Genesise
4 U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wakhulelwa. + Lapho u-Eva ezala uKhayini, + wathi: “Ngithole* ingane yomfana ngosizo lukaJehova.” 2 Kamuva waphinde wazala u-Abela + umfowabo kaKhayini.
U-Abela waba umalusi womhlambi, kodwa uKhayini waba umlimi womhlabathi. 3 Ngemva kwesikhathi esithile, uKhayini waletha ezinye zezithelo zomhlaba njengomnikelo kuJehova. 4 Kodwa u-Abela waletha amazibulo athile omhlambi wakhe, + kanye namanoni awo. Nakuba uJehova amamukela u-Abela nomnikelo wakhe, + 5 akazange neze amamukele uKhayini nomnikelo wakhe. Ngakho uKhayini wathukuthela kakhulu futhi wadangala.* 6 UJehova wabe esethi kuKhayini: “Kungani uthukuthele kangaka futhi udangele? 7 Uma ushintsha wenze okuhle, ngeke yini uphinde uboniswe umusa?* Kodwa uma ungashintsheli ekwenzeni okuhle, isono sicuthe emnyango, sifuna ukukubusa; ingabe uzosihlula?”
8 Ngemva kwalokho uKhayini wathi kumfowabo u-Abela: “Masiye endle.” Kwathi lapho besendle uKhayini wahlasela umfowabo u-Abela, wambulala. + 9 Kamuva uJehova wathi kuKhayini: “Uphi umfowenu u-Abela?” yena wathi: “Angazi. Yimina yini okufanele agade umfowethu?” 10 UNkulunkulu wathi: “Wenzeni? Lalela! Igazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. + 11 Manje uqalekisiwe futhi uyadingiswa kulo mhlabathi ovule umlomo wawo ukuba wamukele igazi lomfowenu esandleni sakho. + 12 Lapho ulima umhlabathi, ngeke ukubuyisele umkhiqizo.* Uyoba umhambuma nombaleki emhlabeni.” 13 UKhayini wathi kuJehova: “Isijeziso sesiphambeko sami sikhulu kakhulu ukuba ngingasithwala. 14 Namuhla uyangixosha emhlabeni,* ngizositheka ebusweni bakho; ngizoba umhambuma nombaleki emhlabeni futhi noma ubani ongitholayo uzongibulala nakanjani.” 15 UJehova wathi kuye: “Ngenxa yaleso sizathu, noma ubani obulala uKhayini uyojeziswa kasikhombisa.”
Ngakho uJehova wabeka uphawu* kuKhayini ukuze kungabi bikho muntu omtholayo oyomshaya ambulale. 16 Ngemva kwalokho uKhayini wasuka phambi kukaJehova wayohlala ezweni lasekuDingisweni,* empumalanga ye-Edene. +
17 Kamuva uKhayini walala nomkakhe, + wakhulelwa wazala u-Enoke. Ngemva kwalokho uKhayini wakha idolobha waliqamba ngegama lendodana yakhe u-Enoke. 18 Kamuva u-Enoke wazala u-Irade. U-Irade wazala uMehujayeli, uMehujayeli wazala uMethushayeli, uMethushayeli wazala uLameka.
19 ULameka wazithathela abafazi ababili. Igama lowokuqala kwakungu-Ada, igama lowesibili kunguZila. 20 U-Ada wazala uJabale. Waba nguyise walabo abahlala ematendeni nabanemfuyo. 21 Igama lomfowabo kwakunguJubali. Yena waba uyise wabo bonke abadlala ihabhu negemfe.* 22 UZila naye wazala uThubali-khayini, umkhandi wazo zonke izinhlobo zamathuluzi ethusi nawensimbi. Udadewabo kaThubali-khayini kwakunguNahama. 23 Ngemva kwalokho uLameka wathi emakhosikazini akhe u-Ada noZila:
“Yizwani izwi lami, nina bafazi bakaLameka;
Bekani indlebe emazwini ami:
Ngibulele umuntu ngoba engilimazile,
Yebo, insizwa ngoba ingishayile.
24 Uma uKhayini kumele aphindiselelwe kasikhombisa, +
Khona-ke uLameka kumele aphindiselelwe izikhathi ezingu-77.”
25 U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wazala indodana. Wayiqamba ngokuthi uSeti* + ngoba, njengoba umkakhe asho, “UNkulunkulu unginike* enye inzalo* esikhundleni sika-Abela, ngoba uKhayini umbulele.” + 26 USeti wazala indodana, wayiqamba ngokuthi u-Enoshe. + Ngaleso sikhathi abantu baqala ukubiza igama likaJehova.