Eyesibili KwabaseKorinte
2 Ngoba nginqume ukuba ngingaphinde ngize kini ngidabukile. 2 Ngoba uma ngidabukisa nina, ubani ozongenza ngijabule ngaphandle kwalowo engimdabukisile? 3 Ngakubhala lokho engakwenza, ukuze kuthi lapho ngiza, ngingadatshukiswa yilabo okufanele bangijabulise, ngoba ngiyaqiniseka ukuthi lokho okungijabulisayo nani kunenza nijabule ngendlela efanayo. 4 Ngoba nganibhalela ngezinyembezi eziningi nginosizi olukhulu nobuhlungu benhliziyo, hhayi ngenjongo yokunenza nidabuke, + kodwa ukuze nikwazi ukujula kothando enginithanda ngalo.
5 Uma kukhona oye wabangela ukudabuka, + akadabukisanga mina, kodwa nina nonke ngezinga elithile—ukuze ngingabi nokhahlo kakhulu kulokho engikushoyo. 6 Lesi siyalo esinikezwa iningi simanele umuntu onjalo; 7 manje esikhundleni salokho kufanele nimthethelele ngomusa nimduduze, + ukuze anganqotshwa* ukudabuka ngokweqile. + 8 Ngakho-ke, nginikhuthaza ukuba nimqinisekise ukuthi niyamthanda. + 9 Ngoba yilesi sizathu futhi esenza nganibhalela: ukuze ngithole ukuthi nizobunikeza yini ubufakazi bokuthi niyalalela ezintweni zonke. 10 Noma ubani enimthethelelayo, nami ngiyamthethelela. Eqinisweni, noma yini engiyithethelele, (uma kukhona engikuthethelele) bekungenxa yenu emehlweni kaKristu, 11 ukuze singaphanjwa* uSathane, + ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo* akhe. +
12 Lapho ngifika eTrowa + ukuze ngimemezele izindaba ezinhle mayelana noKristu, futhi ngivulelwa umnyango eNkosini, 13 umoya wami awutholanga mpumuzo ngenxa yokungamtholi uThithu + umfowethu. Ngakho ngabavalelisa ngahamba ngaya eMakedoniya. +
14 Kodwa makabongwe uNkulunkulu osiholayo ngaso sonke isikhathi odwendweni lokunqoba kanye noKristu futhi enze iphunga lolwazi ngaye lizwakale* ngathi kuyo yonke indawo! 15 Ngoba kuNkulunkulu siyiphunga likaKristu elimnandi phakathi kwalabo abasindiswayo naphakathi kwalabo ababhubhayo; 16 kulaba ababhubhayo siyiphunga lokufa eliholela ekufeni, + kwabasindiswayo siyiphunga lokuphila eliholela ekuphileni. Ubani ozifanelekela ngokwanele lezi zinto? 17 Yithi, ngoba asibona abathengisi* bezwi likaNkulunkulu + njengoba abantu abaningi beyibo, kodwa sikhuluma ngabo bonke ubuqotho, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, yebo, sibonwa uNkulunkulu futhi sikanye noKristu.