Ukubhekana Nalenkathi Yobudlova Ngesibindi
“INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?”—AMOSE 3:8.
1. (a) Ngokuphathelene negama likaJehova, yiliphi ilungelo elimangalisayo esinalo? (b) UJesu noPawulu bamphakamisa kanjani uJehova negama lakhe?
“INKOSI uJehova”—yeka ukuthi lawomazwi amchaza kahle kanjani uMbusi oPhakeme wendawo yonke! Ngokuphambene nokuphikisa kwamahlelo enkolo, kuyilungelo elimangalisayo ukubiza uJehova ngegama, ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova nokumemezela igama likaJehova nezinjongo zakhe kwabanye. INdodana yakhe uJesu, lapho isesemhlabeni yathi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, . . . ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu.” Ethandaza kuJehova, wathi ngabafundi bakhe: “Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona.” Nomphostoli uPawulu, ecaphuna amazwi abaprofethi bakudala besiHeberu, wathi: “Bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”—Luka 4:18; Johane 17:26; Roma 10:13; Joweli 2:32.
2. (a) UAmose wamphakamisa ngayiphi indlela uJehova? (b) Ngokuvumelana nencazelo yegama lika-Amose, yisiphi isabelo asamukela?
2 UAmose wayengomunye walabo baprofethi basendulo. Waliphakamisa igama likaJehova, amazwi athi “iNkosi uJehova” avela izikhathi ezingama-21 encwadini yakhe yeBhayibheli. Igama elithi Amose lisho “Ukuthwala Umthwalo.” Ngempela, wathwala umthwalo onzima, njengoba kwenza ofakazi abathembekile bakaJehova namuhla. UAmose wayengumnakekeli wezimvu nowezivini, futhi kubonakala sengathi wayengazange awufundele esikoleni umsebenzi wakhe wokuprofetha. Nokho ngokusobala wayejwayelene kahle neZwi likaNkulunkulu, nomoya kaJehova wawuphezu kwakhe ukuze afeze isabelo sakhe esinzima. Sasiyini? Kwakungesokushiya izwe lakubo lakwaJuda ahambe njengesithunywa sakwelinye izwe aye embusweni oyisihlubuki wezizwe eziyishumi zakwaIsrayeli enyakatho. Lapho kwaIsrayeli, nenhlokodolobha yalo iSamariya, kwakumelwe amemezele isigijimi esingathandeki neze sembubhiso.
3. Iyiphi “imfihlakalo” eyambulwa ngesikhathi esifanele ngoAmose?
3 Ingabe uAmose wasenqaba lesisabelo? Akunjalo neze! Lezo kwakuyizikhathi zobudlova, kodwa abantu kwakudingeka bazi ngokusondela “kosuku olubi” ngisho nangaphezulu. Ukuphila kwabo kwakugxile ekudleni nasekuphuzeni. Benethezekile ezihlalweni zabo ezenziwe ngophondo lwendlovu nemibhede enofonofo yepulangwe eliphambili, abazange bacabange ngoJehova nokukhulekelwa kwakhe kweqiniso. (Amose 6:3-6) UJehova wazimisela ukubajezisa, kodwa okokuqala kwakumelwe bathole isixwayiso esingokwesiprofetho. Ngokuvumelana nalokhu, uJehova ngokwakhe wathi: “Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi-lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.”—Amose 3:7.
Ukusebenza Kwanamuhla
4. (a) Kungani isiprofetho sakudala siye salondolozwa? (b) Incazelo yaso yenziwa yaziwe ngaliphi ilungiselelo?
4 Ingabe lesiprofetho sakudala sisho okuthile kithi namuhla? Yebo, sinesigijimi esinamandla kithi! IZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe labhalwa ngaphansi kokuqondisa kwaphezulu, futhi liye lalondolozwa “kuze kube sesikhathini sokugcina” ngokwenzuzo yabantu bakaNkulunkulu ‘osekufikile kubo ukugcina kwezikhathi.’ Incazelo yalo engokwesiprofetho siyaziswa “inceku ethembekileyo neqondayo,” leloqembu lamaKristu agcotshiwe iNkosi, uJesu Kristu, iyalisebenzisa manje ukuba linikeze “ukudla [okungokomoya] ngesikhathi sakho” kubo bonke abantu bakaNkulunkulu.—Daniyeli 12:4; 1 Korinte 10:11; Mathewu 24:45-47.
