ISahluko 44
IsAmbulo Nawe
1. (a) Isiphi isiqinisekiso ingelosi esinika uJohane ngokuqondene nazo zonke izithembiso ezinhle ezikusAmbulo? (b) Ubani othi, “Ngiyeza masinyane,” futhi kunini lokhu ‘kuza’?
LAPHO ufunda incazelo ejabulisayo yeJerusalema Elisha, ungase ushukunyiselwe ukuba ubuze: ‘Ingabe into emangalisa kangaka ingaba khona ngempela?’ UJohane uphendula lowo mbuzo ngokubika amazwi engelosi alandelayo: “Yathi kimi: ‘La mazwi athembekile futhi ayiqiniso; yebo, uJehova uNkulunkulu wezinkulumo eziphefumulelwe zabaprofethi wathuma ingelosi yakhe ukuba ibonise izinceku zakhe izinto okumelwe zenzeke ngokushesha. Bheka! Ngiyeza masinyane. Uyajabula umuntu ogcina amazwi esiprofetho salo mqulu.’” (IsAmbulo 22:6, 7) Zonke izithembiso ezinhle zesAmbulo ziyogcwaliseka ngempela! Ikhuluma egameni likaJesu, ingelosi imemezela ukuthi uJesu uyeza ngokushesha, “masinyane.” Lokhu kumelwe kube ukuza kukaJesu “njengesela” ezobhubhisa izitha zikaJehova nokungenisa umvuthwandaba wesAmbulo omkhulu nojabulisayo. (IsAmbulo 16:15, 16) Ngakho-ke, kumelwe sivumelanise ukuphila kwethu namazwi “alo mqulu,” isAmbulo, ukuze kuthiwe siyajabula ngaleso sikhathi.
2. (a) UJohane usabela kanjani ekwazisweni okucebile kwesambulo, futhi ingelosi imtshelani? (b) Yini esiyifunda emazwini engelosi athi, “Qaphela!” nathi, “Khulekela uNkulunkulu”?
2 Ngemva kokwambulelwa okuningi kangako ngesambulo, kuyaqondakala ukuthi uJohane wazizwa ephele amandla: “Nokho, mina Johane yimi engangizwa futhi ngibona lezi zinto. Lapho sengizwile futhi sengibonile, ngawa phansi ezinyaweni zengelosi eyayingibonisa lezi zinto ukuba ngikhuleke. Kodwa yathi kimi: ‘Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu abangabaprofethi nalabo abagcina amazwi alo mqulu. Khulekela uNkulunkulu.’” (IsAmbulo 22:8, 9; qhathanisa nesAmbulo 19:10.) Lesi sixwayiso esiphindwe kabili sokungazikhulekeli izingelosi sasifike ngesikhathi osukwini lukaJohane, lapho abanye ngokusobala babephishekela ukukhulekela okunjalo noma bezisholo ukuthi babemukela izambulo ezikhethekile ezivela ezingelosini. (1 Korinte 13:1; Galathiya 1:8; Kolose 2:18) Namuhla, siqokomisa iqiniso lokuthi kumelwe sikhulekele uNkulunkulu yedwa. (Mathewu 4:10) Akufanele sonakalise ukukhulekela okuhlanzekile ngokukhulekela noma ubani noma yini enye.—Isaya 42:5, 8.
3, 4. Yini ingelosi eqhubeka iyitshela uJohane, futhi insali egcotshiwe iye yawalalela kanjani amazwi ayo?
3 UJohane uyaqhubeka: “Yathi futhi kimi: ‘Ungawavali ngophawu amazwi esiprofetho salo mqulu, ngoba isikhathi esimisiwe siseduze. Lowo owenza ukungalungi, makaqhubeke enza ukungalungi; ongcolile makaqhubeke engcoliswa; kodwa olungileyo makaqhubeke enza ukulunga, ongcwele makaqhubeke engcweliswa.’”—IsAmbulo 22:10, 11.
4 Insali egcotshiwe namuhla iye yawalalela amazwi engelosi. Ayizange iwavale amazwi esiprofetho. Phela, umagazini wokuqala ngqá we-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence (July 1879) wanyathelisa ukukhulunyelwa kwamavesi amaningana esAmbulo. Njengoba siphawulile esahlukweni sethu sokuqala, eminyakeni edlule oFakazi BakaJehova baye basakaza ezinye izincwadi ezikhanyisayo ngesAmbulo. Manje siyaphinda futhi sidonsela ukunakekela kwabo bonke abathandi beqiniso eziprofethweni zesAmbulo ezinamandla nasekugcwalisekeni kwazo.
