwakunobufakazi bokuzibonela bokuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu eyake yaphila, yahlupheka, futhi yafa njengomuntu. ‘Uyizwi lokuphila’ ngoba “lokhu-kuphila [okuphakade] kwabonakaliswa” ngoJesu, uNkulunkulu aye walungiselela ngaye isihlengo.—Roma 6:23; 2 Thimothewu 1:9, 10.
4. Yini eshiwo ‘inhlanganyelo’ abagcotshiweyo abanayo?
4 Ngokwalokho abaphostoli abakusho nabakubhala, ‘baba nobufakazi’ ngomuntu ongenasono uJesu Kristu. UJohane ‘washumayela’ izindaba ezinjalo ukuze labo abagcotshiwe babe ‘nenhlanganyelo’ noma ubudlelwano, nezinye izindlalifa zoMbuso, noBaba, neNdodana yaKhe. ‘Lenhlanganyelo’ ibonisa ubunye futhi ibangela injabulo enkulu. (IHubo 133:1-3; Johane 17:20, 21) Izihlubuki ezizonda abangane bazo bokuqala abasenkonzweni kaJehova azisenabo ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu noKristu.
“UNkulunkulu Ungukukhanya”
5. Yiliphi “izwi” abaphostoli abalithola kuJesu, futhi likuthinta kanjani ukuziphatha koFakazi BakaJehova?
5 Okulandelayo ‘kuyizwi’ abaphostoli abalithola kuJesu. (Funda eyoku-1 Johane 1:5-7.) Yileli: “UNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye [akukho ukungalungi, ukuziphatha okubi, amanga, noma ububi].” Ngakho-ke oFakazi BakaJehova bagwema zonke izenzo eziwukona ezihlobene nobumnyama. (Jobe 24:14-16; Johane 3:19-21; Roma 13:11-14; 2 Korinte 6:14; 1 Thesalonika 5:6-9) Izihlubuki ezithile zazisebumnyameni obungokomoya, njengoba zazingakholelwa ukuthi kunemisebenzi yesono. Zazithi zinolwazi oluyimfihlo, kodwa uNkulunkulu ungukukhanya, akayona imfihlakalo yobumnyama. Unikeza ukukhanya okungokomoya kofakazi bakhe abathembekile kuphela.—Mathewu 5:14-16; 1 Petru 2:9.
6. Uma ‘senza iqiniso,’ yisiphi isibusiso esingesethu?
6 Uma sithi “sinenhlanganyelo” noNkulunkulu kodwa “sibe sisahamba ebumnyameni,” siphila ukuphila kwesono, “sinamanga, asenzi iqiniso,” noma asiphili ngokuvumelana nalo. Kodwa uma siphishekela inkambo evumelana neqiniso, sisekukhanyeni, ngisho nanjengoba uNkulunkulu enjalo. “Sinenhlanganyelo” namaKristu esikanye nawo, wonke ahlanganiswe ngemfundiso, umbono ongokomoya, umsebenzi wokwenza abafundi, nangezinye izici zokukhulekela okuhlanzekile.
7. Kungani igazi likaJesu ‘lingasihlambulula ezonweni zethu’?
7 Ngokungafani nezihlubuki ezithile zakuqala, thina ‘esihamba ekukhanyeni’ siyavuma ukuthi isono singcolile. Igazi likaKristu “liyasihlambulula ezonweni zonke” ngoba asizona izoni zangabomu. (Mathewu 12:31, 32) Siyabonga, ngempela, ngokuthi uNkulunkulu ubonisa umusa ngisho nakumaKristu enza amaphutha kodwa aphendukayo.—IHubo 103:8-14; Mika 7:18, 19.
Isisekelo Sesihlengo
8, 9. (a) Kungasiphi isisekelo uJehova ayosithethelela ngaso? (b) Ngokuqondene nesono, yini izihlubuki ezithile ezaziyisho, futhi kungani zazinephutha?
8 Ngokulandelayo uJohane ucaphuna isisekelo sokuzihlambulula esonweni. (Funda eyoku-1 Johane 1:8–2:2.) Uma sithi, “Asinasono,” siphika iqiniso lokuthi sonke isintu esingaphelele sinesono, futhi “neqiniso alikho kithi.” (Roma 5:12) Kodwa uNkulunkulu “uthembekile” futhi uyasithethelela “uma sizivuma izono zethu” kuye sinombono wokuphenduka osishukumisela ukuba sishiye izenzo ezimbi. (IzAga 28:13) UNkulunkulu wathi ngalabo abasesivumelwaneni esisha: “Nesono sabo angisayikusikhumbula.” (Jeremiya 31:31-34; Heberu 8:7-12) Uthembekile esithembisweni sokubathethelela.