5. Kufanele sisabele kanjani emazwini kaJehova akuAmose 3:8?
5 Ingabe ‘lemfihlakalo’ yesiprofetho sika-Amose siyibheka njengokuthile okungabalulekile kangako, okungacatshangelwa uma singenalutho esilwenzayo? Nokho, uma sisodwa ehlane, bese kuthi ngokushesha ukuthula kuphazanyiswe ukubhodla kwebhubesi, besiyokwenzani? Kulesosimo sokufa nokuphila, besingenakuthatha isinyathelo ngokushesha? Besingenakulibala! Ngakho, ingabe akumelwe sisabele ngokufanayo emazwini kaJehova angokwesiprofetho? UJehova ngokwakhe uyamemezela: “Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?” (Amose 3:8) Khona-ke kubalulekile ukuba sazise isiprofetho nencazelo yaso kwabanye. Kodwa kanjani?
“Hamba Uprofethe”
6. ELobukholwa lifana ngaziphi izindlela neSamariya lamandulo?
6 Iseluleko sikaJehova kuAmose sasiwukuthi: “Hamba uprofethe kubantu bami uIsrayeli.” (Amose 7:15) Lowombuso oyisihlubuki wakwaIsrayeli unokuthile namuhla okufana nawo, eLobukholwa, elinombono wezinto ezibonakalayo, elithembele ebudloveni noma ekusongeleni ngobudlova ukuze liphumelele, neliyisitha seNkosi uJehova, lizonda igama lakhe. Ngokuphathelene negama elithi “ubuKristu,” eLobukholwa linalo nje njengophawu, ngoba limelene noMbuso kaKristu ozayo wokulunga. UJesu ngokwakhe uchaza labo abangabenkolo yoLobukholwa ‘njengabenzi bokubi.’—Mathewu 7:21-23.
7, 8. (a) Imbubhiso yeLobukholwa iye ‘yamenyezelwa’ kanjani ngokuqhubekayo eminyakeni eminingi? (b) Yikuphi “ukukhululwa kwabathunjwa” okuye kwamenyezelwa, futhi kwaba namuphi umphumela?
7 Kusukela ekumisweni koMbuso emazulwini ngo-1914, isigaba sanamuhla sika-Amose, oFakazi BakaJehova, siye samemezela usuku lukaJehova lwempindiselo kulo lonke eLobukholwa. Isixwayiso esinamandla samenyezelwa emazweni eLobukholwa ikakhulu kusukela ngo-1919 kuya ku-1939, futhi lokhu kuyaqhubeka kuze kube yilolusuku lwanamuhla. NgoFakazi BakaJehova, iminyaka yeMpi Yezwe II, u-1939-45, yayiyisikhathi sokushushiswa, kodwa futhi iyisikhathi sokuhlelwa kabusha. Ngo-1943, iSikole SeBhayibheli SaseGileyadi seWatch Tower saqala ukuqeqesha izithunywa zevangeli zamasimu akwamanye amazwe, futhi ekupheleni kweMpi Yezwe II laba babethunyelwa emazweni ngamazwe ukuba bandise ubufakazi boMbuso. Khona-ke umsebenzi wanda emazweni eLobukholwa, ngokuphawulekayo eItaly, ePortugal, eSpain nasendaweni ebanzi yaseLatin America.
