-
Ingabe Igama Lakho Likhona Encwadini Yokuphila?IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
10. Yisiphi isici esikhuthazayo uJesu asiphawula ebandleni laseSardesi, futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani?
10 Amazwi kaJesu alandelayo ebandleni laseSardesi akhuthaza kakhulu. Uthi: “Noma kunjalo, unawo amagama ambalwa eSardesi angazange angcolise izingubo zawo zangaphandle, futhi ayohamba nami ngezimhlophe, ngoba ayakufanelekela. Kanjalo lowo onqobayo uyovunuliswa ngezingubo zangaphandle ezimhlophe; angisoze ngalisula igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.” (IsAmbulo 3:4, 5) Ingabe la mazwi awasiphaphamisi yini futhi aqinise ukuzimisela kwethu ukuba sithembeke? Ngenxa yokunganaki kwendikimba yabadala, ibandla lilonke lingase lilale ubuthongo obujulile obungokomoya. Nokho, abanye kulo bangase balwe ngesibindi ukugcina ubuntu babo bobuKristu bumsulwa futhi bungenabala futhi kanjalo baqhubeke benegama elihle noJehova.—IzAga 22:1.
-
-
Ingabe Igama Lakho Likhona Encwadini Yokuphila?IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
13. Yiziphi izibusiso ezibekelwe amaKristu agcotshiwe “angazange angcolise izingubo zawo”?
13 Labo abaseSardesi abathembeka kuze kube sekupheleni futhi abangabungcolisi ubuntu babo bobuKristu bazuza ukugcwaliseka kwethemba elimangalisayo. Ngemva kokumiswa koMbuso kaJesu wobuMesiya ngo-1914, bavuselwa ekuphileni komoya futhi njengabanqobi bambethe izingubo ezimhlophe eziwuphawu lokulunga kwabo okungenasici, okungenabala. Ngemva kokuba behambe endleleni enyinyekile eholela ekuphileni, bayojabulela umvuzo waphakade.—Mathewu 7:14; bheka futhi isAmbulo 6:9-11.
Ukuba Sencwadini Yokuphila Kuze Kube Phakade!
14. Iyini ‘incwadi yokuphila,’ futhi amagama obani abhalwe kuyo?
14 Iyini ‘incwadi yokuphila,’ futhi amagama obani ayogcinwa kuyo? Le ncwadi, noma umqulu, wokuphila ubhekisela emlandweni wezinceku zikaJehova ezisohlwini lokwamukela isabelo sokuphila okuphakade. (Malaki 3:16) Lapha kusAmbulo kubhekiselwa ngokuqondile emagameni amaKristu agcotshiwe. Kodwa abhalwe lapho futhi namagama alabo abasohlwini lokuphila okuphakade emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, amagama angase ‘asulwe’ kuleyo ncwadi. (Eksodusi 32:32, 33) Nokho, labo besigaba sikaJohane abamagama abo aba sencwadini yokuphila kuze kube sekufeni kwabo bamukela ukuphila okungenakufa ezulwini. (IsAmbulo 2:10) Lawa amagama uJesu awavuma ngokukhethekile phambi kukaYise naphambi kwezingelosi zaKhe. Yeka ukuthi muhle kanjani lowo mvuzo!
15. Amagama amalungu esixuku esikhulu ayobhalwa kanjani ngokungacimeki encwadini yokuphila?
15 Isixuku esikhulu, esimagama aso nawo abhalwe encwadini yokuphila, siyophuma osizini olukhulu siphila. Ngokubonisa ukholo phakathi nakho konke ukuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane nasovivinyweni olungunqamula-juqu oluyolandela, laba bayovuzwa ngokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni. (Daniyeli 12:1; IsAmbulo 7:9, 14; 20:15; 21:4) Khona-ke amagama abo ayohlala ebhalwe ngokungacimeki encwadini yokuphila. Ngokwazi lokho okuthenjiswa lapha ngomoya ongcwele, awusabeli yini ngentshiseko emyalweni kaJesu ophindaphindwayo: “Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni”?—IsAmbulo 3:6.
-