“Ukuthula Nokulondeka!”—Khona “Ukubhujiswa Kuyabazuma”
“Nxa bethi: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona ukubhujiswa okuzumayo kuyobafikela ngokuphazima kweso.”—1 Thesalonika 5:3, “NW.”
1. Yini eshiwo abacwaningi abaningi bezimo zezwe manje?
ABACWANINGI abaningi bezindaba zesintu bayakuvuma ukuthi izimo zezwe ziye zaba zimbi kakhulu eminyakeni yamuva. ECanada, eMhlanganweni Wembulunga Ngesikhathi Esizayo, umongameli weClub of Rome,a uAurelio Peccei, wathi: “Umhlaba manje usesimweni esibucayi kunaleso owawukusona eminyakeni eyishumi edlule—futhi uba mubi kakhulu. Namuhla izwe liqala ukuqhubeka njalo ukufana nenhlamvu ehambe ingqubukezeka, njengoba ishwibeka isuka kwenye inhlekelele iya kwenye.” UAndré Fonteine, umhleli weLe Monde, yaseParis, yansuku zonke, wathi: “Akukho noyedwa eMpumalanga obonakala ekwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga ezinkulu ezinjengokukhuphuka kwamanani nokuswelakala komsebenzi. Umhosha phakathi kweNyakatho neNingizimu uyavuleka. Kukhona izimpi ezengeziwe, futhi ukuncintisana ngezikhali kuyethusa. Ngakho-ke angisiboni nakancane isizathu sokulindela okungcono. . . . Angiwuboni uHulumeni emhlabeni namuhla obonakala ukwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga ezinkulu ezingokomnotho zesikhathi sethu.” Futhi umagazini waseNingizimu Afrika wabika: “Isintu sibonakala sengathi sifinyelele enkathini embi kunazo zonke yobulwane, ukuziphatha okubi, ukungakhathali, ubugovu nokuhaha.”
2. Izimo emphakathini wesintu zifana kanjani nalezo ezazikhona ngaphambi nje kukaZamcolo wosuku lukaNowa?
2 Izimo zesintu namuhla ngempela zifana nalokho okwenzeka emhlabeni ngaphambi nje kokuba uNkulunkulu abhubhise izwe lasendulo ngozamcolo wembulunga, wasindisa uNowa olungileyo nomkhaya wakhe kuphela. Lapho likhuluma ngalezonsuku, iBhayibheli lithi: “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni . . . umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” (Genesise 6:5, 11) “Njengasemihleni kaNowa,” uJesu Kristu wabikezela, kunjalo nasesikhathi sethu. (Mathewu 24:37) Umhlaba usubuye ‘wagcwala ubudlwangudlwangu’ ngoba ‘ububi bomuntu’ bukhulu. Izimo ezinjalo ngaphambi kukaZamcolo zanikeza ubufakazi bokuza kwesiphelo salesosimiso sezinto sasendulo. Ngakho-ke namuhla ubufakazi bezimo zezwe ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli ngokusobala buqinisa iqiniso lokuthi lesisimiso samanje sezinto ‘sisesikhathini saso sesiphelo,’ kwezaso “izinsuku zokugcina.” Lokhu kuye kwaba njalo kusukela ngonyaka ka-1914 C.E.—Daniyeli 12:4; Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5.
3. (a) Sazi kanjani ukuthi singene shí “ezinsukwini zokugcina”? (b) Singaqiniseka kanjani ngokuphelele ngesiprofetho seBhayibheli?
3 UJesu wabikezela ukuthi abanye ababephila lapho “izinsuku zokugcina” ziqala babeyophila baze babone isiphelo salesisimiso. Kakade sekudlule iminyaka engama-67 kusukela “isizukulwane” sika-1914 sabona isiqalo salezinkinga. (Mathewu 24:34) Ngakho-ke cishe isikhathi sesisiphelele lesi“sizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo.” (Filipi 2:15) Ngokushesha singase sibe ngofakazi bokugcwaliseka kweziprofetho eziningi zeBhayibheli ezihlobene ‘nokudlula kwalelizwe.’ (1 Johane 2:17) Futhi singaba nokuqiniseka okuphelele kokuthi leziprofetho ziyogcwaliseka ngokuphelele. UJehova, ‘omemezela ngaphambili okuyakuza,’ Lowo oye waphefumlela iziprofetho, “ufungile, wathi: Impela njengokulinganisa kwami kuyakubanjalo nanjengokunquma kwami kuyakuma njalo.”—Isaya 14:24; 46:10; 2 Petru 1:20, 21.