8 Ubizo lwaluthi: “Hamba uprofethe.” Imikhaya ezinikezele yaphuma eCanada, eUnited States, eBritish Isles, e-Europe naseAustralasia akuba ihlanganyele nezithunywa zevangeli emasimini amasha lapho indingeko yayinkulu khona. Ngesibindi bamemezela lokho ‘iNkosi uJehova eyayikukhulumile.’ Umoya kaJehova uye waba kofakazi bakhe ukuba bamemezele, embulungeni yonke, ‘usuku lokuphindisela kukaNkulunkulu’ kweLobukholwa, kanye ‘nokukhululwa kwalabo abathunjwe’ yinkolo yamanga. (Isaya 61:1, 2; Zakariya 4:6) Khona-ke, esikhathini esiyiminyaka engama-40, kwaba nokwanda okumangalisayo esilinganisweni sanyanga zonke soFakazi abamemezela ngoMbuso: kusukela kwabayizi-109 794 ngo-1943 kuya kwabayizi-2 501 722 ngo-1983.
Okwenzeka Embulungeni Yonke
9, 10. (a) Sasingakanani isilinganiso sokumemezela ngosuku luka-Amose, futhi ikuphi okufana nakho namuhla? (b) Njengoba kwafanekiselwa isiprofetho sika-Amose, ababizwa ngokuthi “abahedeni” baye balibheka kanjani eLobukholwa?
9 Lokhu kufana nokwenzeka ngosuku luka-Amose, lapho ukumenyezelwa kwembubhiso kwakumelwe kuzwakaliswe naseAshidodi—isikhungo sokukhulekela kobuhedeni eduze naseFilisti—kuze kufike naseGibithe. Ngoba iNkosi uJehova yayikhulumile, ithi: “Zwakalisani ezindlini zamakhosi zaseAshidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo. Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo, usho uJehova; babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”—Amose 3:9, 10.
10 Ngokufanayo, isimemezelo sanamuhla sempindiselo kaJehova ezokwehliselwa kweLobukholwa siye sasakazekela nangalé kwalo—eAfrika, eziqhingini zolwandle nasezingxenyeni eziningi zaseMpumalanga. Njengoba iGibithe eBhayibhelini lisetshenziswa njengesifanekiselo salo lonke izwe elibi elihlukanisiwe noNkulunkulu, ngakho isigijimi sokubhujiswa kweLobukholwa siye samenyezelwa embulungeni yonke. (Qhathanisa uIsaya 19:19, 20.) Amazwe amaningi okuthiwa awobuhedeni aye aqaphela ‘iziphithiphithi, ubuqili, ukungaqondi, ubudlova nokuphanga’ kweLobukholwa. Emakhulwini eminyaka adlule baye babona izithunywa zeLobukholwa zihlanganyela ezimpini nasekuvukeleni okungokombangazwe futhi zisebenza njengesigubuzelo sokuthengiselana kwezizwe ngezibhamu nemilaliso. Lapho isithunywa sevangeli seWatch Tower siqala ukukhuluma nomBuddha, ngokuvamile sihlangabezana nokuphikiswa: ‘Kodwa bheka isimo sokuziphatha kwamaKristu; thina maBuddha sinokuziphatha okungcono kakhulu, ngakho kungani kufanele sishintshe?’ Isithunywa sevangeli kufanele sikwenze kukhanye ukuthi inkolo yeLobukholwa yehluke kakhulu ebuKristwini beBhayibheli. Kuba yilapho-ke lapho singaqala ukulalelwa khona.
11. Ukonakala eSamariya kufana nani namuhla?
11 NjengaseSamariya lamandulo, kunjalo kweLobukholwa, izazi zezombangazwe nabaphathi, abakhulu nabancane, “abakwazi ukwenza okulungileyo.” Ngokungaphezulu, emazweni amaningi aziwa ngokuthi ‘awobuKristu,’ ubudlova nokungabi namthetho kugcwele emigwaqweni. (Mathewu 24:3, 12) Lokhu kwehluke kakhulu ezimweni ezinokuthula okwengeziwe emazweni amaningi ‘angesiwo awobuKristu.’
12. ELobukholwa belilokhu ‘libubekelela kanjani ubudlova nokuphanga’?
12 “Ubudlova nokuphanga” nakho kuhlelwa ngesilinganiso esishaqisayo emhlabeni wonke. Akwanele ukuthi izizwe zeLobukholwa zazingabagqugquzeli beziMpi ezimbili zezwe, okungenxa yazo zinecala legazi ngokuphathelene nokubulawa kwabantu abayizi-69 000 000. Manje eLobukholwa linengxenye enkulu embangweni ophakathi kwemibuso emikhulu emibili, “inkosi yaseningizimu,” kanye ‘nenkosi yasenyakatho,’ ngomphumela wokuthi izizwe zalo zihambisana nokusakazwa kwezikhali ezibulalayo zenyukliye kuzo zonke izindawo zazo.
