“Bheka, INkosi Iyakufika Nabangcwele Bayo Abayizigidigidi”
“Bheka, iNkosi [uJehova] iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”—Juda 14, 15.
1. NjengomaHluleli Omkhulu, kumelwe abhekwe kanjani uJehova?
UJEHOVA, umaHluleli Omkhulu, ufanele ukuhlonishwa. (Isaya 33:22) Kodwa abaningi bamedelela kakhulu. Phakathi kwezinjalo izoni eziqhoshayo kwakunga‘bantu abangamesabi uNkulunkulu’ labo umfundi uJuda aloba ngabo encwadini yakhe ephefumlelwe ngokwaphezulu. Nokho, akukho-muntu ongadelela uNkulunkulu angajeziswa, ngoba akuthandabuzeki ukuthi ‘uJehova uyoza akhiphe isahlulelo kwabangamesabi uNkulunkulu.’—Juda 14, 15; Jobe 9:1-4.
2. (a) Kuze kube manje ukucabangela kwethu incwadi kaJuda kuye kwasiletha ekunakekeleni maphi amaphuzu? (b) Iseluleko sikaJuda esiqhubekayo kumelwe sisenzeleni?
2 Ingxoxo yethu yokuqala yencwadi kaJuda iye yagcizelela isidingo sokumelana nabafundisi bamanga nabangaba abangcolisa inyama, kodwa silalele isixwayiso esingokomBhalo futhi sihloniphe igunya elimiswe phezulu. (Juda 1-10) Manje sengathi iseluleko esiqhubekayo sikaJuda singandisa inhlonipho yethu ngomaHluleli Omkhulu ukuze sime siqinile phakathi kofakazi bakhe sinombono wokuphila okuphakade.
‘Maye Kubo!’
3. UKayini wayenecala lani?
3 Maqondana ‘nabantu abangamesabi uNkulunkulu’ abadelela uJehova, uJuda waloba:
“Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubhe ekuphikeni [enkulumweni yokuhlubuka, NW] kaKora.” (Juda 11)
Ngokuthi “maye kubo,” uJuda wayebonisa ukuthi usizi lwaluyokwehlela ‘abantu abangamesabi uNkulunkulu’ ababeye bangena ngokunyenya ebandleni labantu bakaJehova. (Qhathanisa noLuka 11:42-47, 52.) Labobantu ‘babeye bahamba endleleni kaKayini.’ Njengoba umusa kaNkulunkulu waba phezu kuka-Abela nomnikelo wakhe wenyama yesilwane negazi, umnikelo kaKayini ongenagazi, owenziwa ngomoya ongafanelekile, wenqatshwa. UKayini wayentula ukholo futhi akazange ahloniphe inkazimulo noma udumo uNkulunkulu alwehlisela uAbela. Ngomhawu nangenzondo, uKayini waze ngisho wabukela phansi isixwayiso saphezulu futhi wabulala umfowabo.—Genesise 4:2-8; Heberu 11:4; 1 Johane 3:12.
4. (a) Iyini ‘indlela kaKayini’? (b) Kungani kumelwe ugweme ‘indlela kaKayini’?
4 Ngokuyinhloko, uKayini wabonisa ukwedelela uJehova, futhi inkambo yakhe yokwedelela yabizwa ngokuthi “inkambo kaKayini.” Njengoba nje isenzo sakhe sokwedelela nesisusa esibi kwakungalungile, kunjalo namuhla nganoma yimuphi umuntu othi ungomunye woFakazi BakaJehova kodwa ofuna ukuphendukezela umusa ongafanelekanga kaNkulunkulu ube yizaba zokuziphatha okubi. Noma yimuphi umuntu onjalo uhamba “endleleni” kaKayini. NjengoKayini, owazonda futhi wabulala umfowabo, abantu abanjalo ‘bangababulali’ ngoba bazonda amaKristu athembekile uJehova aye wawanika udumo ngenkonzo yaKhe. (1 Johane 3:15) UNkulunkulu wamqalekisa uKayini, futhi phakathi noZamcolo inzalo yakhe yabhujiswa. Ngokufanayo, kuyoba ‘umaye’ kulabo abahamba ‘ngendlela kaKayini’ ngoba ayimthokozisi uJehova futhi iholela ekubhujisweni.