“Usuku Lokuphindisela” LukaJehova
4. Siyini esinye seziprofetho ezimaqondana nesiphelo salesisimiso, futhi siphakamisa miphi imibuzo?
4 Phakathi kweziningi iziprofetho zeBhayibheli maqondana nokuphela kwalesimiso sezinto ileso esilotshwe ku-1 Thesalonika isahluko 5, amavesi 2 no-3. Lesi sifundeka kanje: “Ngokuba nina niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: Ngukuthula [nokulondeka], khona ukubhujiswa kuyabazuma njengokufika kwemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.” Kuyini lokhu ukuthi “Ukuthula [nokulondeka]”? Ubani okushoyo? Futhi ikuphi ukubhujiswa okuza ngokushesha ngemva kwalokho?
5. Isiprofetho esikwabo-1 abaseThesalonika 5:2, 3 siphethe siphi isehlakalo?
5 Lamavesi eBhayibheli akhuluma “ngosuku lukaJehova,” oluyophumela ‘ekubhujisweni ngokuzuma.’ Ngakho-ke kusobala ukuthi lesiprofetho simaqondana no“suku” noma inkathi yesikhathi lapho uJehova ahlulela lesisimiso sezinto esibi esibuswa uSathane uDeveli. (2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:9) Lolu kuyoba ‘usuku lokuphindisela’ lukaJehova. (Isaya 61:2) UJesu wakhuluma ngale nkathi ngalendlela: “Ngokuba lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21) Umphostoli uPawulu waloba ukuthi ukwahlulela okuzayo kuyosho ‘ukwembulwa kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo, elangabini lomlilo iphindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli izindaba ezinhle ngeNkosi yethu uJesu.’ Wanezela: ‘Abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla ayo.’—2 Thesalonika 1:7-9.
6. “Usizi olukhulu” luqala futhi luphethe kanjani?
6 Oluzayo “usizi olukhulu,” ‘usuku lokuphindisela’ lukaJehova, luyohilela sonke isimiso sezinto samanje—inkolo yaso yamanga kanye nezomnotho zaso, ezenhlalo, namalungiselelo ezombangazwe. Ukuhleleka kwezehlakalo kulolo“sizi olukhulu” kuboniswe iziprofetho ezinikezwe encwadini yeBhayibheli yesAmbulo. Leziprofetho zembula ukuthi ‘usuku lokuphindisela’ lukaJehova luqala ngokubhujiswa kwayo yonke inkolo yamanga. Luphetha lapho amalungu ezombangazwe namanye ezwe likaDeveli kanye nabasekeli bawo, “abancane nabakhulu,” bebhujiswa phakade.—IsAmbulo, isahl. 17 kuya ku-19.
“UKUBHUJISWA OKUZUMAYO”
7. Ukuthi “Ukuthula nokulondeka!” kuza ngaphambi kwani?
7 Ngakho-ke isisho esithi “Ukuthula nokulondeka!” siza ngaphambi “kokubhujiswa okuzumayo” kombuso wezwe wenkolo yamanga, lowombuso obizwa ngokuthi “IBABILONI ELIKHULU” esiprofethweni seBhayibheli. (IsAmbulo 17:5) Ukhulunyelwa futhi njenge“sifebe esikhulu . . . afeba naso amakhosi omhlaba.” (IsAmbulo 17:1, 2) Kodwa, ngokuhlekisayo, iningi lala“makhosi omhlaba” ‘ayeyizithandwa’ zesifebe ayosiphendukela, siyatshelwa: ‘Lawa ayosiphendukela isifebe, asenze incithakalo, sibe-yize, adle inyama yaso, asishise ngomlilo, asiqede.’—IsAmbulo 17:16.