9 Ngokungaphezulu, uNkulunkulu “ulungile,” unamathela njalo ezindinganisweni zakhe zokulunga. Uye wahlawulela ukulunga ngesihlengo futhi ‘angasithethelela izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi’ uma sivuma izono zethu ngokholo emhlatshelweni kaJesu. (Heberu 9:11-15) UMesiya wasusa izono ngokufa kwakhe, njengoba nje nempongo eyayithwele izono yayithunyelwa ehlane ngoSuku Lokubuyisana. (Levitikusi 16:20-22; Isaya 53:5, 8, 11, 12; 1 Petru 2:24) Izihlubuki ezithile zathi, “Asonanga,” kanjalo ‘zenza uJehova umqambimanga.’ Kodwa ‘uNkulunkulu angeqambe amanga,’ futhi iZwi lakhe libonisa ukuthi sonke isintu esingaphelele sinesono. (Thithu 1:2; UmShumayeli 7:20; Roma 3:23) Phela, uma sithi “asonanga” kuyosho ukuthi izwi likaNkulunkulu alikho “kithi,” alikho ezinhliziyweni zethu!—Qhathanisa namaHeberu 8:10.
10. UJesu “uyinhlawulo” ngayiphi indlela?
10 UJohane ubhala “lokhu” ngokuphathelene nesono, ukuthethelelwa, nokuhlanjululwa ukuze singasenzi isono. Amazwi akhe kumelwe asishukumisele ukuba silwe ngamandla ukuba singoni. (1 Korinte 15:34) Kodwa uma ‘sona’ futhi siphenduka, “sinoMmeli kuYise”—“uJesu Kristu olungileyo,” okhulumela izisusa zethu kuNkulunkulu. (Heberu 7:26; qhathanisa noJohane 17:9, 15, 20.) UJesu “uyinhlawulo.” Ukufa kwakhe kwahlawulela ukulunga futhi kwenza kwaba nokwenzeka ngoNkulunkulu ukuba abonise umusa wakhe futhi asuse icala lesono kuIsrayeli ongokomoya ‘nesezwe lonke,’ kuhlanganise ‘nesixuku esikhulu.’ (Roma 6:23; Galathiya 6:16; IsAmbulo 7:4-14) Yeka ukuthi siwazisa kangakanani lowomhlatshelo!
Lalela UNkulunkulu Futhi Ubonise Uthando
11. Yibuphi ubufakazi esazi ngabo ukuthi ‘sikuNkulunkulu’?
11 Ukuze siqhubeke sihamba ekukhanyeni kwaphezulu, kumelwe silalele uJehova. (Funda eyoku-1 Johane 2:3-6) Siyaqaphela ukuthi “siyamazi” uNkulunkulu, siyamqonda yena nezimfanelo zakhe, uma “sigcina imiyalo yakhe.” Noma ubani othi uyamazi uJehova kodwa ehluleka ukumlalela “ungumqambimanga.” Ngokuphambene, “uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe,” uma siqaphela izwi lakhe. ‘Ngalobufakazi’ bokulalela nokuthanda uNkulunkulu, siyazi ukuthi “sikuye.” Futhi kumelwe sihambe njengoba kwenza iNdodana yakhe, emsebenzini wokwenza abafundi, ebuhlotsheni bethu nabanye, njalonjalo.
12. Yimuphi “umyalo omdala” amaKristu anawo, futhi ‘ungomusha’ kanjani?
12 Uthando lobuzalwane nalo lubalulekile. (Funda eyoku-1 Johane 2:7, 8.) UJohane ubhala “umyalo omdala” ababenawo abathembekile “kwasekuqaleni” kokuphila kwabo njengamaKristu. ‘Mdala’ ngoba kwase kuphele iminyaka eminingi uJesu awunikeza ngesikhathi etshela abalandeli bakhe ukuba ‘bathandane njengalokho ebathandile.’ (Johane 13:34) Nokho musha futhi ngoba ufinyelela ngale kothando lomakhelwane olwaludingwa uMthetho futhi udinga ukuzimisela ukuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yalabo akholwa nabo. (Levitikusi 19:18; Johane 15:12, 13) Njengoba uthando lwethu lokuzidela lubonisa ukuthi ukuzivumelanisa ‘nalomyalo omusha’ ‘kuyiqiniso kokubili kuKristu nakithi, ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya’ phakathi kwethu.