5. (a) Iyiphi inkambo eyalandelwa uBileyamu? (b) Osukwini lukaJuda obani ‘abagijimela ekudukeni kukaBileyamu’? (c) Yini eyokwenzeka kunoma ubani ofuna ukonakalisa abantu bakaJehova ngemfundiso yamanga nangokuzitika ezinkanukweni zobulwane?
5 Abangcolisi benyama abangamesabi uNkulunkulu futhi babeye “bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo.” Evuma ukwamukela umvuzo owathenjiswa ngokuphindaphindiwe yiNkosi uBalaki yakwaMowabi, uBileyamu wazama ukuqalekisa amaIsrayeli izikhathi ezintathu, kodwa uJehova ngazo zonke izikhathi wayephendula lesosiqalekiso sibe yisibusiso. Ngakho-ke uBileyami ohahayo wasikisela kuBalaki ukuthi uma uIsrayeli ayengayengelwa ekukhulekeleni kwamanga nasekuzitikeni ezinkanukweni zobulwane, uNkulunkulu wayengaqalekisa ngisho nabantu baKhe. Lesiseluleko esibi salandelwa futhi ngenxa yokuziphatha okubi kwamaIsrayeli, izi-24 000 zawo zabulawa isifo esasithunyelwe uNkulunkulu nawukubulawa okuqondile. (Numeri 22:1–25:9; IsAmbulo 2:14) Kamuva, uBileyami ngokwakhe wafa ezandleni zalabo ayezama ukubaqalekisa. (Numeri 31:8) Ngokufanayo, usizi luyokwehlela noma ubani othi uwuFakazi kaJehova kodwa ongohahayo nofuna ukonakalisa abantu bakaJehova ngemfundiso yamanga nangokuzitika ezinkanukweni zobulwane. Kuye kwaba khona izimo ezinjalo ezikhathini zanamuhla, futhi oFakazi abathembekile nabazinikezele bakaJehova kumelwe baqaphele!
6, 7. (a) UmLevi uKora wayenecala lani? (b) Yini eyenzeka kuKora nalabo abahlanganyela naye? (c) Kumelwe siyibheke kanjani ‘inkulumo yokuhlubuka’?
6 Esinye isibonelo esiyisixwayiso esashiwo uJuda yileso somLevi uKora, owasebenzisa ‘inkulumo yokuhlubuka.’ Eshukunyiswa ukulangazela, wamangalela ngamanga uMose ngokuthi wayelungiselele ngobugovu ukuba umfowabo, uAroni, abe umpristi omkhulu, futhi wabeka uAroni icala lokuzigodlela yena ngokwakhe nomkhaya wakhe udumo lobupristi. UKora akayihloniphanga inkazimulo noma udumo uNkulunkulu alwehlisela phezu kuka-Aroni namadodana akhe, kodwa wahlubuka ekumiseni kukaNkulunkulu.
7 Nakuba uKora nabathile bomndeni kaRubeni abaya ngasohlangothini lwakhe babeye bakhishwa eGibithe, abangenanga neze eZweni leSithembiso. Kunalokho, umhlaba wavuleka futhi abanye babo bangcwatshwa bephila, kulapho abanye bashiswa baze bafa umlilo ovela kuJehova. Ngokulandelayo, amaIsrayeli ayizi-14 700 ayebubula ngalesisahlulelo esivela kuNkulunkulu afa ngesifo esivela kuJehova. (Numeri, isahluko 16) Ukukhishwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu kubantu abahlubukayo ‘abangamesabi uNkulunkulu’ kwakuqiniseke kangangokuba uJuda wathi “babhubha.” Kwenzeka ngempela! Yeka indlela konke lokhu okumelwe kusishukumisele ngayo ukuba sigweme ‘inkulumo yokuhlubuka’!
8. Izibonelo zesixwayiso sikaKayini, uBileyamu noKora zinakuphi ukubaluleka namuhla?
8 Yebo, umaye uyokwehlela noma ubani olandela inkambo yokuhlubuka kuJehova nasemalungiselelweni akhe eNhlangano. UJuda wabonisa ukuthi kuyoba ‘kubi kakhulu’ kulabo abantula uthando nokholo (njengoba kwenza uKayini), lowo (njengoBileyamu) owayeshisekela ukukhokhelwa ngenxa yezimfundiso ezazisekela ukuziphatha okubi, nalowo (njengoKora) owadelela igunya elivela phezulu. Futhi ngokuqinisekile amazwi kaJuda anikeza isixwayiso esinamandla maqondana nanoma obani abathi bangoFakazi BakaJehova futhi nokho babenesimo sokugxeka noma sokwedelela ilungiselelo elingokwasezulwini likaNkulunkulu ngosuku lwethu.