8. Kungani uJehova eyahlulela kanzima kangaka inkolo yezwe?
8 Kungani lesisimiso sezwe senkolo sithola isahlulelo esibuhlungu kangaka? IZwi likaNkulunkulu liyaphendula: ‘Ngokuba izono zaso zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwaso.’ (IsAmbulo 18:5) Phakathi kwalezizono kukhona lesi: “Futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Njengoba ingafundisi abalandeli bayo iqiniso ngoNkulunkulu nangemithetho yakhe, inkolo yezwe lonke iye yahileleka ezimpini eziye zaphumela ekubulaweni kwamakhulu ayizigidi zabantu kuwo wonke amakhulu eminyaka. Futhi, inkolo yamanga iye yahola ekushushiseni izinceku zeqiniso zikaNkulunkulu. (Luka 11:47-51; IsAmbulo 17:6) Ngakho-ke, ngokuqondile noma ngokungaqondile, ngenxa yalokho eliye lakwenza noma elihluleka ukukwenza, uJehova ubeka “iBABILONI ELIKHULU” icala legazi “labo bonke ababebulewe emhlabeni.”
9, 10. (a) Abantu abathile baye baliphawula kanjani icala legazi lenkolo yamanga kuze kube sosukwini lwethu? (b) Eqinisweni, “IBABILONI ELIKHULU” belikhonza bani?
9 Inkolo yamanga iyaqhubeka izibuthela icala legazi kuze kube namuhla. Ngokwesibonelo, iPosi yaseNew York kaMay 18, 1981, yabika: “UCarter owayenguMongameli izolo uthe inzondo nobudlova benza kubonakale sengathi ‘izwe liyahlanya.’” Wabuye wathi “Inkolelo ejulile yenkolo obekumelwe ibophe abantu ngothando ngokuvamile ibonakala iyingxenye yobuhlanya nokubulala.” Ngokufanayo, ezinsukwini ezimbili ngaphambili umsebenzi owawuhlelwe uMike Royko ephephandabeni elifanayo waphawula ukuthi amaKatolika, amaProtestani, amaMoslem namaJuda “abonisa ukuzinikezela kwawo [kuNkulunkulu] ngokubulalana.” Wathi: “Ngicabangela ukuthi bacabanga ukuthi uma olunye uhlangothi lungabhubhisa olunye, lokho kuyofakazela ukuthi indlela yalo yokukhulekela ilungile.” Wabuye waphawula ukuthi lapho uPapa weSonto lamaRoma Katolika kuthiwa indoda enokuthula, “abalandeli bakhe baye baziwa njengabachitha amalitha ayizigidi egazi lapho bethukuthele.”
10 Ngakho-ke “usizi olukhulu” luqala kahle ngokubhujiswa kombuso wezwe wenkolo yamanga ohlambalazayo nowobuzenzisi. Kuwukwahlulela okulungileyo ngoba inkolo yezwe, “iBABILONI ELIKHULU,” iye yathi ikhonza uNkulunkulu, kulapho eqinisweni iye yakhonza uDeveli. Ngakho-ke ‘ngezenzo zayo zobumoya,’ amakhulu ezigidi zabantu aye aphambukela ekukhonzeni izithakazelo zikaDeveli.—IsAmbulo 17:3-6; 18:23.
11. Yini ebonisa ukuthi ukubhujiswa kwenkolo yamanga kuza ngokuzuma okushaqisayo?
11 Ukuwa kwe“BABILONI ELIKHULU” kufika ngokuzumayo kakhulu, ngokungalindelekile ngokuphelele ngokombono wezwe. Imbubhiso yalo iyoba ngezuma kakhulu kangangokuthi iyoshaqisa ababusi bezombangazwe abalisekelayo, ngoba siyafunda: “Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo, emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, ethi: Maye, maye kuwe-muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje kufikile ukwahlulelwa kwakho!” Abanye—“abathengisi” abalisekelayo—ngokufanayo bathi: “Maye, maye kuwe . . . ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile!”—IsAmbulo 18:9-19.
