UJehova Wembula Lokho ‘Okumelwe Kwenzeke Maduzane’
“Isambulo sikaJesu Kristu, uNkulunkulu amnika sona, ukuze abonise izinceku zakhe izinto okumelwe zenzeke maduzane.”—ISAM. 1:1.
UNGAPHENDULA KANJANI?
Iziphi izingxenye zesithombe esikhulu ezifanekisela uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika?
UJohane ubuchaza kanjani ubuhlobo obuphakathi koMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika neZizwe Ezihlangene?
UDaniyeli noJohane bakuchaza kanjani ukuphela kwemibuso yabantu?
1, 2. (a) Isiprofetho sikaDaniyeli nesikaJohane zisisiza ukuba senzeni? (b) Amelelani amakhanda ayisithupha okuqala esilo sasendle?
IZIPROFETHO zikaDaniyeli noJohane zinezici ezifana ngendlela esisiza ukuba siqonde okushiwo izenzakalo zezwe eziningi zanamuhla nezesikhathi esizayo. Yini esingayifunda ngokuqhathanisa umbono kaJohane wesilo sasendle, ukulandisa kukaDaniyeli ngesilo esesabekayo esasinezimpondo eziyishumi nencazelo kaDaniyeli yesithombe esikhulu? Ukuziqonda ngokucacile lezo ziprofetho kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?
2 Ake sixoxe ngombono kaJohane wesilo sasendle. (IsAm., isahl. 13) Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, amakhanda esilo ayisithupha okuqala amelela iGibhithe, i-Asiriya, iBhabhiloni, amaMede NamaPheresiya, iGrisi kanye neRoma. Yonke le mibuso yabonisa inzondo enzalweni yowesifazane. (Gen. 3:15) IRoma, eyikhanda lesithupha, yaqhubeka ingumbuso onamandla kwezombusazwe amakhulu eminyaka ngemva kokuba uJohane elobe umbono wakhe. IRoma yayiyogcina ithathelwe indawo ikhanda lesikhombisa. Laba imuphi umbuso wezwe wezombusazwe, futhi wawuyoyiphatha kanjani inzalo yowesifazane?
UKUDLONDLOBALA KWEBRITHANI NE-UNITED STATES
3. Simelelani isilo esesabekayo esinezimpondo eziyishumi, futhi zimelelani izimpondo eziyishumi?
3 Singakwazi ukuthola ukuthi lingubani ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle sesAmbulo, isahluko 13, ngokuqhathanisa umbono kaJohane nombono kaDaniyeli wesilo esesabekayo esinezimpondo eziyishumi.a (Funda uDaniyeli 7:7, 8, 23, 24.) Isilo esabonwa uDaniyeli sasimelela uMbuso Wezwe WamaRoma. (Bheka ishadi elisemakhasini 12-13.) UMbuso WamaRoma waqala ukuqhekeka ngekhulu lesihlanu C.E. Izimpondo eziyishumi ezavela ekhanda laleso silo esesabekayo zimelela imibuso eyavela kulowo mbuso.
4, 5. (a) Lwenzani uphondo oluncane? (b) Lingubani ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle?
4 Isiprofetho sikhuluma ngokukhethekile ngezimpondo ezine, noma imibuso, eyavela ekhanda lesilo esesabekayo. Ezintathu zincothulwa olunye uphondo, “oluncane.” Lokhu kwagcwaliseka lapho iBrithani, eyayingaphansi koMbuso WamaRoma, idlondlobala. IBrithani yayilokhu iwumbuso onganakekile kwaze kwaba sekhulwini le-17. Ezinye izifundazwe ezintathu zoMbuso WamaRoma omdala—iSpain, iNetherlands neFrance—zazinamandla kakhudlwana kunayo. IBrithani yayincothula leyo mibuso ngokulandelana, yayehlisa kulezo zikhundla. Maphakathi nekhulu le-18, iBrithani yayidlondlobala emhlabeni. Kodwa yayingakabi ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle.