Ukuqhathanisa Izixwayiso
9. Kwakuyini ukubaluleka kokufanisa abafundisi abangamesabi uNkulunkulu ‘namadwala acashe ngaphansi kwamanzi’?
9 Lapho eqhubeka enikeza isixwayiso, uJuda wathi ngokuqhathanisa:
“Bangamadwala acashe ngaphansi kwamanzi emadilini enu othando lapho bedla nani, abelusi abadla ngaphandle kokwesaba; amafu angenamanzi aqhutshwa yimimoya aye ngapha nangapha; bayimithi yasekwindla, kodwa engenazithelo, efe kabili, esishuliwe; bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.” (Juda 12, 13, qhathanisa neNW)
Phakathi kwezinye izinto, abafundisi bamanga babefana ‘namadwala acashe ngaphansi kwamanzi.’ Labobantu babezenzisa njengabantu abanothando ngabakholwayo futhi kanjalo-ke babefana namadwala awugedla ngaphansi kwamanzi lawo angasika futhi abulale abahlambayo noma acwilise imikhumbi. Ngaphandle kokuba oFakazi BakaJehova baqhubeke ‘belwa kanzima ngenxa yokholo,’ abanjalo abafundisi abakhohlisayo bangaholela abantu abangaqinile ‘ekwaphukelweni umkhumbi wokholo lwabo.’—1 Thimothewu 1:19.
10. (a) ‘Amadili othando’ amaKristu akuqala kungase kwenzeke ayeyini, futhi kungenxa yasiphi isisusa ‘abantu abangamesabi uNkulunkulu’ babeya kuwo? (b) Yini okumelwe igwenywe embuthanweni wokuzijabulisa phakathi koFakazi BakaJehova?
10 ‘Labobantu ababengamesabi uNkulunkulu’ babeba khona njalo emadilini othando amaKristu. Izikhathi ezinjalo kungenzeka zazingamadili lapho amaKristu ame kahle ngokwezinto ezibonakalayo ayememela khona abantu abampofu ayekholwa nabo. Kodwa abantu ababefisa ukonakalisa inyama babeba khona benezisusa ezimbi. (Qhathanisa no-2 Petru 2:13.) Ngokufanayo, kukhona abathile namuhla abazama ukuguqula izikhathi zokuzijabulisa phakathi koFakazi BakaJehova zibe yizikhathi zokweqisa ekudleni, ekuphuzeni nezingoma zezwe nokudansa. OFakazi abangamaKristu abathembekile mabangakuvumeli neze ukuba lokhu kwenzeke emibuthanweni yabo yokuzijabulisa.
11. (a) Abafundisi bamanga abangamesabi uNkulunkulu babengabelusi baluphl uhlobo? (b) Isiphi isimo amaKristu athembekile okumelwe abe naso ngabanjalo abafundisi bamanga namuhla?
11 Abafundisi bamanga abangamesabi uNkulunkulu futhi babefana nabelusi ababegunda futhi bahlabe umhlambi ukuze bazigqokise futhi bazondle ngokwabo. Babezama ukuhola abangaqinile enkambweni yokuduka futhi ababondlanga ngokudla okungokomoya okufanelekile. (Qhathanisa noHezekeli 34:7-10.) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba amaKristu athembekile enqabe imibono yanoma yibaphi abafundisi bamanga abanjalo namuhla!
12. Abafundisi bamanga bosuku lukaJuda bafana kanjani namafu angenamanzi, apheshulwa umoya?
12 Abafundisi bamanga bosuku lukaJuda futhi babefana namafu akhohlisayo athembisa ukufika kwemvula enkulu, kodwa empeleni ebe engenamanzi futhi eqhutshwa yimimoya. Labobantu babeqhutshwa yimimoya yokweduka futhi ngenxa yokuba njenga“mafu angenamanzi” babengazi lutho olungokomoya futhi bengenalusizo. Makuthi oFakazi BakaJehova babaqaphele bonke abanjalo abafundisi bamanga abagabadelayo.