5. (a) Kuthiwani uma abantu befuna ukuzishaya indiva izixwayiso neseluleko esikusAmbulo? (b) Kufanele basabele kanjani abathobekile nabalungile?
5 Uma abantu befuna ukungazinaki izixwayiso neseluleko esikusAmbulo, mabenze kanjalo! “Lowo owenza ukungalungi, makaqhubeke enza ukungalungi.” Uma bethanda, labo abazitika ekungcoleni kwale nkathi eyekelelayo bangafela kulokho kungcola. Ngokushesha, izahlulelo zikaJehova ziyokhishwa ngokuphelele, ziqala ngokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu. Abantu abathobekile mabakhuthale ekulaleleni amazwi esiprofetho: “Funani uJehova . . . Funani ukulunga, funani ubumnene. Mhlawumbe ningase nisitshekelwe ngosuku lwentukuthelo kaJehova.” (Zefaniya 2:3) Ngokuqondene nalabo asebezinikezele kakade kuJehova, “olungileyo makaqhubeke enza ukulunga, ongcwele makaqhubeke engcweliswa.” Abahlakaniphile bayazi ukuthi akukho nzuzo yesikhashana evela esonweni engaqhathaniswa nezibusiso ezihlala njalo eziyojatshulelwa yilabo abaphishekela ukulunga nobungcwele. IBhayibheli lithi: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Uyokwamukela umvuzo wakho, ngokusekelwe endleleni oyikhethayo nohlala kuyo.—IHubo 19:9-11; 58:10, 11.
6. Yini uJehova ayishoyo njengoba ekhuluma nabafundi besAmbulo okokugcina esiprofethweni?
6 UJehova, iNkosi yaphakade, manje ukhuluma nabafundi besAmbulo okokugcina esiprofethweni, uthi: “Bheka! Ngiyeza masinyane, ngiphethe umvuzo engiwunikezayo, ukuze nginikeze yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe. Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho. Bayajabula abahlanza izembatho zabo, ukuze babe negunya lokuya emithini yokuphila bangene emzini ngamasango awo. Ngaphandle kukhona izinja nalabo abasebenzelana nemimoya nezifebe nababulali nabakhonza izithombe nawo wonke umuntu othanda futhi oqhubeka eqamba amanga.”—IsAmbulo 22:12-15.
7. (a) Yini uJehova ‘ayizela masinyane’? (b) Kungani abefundisi beLobukholwa bengeke babe nengxenye eJerusalema Elisha?
7 UJehova uNkulunkulu uyaphinda futhi ugcizelela ubukhosi bakhe baphakade neqiniso lokuthi lokho ayekuhlosile ekuqaleni uyokufeza ekugcineni. ‘Uyeza masinyane’ ukuzokhipha isahlulelo futhi uzovuza labo abamfuna ngobuqotho. (Hebheru 11:6) Izindinganiso zakhe zinquma ukuthi obani abayovuzwa nokuthi obani abayolahlwa. Abefundisi beLobukholwa baye benza ‘njengezinja eziyizimungulu,’ beshalazela izenzo ezimbi uJehova azichaza lapha. (Isaya 56:10-12; bheka futhi uDuteronomi 23:18, umbhalo waphansi we-New World Translation Reference Bible.) Ngokuqinisekile, baye ‘bathanda futhi baqhubeka’ nezimfundiso zamanga futhi baye bangasinaka ngokuphelele iseluleko sikaJesu esiya emabandleni ayisikhombisa. Ngakho, abanangxenye eJerusalema Elisha.
8. (a) Obani kuphela ‘abaya emithini yokuphila,’ futhi lokhu kusho ukuthini? (b) Isixuku esikhulu siye ‘sazihlanza’ kanjani ‘izembatho zaso,’ futhi sikulondoloza kanjani ukuma okuhlanzekile?