5 Nakuba iBrithani yayidlondlobala, amakoloni aseMelika Esenyakatho aqembuka. Noma kunjalo, i-United States yayekwa yakhula, ivikelwe amabutho asolwandle aseBrithani. Lapho kuqala usuku lweNkosi ngo-1914, iBrithani yayisikhule yaba umbuso omkhulu kunayo yonke emlandweni futhi i-United States isibe izwe elikhulu kunawo wonke emhlabeni kwezezimboni.b Phakathi neMpi Yezwe I, i-United States yakha ubuhlobo obukhethekile neBrithani. Labe selivela-ke ikhanda lesikhombisa lesilo liwuMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. Leli khanda layiphatha kanjani inzalo yowesifazane?
6. Ikhanda lesikhombisa liye labaphatha kanjani abantu bakaNkulunkulu?
6 Ngemva nje kokuqala kosuku lweNkosi, ikhanda lesikhombisa lahlasela abantu bakaNkulunkulu—abaseleyo babafowabo bakaKristu emhlabeni. (Math. 25:40) UJesu wabonisa ukuthi insali yayiyobe ikhona futhi yenza umsebenzi wayo phakathi nokuba khona kwakhe. (Math. 24:45-47; Gal. 3:26-29) UMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika walwa nalabo bantu abangcwele. (IsAm. 13:3, 7) Phakathi neMpi Yezwe I, wacindezela abantu bakaNkulunkulu, wavimbela ezinye zezincwadi zabo futhi wagquma abameleli besigaba senceku ethembekile ejele. Okwesikhathi esithile, kwaba sengathi leli khanda lesikhombisa lesilo sasendle laliwuqede nya umsebenzi wokushumayela. UJehova wasibona kusengaphambili lesi senzakalo esiphawulekayo futhi wasembulela uJohane. Wamtshela nokuthi ingxenye yesibili yenzalo yayiyovuselelwa futhi iwandise umsebenzi wayo ongokomoya. (IsAm. 11:3, 7-11) Umlando wezinceku zikaJehova zanamuhla uqinisekisa ukuthi lezo zenzakalo zenzeka.
UMBUSO WEZWE WAMANGISI NAMAMELIKA NEZINYAWO ZENSIMBI NOBUMBA
7. Ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle lihlobene kanjani nesithombe esikhulu?
7 Ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle lihlobene kanjani nesithombe esikhulu? IBrithani—futhi singathi ne-United States—yavela eMbusweni WamaRoma. Nokho, kuthiwani ngezinyawo zesithombe? Zichazwa njengengxube yensimbi nobumba. (Funda uDaniyeli 2:41-43.) Le ncazelo ihambelana nesikhathi okwakuthiwe ikhanda lesikhombisa—uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika—wawuyovelela ngaso kanye. Njengoba nje into eyenziwe ngensimbi nobumba ibuthaka kuneyenziwe ngensimbi kuphela, ngokufanayo uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika ubuthaka uma uqhathaniswa nombuso owavela kuwo. Kwenzeka kanjani?
8, 9. (a) Umbuso wezwe wesikhombisa wazibonisa kanjani izici ezinjengezensimbi? (b) Lumelelani ubumba olusezinyaweni zesithombe?
8 Ngezinye izikhathi, ikhanda lesikhombisa lesilo liye labonisa izici ezinjengezensimbi. Ngokwesibonelo, labonisa amandla alo ngokunqoba iMpi Yezwe I. Amandla aleli khanda lesikhombisa abonakala naphakathi neMpi Yezwe II.c Ngemva kwaleyo mpi, ikhanda lesikhombisa laqhubeka libonisa izici ezinjengezensimbi ngezinye izikhathi. Nokho, kusukela ekuqaleni, leyo nsimbi ibilokhu ixubene nobumba.