13. Ngokweyoku-1 Johane 2:9-11, ubani ‘osekukhanyeni’ futhi ubani ongekho kubo?
13 Nokho, ubani ngempela ‘osekukhanyeni’? (Funda eyoku-1 Johane 2:9-11.) Nokho, “lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe” usebumnyameni obungokomoya “kuze kube-kalokhu.” Kodwa “othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, “futhi akukho “sikhubekiso” kuye. Izwi lesiGreki elisetshenziswe lapha lisho isife esicushiwe futhi lisho okuthile okungabangela ukuwela esonweni. Eqinisweni, umKristu wokuzisholo ozonda umzalwane wakhe “akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.” (Mathewu 13:13-15) Ingabe lesixwayiso siyokushukumisela ukuba ugweme ubumnyama obungokomoya ngokungavumeli ukungezwani kobuntu, amanga ezihlubuki, noma yini enye ukuba yonakalise uthando lwakho lobuzalwane?
Isisekelo Sokuba Nesibindi
14. Bangobani ‘abantwanyana’ ‘naboyise’ uJohane akhuluma nabo?
14 Ngokulandelayo uJohane ukhuluma ngesibindi ‘esikubantwanyana [abancane],’ ngokusobala esho ibandla lonke. (Funda eyoku-1 Johane 2:12-14.) Izono zethu ziye zathethelelwa ‘ngegama likaKristu,’ ngoba kungaye kuphela uNkulunkulu aye enza insindiso yaba nokwenzeka. (IzEnzo 4:12) Abagcotshiwe ‘bayamazi uYise’ ngoba uye wabazala ngomoya wakhe. Abanye ‘bangoyise’—kungenzeka bangamakholwa asekhulile, anokuhlangenwe nakho okuningi, nathuthukile ngokomoya. Bayamazi uJesu, owayekhona “kwasekuqaleni” ngokuthi uNkulunkulu wamdala ngaphambi kwazo zonke ezinye izinto.
15. (a) Zingobani ‘izinsizwa’ uJohane akhuluma nazo, futhi ‘zimqoba kanjani omubi’? (b) Nikeza isibonelo sokuthi ‘singamnqoba’ kanjani uSathane namuhla.
15 ‘Izinsizwa’ uJohane akhuluma nazo kungenzeka ukuthi zingamaKristu asemancane, angenakho okuhlangenwe nakho okuningi. ‘Zimnqobile omubi,’ uSathane, ngokungahlulwa “amacebo” akhe. (2 Korinte 2:11) Ngokwesibonelo, lokhu namuhla kungahlanganisa ukugwema ukuzilibazisa okungcolile, umculo ovusa izinkanuko zobulili, nezincwadi ezingcolile zobulili, okungonakalisa izimiso zobuKristu futhi kuphumele ekuweleni ekuziphatheni okubi kobulili. ‘Izinsizwa’ ziyamnqoba uSathane ngoba ‘zinamandla’ ngokomoya futhi “izwi likaNkulunkulu” lihlala kuzo. Kwangathi singafana nazo ngokwamukela amalungiselelo angokomoya kaNkulunkulu, ekwenqabeni izihlubuki, nasekuqhubekeni sihamba ekukhanyeni kwaphezulu.
Uthando Okungamelwe Sibe Nalo
16. Yiluphi uthando okungamelwe sibe nalo, kodwa yini engaba yiqiniso ngathi uma sinemibono nokuqonda kwezwe?
16 Kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu asemasha noma asekhulile, kunothando okungamelwe sibe nalo. (Funda eyoku-1 Johane 2:15-17.) Akumelwe ‘sithande izwe nezinto ezikulo.’ Kunalokho, kudingeka sizigcine singangcoliswanga ukonakala komphakathi wabantu abangalungile futhi akumelwe sihogele “umoya” walo, noma sithonywe yisimo salo esibuswa yisono. (Efesu 2:1, 2; Jakobe 1:27) Uma siba nombono kanye nokuqonda kwezwe, “uthando lukaYise” luyobe lungekho kithi. (Jakobe 4:4) Ngempela lokhu kungukudla okumelwe kucatshangelwe ngomthandazo, akunjalo?