8 Kuphela yilawo maKristu agcotshiwe ‘ahlanza izembatho zawo’ ngempela ukuze ahlanzeke emehlweni kaJehova anelungelo “lokuya emithini yokuphila.” Okusho ukuthi, amukela ilungelo lokuphila okungenakufa esikhundleni sawo sasezulwini. (Qhathanisa noGenesise 3:22-24; IsAmbulo 2:7; 3:4, 5.) Ngemva kokufa kwawo njengabantu, angena eJerusalema Elisha ngovuko. Izingelosi ezingu-12 ziyawangenisa, kuyilapho zivimbela noma yibaphi abanomkhuba wamanga noma ukungcola nakuba bezisholo ukuthi banethemba lasezulwini. Isixuku esikhulu esisemhlabeni naso siye ‘sahlanza izembatho zaso zaba mhlophe egazini leWundlu’ futhi kudingeka silondoloze ukuma kwaso okuhlanzekile. Lokhu singakwenza ngokugwema izenzo ezimbi uJehova axwayisa ngazo lapha, nangokuthatha ngokungathí sina iseluleko sikaJesu esisezigijimini zakhe eziyisikhombisa eziya emabandleni.—IsAmbulo 7:14; izahluko 2 no-3.
9. Imaphi amazwi uJesu awakhulumayo, futhi isigijimi sakhe naso sonke isAmbulo sibhekiselwe kobani ngokuyinhloko?
9 Ngemva kukaJehova, kukhuluma uJesu. Usho amazwi esikhuthazo kubantu abanhliziyo zilungile abafunda isAmbulo, ethi: “Mina, Jesu, ngathuma ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto zamabandla. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, nenkanyezi yokusa ekhanyayo.” (IsAmbulo 22:16) Yebo, la mazwi abhekiselwe ikakhulukazi ‘emabandleni.’ Lesi yisigijimi, okokuqala, esiya ebandleni lamaKristu agcotshiwe emhlabeni. Konke okukusAmbulo kubhekiselwe ngokuyinhloko kumaKristu agcotshiwe, azohlala eJerusalema Elisha. Ngalelo bandla, isixuku esikhulu naso sinelungelo lokuthola ukuqonda la maqiniso ayigugu angokwesiprofetho.—Johane 17:18-21.
10. Kungani uJesu azibiza ngokuthi (a) ‘uyimpande nenzalo kaDavide’? (b) ‘uyinkanyezi yokusa ekhanyayo’?
10 UJesu Kristu wayephathiswe ukuba adlulisele isAmbulo kuJohane futhi ngaye asidlulisele ebandleni. UJesu uyikho kokubili “impande nenzalo kaDavide.” Wavela kuDavide ngokwenyama futhi kanjalo ukufanelekele ukuba iNkosi yoMbuso kaJehova. Futhi uyoba “uYise” kaDavide “Ongunaphakade,” futhi kanjalo abe “impande” kaDavide. (Isaya 9:6; 11:1, 10) UyiNkosi yaphakade, engenakufa ohlwini lukaDavide, egcwalisa isivumelwano sikaJehova noDavide, “nenkanyezi yokusa ekhanyayo” eyabikezelwa osukwini lukaMose. (Numeri 24:17; IHubo 89:34-37) ‘Uyikhwezi’ eliphumayo, elibangela ukuba usuku luntwele. (2 Petru 1:19) Bonke ubuqili besitha esikhulu iBhabhiloni Elikhulu abuzange bukwazi ukuvimbela lokhu kuphuma okukhazimulayo.
Yithi: “Woza!”
11. Isiphi isimemo sikawonk’ uwonke uJohane manje asilethayo, futhi obani abangasabela kuso?
11 Manje sekuyithuba lokuba uJohane ngokwakhe akhulume. Ngenhliziyo echichima ukwazisa ngakho konke akubonile nakuzwile, uyamemezela: “Umoya nomlobokazi bathi: ‘Woza!’ Noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.” (IsAmbulo 22:17) Izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaJesu ngeke zigcine kwabangu-144 000, ngoba lesi isimemo sikawonk’ uwonke. Umoya kaJehova oqhubezelayo usebenza ngesigaba somlobokazi, ukuze isigijimi siqhubeke simenyezelwa ngokucacile: ‘Thatha amanzi okuphila ngesihle.’ (Bheka futhi u-Isaya 55:1; 59:21.) Noma ubani owomele ukulunga umenywa ukuba “eze” futhi athole inala kaJehova. (Mathewu 5:3, 6) Yeka ukuthi banelungelo kanjani bonke abesigaba sasemhlabeni sesikhathi esizayo abasabela kulesi simemo sesigaba sikaJohane esigcotshiwe!