12. Kungayiphi indlela ukubhujiswa okuza ngayo ngokungalindelekile nakabuhlungu?
12 Lokhu kufanelana nencazelo eku-1 Thesalonika 5:2 no-3, ebonisa ukuthi ukubhujiswa kufika ngokuzumayo kakhulu nangokungalindelekile, ngoba ‘usuku lukaJehova’ luyofika “njengesela ebusuku.” Kungayiphi indlela olufika ngayo ‘njengesela ebusuku’? Ngokuthi iningi lesintu alihlalanga liphaphamele ukwambulwa okuthuthukayo kwentando kaNkulunkulu. Lilele ngokomoya. Linjengomuntu olele ebusuku lapho isela lifika ngokungalindelekile. Abantu abanjalo baye bazivumela ngokwabo ukuba babe buthuntu ngokusekela lesisimiso sezinto esilahliwe. Ngakho-ke ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuza ngokungalindelekile kubo. Ngempela, ‘usuku lukaJehova’ lokubhubhisa wonke amalungu esimiso sikaSathane luyofika ‘ngokuqinisekile njengesela ebusuku.’ Lokubhujiswa kuyoza phezu kwezitha ngokuzumayo nakabuhlungu, “njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.”—Bheka futhi u-2 Petru 3:10.
UKUTHI “UKUTHULA NOKULONDEKA!”
13, 14. (a) Izizwe ziye zakhuluma kanjani isikhathi eside ngokuthula nokulondeka? (b) Kungani kungekho nowodwa waleyomizamo yokuthula ongagcwalisa aboku-1 Thesalonika 5:2, 3?
13 Izimo ezizamazamisa umhlaba ziyophawula “ukubhujiswa okuzumayo” kwenkolo yamanga nalo lonke izwe likaSathane. Kodwa lokho kubhujiswa kwandulelwa ngokushesha amazwi athi “ukuthula nokulondeka!” Ngakho kuthakazelisa kakhulu ukwazi ukuthi lokhu kumemezela “ukuthula nokulondeka!” kungashoni. Ngoba, lokhu akubonakali kufana nemizamo evamile yezizwe ezifuna ukuthula. Ziye zakhuluma ngalokho isikhathi eside. Ngokwesibonelo, ngemva kweMpi Yezwe I izizwe zasayina isivumelwano sokuthula eVersailles. Kamuva, amazwe amaningi asayina isivumelwano sokuthula saseKellogg-Briand sika-1928. IMpi Yezwe II nayo yaphela nezivumelwano zokuthula. Eminyakeni yamuva iSoviet Union neUnited States iye yakhuluma ngokuthula futhi yasayina izivumelwano zokunciphisa izikhali. Izizwe ezihlukahlukene zaseMpumalanga ePhakathi ezikhathini eziningi ziye zangenela izivumelwano zokuthula.
14 Kodwa ayikho kulemizamo efanela incazelo eku-1 Thesalonika 5:2, 3. Kungani? Ngenxa yeqiniso lokuthi “usizi olukhulu,” ‘usuku lokuphindisela’ lukaJehova alukaqali. Khumbula, uPawulu wathi ukubhujiswa kuyofika ngokuzuma, ‘ngokungalindelekile,’ ngemva kokuthi “ukuthula nokulondeka.” Futhi, lokhu kugcwaliseka kumelwe kube okuthile okugadla ngokwanele ukuze kufeze ukulotshwa kwakho njengesiprofetho esithile esiphefumlelwe uJehova. “Ukuthula nokulondeka!” kumelwe kube yisenzo esingavamile, esihlukile emizamweni eminingi yokuthula eye yenziwa kuze kube manje.
15. Ubani ngokufanelekileyo oyothi “Ukuthula nokulondeka”?
15 Futhi-ke, obani ‘labo’ abathi “Ukuthula nokulondeka!” ngaphambi kokuba isiphelo sifike? Akunakwenzeka ukuba noma iyiphi ingxenye yalelizwe imemezele into enjalo ngaphandle kokubambisana noma ukuqondisa kwemibuso emikhulu yezombangazwe. Ngakho-ke, kusobala ukuthi ababusi bezizwe bafeza ingxenye enkulu ekugcwaliseni lesiprofetho. Inhlangano yeZizwe Ezihlangene, ecatshangelwa njengezinikezele ekuthuleni, nayo ingafeza indima ethile. Futhi kuthiwani ngamalungu enkolo? Njengoba eyingxenye enkulu yezwe, ‘afeba namakhosi omhlaba,’ kunokwenzeka ayosekela noma athuthukise ngentshiseko imizamo eyenziwa umbuso wezombangazwe maqondana nalokhu. Ngalokhu ayobe elingisa abaprofethi bamanga bakaJuda wasendulo owamemezela ngamanga ukuthi: “UJehova ukhulumile uthi: Niyakuba-nokuthula.” Kunalokho, uNkulunkulu wayezoletha ngokushesha inhlekelele kubo, njengoba umprofethi wakhe weqiniso uJeremiya ayebikezele.—Jeremiya 23:16-22.