17. Yiziphi izinkanuko zezwe amaKristu okungamelwe azanelise?
17 “Konke okusezweni” akuveli kuNkulunkulu. Lokhu kuhlanganisa “inkanuko yamehlo,” ukuyanelisa okusho ukuthokozisa ukulangazelela okubi njengezifiso zokuziphatha okubi kobulili. (1 Korinte 6:15-20; Galathiya 5:19-21) Ukuvumela ‘inkanuko yamehlo’ nakho kumelwe kugwenywe. Isithelo esenqatshelwe esasibonakala sifiseleka sayenga uEva, nokubheka kukaDavide uBati-Sheba lapho egeza kwaholela esonweni esingathi sína. (Genesise 3:6; 2 Samuweli 11:2-17) Khona-ke, ukuze siqhubeke sihamba ekukhanyeni kwaphezulu, kumelwe sigweme ukuzilibazisa okonakele nezinye izinto ezikhanga izinkanuko zesono futhi ezonakalisa inhliziyo.—IzAga 2:10-22; 4:20-27.
18. Kungani ‘ukuzigabisa ngalokhukuphila’ kuwubuwula, futhi yini okuhluleka ukuyiletha?
18 Okunye okuvela kulelizwe ‘kungukuzigabisa ngalokhu-kuphila.’ Umuntu oqhoshayo angase aqhayise ngengcebo yakhe, izembatho, nokunye okufanayo, okungamlahlekela konke. ‘Ukuzigabisa’ kwakhe kungase kuthonye abantu abathile futhi kumlethele udumo oluzoshesha ludlule kodwa kungamletheli isibusiso saphezulu.—Mathewu 6:2, 5, 16, 19-21; Jakobe 4:16.
19. Yini ezokwenzeka kulelizwe, futhi leliqiniso kumelwe lisithinte kanjani?
19 Khumbula ukuthi “izwe liyadlula” futhi lizobhujiswa. (2 Petru 3:6) Izinkanuko namathemba alo kuyoqedwa kanye nalo, njengoba kuyoba njalo ngabantu abalithandayo. UJohane uthi, “kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” Ngakho-ke masihlale sinombono wokuphila okuphakade ‘ngokudela izinkanuko zezwe’ futhi siqhubeke sihamba ekukhanyeni kwaphezulu.—Thithu 2:11-14.
Qaphela Ukuhlubuka
20. Babebizwa ngokuthiwani labo ‘ababemelene noKristu’ futhi ukuvela kwabo kwabonisa ukufika kwani?
20 Manje uJohane usexwayisa ngabaphikukristu. (Funda eyoku-1 Johane 2:18, 19.) Ukhumbuza akholwa nabo ukuthi ‘babezwile ngabaphostoli ukuthi umphikukristu uyeza.’ Ukuvela ‘kwabaphikukristu’ abaningi kwabonisa ukuthi “sekuyisikhathi sokugcina,” ingxenye yokugcina yesikhathi sabaphostoli. Nakuba labo ‘ababemelene noKristu’ babenza “umphikukristu” ohlangene, abantu abaningi abangabaphikukristu babezishaya abakhulekela uNkulunkulu kodwa “babengesibo abakithi” futhi babushiya ubuKristu beqiniso. Siyajabula ngokuthi ukuhamba noma ukuxoshwa kwabantu abanjalo namuhla kuvimbela ukonakaliswa kwebandla.
21. Kungani amaKristu azelwe ngomoya ‘enolwazi,’ futhi yiliphi “iqiniso” alaziyo?
21 AmaKristu athembekile azelwe ngomoya ayayenqaba imibono yezihlubuki. Njengoba ‘ukugcotshwa okuvela koNgcwele,’ uJehova, kuwasiza ukuba aqonde iZwi lakhe, ‘anolwazi onke.’ (Funda eyoku-1 Johane 2:20, 21.) Ngokuqinisekile ayalazi “iqiniso” njengoba libhekisela kuJesu Kristu, kuyilapho izihlubuki zinemicabango eyiphutha ngaye. Njengoba ‘kungekho-manga avela eqinisweni,’ bonke abathanda uJehova bayayenqaba imibono engamanga enjalo kanye nalabo abayimelelayo.
22. Yini uC. T. Russell ayenza lapho omunye wabangane bakhe bokuqala ephika isihlengo?
22 Kakade, “ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu,” Ogcotshiweyo kaNkulunkulu? (Funda eyoku-1 Johane 2:22-25.) Phela, ‘ophika uYise neNdodana ungumphikukristu’! Ngokuthakazelisayo, lapho omunye wabafundi beBhayibheli bokuqala owayengumngane kaCharles T. Russell ephika isihlengo, uRussell wazahlukanisa naye futhi waqala ukukhipha lomagazini, oye wamemezela njalo iqiniso ngendabuko kaKristu, indima yakhe njengoMesiya, nenkonzo yothando ‘njengenhlawulo.’
23. ‘Ukuvuma iNdodana’ kubuthinta kanjani ubuhlobo bethu noNkulunkulu, namathemba ethu?