12. Isixuku esikhulu sisabela kanjani esimemweni sesAmbulo 22:17?
12 Kusukela ekuqaleni kwawo-1930, inani elikhulu lesixuku esikhulu ‘belizwa’—lilalela isimemo. Njengezinceku ezigcotshiwe ezikanye naso, siye sazuza ukuma okuhlanzekile phambi kukaJehova. Silangazelela isikhathi iJerusalema Elisha eliyokwehla ngaso livela ezulwini ukuze lidlulisele izibusiso esintwini. Lapho sesisizwile isigijimi sesAmbulo esishukumisayo, isixuku esikhulu asisho nje kuphela ukuthi “Woza!” kodwa siqoqela abanye ngenkuthalo enhlanganweni kaJehova, sibaqeqesha ukuba nabo bamemezele: “Noma ubani owomile makeze.” Ngakho isibalo sesixuku esikhulu siyaqhubeka sikhula, njengoba abangaphezu kuka-6 000 000 baso emazweni angu-235 emhlabeni wonke behlanganyela nabangaphansi kuka-9 000 besigaba esigcotshiwe somlobokazi ekudluliseni isimemo ‘sokuthatha amanzi okuphila ngesihle.’
13. Isiphi isixwayiso uJesu asikhiphayo?
13 Ngokulandelayo, uJesu okhulumayo futhi, ethi: “Ngifakaza kuwo wonke umuntu ozwa amazwi esiprofetho salo mqulu: Uma umuntu enezela kulezi zinto, uNkulunkulu uyonezela kuye izinhlupho ezilotshwe kulo mqulu: uma umuntu esusa noma yini emazwini omqulu walesi siprofetho, uNkulunkulu uyosusa isabelo sakhe emithini yokuphila nasemzini ongcwele, izinto okulotshwe ngazo kulo mqulu.”—IsAmbulo 22:18, 19.
14. Isigaba sikaJohane sisibheka kanjani “isiprofetho” sesAmbulo?
14 Labo besigaba sikaJohane kumelwe badonsele ukunakekela ‘esiprofethweni’ sesAmbulo. Akumelwe basifihle noma banezele kuso. Isigijimi saso kumelwe sishunyayelwe obala, “phezu kwezindlu.” (Mathewu 10:27) IsAmbulo siphefumulelwe nguNkulunkulu. Ubani ongalokotha aguqule ngisho negama elilodwa nje lalokho uNkulunkulu ngokwakhe akukhulumile futhi wakudlulisela ngalowo manje oyiNkosi ebusayo, uJesu Kristu? Ngokuqinisekile, umuntu onjalo angafanelwa ukuba alahlekelwe ukuphila futhi ezwe izinhlupho okumelwe zehlele iBhabhiloni Elikhulu nezwe lonke.
15. Asho ukuthini amazwi kaJesu athi ‘ufakaza ngalezi zinto’ nathi “ngiyeza masinyane”?
15 UJesu manje unezela izwi lokugcina lesikhuthazo: “Yena ofakaza ngalezi zinto uthi, ‘Yebo; ngiyeza masinyane.’” (IsAmbulo 22:20a) UJesu ‘ungufakazi othembekile noqinisile.’ (IsAmbulo 3:14) Uma efakazela imibono yesAmbulo, kumelwe ukuba iyiqiniso. Bobabili yena noJehova uNkulunkulu ngokwakhe ngokuphindaphindiwe bagcizelela iqiniso lokuthi bayeza “masinyane,” noma ngokushesha, uJesu lapha esho lokhu okwesihlanu. (IsAmbulo 2:16; 3:11; 22:7, 12, 20) ‘Ukuza’ kuwukukhipha isahlulelo esifebeni esikhulu, “emakhosini” ezombangazwe nakubo bonke abanye abamelana ‘nombuso weNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo.’—IsAmbulo 11:15; 16:14, 16; 17:1, 12-14.
16. Ngokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu noJesu bayeza masinyane, isiphi isinyathelo esiqinile okufanele usithathe?