16, 17. (a) Ingabe kubonakala sengathi izizwe ziya kunoma iluphi uhlobo ‘lokuThula nokulondeka’ manje? (b) Nokho, kungani singaba nokuqiniseka kokuthi okunjalo kuyokwenzeka?
16 Kodwa ingabe izizwe beziqhubekela kunoma iluphi uhlobo lo“kuthula nokulondeka” muva nje? Ngokwezindaba zezikhathi zamuva, kungabonakala kuyinto ephambene. UGeorge Kennan, owayeyinxusa leMelika eSoviet Union, wathi: “Akukaze eminyakeni engama-30 ukushaqeka okungokwezombangazwe kufinyelele iqophelo eliphakeme kangaka eliyingozi njengoba linjalo namuhla. Akukaze kuyo yonke inkathi kube khona izinga eliphakeme kangaka lokungaqondi, lokusolana, lobulwane nokwesaba izikhali” njengoba kunjalo namuhla. Umhleli weStar saseToronto wanezela: “Kwakungekhona ukwesaba isikhathi esizayo, kodwa okuthile okubi kakhulu: Ukwesaba isikhathi samanje.”
17 Ezinyangeni zamuva nje imibuso emikhulu iye yakhuluma ngokumangalelana nangokusongelana. Iziyaluyalu zezakhamuzi, ukubhikisha nezimpi kuye kwagqashuka kuwo wonke umhlaba. Isimo sezwe sezomnotho siye santengantenga. Ubugebengu nobudlova buye baqhubeka banda bafinyelela izilinganiso ezesabekayo. Ngokuqinisekile, kubonakala kunzima ukuthi “abantu” bangathi “Ukuthula nokulondeka!” Nokho iZwi likaNkulunkulu alihluleki neze. (Isaya 55:11; 1 Thesalonika 5:3, Today’s English Version; The Jerusalem Bible) Lapho lisitshela ukuthi isenzo esinjalo siyokwenzeka ngaphambi nje kokugadla ‘kosizi olukhulu,’ khona-ke ngokuqinisekile kuyokwenzeka, nakuba lokhu kungase kungabonakali kanjalo namuhla.
18. Iziprofetho ngeBabiloni lasendulo zingasisiza kanjani ukuba sibe nokholo ekugcwalisekeni kwanamuhla kwesiprofetho?
18 Khumbula iziprofetho eziningi uNkulunkulu aphefumlela izinceku zakhe ukuba zizimemezele ngeBabiloni, umbuso omkhulu wezwe owawukhona emakhulwini eminyaka ngaphambi kweSikhathi Sethu Esivamile. Omunye umlobi wabhala ukuthi kunezizathu eziyizi-5 000 000 000 ezimelene nesisodwa ezisikisela ukugcwaliseka kweziprofetho ezinkulu zeBhayibheli ngeBabiloni! Akumangalisi ukuthi abantu abaningi bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo kumelwe ukuba bamangaliswa indlela lezoziprofetho ezazingagcwaliseka ngayo embusweni wezwe owawuqine kakhulu nogxilile onjengeBabiloni. Babekungabaza ngayo yonke imininingwane. Ngakho-ke nanamuhla, kungase kubonakale sengathi amazwi athi “Ukuthula nokulondeka!” alandelwa ukubhujiswa kwesimiso sezinto awanakwenzeka. Kodwa iZwi likaNkulunkulu elingokwesiprofetho libonisa ukuthi kuyoba ngaleyondlela!
