-
Ungubani UNkulunkulu?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
2. Lisitshelani iBhayibheli ngoJehova?
IBhayibheli lisitshela ukuthi konkulunkulu abakhonzwa abantu, nguJehova kuphela ongunkulunkulu weqiniso. Kungani kunjalo? Kunezizathu eziningi. UJehova unegunya eliphakeme kunawo wonke, ngenxa yalokho uyena kuphela ‘ongoPhezukonke emhlabeni wonke.’ (Funda iHubo 83:18.) ‘UnguMninimandla Onke,’ okusho ukuthi unamandla okwenza noma yini afuna ukuyenza. “Wadala zonke izinto”—emazulwini nasemhlabeni. (IsAmbulo 4:8, 11) Nguye kuphela obelokhu ekhona futhi uyohlale ekhona.—IHubo 90:2.
-
-
Singamkhonza Kanjani UNkulunkulu Ngendlela Ezomjabulisa?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
Kufanele sizinikele kuJehova kuphela ngoba unguMdali wethu. (IsAmbulo 4:11) Lokho kusho ukuthi kumelwe simthande futhi sikhonze yena yedwa, ngaphandle kokusebenzisa izithombe.—Funda u-Isaya 42:8.
Indlela yethu yokukhonza kumelwe ibe ‘ngcwele yamukeleke’ kuJehova. (Roma 12:1) Lokho kusho ukuthi kudingeka siphile ngemithetho yakhe. Ngokwesibonelo, labo abathanda uJehova bayayithanda futhi bayayilalela imithetho yakhe ephathelene nomshado. Bayayigwema imikhuba elimazayo enjengokubhema nokusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala.a
-