13. Abasekeli bobudlova bezombangazwe baye bahlanganyela kanjani ekugcwaliseni uDaniyeli 11:40 noLuka 21:25?
13 Evakashele eJapane, umkhulumeli oyinhloko ‘wenkosi yaseningizimu’ wathi: “Okungaba usizo kuphela ekubeni nezikhali zenyukliye ukuqiniseka ukuthi ngeke zisetshenziswe—nanini.” Pho kungani benazo-ke? Yingoba uSathane, unkulunkulu walelizwe, ubangele ukuba izizwe zibambeke ogibeni ezingenakuphuma kulo. Ekusabeleni ‘ekuqhubushweni’ “inkosi yaseningizimu,” umkhulumeli ophakeme ‘wenkosi yasenyakatho,’ wamemezela ngokuthunyelwa kwezikhali zenyukliye ezicitshwayo ezweni elikhulu laseU.S. “ngokuzimisa olwandlekazi nasezilwandle ezincane.” Konke lokhu kugcwalisa isiprofetho sikaJesu ngokuphathelene ‘nosizi oluyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza.’—Daniyeli 11:40; Luka 21:25; IsAmbulo 12:9, 12.
14. Kungaziphi izindlela lesisimo kanye nomphumela waso okusikhumbuza ngazo izehlakalo zosuku lukaNowa?
14 Isintu siye sabhekana nokuphanga okungaka kusukela ezinsukwini zikaNowa, kanye nokusongela kobudlova okwengeziwe. Umbiko ongokomlando wesikhathi sikaNowa ufundeka kanjena: “Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe . . . Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova, umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” Ngenxa yalobobubi nobudlova, uJehova wabhubhisa abantu ababi ngoZamcolo. Kungokufanayo namuhla, uhlose “ukubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”—Genesise 6:5-13; IsAmbulo 11:18; Luka 17:26, 27.
Ukuphanga KweLobukholwa
15. UJehova wabangela kanjani ukuba “isitha” sehlisele isahlulelo eSamariya?
15 Sizoba yini isiphetho semibango phakathi kwemibuso emikhulu? UJehova unokuthile kokukusho ngakho, njengoba sifunda kuAmose 3:11: “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isitha siyakulihaqa izwe, sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.” Ngubani ‘lesitha’? Emuva osukwini luka-Amose “isitha” sasiwuMbuso Wezwe waseAsiriya. Impi enamandla yaseAsiriya yashukunyiswa uJehova futhi wayisebenzisa ‘njengentonga’ engokomfanekiso yokwahlulela iSamariya eliyisihlubuki, njengoba kuchazwe kuIsaya 10:5, 6: “Wo kulo iAsiriya, intonga yentukuthelo yami, nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku. Ngiyalithuma esizweni esingenankulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.”
16. (a) IsAmbulo 17 siyichaza kanjani impi efanayo namuhla? (b) Yiziphi izehlakalo ezibonisa ukuthi ukubhujiswa kweLobukholwa kuseduze?