13. Kungani abafundisi bamanga babefana nemithi engatheli eye ‘yafa kabili’ futhi ‘yasishulwa’?
13 Bentula isithelo somoya kaNkulunkulu ongcwele, labobantu ababi futhi babenjengemithi engenazithelo ekwindla, ekupheleni kwenkathi yokuthela kwezithelo. Babefana nemithi eye ‘yafa kabili,’ noma “babefe ngokuphelele.” (Today’s English Version) Labobantu ‘bangena ngokunyelela’ ebandleni ngokuzenza abaphilayo ngokomoya ngemva kokubhapathizwa emanzini kokugcina umthetho. Kodwa njengoba abazange bathele izithelo zokuletha inkazimulo kuNkulunkulu, kwakufuneka baphathwe njengemithi engatheli ePalestina lasendulo. Lena yayisishulwa futhi ibhujiswe ukuze ingakhokhelwa intela. ‘Ukusishulwa’ ngokusobala kwakubonisa ukuthi labo bafundisi abahlubukayo abangaphenduki babebhekene nokubhujiswa.
14. Kungani abafundisi bamanga babefana ‘namaza adlangalalayo olwandle’?
14 Ngenxa yokuthi labo bafundisi bamanga babengenawo umoya ongcwele kaNkulunkulu, babefana ‘namaza adlangalalayo olwandle.’ Babeyaluza njengamaza olwandle ayaluzayo anyakazisa udaka nokhula lwasolwandle. Ngokuqhathanisa, labo bantu abayilayilekayo, abanjengezilwane ngokusobala babekhuluma kakhulu ngokuvuma ukholo, kodwa izenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu nezimfundiso zazibaveza njengezoni ezingcolile okumelwe zibe namahloni.—Isaya 57:20, 21.
15. Abafundisi bamanga babefana nezinkanyezi zaluphi uhlobo, futhi yini ababeyigcinelwe?
15 Njengoba labo bafundisi bamanga abazange bagcine inkambo eqinile yokulunga, babefana “nezinkanyezi ezizulazulayo.” (Authorized Version) Yebo, ukuqondiswa yizinkanyezi akunakwenzeka uma lezi ngokungenakubikezelwa ziya noma kuphi. Ngakho-ke njengezinkanyezi “ezidukayo,” lezozihlubuki zazingenakuthembela ekuqondisweni okuhlakaniphile okungokomoya. Lezozinkanyiso zamanga uNkulunkulu ‘akazigcinelanga lutho’ ngaphandle ‘kobumnyama bobumnyama phakade,’ futhi lokhu kwafanekisela ukubhujiswa kwazo kwaphakade. Ngempela, ngenxa yezizathu eziningi, oFakazi BakaJehova abangamaKristu abathembekile babenqaba ngokuphelele abafundisi bamanga nezimfundiso zabo.
UJehova Uthatha Isinyathelo Sokukhipha Isahlulelo
16. Wayengubani uEnoke, futhi waprofetha ngani?
16 Ekufakazeleni ukuthi uJehova uthatha isinyathelo ngokumelene nabangamesabi uNkulunkulu, uJuda wathi:
“UEnoke ongowesikhombisa kusukela kuAdamu waprofetha ngabo, wathi: Bheka, iNkosi [uJehova] iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi, ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangazo zonke izinto ezishaqisayo lezo izoni ezingamesabi uNkulunkulu ezizikhulumile ngaye.” (Juda 14, 15, qhathanisa neNW)
Uma kubalwa kusukela kuAdamu umuntu wokuqala, uEnoke ‘wayengowesikhombisa.’ Ababengaphambi kwakhe kwakunguSeti, uEnoshe, uKhenani, uMahalalele noJarede. (Genesise 5:3-18) ‘UEnoke wahamba noNkulunkulu,’ elandela inkambo esekuvumelaneni neqiniso likaNkulunkulu elambuliwe. (Genesise 5:24; Heberu 11:5) UEnoke wayezungezwe ukonakala okungokomoya, kodwa ngesibindi wakhonza njengomprofethi kaNkulunkulu.
17. Kungase ukuba uJuda wayezwe kanjani ngesiprofetho sikaEnoke?
17 Indlela uJuda ezwa ngayo ngesiprofetho sikaEnoke ayembuliwe. Asiveli ekuqaleni emiBhalweni ephefumlelwe phezulu. Mhlawumbe uJesu wasicaphuna isiprofetho sikaEnoke entshumayelweni ethile futhi sadluliselwa kwabanye ngomlomo. Kodwa abukho ubufakazi bokuthi uJuda wacaphuna amazwi afanayo atholakala eNcwadini okungabazeka ukuba yalotshwa uEnoke. Njengoba uJuda aloba ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu, ukungeniswa kwesiprofetho sikaEnoke encwadini yakhe kuqinisa ukuba yiqiniso kwalawomazwi.