9 Sekuyisikhathi eside izinceku zikaJehova zifuna ukuqonda incazelo yalokho okufanekiselwa izinyawo zesithombe. UDaniyeli 2:41 uchaza ingxube yensimbi nobumba ‘njengombuso’ owodwa, hhayi eminingi. Ngakho-ke, ubumba lumelela abantu abasendaweni ebuswa uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, abawenza ube buthaka kunoMbuso WamaRoma owawufanekiselwa insimbi yodwa. Ubumba luchazwa ngokuthi ‘inzalo yabantu,’ noma abantu abavamile. (Dan. 2:43) Kulo Mbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, abantu baye balwela amalungelo abo besebenzisa imikhankaso yokulwela amalungelo abantu, izinyunyana zezisebenzi nemibhikisho yokufuna ukuzibusa. Abantu abavamile bawenza buthaka lo Mbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, okuwenza ungakwazi ukubonisa amandla ensimbi. Ngaphezu kwalokho, ukuba nemibono ephikisanayo kanye nemiphumela yokhetho eshiyana kancane eyenza amaqembu aphumelele angakwazi ukulawula ngaphandle kokuphikiswa kuye kwenza ngisho namandla abaholi abathandwayo aba buthaka, ngakho abakwazi ukuba nezwi elicacile lokusebenzisa izinqubo zabo. UDaniyeli wabikezela: “Ngokwengxenye umbuso uyoba namandla futhi ngokwengxenye ube ophuka kalula.”—Dan. 2:42; 2 Thim. 3:1-3.
10, 11. (a) Liyoba yini ikusasa ‘lezinyawo’? (b) Singaphetha ngokuthini ngenani lezinzwani?
10 Ekhulwini lama-21, izwe laseBrithani nelase-United States aye aqhubeka nobuhlobo bawo obukhethekile, ngokuvamile ebambisana ezindabeni zezwe. Isiprofetho sesithombe esikhulu nesesilo sasendle ziqinisekisa ukuthi awusekho omunye umbuso wezwe ozolandela futhi uthathe indawo yoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. Lo mbuso wezwe wokugcina ungase ube buthaka kunalowo owawumelelwa imilenze yensimbi, kodwa ngeke uziwohlokele ngokwawo.
11 Ingabe inani lezinzwani zesithombe linencazelo ekhethekile? Ake ucabange: Kweminye imibono, uDaniyeli unikeza amanani aqondile—ngokwesibonelo, usitshela inani lezimpondo ezisemakhanda ezilo ezihlukahlukene. Lawo manani anencazelo ekhethekile. Nokho, lapho echaza isithombe, uDaniyeli akalisho inani lezinzwani. Ngakho-ke, inani lazo libonakala lingabalulekile njengoba nje kunjalo nangeqiniso lokuthi isithombe sinezingalo, izandla, iminwe, imilenze nezinyawo. UDaniyeli usho ngokuqondile ukuthi izinzwani zaziyoba ezensimbi nobumba. Kule ncazelo yakhe, singaphetha ngokuthi uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika yiwo oyobe ukhonya ngesikhathi “itshe” elimelela uMbuso kaNkulunkulu lishaya izinyawo zesithombe.—Dan. 2:45.
UMBUSO WAMANGISI NAMAMELIKA NESILO SASENDLE ESINEZIMPONDO EZIMBILI
12, 13. Simelelani isilo sasendle esinezimpondo ezimbili, futhi senzani?
12 Nakuba uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika uyingxube yensimbi nobumba, imibono uJesu ayinika uJohane ibonisa ukuthi lo mbuso wawuyoqhubeka unendima ebalulekile ezinsukwini zokugcina. Kanjani? UJohane wabona umbono wesilo sasendle esinezimpondo ezimbili esasikhuluma njengodrako. Simelelani? Njengoba sinezimpondo ezimbili, siwumbuso ombaxambili. UJohane usabona wona uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, kodwa uwubona ufeza indima ekhethekile.—Funda isAmbulo 13:11-15.
13 Lesi silo sikhuthaza ukuba kwenziwe umfanekiso wesilo sasendle. UJohane wabhala ukuthi lo mfanekiso wesilo wawuyovela, unyamalale bese uphinda uvela. Yilokho kanye okwenzeka enhlanganweni eyaba khona ngokugqugquzela kweBrithani ne-United States, eyayihloselwe ukuhlanganisa futhi imelele imibuso yezwe.d Le nhlangano yavela ngemva kweMpi Yezwe I futhi yaziwa ngokuthi iNhlangano Yezizwe. Yanyamalala lapho kuqala iMpi Yezwe II. Phakathi naleyo mpi, abantu bakaNkulunkulu bamemezela ukuthi ngokwesiprofetho esikusAmbulo, lo mfanekiso wesilo sasendle wawuyophinda wenyuke. Nembala wenyuka—sewubizwa ngokuthi iZizwe Ezihlangene.—IsAm. 17:8.