16 Ngendlela efanayo, uJehova uzoletha iAsiriya lanamuhla elihlome kakhulu ‘njengentonga’ yakhe ‘nezembe’ ukuba ahlulele eLobukholwa eliyisihlubuki. Ngempela, wonke uMbuso wezwe wenkolo yamanga, iBabiloni Elikhulu, ngalesosikhathi liyobhujiswa “izimpondo” ezinonya—imibuso yezombangazwe ehlomile leyo ngisho namanje eyizizwe ezingamalungu eUN. (Isaya 10:15; IsAmbulo 17:5, 16, 17) Umsindo waleyompi esondelayo kumelwe uzwakale njalo ezindabeni zosuku. Ngokwesibonelo, iU.S.News & World Report muva nje ithe: “Akukhona nje ePoland kuphela lapho ubuKatolika nobuKhomanisi bubonakala buqonde empini. Ngalé kweMpumalanga Europe, ubuhlobo phakathi kwesonto nababusi bobuKhomanisi buye bakhula baba bubi ngokwandayo kusukela uJohn Paul II owazalelwa ePoland aba uPapa ngo-1978. Isimo esisha sempi sisobala phakathi kwababhishobhi bamaRoma Katolika eqenjini laseSoviet. . . . Ukusekela kukaPapa okuqinile inkambiso yamaKatolika kuye kwenezela emoyeni wempi . . . Imibuso yobuKhomanisi ayikufihli ukusola kwayo uPapa.”
17. Incwadi ka-Amose, kanye nezinye iziprofetho, zithini ngokuphathelene nokuphanga kwenkolo yamanga?
17 Khona-ke kuzokwenzeka njengoba nje uJehova esho kuAmose 3:15: “Kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela, usho uJehova.” Ingcebo nezinto ezibonakalayo zeLobukholwa kuyobhujiswa, kuhlanganise nalezo zayo yonke inkolo yamanga.—Hezekeli 7:19; IsAmbulo 18:15-17.
18. (a) Yisiphi isenzo sokuzikhukhumeza ‘iAsiriya’ eliyosithatha ngokulandelayo? (b) Lokhu kuyoshukumisela kusiphi isenzo, nangamuphi umphumela kubantu bakaJehova?
18 Nokho, ingabe lokhu kuyosho ukukhululwa okusheshayo kwezinceku zikaJehova ezithembekile—ekuhlanjalazweni, ukushushiswa, ukucindezelwa izwe likaSathane elikunqwabelanisa phezu kwabo? Hhayi ngempela! Ngoba iAsiriya elinengqondo engokombangazwe—“intonga” ‘nezembe’ lelo uJehova alisebenzisela ukwahlulela eLobukholwa eliyisihlubuki—ngokuziqhenya liyoziphakamisa ekumelaneni noJehova ngokuphendukela kofakazi bakhe abathembekile lapha emhlabeni. Kodwa kuyoba yize! (Isaya 10:15-19) Njengoba umphostoli uJohane abona embonweni, ‘amakhosi omhlaba,’ imibuso yezombangazwe yeUN “isilo” iyohlangana ukuba ilwe ‘NENKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI’ omiswe uNkulunkulu. Lokho kuyoba uphawu lokuqala kweHarmagedoni, ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Iyoshabalalisa wonke amabutho kaSathane emhlabeni isindise “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi.”—IsAmbulo 16:14, 16; 19:11, 16, 19-21; Roma 10:13.
19. Isibonelo sika-Amose nokugcwaliseka kwesiprofetho ngokumelene neSamariya kufanele kufake siphi isibindi kithina?
19 Ngakho-ke, ubhekana kanjani nalenkathi yobudlova? Ngokuqinisekile ngesibindi esikhulu sokuthi uJehova uyolwela iZwi lakhe lesiprofetho! Nangokuzimisela okunjengokuka-Amose, owashumayela isigijimi esingathandeki sembubhiso kubantu abayizihlubuki! Kodwa wena ngokwakho ungasinda kanjani futhi ujabulele uHlelo Olusha oluhle iNkosi uJehova elulungiselela labo abamthandayo? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lowombuzo.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kukanjani uAmose eyisibonelo esihle kithi ekubhekaneni nezikhathi zobudlova?
◻ Iyiphi “imfihlakalo” manje esinelungelo ‘lokuyimemezela’?
◻ ISamariya lamandulo lalifanekisela ngaziphi izindlela eLobukholwa?
◻ Lenkathi yobudlova izophela kanjani, futhi yini ebonisa ukuthi lokhu kuseduze?
[Isithombe ekhasini 21]
INkosi uJehova yathuma umalusi uAmose ukuba amemezele isigijimi esingathandeki
[Isithombe ekhasini 24]
‘Umbhalo osodongeni,’ weBabiloni Elikhulu