18. (a) Kungani kungashiwo ukuthi uEnoke waprofetha futhi ngabafundisi bamanga ababi bosuku lukaJuda? (b) Ngokwesiprofetho sikaEnoke, umaHluleli Omkhulu angasebenzelana kanjani nalabo abamdelelayo?
18 UEnoke futhi “waprofetha [ngabafundisi bamanga bosuku lukaJuda]” ngokusobala ngenxa yokuthi lokho akubikezela maqondana nezoni zakuqala kuyasebenza futhi nakubo. UJehova, umaHluleli Omkhulu, lowo abantu abangamesabi uNkulunkulu noma abadelelayo abangambonisi inhlonipho, uyokhipha isahlulelo esinzima phezu kwabo. Ngokwenza kanjalo, uJehova uyokuza ‘nabangcwele bakhe abayizigidigidi,’ noma ‘abangcwele abayizinkulungwane eziyishumi,’ okungukuthi, izingelosi ezilungileyo ngamanani amakhulu. (Qhathanisa noDuteronomi 33:2; Daniyeli 7:9, 10.) OyiNhloko kulabo “abangcwele abayizigidigidi” uMesiya, uJehova eza ngaye futhi akhiphe isahlulelo.—Luka 1:35; Johane 5:27; IzEnzo 17:30, 31.
19. (a) Njengabantu bosuku lukaEnoke, ‘abantu abangamesabi uNkulunkulu’ bazikhuluma kanjani ‘izinto ezishaqisayo’ ngoJehova? (b) Yini ngokuqinisekile eyayizokwehlela abangcolisi benyama abangamesabi uNkulunkulu? (c) Ngakho-ke oFakazi BakaJehova kumelwe baziphathe kanjani?
19 UJehova wavumela labobantu abangamesabi uNkulunkulu noma abangenanhlonipho ithuba elikhulu lokubonisa ukungabi nacala kwabo maqondana ‘nokuziphatha kwabo okubi.’ Ngezenzo zabo ezimbi nangamazwi ukwedelela kwabo kwenziwa kwaba sobala futhi ngesisekelo salokho bavezwa njengabanecala, ‘bajeziswa’ uNkulunkulu. Njengoba abantu ababi bosuku lukaEnoke bakhuluma “izinto ezishaqisayo” ngoNkulunkulu, ngakho-ke ‘labobantu abadelelayo’ babudelela ubukhosi futhi bahlambalaza labo uJehova ayebanikeze inkazimulo ethile. (Juda 8-10) Ngakho-ke babekhuluma “izinto ezishaqisayo” ngoJehova futhi balahlwa. Ngokuvumelana nesiprofetho sikaEnoke, uNkulunkulu wakhipha isahlulelo kulabo abangamesabi uNkulunkulu phakathi nozamcolo wosuku lukaNowa. Ngakho-ke, ukukhishwa kwesahlulelo saphezulu kubangcolisi benyama abangamesabi uNkulunkulu kwakuqinisekile, futhi oFakazi BakaJehova bangalindela ukubona ukukhishwa kwesahlulelo okufanayo kulolusuku. Khona-ke, ngokuqinisekile, kumelwe siqaphele izenzo zethu nenkulumo ukuze sithokozise uNkulunkulu futhi sisinde imbubhiso.