16 Ukwazi kwakho ukuthi uJehova uNkulunkulu noJesu bayeza masinyane kufanele kukukhuthaze ukuba ‘ukukhumbule njalo ukufika kosuku lukaJehova.’ (2 Petru 3:12) Noma ikuphi okubonakala sengathi kuwukusimama komhlaba kwesimiso sezinto sikaSathane kuyakhohlisa. Noma yini ebonakala iyimpumelelo izulu elingababusi bezwe ngaphansi kukaSathane elingase liyifinyelele ingeyesikhashana. Lezi zinto ziyadlula. (IsAmbulo 21:1) Ukuphela kwezinto ezihlala njalo zitholakala kuJehova, uMbuso wakhe ngaphansi kukaJesu Kristu, nezwe lakhe elisha elithenjisiwe. Ungalahlekelwa umbono walokho!—1 Johane 2:15-17.
17. Kufanele kukuthinte kanjani ukwazisa kwakho ubungcwele bukaJehova?
17 Khona-ke, kwangathi ungavumela lokho okufundile ekuhloleni kwakho isAmbulo ukuba kuthonye ukuphila kwakho ngokujulile. Ukulunguza kwakho endaweni kaJehova yasezulwini akuzange yini kugcizelele kuwe inkazimulo edlulele nobungcwele boMdali wethu? (IsAmbulo 4:1–5:14) Yeka ilungelo okuyilo ukukhonza uNkulunkulu onjalo! Sengathi ukwazisa kwakho ubungcwele bakhe kungakushukumisela ukuba usithathe ngokungathí sina kakhulu iseluleko sikaJesu esiya emabandleni ayisikhombisa futhi ugweme izinto ezinjengokuthanda izinto ezibonakalayo, ukukhonza izithombe, ukuziphatha okubi, ukuba sivivi, amahlelo ezihlubuki, noma yini enye engenza inkonzo yakho ingamukeleki kuJehova. (IsAmbulo 2:1–3:22) Amazwi omphostoli uPetru aya esigabeni sikaJohane ayasebenza futhi ngokuyisisekelo esixukwini esikhulu: “Ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu.”—1 Petru 1:15, 16.
18. Yini okufanele ube nengxenye egcwele ngangokunokwenzeka kuyo, futhi kungani lo msebenzi uphuthuma namuhla?
18 Ngaphezu kwalokho, kwangathi ungashukunyiselwa ukuba ube nentshiseko evuselelwe njengoba umemezela “unyaka wokuthakazelelwa nguJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu.” (Isaya 35:4; 61:2) Kungakhathaliseki ukuthi ungowomhlambi omncane noma ungowesixuku esikhulu, kwangathi ungaba nengxenye egcwele ngangokunokwenzeka ekumemezeleni ukuthululwa kwezitsha eziyisikhombisa zolaka lukaJehova, ukhuluma ngezahlulelo zikaNkulunkulu ezweni likaSathane. Ngesikhathi esifanayo, nezela izwi lakho esimemezelweni senjabulo sezindaba ezinhle zaphakade eziphathelene noMbuso kaJehova omisiwe nokaKristu wakhe. (IsAmbulo 11:15; 14:6, 7) Yenza lo msebenzi ngokuphuthumayo. Futhi kwangathi ukuqaphela ukuthi sisosukwini lweNkosi kungashukumisela abaningi abangakamkhonzi uJehova ukuba bahlanganyele emsebenzini wokumemezela izindaba ezinhle. Kwangathi nalaba futhi bangathuthukela ekunikezeleni ukuphila kwabo kuNkulunkulu benombono wobhapathizo. Khumbula, “isikhathi esimisiwe siseduze”!—IsAmbulo 1:3.
19. Athini amazwi okuphetha omphostoli uJohane osegugile, futhi usabela kanjani kuwo?
19 Kanjalo, kanye noJohane, sithandaza ngobuqotho: “Amen! Woza, Nkosi Jesu.” Futhi uJohane, umphostoli osegugile, uyanezela: “Kwangathi umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu ungaba nabangcwele.” (IsAmbulo 22:20b, 21) Kwangathi futhi ungaba nani nonke enifunda le ncwadi. Sengathi ningaba nokholo lokuthi umvuthwandaba omkhulu wesAmbulo useduze, ukuze nani futhi nihlanganyele kanye nathi ku-“Amen” ofudumele!
[Isithombe ekhasini 314]
“Ngaphandle kukhona izinja . . . ”
[Isithombe ekhasini 315]
‘Bayajabula abangena emzini ngamasango awo’