14. Umfanekiso wesilo sasendle ‘uyinkosi yesishiyagalombili’ ngamuphi umqondo?
14 UJohane wabiza umfanekiso wesilo ngokuthi “inkosi yesishiyagalombili.” Uyinkosi ngamuphi umqondo? Awuchazwa njengekhanda lesishiyagalombili lesilo sasendle sokuqala. Umane ungumfanekiso waleso silo. Noma imaphi amandla onawo, uwathola ezizweni ezingamalungu awo, ikakhulukazi izizwe eziyinhloko eziwusekelayo zoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. (IsAm. 17:10, 11) Kodwa unikwa igunya lokusebenza njengenkosi ukuze ufeze umsebenzi okhethekile, wokuqala uchungechunge lwezenzakalo ezizoshintsha umlando.
UMFANEKISO WESILO USHWABADELA ISIFEBE
15, 16. Simelelani isifebe, futhi yini eye yenzeka ngabantu abasisekelayo?
15 UJohane wabona isifebe esingokomfanekiso sigibele, noma silawula, isilo sasendle esibomvu—umfanekiso wesilo sasendle. Igama laso kuthiwa “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAm. 17:1-6) Lesi sifebe sizimelela kahle zonke izinkolo zamanga, eziphambili kuzo okungamasonto eLobukholwa. Izinhlangano zenkolo ziye zawubusisa lo mfanekiso wesilo futhi zazama nokuwulawula.
16 Nokho, phakathi nosuku lweNkosi, amanzi, okungukuthi abantu abasekela iBhabhiloni Elikhulu, aye asha ngendlela ephawulekayo. (IsAm. 16:12; 17:15) Ngokwesibonelo, lapho umfanekiso wesilo uqala ukuvela, amasonto eLobukholwa—ingxenye enethonya elikhulu yeBhabhiloni Elikhulu—ayelawula amazwe aseNtshonalanga. Namuhla, amasonto nabefundisi bawo baye baphelelwa inhlonipho yezixuku nokubasekela kwazo. Eqinisweni, abantu abaningi bakholelwa ukuthi inkolo inomthelela noma ibangela izimpi. Liya likhula izwi lamaqembu ezigagayi ezingongqondongqondo baseNtshonalanga ezifuna ukuba kuqedwe ithonya lenkolo emphakathini.
17. Yini ezokwenzeka maduzane enkolweni yamanga, futhi ngani?
17 Nokho, inkolo yamanga ngeke imane ishabalale. Isifebe siyoqhubeka sinamandla, sizama ukugoba amakhosi ukuba enze intando yaso kuze kube yilapho uNkulunkulu efaka umqondo othile ezinhliziyweni zababusi. (Funda isAmbulo 17:16, 17.) Maduze uJehova uzobangela izingxenye zezombusazwe zesimiso sikaSathane, ezimelelwa iZizwe Ezihlangene, ukuba zihlasele inkolo yamanga. Zizoqeda ithonya layo futhi zichithe nomcebo wayo. Isenzakalo esinjalo sasingabonakala singenakwenzeka emashumini eminyaka nje adlule. Namuhla, isifebe sihlezi lubhojozi emhlane wesilo esibomvu. Noma kunjalo, ngeke simane sishelele kancane kancane bese siwa. Siyowa ngokushesha futhi kabuhlungu.—IsAm. 18:7, 8, 15-19.
ISIKHATHI SEZILO SIYAPHELA
18. (a) Isilo sasendle siyokwenzani, futhi kuyoba namuphi umphumela? (b) Imiphi imibuso incwadi kaDaniyeli 2:44 ethi izobhujiswa uMbuso kaNkulunkulu? (Bheka ibhokisi elisekhasini 17.)