Balekela Ukukhononda Nenkulumo Ewuwangala
20. Izinceku zikaJehova kumelwe zikubheke kanjani ukukhononda nokusola ‘kwabantu abangamesabi uNkulunkulu’?
20 Lapho ebhekisela kwezinye izici zokungamesabi uNkulunkulu, uJuda waloba:
“Yilabo abakhononayo nabasolayo ngesabelo sabo ekuphileni, behamba ngezinkanuko zabo, imilomo yabo ikhuluma uwangala, betusa abantu ngenxa yenzuzo yabo siqu.” (Juda 16, NW)
OFakazi BakaJehova abangamaKristu bayalwa ukuba ‘benze konke ngokungakhononi.’ (Filipi 2:14, 15) Kodwa labo‘bantu abangamesabi uNkulunkulu’ ‘babekhonona’ njengamaIsrayeli ayekhononda ngoMose nangoAroni futhi ngenxa yalokho kwafuneka afe ehlane ngenxa yokuthi eqinisweni ayekhononda ngoNkulunkulu. (Numeri 14:1-38; 1 Korinte 10:10) Abantu ababefana nezilwane, futhi ‘babekhonona ngesabelo sabo ekuphileni,’ njengoba abantu abampofu bezwe bengase bakhononde ngenxa yokuthi bampofu, njalonjalo. Yebo, njengamaKristu eqiniso esikhathi sikaJuda, oFakazi BakaJehova namuhla bancika ekuhlakanipheni kwasezulwini nosizo lomoya kaNkulunkulu ekubekezeleleni izimo ezinzima. Sengathi singeze neze safana nabakhonondi abangamesabi uNkulunkulu bosuku lukaJuda!
21. (a) Kungayiphi indlela ‘abantu abangamesabi uNkulunkulu’ abahamba ngayo ngezinkanuko zabo? (b) Labo bantu abadukile ‘babatusa kanjani abantu ngenxa yenzuzo yabo,’ futhi kungani lokho kwakukubi?
21 Labobantu abaphambukile ‘babehamba ngokwezinkanuko zabo,’ bebuswa inkanuko yokuziphatha okubi kodwa hhayi imiyalo kaNkulunkulu noma iNdodana yakhe. (Qhathanisa noJakobe 4:1-3.) Futhi nakuba ‘imilomo yabo yayikhuluma uwangala,’ noma “igcwele inkulumo yokuqhosha” (Jerusalem Bible), bakhetha abathile ababebatusa ngokungafanelekile. (Qhathanisa neHubo 140:11; Thithu 1:10, 11; 2 Petru 2:18, 19.) Labobantu ababeziphethe kabi ‘babetusa abantu ngenxa yenzuzo yabo.’ Bahlakulela ukuthandwa nokusekelwa abacebile, abaqhamile, noma abanye, bethemba ukuzuza ngokwezinto ezibonakalayo noma ngokwenhlalo. Kodwa lokhu kwakuwubugovu obukhulu futhi baphuphuthekisa labo benzi bokubi enhlosweni ephakeme kakhulu yokuhlakulela ukwamukelwa uJehova. Ngakho-ke, bahluleka ukuhlonipha umaHluleli Omkhulu kanjalo-ke baba ngaphansi kwesigwebo sokubhujiswa nguye.
22. Njengoba kuye kwacatshangelwa kuze kube manje, yini uJuda aye wasinikeza yona ngenxa yenzuzo yethu, futhi amazwi akhe okuphetha ahlanganisani?
22 UJuda wayeqotho ekukhuthazeni ayekholwa nabo ukuba ‘balwe kanzima ngenxa yokholo.’ Wakhomba izixwayiso ezingokomBhalo ngokuziphatha okubi, ukuhlubuka nokukhononda, futhi akashiyanga kungabaza ngokukhishwa kwesahlulelo saphezulu. Yeka indlela okufaneleke ngayo ukuba oFakazi BakaJehova bazindle ngalezindaba manje! Njengoba sizobona, amazwi okuphetha kaJuda, ahlanganisa ukuncenga okuvela enhliziyweni, futhi anencazelo enkulu kubakhulekeli bakaJehova.
Ungayiphendula yini lemibuzo?
□ Yayiyini ‘indlela kaKayini’ futhi kungani kumelwe abantu bakaJehova bayigweme?
□ Obani ‘abagijimela enkambweni yokuhlubuka kaBalami,’ futhi kungani ungayigwema?
□ Isiphi isibonelo esiyisixwayiso esinaso endabeni kaKora umLevi?
□ ‘Abantu abangamesabi uNkulunkulu abachazwa uJuda baqhathaniswa kanjani nemithi engatheli ‘eyafa kabili’ futhi ‘yasishulwa’?
□ UEnoke waprofetha ngani, futhi amazwi akhe amelwe asishukumisele ukwenzani?
□ Ngokwesisekelo seseluleko sikaJuda, isiphi isimo okumelwe sibe naso ngokukhononda nokutusa ubuntu ‘ngenxa yenzuzo yethu siqu’?
[Isithombe ekhasini 15]
Abafundisi abahlubukayo abangaphenduki babhekana nokubhujiswa, njengoba nemithi engatheli yasishulwa