23 Izihlubuki eziphika uKristu azinaye uJehova njengoMngane wazo. (Johane 5:23) Kodwa thina ‘esivuma obala iNdodana sinaye uYise,’ sisebuhlotsheni obuvunyelwe uNkulunkulu. (Mathewu 10:32, 33) Abalandeli bokuqala bakaJesu abathembekile banamathela kulokho ababekuzwile ngeNdodana kaNkulunkulu “kwasekuqaleni” kokuphila kwabo bengamaKristu. Futhi uma iqiniso elifanayo lisezinhliziyweni zethu, ‘siyakuhlala’ kubo bobabili uNkulunkulu noKristu futhi siyothola “isithembiso,” ukuphila okuphakade.—Johane 17:3.
Ukufundiswa NguJehova UNkulunkulu
24. Ngobani ‘abagcotshwa’ ngomoya ongcwele, futhi kungani ‘bengadingi muntu ukuba abafundise’?
24 Ukuze sihambe ekukhanyeni kwaphezulu futhi singadukiswa izihlubuki, sidinga ukuqondiswa okufanele okungokomoya. (Funda eyoku-1 Johane 2:26-29.) Labo abazelwe ngomoya ‘bagcotshwa’ ngomoya engcwele, bayamazi uNkulunkulu neNdodana yakhe, futhi ‘abadingi ukuba noma ubani [isihlubuki] abafundise.’ Ngomoya wakhe abagcoba ngawo, uNkulunkulu ‘ufundisa’ uIsrayeli ongokomoya “konke” okudingekayo ukuze amkhulekele ngendlela ayamukelayo. (Johane 4:23, 24; 6:45) Siyajabula ngokuthi thina njengoFakazi BakaJehova sithola ukuqondiswa okungokomoya okunjalo okuvela kuNkulunkulu ‘ngenceku yakhe ethembekile neqondayo.’—Mathewu 24:45-47.
25, 26. (a) Kungani labo abagcotshiweyo ‘benesibindi’? (b) Kusho ukuthini ‘ukwenza ukulunga’?
25 UJohane unxusa abagcotshiweyo abaqeqeshwe kahle ukuba ‘bahlale’ kuNkulunkulu. Laba ‘abahlala’ kuJehova ngokufanayo basebunyeni neNdodana yakhe. (Johane 14:19-21) Ubunye obunjalo buyanxuswa ukuze “nxa ebonakala [uKristu] sibe-nesibindi, singabi-namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe” okungukuthi, phakathi noKuba Khona kwakhe Okungabonakali.
26 Njengoba manje siphila phakathi ‘nokuba khona’ kukaJesu, singaqiniseka kanjani ukuthi akukho lutho esingaba namahloni ngalo nokuthi ngempela sihamba ekukhanyeni kwaphezulu? ‘Ngokwenza ukulunga.’ UJohane uyachaza, ‘uma nazi ukuthi uNkulunkulu ulungile niyaqaphela ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.’ ‘Ukwenza, ukulunga’ kusho ukulalela imithetho kaNkulunkulu, ukugwema ukungalungi, nokuhlanganyela emisebenzini enjalo emihle enjengokwenza abafundi nokusiza esikholwa nabo. (Marku 13:10; Filipi 4:14-19; 1 Thimothewu 6:17, 18) ‘Ukuzalwa’ uNkulunkulu kusho ‘ukuzalwa ngokusha’ njengabantwana bakhe abangokomoya.—Johane 3:3-8.
27. Yini umphostoli azosibonisa yona ngokulandelayo?
27 Ngakho-ke uJohane uye wasibonisa indlela esingaqhubeka sihamba ngayo ekukhanyeni kwaphezulu. Ngokulandelayo usibonisa indlela okumelwe siphile ngayo njengabantwana bakaNkulunkulu. Ingabe kudingani lokhu?
Ziyini Izimpendulo Zakho?
◻ Yibuphi ubufakazi uJohane abunikezayo bokuthi iNdodana kaNkulunkulu yake yaphila, yahlupheka, futhi yafa njengomuntu?
◻ UJesu “uyinhlawulo” ngayiphi indlela?
◻ Yimuphi umyalo amaKristu anawo kokubili ‘omdala’ ‘nomusha’?
◻ Yini ezokwenzeka kulelizwe, futhi kumelwe kusithinte kanjani njengamaKristu?
◻ Abagcotshiweyo bangaqiniseka kanjani ukuthi bahamba ekukhanyeni kwaphezulu?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Ingabe uyawazisa umhlatshelo kaJesu?