18 Ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga, isilo sasendle, okuyinhlangano kaSathane yezombusazwe yasemhlabeni, siyogqugquzelwa ukuba sihlasele uMbuso kaNkulunkulu. Njengoba engenakukwazi ukufinyelela ezulwini, amakhosi omhlaba ayobhodla ulaka lwawo kulabo abasemhlabeni abasekela uMbuso kaNkulunkulu. Ayoyikhotha imbenge yomile. (IsAm. 16:13-16; 17:12-14) UDaniyeli uchaza isici esisodwa sempi yokugcina. (Funda uDaniyeli 2:44.) Isilo sasendle okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo 13:1, umfanekiso waso kanye nesilo sasendle esinezimpondo ezimbili kuyobhujiswa.
19. Yikuphi ukuqiniseka esingaba nakho, futhi manje yisikhathi sokwenzani?
19 Siphila ezinsukwini zekhanda lesikhombisa. Awekho amanye amakhanda asazovela kulesi silo ngaphambi kokuba sibhujiswe. UMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika yiwo oyobe ukhonya emhlabeni lapho inkolo yamanga iqedwa. Yonke imininingwane yeziprofetho zikaDaniyeli noJohane iye yagcwaliseka, ngisho nemincane kakhulu. Singaqiniseka ukuthi sekuseduze ukuba kufike ukubhujiswa kwenkolo yamanga nempi ye-Armagedoni. UNkulunkulu uye wembula le mininingwane kusengaphambili. Siyozinaka yini izixwayiso eziseziprofethweni? (2 Pet. 1:19) Manje yisikhathi sokuba sohlangothini lukaJehova futhi sisekele uMbuso wakhe.—IsAm. 14:6, 7.
[Imibhalo yaphansi]
a EBhayibhelini, ishumi ngokuvamile lifanekisela iqoqo eliphelele—kule ndaba, lifanekisela yonke imibuso eyavela eMbusweni WamaRoma.
b Nakuba imibuso eyakha lo mbuso wezwe ombaxambili yayilokhu ikhona kusukela ngekhulu le-18, uJohane uwuchaza usuyilokho owawuyovela uyikho ekuqaleni kosuku lweNkosi. Eqinisweni, ukugcwaliseka kwemibono esencwadini yesAmbulo kwenzeka phakathi ‘nosuku lweNkosi.’ (IsAm. 1:10) Ikhanda lesikhombisa laze laqala ukusebenza njengombuso wezwe ohlangene ngesikhathi seMpi Yezwe I.
c UDaniyeli wayibona kusengaphambili imbubhiso eyesabekayo eyayiyokwenziwa yile nkosi phakathi naleyo mpi, futhi wabhala: “Iyobangela incithakalo ngendlela emangalisayo.” (Dan. 8:24) Ngokwesibonelo, i-United States yabangela incithakalo enkulu eyayingakaze ibonwe lapho ijikijela amabhomu amabili e-athomu ezweni eliyisitha salo mbuso wezwe ombaxambili.
d Bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! amakhasi 240, 241, 253.
[Ibhokisi ekhasini 17]
INKULUMO ETHI “YONKE LE MIBUSO” IBHEKISELA KUMIPHI IMIBUSO?
Isiprofetho esikuDaniyeli 2:44 sithi uMbuso kaNkulunkulu “uyochoboza uqede yonke le mibuso.” Leso siprofetho sibhekisela kuphela emibusweni efanekiselwa izingxenye ezihlukahlukene zesithombe.
Kuthiwani ngayo yonke eminye imibuso yabantu? Isiprofetho esifanayo esikusAmbulo sembula umbono obanzi kunalowo osencwadini kaDaniyeli. Sibonisa ukuthi ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe’ ayobuthwa ukuba alwe noJehova ‘osukwini olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAm. 16:14; 19:19-21) Ngakho, akuyona kuphela imibuso esesithombeni ezobhujiswa e-Armagedoni, kodwa nayo yonke eminye imibuso yabantu.