INKOHLISO KUPHELA
19. Yini engenakushiwo “ukuthula nokulondeka!”?
19 Ngalokhu singaqiniseka ngokuthi: Isimemezelo so“kuthula nokulondeka!”—kungakhathaliseki ukuthi kunasiphi isimo—akusho ukuthi izimo eziyisisekelo zalelizwe ziyobe ziphendukezelwe. Futhi akusho ukuthi izizwe ziyobeka phansi izikhali noma ziyeke isimo sobutha. “Akukho ukuthula kwababi, usho uNkulunkulu wami.” (Isaya 57:21) Kumane nje kuwukuthi okwesikhashana, abaholi bezwe, ngenxa yokuphelelwa ithemba noma ngenxa yokubona izinzuzo zobugovu ekulandeleni imithetho ethile emisha, bayothi “Ukuthula nokulondeka!” ngendlela evelele kakhulu kunangaphambili.
20. (a) Singaqiniseka kanjani kangaka ukuthi izimo zezwe ziyoqhubeka ziya ziba zimbi? (b) Yini esingayilindela kubantu abaningi ukuba bayenze maqondana nokukhulekela uNkulunkulu?
20 Kungani singaqiniseka kangaka ngokuthi lelizwe liyoqhubeka lonakala? Ngoba u-2 Thimothewu 3:1, 13 ubikezela ukuthi kulezi‘nsuku zokugcina . . . abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini.’ Ngakho-ke, ukuthi “Ukuthula nokulondeka!” kuyoba inkohliso. Akunakusithinta isimo esingokoqobo sesintu. Akukho lutho lelizwe ngaphansi kukaSathane elilwenzayo oluzophelisa ubugebengu nobudlova, noma okuyomisa ukuwohloka kwemikhaya, noma kuqede okudlangile ukuziphatha okubi, noma kuvimbele ukukhishwa kwezisu okuyizigidigidi okubulala abantwana abangakazalwa unyaka ngamunye, noma kuxazulule noma iziphi ezinye izinkinga zesintu. (Jeremiya 10:23) Futhi iningi labantu alinakuphendukela ngokushesha ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso. Isiprofetho seBhayibheli saphawula ngokuqondile ukuthi abantu esikhathini sethu babeyoba “abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.”—2 Thimothewu 3:4, 5; bheka futhi uMathewu 7:13, 14.
21. Izinceku zikaJehova ziyobheka ukushiwo kwesimemezelo so“kuThula nokulondeka!” njengokushoni?
21 Ngakho-ke, nakuba izwe liyodukiswa amathemba ayize phakathi nesimemezelo esizayo so“kuThula nokulondeka!” izinceku zikaJehova azinakudukiswa. Kunalokho, ziyobheka lokhu kugcwaliseka okuzayo kwesiprofetho ngokwendlela okuyiyo: Isibonakaliso sokugcina sokuthi “usizi olukhulu” seluzoqala! Futhi ziyazi ukuthi ngemva kokuba ‘usuku lokuphindisela’ lukaNkulunkulu seludlule, izinceku zakhe ezithembekile ziyongena kwesilungileyo isimiso esisha sezinto ukuze ziqale ukuphila okuphakade emhlabeni ohlanziwe oyoguqulwa ube yipharadesi. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 7:9-17) Njengoba zonke lezizehlakalo ezivusa amadlingozi zisondela kithi, kumelwe sibe yini isimo sethu?
[Umbhalo waphansi]
a Iqembu lezihlakaniphi ezihlonishwayo ezihlaziya izimo zezwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
Izinceku zikaNkulunkulu azinakukhohliswa ukumenyezelwa kokuzayo “Ukuthula nokulondeka!”
[Izithombe ekhasini 9]
Izimo emhlabeni namuhla zifana nalezo zangaphambi kukaZamcolo lapho umhlaba “wagcwala ubudlwangudlwangu”
[Isithombe ekhasini 12]
Ukwahlulela kukaNkulunkulu inkolo yamanga kunzima kakhulu ‘ngoba izono zayo zifinyelele ezulwini’
[Isithombe ekhasini 13]
Ayikho imizamo yokuthula yesikhathi esidlule enkathini yethu efanela abo-1 Thesalonika 5:2, 3 ngoba “ukubhujiswa okuzumayo akukafiki”